Qhubeka Ujonge Imigomo Engokomoya
“Ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili, ngijonge emgomeni, emklomelweni.”—Filipi 3:13, 14.
1, 2. Umzamo ongakanani owenziwa yilabo ababencintisana emncintiswaneni wokugijima endulo, futhi ngani? (1 Korinte 9:24)
“UMGIJIMI omuhle uma nje kwehliswa uphawu lokuba basuke ucabanga kuphela ngokuba phambili, ucabanga ngokuqeda futhi uthembela emilenzeni yakhe ukuba imenze aphumelele.” Umlobi-mlando wekhulu lokuqala uLucian uwachaza kanjalo amandla okuphikelela alabo abasemncintiswaneni wokugijima. Imizwa yonke nemisipha yayilwela ukufinyelela umgomo kuqala. Umklomelo, ngokuvamile umqhele wamahlamvu, ngokuvamile wawulethela onqobile kuso sonke isikhathi sokuphila kwakhe “ukudunyiswa okukhetheke kakhulu,” ngoba ngamunye wayazi ukuthi onqobile wayenze konke okusemandleni kwaze kwaba yilapho ‘kutholakala umklomelo.’a
2 Esebenzisa umgijimi ukufanekisa lokho okudingekayo ukuze uphumelele njengomKristu, umphostoli uPawulu wayala labo ababejonge umgomo wokuphila okuphakade: “Gijimani kanjalo, ukuze niwuthole [umklomelo].” (1 Korinte 9:24) UPawulu wathi ‘uzelulela kokungaphambili’ (njengomgijimi omzimba wakhe ugobele phambili, ezama ngamandla onke ukuba afinyelele isiphetho) “ejonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu nguNkulunkulu.” (Filipi 3:13, 14) Uma umKristu “ogijimayo” ezokwamukela umvuzo, umklomelo wokuphila okuphakade, noma yini enye akumelwe ibe umnako oyinhloko, noma umgomo, okumelwe ukuphila kwakhe kuqondiswe ngawo. Ingabe lokhu kunjalo ngokuphila kwakho?
‘Yibani Nokuqonda Okunjalo’
3. NgokwabaseFilipi 3:13, isiphi isimo okumelwe siboniswe amaKristu avuthiwe?
3 ‘Ngokukhohlwa yizinto ezingemuva,’ umphostoli uPawulu wabonisa ukuthi lomvuzo wawuwumgomo wakhe obaluleke kakhulu. Wabiza ‘izinto ezingemuva’ ngokuthi ‘ziyindiva,’ “udoti,” noma “izibi.” (Beck; Authorized Version) Lawa kwakungamazwi anamandla, uma kucatshangelwa lokho uPawulu ayekushiye ngemuva lapho engenela umncintiswano wokuphila. (Bheka ikhasi 4.) Lapho ecabangela isibonelo sakhe siqu, uPawulu wakhuthaza: “Ngakho-ke thina sonke [esivuthiwe, NW], masibe nokuqonda okunjalo.”—Filipi 3:5-8, 15, 17.
4. Yimuphi umgomo wokuqala okumelwe ufinyelelwe (a) abantu abathakazelayo abangakabhapathizwa? (b) abantu abasanda kubhapathizwa?
4 Labo umphostoli ayeqondise kubo amazwi akhe kakade base bengenele umncintiswano futhi bethole ukuvuthwa kobuKristu. Kodwa kuthiwani uma ungabhapathiziwe futhi kanjalo kusamelwe ungenele umncintiswano? Khona-ke kudingeka usebenzele kulokhu njengomgomo wokuqala, ngoba labo abahluleka ukugijima abanakuwamukela umklomelo wokuphila okuphakade. Nokho, uma usanda kuqalisa nje emncintiswaneni wokuphila, khona-ke, njengomgomo wokuqala, udinga ukusebenzela ukuvuthwa kobuKristu. Lokhu kuyosho ukulwela ukwamukela lonke iqiniso lobuKristu futhi wenze ukuba ‘umqondo wakho ulungele ukwahlukanisa kokuhle nokubi.’—Heberu 5:14; 6:1.
5. Yimiphi imibuzo esingayisebenzisa ekuboneni ukuqonda kwethu nomgomo wokuphila?
5 Nokho amazwi kaPawulu, “ngakho-ke thina sonke [esivuthiwe, NW] masibe-nokuqonda okunjalo,” abonisa ukuthi ngisho nalabo abavuthiwe badinga ukuhlola “ukuqonda” kwabo, ngoba abanye ‘bangaba nokuqonda [ngokunye].’ (Filipi 3:15) Ngokwesibonelo, iziphi izinto owazishiya ngemuva? Ingabe usazibheka njengoba kwenza uPawulu? Noma ingabe imigomo yezinto ezibonakalayo nokuqhama ezweni kuthatha isikhathi sakho esengeziwe nokunakekela? Yebo, umKristu kumelwe alungiselele izidingo zakhe nezomkhaya wakhe. UPawulu wasebenza umsebenzi onzima wokwenza amatende—okwakuwushintsho olukhulu kusuka emsebenzini ophakeme ayewenza ngaphambili. Kodwa manje “umklomelo” wawuyinto enkulu ekuphileni kwakhe, hhayi umsebenzi wakhe wokuziphilisa. Ingabe kungokufanayo nangawe?—IzEnzo 18:3; 20:33, 34.
Ukuziqeqesha Ngokwesaba UNkulunkulu
6. Ngokuka-1 Thimothewu 4:7, 10 ikuphi ukuziqeqesha okudingekile ukuze kufinyelelwe umgomo wokuphila okuphakade?
6 Eselulekweni sakhe kuThimothewu, umphostoli uPawulu wadonsela ukunakekela emfanelweni ebaluleke kubo bonke abafuna ukuzuza “umklomelo.” Ngokungangabazeki ecabanga ngeminyaka yokuqeqeshwa okunzima okudingeka kubadlali, waloba: “Zijwayeze ekumesabeni uNkulunkulu. . . . Ngokuba sikhandlekela lokho.”—1 Thimothewu 4:7, 10.
7. Kuyini ukwesaba uNkulunkulu, futhi singasihlola kanjani isisusa sethu?
7 Ukwesaba uNkulunkulu kubhekisela ekunamatheleni kuJehova ngokomuntu siqu. Kuyilokho esiyikho enhliziyweni, futhi akunqunywa ngokuyinhloko yizenzo zethu zangaphandle zenkolo.b Ngakho-ke, sidinga ukuhlola njalo ukuthi kungani sihlanganyela enkonzweni engcwele. Ingabe kungenxa yalokho abanye abangase bakucabange uma singenzi kanjalo? Ingabe kungenxa yokuzenzela igama phambi kwabantu? Ingabe kumane kungenxa yokuthi sicindezelwa abazali bethu? Noma ingabe kungenxa yokuthi sifuna ukuthokozisa uNkulunkulu? Ngezinye izikhathi sonke siyakudinga ukusunduzwa kancane ngabanye. Ingxenye yomuntu ngamunye noma ilungiselelo lenhlangano kungase kusebenze njengokushukumisayo, kodwa okwenziwayo kumelwe ngempela kube ‘izenzo zokwesaba uNkulunkulu.’—2 Petru 3:11.
8. Ukuze sithuthukise ukwesaba uNkulunkulu, yini edingekayo ngaphandle kokutadisha iBhayibheli?
8 ‘Ngokondliwa ngamazwi okukholwa’ ngesifundo seBhayibheli somuntu siqu noma sebandla, umuntu angakuthuthukisa ukwesaba uNkulunkulu. (1 Thimothewu 4:6) Kodwa kudingeka okwengeziwe kunokufunda nje wonke amakhasi. Zibuze: Lokhu kungitshelani ngoJehova? Kumelwe kukuthinte kanjani ukuphila kwami noma umbono wami ngabanye? Ingabe ngiyokusebenzisa lokho engikufundile? Nini? Kanjani? Ukuzindla okunjalo kuyingxenye yokuziqeqeshela ukwesaba uNkulunkulu.
9. Ikuphi okuhlangenwe nakho okubonisa indingeko yokuziqeqeshela ukwesaba uNkulunkulu njalo njengomgomo wethu?
9 Umdlali, lapho eziqeqesha, njalo uhlaziya izindlela zokuthuthuka. Njengabagijimi emncintiswaneni wobuKristu kumelwe siqaphele singakuthathi neze kalula ukuthuthuka kwethu okungokomoya. Omunye wesifazane oye waba khona emihlanganweni yoFakazi bakaJehova kusukela ebuntwaneni, futhi wahlanganyela njalo enkonzweni yasensimini, wathola ukuthi kudingeka okwengeziwe kunokulandela nje imisebenzi yobuKristu njengomkhuba, ngoba kamuva wahileleka ekuziphatheni okubi kobulili. Ngemva kokubuyiselwa, wathi: “Ngangicabanga ukuthi ngingumuntu ongokomoya, kodwa ngaqaphela ukuthi ngangingenakho ukuzimisela kwangempela. Ngemva kokuwa kwami ngokomoya ngaqala ukutadisha ngokomuntu siqu ngokwengeziwe futhi ngakusebenzisa engangikufunda. Ngacela usizo kuJehova. Ngenxa yalokho, ngaqala ukukhula ngokomoya, ngokokuqala ngqa ngaba nobuhlobo bomuntu siqu naye.”
10. Iso elinokwazisa lingasisiza kanjani ukuze sisondele eduze kukaJehova?
10 Kudingeka neso elinokwazisa. Ngokwesibonelo, lapho ujabulela isithelo esimnandi, ungase ucabange: ‘Yeka uBaba omuhle esinaye osilungiselela okuthile okumnandi kangaka!’ Noma, lapho ubheka ukushona kwelanga, ungase uthi: ‘Yeka ingcweti uBaba wethu ayiyo!’ Ezindabeni zansuku zonke kwenze umkhuba ukuphawula ubufakazi bokunakekela kukaJehova. Khona-ke uyosondela eduze kwakhe.—1 Thesalonika 5:18; Jakobe 4:8.
‘Zelulele Kokungaphambili’—Nakuba Ungakapheleli
11. Ingabe umKristu angayekelela, ngenxa yokuthi uneminyaka eminingi eseqinisweni?
11 Abanye ebandleni lekhulu lokuqala laseFilipi, ngenxa yokuba sendleleni yeqiniso isikhathi esithile, kungase ukuba baqala ukuyekelela, benomuzwa wokuthi base befinyelele izinga elifanele elingokomoya. UPawulu wadonsela ukunakekela esibonelweni sakhe siqu, ethi: “Kungesikho ukuthi [mina mphostoli, nomKristu weminyaka engaphezu kwama-25] sengibambile [umklomelo wasezulwini] nokuthi sengiphelelisiwe, kepha ngijonga [wona] . . . Bazalwane, angisho ukuthi mina uqobo sengikubambile.”—Filipi 3:12, 13.
12. Kungani umKristu kumelwe aqhubeke elwela ukwembatha ubuntu obusha?
12 Ukuphila komKristu kuthuthuka njalo. “Ukuthuthuka” okuqhubekayo kuyadingeka ekwembatheni ubuntu obusha. Izici ezenza ungafaneleki kumelwe ulwiswane nazo. (1 Thimothewu 4:15; 1 Korinte 9:27) Omunye uFakazi [udade] wambula ukuthi ngaso sonke isikhathi wayeziphakamisa futhi ecasulwa kalula abanye. Ngemva kokuyalwa, waqaphela ukuthi lokhu kungamvimbela ukuba athole ukuphila okuphakade. Wavuma: “Khona-ke ngalwela ukubacabangela kahle abanye. Ngemva kokuziphoqelela isikhashana, kwaba lula. Lapho ngicasuka, ngangithandaza: ‘Angifuni ukuba ngalendlela, Jehova. Uyazi ukuthi ngilwa kanzima, ngakho-ke ngisize!’ Wakwenza ngempela!” Njengomgomo wayefuna ukunqoba ubuthakathaka obuthile futhi abonise ngokwengeziwe isithelo somoya kaNkulunkulu. Wabusiswa, waze wafanelekela ukukhonza njengesithunywa sevangeli. Ikhona yini imigomo yaloluhlobo okumelwe uyijonge?—Galathiya 5:22-26.
13. Imuphi umgomo omunye umkhaya owawufinyelela, futhi yini eyabashukumisa?
13 Eqaphela ukuthi ‘akakapheleliswa’ noma ukuthi akakawuzuzi umklomelo wokuphila okuphakade, umKristu uhlala eqaphela isimo sengqondo yakhe ngenkonzo. Umbhangqwana oshadile eUnited States wahlola izimo zawo. Ngalesosikhathi (emuva ngo-1958) umfazi wayefundisa esikoleni esiphakathi futhi indoda, njengomthengisi ophambili, yayithola ngaphezu kwama-R46 ngehora. “Khona-ke sacabanga ngothile owayekhonza endlunkulu yoFakazi BakaJehova owayeyeke ukuthola imali eningi ukuze akhonze khona ngaphandle kokukhokhelwa, ukuze nje alethe iqiniso kubantu abanjengathi,” kusho umfazi. Ushukunyiswa yilesosibonelo, umbhangqwana wathengisa ikhaya lawo, futhi kanye nabantwana babo ababili, bathuthela lapho kunendingeko enkulu yabamemezeli boMbuso khona. Bobabili beneliswa ukwenza umsebenzi omncane wokusekela umkhaya wabo. Ukuphila kwabo konke manje kwakugxile ekusizeni abanye, njengoba ngamunye ngokushesha wayeqhuba izifundo zeBhayibheli eziyi-15 ngokwesilinganiso, nabantu abathakazelayo. “Savuna injabulo ejulile imali eyayingenakuyithenga. Futhi ikakhulukazi sajatshuliswa ukubona abantwana bethu bekhula benothando olufanayo ngoJehova,” kuphawula indoda.—Filipi 4:12, 13.
14. Iyini eminye imigomo yomuntu siqu abaningi abaye bayifinyelela?
14 Yebo, akuyona yonke imikhaya engathatha isinyathelo esinjalo. Kodwa inani elikhulayo liye lenza ukuhlela ukuze libe nengxenye enkulu emsebenzini wokushumayela, mhlawumbe ngisho nokuba amaphayona asizayo noma avamile. Phakathi nonyaka wenkonzo ka-1981 inyanga ngayinye, ngokwesilinganiso, abantu abayizi-151 180 bahlanganyela emsebenzini wobuphayona—inani eliphakeme kunawo wonke futhi cishe liphakeme ngamaphesenti ayi-10 kunelangonyaka odlule! Abaningi baye benza iBethel noma inkonzo yezithunywa zevangeli yaba umgomo. Njengoba kuvulwa izikole ezandisiwe zaseGiliyadi eMexico naseFederal Republic yaseJalimane, abaningi ngokwengeziwe baye bakwazi ukufinyelela imigomo emisha neyandisiwe ekuphileni kwabo siqu. Futhi abanye baye basebenza kanzima ukuze bathuthukise uthando olujulile ngoJehova kubantwana babo. Amadoda azinikezele aye afinyelela umsebenzi wokuba yinceku ekhonzayo, umdala, noma ngisho nowombonisi ojikelezayo, ngokuthuthukisa izimfanelo ezingokomoya ezifunekayo.—1 Thimothewu 3:1-13.
15. Abafazi abangamaKristu bangawasiza kanjani amadoda abo ukuba agcine umgomo wokuphila ungoyinhloko?
15 Abafazi abangamaKristu basiza ngokugcina “umklomelo” ungoyinhloko. “Angikukhohlwa neze okwashiwo ngumkami lapho ngifunda ngamadoda amathathu engangiwaqeqeshele ukwenza umsebenzi wami lapho sithutha ayesanda kuba nezigidigidi zamaRandi,” kulandisa uFakazi ophawulwe esigabeni se-13. “Wathi: ‘Imali uba nayo namuhla futhi kusasa ayisekho. Esikwenzayo ekusizeni abantu ngokomoya kunobuhle obuhlala njalo.’ Wayengikhuthaza njalo ukuba ngingahileleki futhi ekuzibutheleni imali eningi. Ngosizo lwakhe sangenela umsebenzi wokukhonza isifunda lapho abantwana bethu sebekhulile.” Yebo, abesifazane abasekela amadoda abo ngokomoya bangawasiza ukuba azuze “isisa kuJehova.”—IzAga 18:22.
Izimo Ziyehluka
16. (a) Lapho umphostoli uPawulu etshela ibandla laseFilipi ukuthi, “anibanga-nathuba,” ngokusobala wayesho ukuthini? (b) Sazi kanjani ukuthi uJehova akayena umuntu ongeneliswa yimizamo yezinceku zakhe?
16 Ibandla laseFilipi lekhulu lokuqala labonisa ukuphana okukhulu kuPawulu, kodwa kwadlula isikhathi eside lapho bengamnikanga lutho oluyizinto ezibonakalayo. Ngani? “Anibanga-nathuba,” kuloba uPawulu. (Filipi 4:10) Mhlawumbe izikhathi ezinzima, ukushintsha kwezimo, noma ukungazi kwabo ukuthi uPawulu wayekuphi kwabavimbela ekwenzeni lokho izinhliziyo zabo ezazikufisa. Izimo zethu futhi zingase zilinganisele lokho esingakwenza. UJehova uyakuqaphela lokhu. Ngokwesibonelo, ngaphansi komthetho kaMose uJehova wayemukela njengomnikelo wecala lokho umuntu ayengakukhokha, ngisho noma kwakungaba yizinkomishi eziyisishiyagalombili zempuphu ecolekileyo! (Levitikusi 5:5-11) Ukuphela kwento eyayicelwa uNkulunkulu kwakuwukuba iminikelo ibe emihle kakhulu.—Eksodusi 23:19; Heberu 13:15, 16.
17. Kuyini okufana nezimpawu ezibonisa ibanga endleleni yomncintiswano ekujongeni kwethu umgomo wokugcina, umklomelo wokuphila okuphakade?
17 Nokho, ingabe ngempela sinikeza uJehova okuhle kakhulu? Ingabe sibeka ngaphambi kwethu nsuku zonke umvuzo omuhle wokuphila okuphakade? (Qhathanisa namaHeberu 12:1, 2.) Singasizwa kakhulu ekwenzeni kanjalo uma sinemigomo engokomoya esilwela ukuyifinyelela ekuhambeni kwethu. Lena iba izimpawu zokubonisa ibanga endleleni yomncintiswano. Njengoba siye sabona, olunye lwalezimpawu ubhapathizo. Usulifinyelele yini lelozinga? Kuthiwani ngokuvuthwa kobuKristu—ukwamukela ngobuqotho lonke iqiniso lobuKristu, ungasangabazi, ungathandabuzi, ubeka inselele kuwo wonke umqondo omusha? Futhi ingabe usufundile ukwenza izinqumo zansuku zonke ngesisekelo sezimiso zeBhayibheli? Uma kunjalo, usuludlulile olunye uphawu olubonisa ibanga. Ingabe izithelo zomoya seziye zagxila ebuntwini bakho? Ingabe inkonzo yasensimini ibaluleke ngokufanayo kuwe njengoba kwakunjalo kuJesu Kristu, isibonelo sethu? Futhi kuthiwani ngesizathu sokwenza kwakho izinto? Ingabe ushukunyiswa ukwesaba uNkulunkulu kweqiniso? Nakuba ayewumdala ebandleni lobuKristu, uThimothewu wayalwa ngokuthi wayedinga ukuziqeqesha enalokhu njengomgomo wakhe. Ingabe siyayifinyelela eminye yalemigomo futhi silwele ukufica neminye, sigcine njalo engqondweni umklomelo omuhle kakhulu wokuphila okuphakade? Ingabe ngempela “sizelulela kokungaphambili”?
18. Yimiphi imivuzo esiyitholayo manje ngokuthuthukisa ukwesaba uNkulunkulu?
18 Imivuzo yomzamo onjalo miningi. Njengoba uPawulu asho ngokwesaba uNkulunkulu, “kunesithembiso salokhukuphila.” (1 Thimothewu 4:8) Wakuchaza kahle ngamafuphi ukweneliseka esingaba nakho njengamanje naphezu kobunzima: “Siyalwazi usizi, nokho injabulo yethu ayicimeki. . . . Sibusisa abanye abaningi ngengcebo yeqiniso. Simpofu, kodwa empeleni sinakho konke esifanele sibe nakho.—2 Korinte 6:10, Phillips.
19. Kungani ngamunye wethu kumelwe anakekele indlela agijima ngayo ekufuneni ukuphila okuphakade?
19 Khona-ke ngokushesha sizofinyelela umgomo wethu wokugcina—‘ukuphila okuzayo.’ UPawulu wayengathi ekulindeleni umvuzo wakhe wasezulwini: “Ngokuba ngithi izinhlupheko zesikhathi samanje azinakulinganiswa nenkazimulo eyakwambulwa kithina.” (Roma 8:18) Yebo, konke ukuzikhandla emncintiswaneni kuyoba yize uma kuqhathaniswa nezibusiso zomvuzo owumklomelo wokuphila okuphakade, ezulwini noma emhlabeni. Ngakho gcina iso lakho lisemigomweni engokomoya. Gijimela ukuphumelela. Gijima njengokungathi ukuphila kwakho kuxhomeke kukho—ngoba kakade kunjalo!—IHubo 37:3, 4, 11, 29.
□ Uyini umgomo odingekayo okumelwe umKristu awulwele, futhi imuphi “umqondo” okumelwe sibe nawo ngokuwufinyelela?
□ Siziqeqesha kanjani ngokwesaba uNkulunkulu njengomgomo wethu?
□ Iyini eminye yemigomo yokuqala njengoba silwela umgomo wokuphila okuphakade?
□ Ingabe uJehova akaneliswa neze imizamo yethu enkonzweni yakhe engcwele?
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuphawula kwembongi engumGreki yasendulo uPindar kweyakhe ethi Isthmian Odes, I 40-50.
b Igama lesiGreki lokuqala, elithi eusebeia, lalisetshenziswa ngesikhathi sesazi uPhilo ukuchaza umuntu wenkolo ngempela ngokungafani nomkhulekeli “owumzenzisi” owayebukisa nje kuphela ngezenzo zangaphandle zokukholwa.
[Isithombe ekhasini 8]
Kukhona imigomo eza kuqala enkambweni yethu yobuKristu njengoba silwela umgomo wokugcina wokuphila okuphakade
Ukwesaba UNkulunkulu
Ukuvuthwa
Ubhapathizo
Inkonzo Eyandisiwe
Isithelo Esengeziwe Somoya Ongcwele