Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Ungabheki “Izinto Ezingemuva”
    INqabayokulinda—2012 | Mashi 15
    • 12. UPawulu wazizwa kanjani ngezinto ayezishiye ngemuva?

      12 Umphostoli uPawulu wadela okuningi ukuze abe umlandeli kaKristu. (Fil. 3:4-6) Wazizwa kanjani ngezinto ayezishiye ngemuva? Uyasitshela: “Noma yiziphi izinto ezaziyinzuzo kimi, lezi ngizishaye indiva ngenxa kaKristu.” Kungani? Uyaqhubeka: “Ngempela zonke izinto ngizishaya indiva ngenxa yenzuzo edlula zonke izinto, yolwazi ngoKristu Jesu iNkosi yami. Ngenxa yakhe ngiye ngamukela ukulahlekelwa yizo zonke izinto futhi ngizibheka njengenqwaba yezibi, ukuze ngizuze uKristu.”a (Fil. 3:7, 8) Njengoba nje umuntu olahla udoti, noma imfucumfucu engayikhaleli kamuva, uPawulu akazange azisole nganoma imaphi amathuba asezweni ayewashiye ngemuva. Wayesewabheka njengento engenamsebenzi.

      13, 14. Singasilingisa kanjani isibonelo sikaPawulu?

      13 Yini eyosisiza uma sizithola sesiqala ukuhlawumbisela ngalokho esikubheka njengamathuba esawayeka? Lingisa isibonelo sikaPawulu. Kanjani? Cabanga ngezinzuzo zalokho onakho manje. Uye wazuza ubuhlobo obuyigugu noJehova futhi wazakhela umlando wokwethembeka kuye. (Heb. 6:10) Zikhona yini izinzuzo zezinto ezibonakalayo leli zwe elingazinikeza ezingasondela ezibusisweni ezingokomoya esizijabulela manje nesizozijabulela esikhathini esizayo?—Funda uMarku 10:28-30.

  • Ungabheki “Izinto Ezingemuva”
    INqabayokulinda—2012 | Mashi 15
    • a Igama elihunyushwe ngokuthi “izibi” olimini lokuqala lalibuye lisho into “ephonselwa izinja,” “ubulongwe,” “indle.” Esinye isazi seBhayibheli sithi ukusebenzisa kukaPawulu leli gama kubonisa “ukufulathela komuntu ngokuphelele into engenanzuzo yalutho neyenyanyekayo angasenamsebenzi nayo.”

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela