-
Phikelela Emgomweni!INqabayokulinda—1990 | Novemba 15
-
-
Qhubeka Uphikelela Emgomweni
Ngokulandelayo umphostoli wabonisa abaseFilipi ukuthi kwakumelwe balibeke kuphi ithemba labo njengoba bephikelela emgomweni. (3:1-21) Kufanele libekwe kuJesu Kristu, hhayi enyameni noma ekusokeni njengoba abanye babenza. UPawulu wabheka izimfanelo zakhe ezingokwenyama njengezibi ngenxa ‘yobukhulu bokumazi uKristu.’ Lomphostoli ‘wayejonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu nguNkulunkulu kuJesu Kristu,’ futhi wakhuthaza abaseFilipi ukuba babe nesimo sengqondo esifanayo.
-
-
Phikelela Emgomweni!INqabayokulinda—1990 | Novemba 15
-
-
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 25]
Emgomweni: “Ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili,” kubhala uPawulu, “ngijonge emgomweni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu nguNkulunkulu kuJesu Kristu.” (Filipi 3:13, 14) Lomphostoli wayezikhandla njengomuntu osemjahweni. Akazange achithe isikhathi namandla ebheka emuva kodwa waphikelela emgomweni wakhe—njengomgijimi olwela ukufinyelela ekugcineni. NgoPawulu nangamanye amaKristu agcotshiwe, umklomelo wawungukuphila kwasezulwini ngokuvuswa ngemva kokuqeda inkambo yasemhlabeni yokwethembeka kuNkulunkulu. Kungakhathaliseki ukuthi amathemba ethu angawasezulwini noma emhlabeni, masigcine ubuqotho kuJehova futhi siphikelele emgomweni njengoFakazi bakhe.—2 Thimothewu 4:7.
-