Qhubeka Uthuthuka Ngokomoya!
Kufanele Silwazise Futhi Silukhumbule Njalo Usuku Esabhapathizwa Ngalo. Phela, Lolo Usuku Esasho Ngalo Obala Ukuthi Sizinikezele Ukuba Sikhonze Unkulunkulu.
KUBANTU abaningi kudingeka umzamo ophawulekayo ukuze bakwazi ukufinyelela leli qophelo—ukuyeka imikhuba emibi osekukudala behileleke kuyo, ukuzehlukanisa nabangane ababi, ukushintsha indlela yokucabanga neyokuziphatha esigxile kakhulu.
Noma kunjalo, nakuba ubhapathizo luyisenzakalo esijabulisayo nesibalulekile ekuphileni komKristu, lusuke luseyisiqalo nje. Umphostoli uPawulu watshela amaKristu abhapathiziwe eJudiya: “Njengoba sesiyishiyile imfundiso yokuqala ephathelene noKristu, masiphokopheleleni ekuvuthweni.” (Heberu 6:1) Yebo, wonke amaKristu kudingeka ‘afinyelele ebunyeni okholweni nasolwazini olunembile ngeNdodana kaNkulunkulu, ekubeni amadoda akhule ngokugcwele, esilinganisweni sobukhulu esingesokugcwala kukaKristu.’ (Efesu 4:13) ‘Singasimamiswa [ngempela] okholweni’ kuphela uma sithuthukela eqophelweni lokuvuthwa.—Kolose 2:7.
Eminyakeni embalwa edlule, ebandleni lobuKristu kuye kwangena amakhulu ezinkulungwane abakhulekeli abasanda kuzinikezela. Mhlawumbe ungomunye wabo. Njengabafowenu bekhulu lokuqala, awufuni ukuhlala uwusana ngokomoya. Ufuna ukukhula, uthuthuke! Kodwa kanjani? Futhi iziphi ezinye zezindlela ongenza ngazo intuthuko enjalo?
Ukuthuthuka Ngokuba Nesifundo Somuntu Siqu
UPawulu watshela amaKristu aseFilipi: “Yilokhu engiqhubeka ngikuthandazela, ukuba uthando lwenu luvame nakakhulu ulwazi olunembile nokuqonda okugcwele.” (Filipi 1:9) Kubalulekile ukukhula ‘olwazini olunembile’ ukuze uthuthuke ngokomoya. ‘Ukungenisa ulwazi ngoJehova uNkulunkulu nangoJesu Kristu’ yinqubo eqhubekayo, hhayi okuthile okunqamuka ngemva kobhapathizo.—Johane 17:3.
Omunye udade ongumKristu, esizombiza ngokuthi u-Alexandra, wakuqaphela lokhu ngemva kweminyaka eyishumi abhapathizwa lapho ayeneminyaka engu-16 ubudala. Wakhulela eqinisweni futhi wayeya njalo emihlanganweni yobuKristu futhi ehlanganyela njalo nasemsebenzini wokushumayela. Uyabhala: “Ezinyangeni ezimbalwa ezidlule ngaqaphela ukuthi kwakunokuthile okungalungile ngempela. Nganquma ukuhlolisisa ngobuqotho indlela engangizizwa ngayo ngeqiniso, nokuthi kungani ngangiseseqinisweni.” Watholani? Uyaqhubeka: “Ngathola ukuthi isizathu sokuba kwami seqinisweni sasingiphatha kabi. Ngakhumbula ukuthi njengoba ngangikhula, kwakugcizelelwa ukuya emihlanganweni nenkonzo yasensimini. Kwakubonakala sengathi umkhuba wesifundo somuntu siqu nokuthandaza ngandlela-thile kwakuzozenzakalela. Kodwa njengoba ngihlola isimo sami, ngiqaphele ukuthi lokhu akuzange kuzenzakalele.”
Umphostoli uPawulu uyanxusa: “Ngezinga esesenze ngalo intuthuko, masiqhubekeni sihamba ngokuhlelekile ngalomkhondo ofanayo.” (Filipi 3:16) Ukuba nenqubo kungenza ukwazi ukuqhubekela phambili. Ngaphambi kobhapathizo, akungabazeki ukuthi wawunenqubo yamasonto onke yokutadisha iBhayibheli nomfundisi ofaneleka kahle. Lapho uba nokwazisa okwengeziwe, kule nqubo wahlanganisa nokulungiselela isifundo sesonto ngalinye, futhi ubheka imibhalo ekhonjiwe eBhayibhelini, njalonjalo. Manje njengoba usubhapathiziwe, ingabe uye waqhubeka ‘uhamba ngalowomkhondo’?
Uma kungenjalo, kungase kudingeke uhlole kabusha izinto eziza kuqala kuwe, ‘uqiniseke ngezinto ezibaluleke ngokwengeziwe.’ (Filipi 1:10) Njengoba siphila ukuphila okumatasa, kudingeka ukuzithiba ukuze sibekele eceleni isikhathi sokufunda iBhayibheli nesesifundo somuntu siqu. Kodwa izinzuzo ezitholakala ngokwenza kanjalo zenza kufaneleke ukuba senze umzamo. Ake uphinde ucabangele lokho okwenzeka ku-Alexandra. Uyavuma: “Kumelwe ngisho ukuthi bengilokhu ngiqhubeka ngiseqinisweni iminyaka engaba ngu-20 ngokumane ngiye emihlanganweni futhi ngihlanganyele enkonzweni yasensimini.” Nokho, uyaqhubeka: “Ngifinyelelé esiphethweni sokuthi nakuba lezi zinto zibalulekile, uma zizodwa ngeke zingilonde lapho izinto ziba nzima. Konke lokhu kwaba sobala ngenxa yokuthi imikhuba yesifundo sami somuntu siqu ifana nengekho, futhi imithandazo yami ayisile futhi ikha phezulu. Manje ngiyaqaphela ukuthi kufanele ngilungise ukucabanga kwami futhi ngiqale ukuba nesimiso sesifundo esinenjongo ukuze ngikwazi ukumazi ngempela uJehova futhi ngimthande, ngazise nalokho iNdodana yakhe eye yasinika kona.”
Uma udinga usizo ukuze ube nenqubo ezuzisayo yesifundo somuntu siqu, abadala namanye amaKristu avuthiwe ebandleni lenu bayokujabulela ukukusiza. Ngaphezu kwalokho, izihloko ze-Nqabayokulinda ka-May 1, 1995; August 15, 1993; neka-May 15, 1986 zinokusikisela okuningana okuwusizo.
Isidingo Sokusondela Eduze NoNkulunkulu
Enye indawo okufanele uzame ukuthuthuka kuyo kusebuhlotsheni bakho noNkulunkulu. Kwezinye izimo kungase kube nesidingo esikhulu nakakhulu salokhu. Cabangela u-Anthony, owabhapathizwa esemncane. “Ngangiyingane yokuqala ekhaya ukuba ibhapathizwe,” echaza. “Ngemva kokubhapathizwa, umama wanganga ngokufudumele. Ngangingakaze ngimbone ejabule ngaphezu kwalokho. Kwakunenjabulo enkulu, futhi ngazizwa ngiqine kakhulu.” Nokho, kwakunolunye uhlangothi lwendaba. “Kwase kuyisikhathi eside kungekho muntu omusha obhapathizwayo ebandleni,” kuqhubeka u-Anthony. “Ngakho ngangizizwa ngiziqhenya. Futhi ngangiziqhenya nangezimpendulo nangezinkulumo zami emihlanganweni. Ukuzuza ukudunyiswa abantu kwaba okubaluleke kakhulu kimi kunokuletha udumo kuJehova. Ngangingenabo ngempela ubuhlobo obuseduze naye.”
Njengo-Anthony, kungenzeka abanye bazinikezela ngoba befisa ukujabulisa abanye ngaphezu kokufisa ukujabulisa uJehova. Noma kunjalo, uNkulunkulu ulindele ukuba abanjalo baphile ngokuvumelana nesithembiso sabo sokumkhonza. (Qhathanisa nomShumayeli 5:4.) Nokho, njengoba bengenakho ukusondelana ngokomuntu siqu noNkulunkulu, ngokuvamile kuba nzima ukuba benze kanjalo. U-Anthony uyakhumbula: “Injabulo enkulu enganginayo lapho ngibhapathizwa yathatha isikhashana. Kwakungakapheli nonyaka lapho ngiwela esonweni esikhulu futhi kwadingeka ngisolwe abadala ebandleni. Ukuziphatha ngokungafanele ngokuphindaphindiwe kwaholela ekubeni ngisuswe ekuhlanganyeleni nebandla. Ngemva kweminyaka eyisithupha ngizinikezele kuJehova, ngaboshwa futhi ngagqunywa ejele ngenxa yokubulala.”
Ukwakha Ubuhlobo Obuseduze NoJehova
Kungakhathaliseki ukuthi sinjani isimo sakho, wonke amaKristu angasabela esimemweni seBhayibheli esithi: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.” (Jakobe 4:8) Akungabazeki ukuthi wahlakulela isilinganiso esithile sokusondelana noNkulunkulu lapho uqala ukufunda iBhayibheli. Wafunda ukuthi uNkulunkulu akayena unkulunkulu ongenamizwelo okhulekelwa eLobukholwa, kodwa ungumuntu onegama, nguJehova. Wafunda nokuthi unezimfanelo ezikhangayo, ukuthi ‘ugcwele isihe, unomusa, uphuza ukuthukuthela, futhi uvamé ubumnene.’—Eksodusi 34:6.
Nokho, ukuze uphile ngokuvumelana nokuzinikezela ukuba ukhonze uNkulunkulu kumelwe usondele kuye nakakhulu! Kanjani? Umhubi wathandaza: “Ngazise imendo yakho, Jehova; ngifundise izindlela zakho.” (IHubo 25:4) Isifundo somuntu siqu seBhayibheli nezincwadi zeNhlangano singakusiza ukuba ujwayelane kangcono noJehova. Ukuthandaza njalo ngokusuka enhliziyweni nakho kubalulekile. Umhubi uyanxusa: “Nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe.” (IHubo 62:8) Lapho ubona imithandazo yakho iphendulwa, uyoba nomuzwa wokuthi uNkulunkulu unesithakazelo kuwe. Lokhu kuyokusiza ukuba uzizwe usondelene naye.
Ukulingwa nezinkinga kuveza elinye ithuba lokusondela kuNkulunkulu. Ungase ubhekane nezinselele novivinyo lokholo, njengokugula, ukucindezeleka esikoleni nasemsebenzini wokuziphilisa noma ubunzima obungokwezomnotho. Kungase kube nawukuthi inqubo evamile engokwasezulwini yokuhlanganyela enkonzweni, ukuya emihlanganweni noma ukufunda iBhayibheli nezingane zakho iba nzima. Ungabhekani nalezi zinkinga uwedwa! Nxusa usizo lukaNkulunkulu, ucele isiqondiso sakhe. (IzAga 3:5, 6) Cela umoya wakhe ongcwele! (Luka 11:13) Njengoba ubona usizo lothando lukaNkulunkulu, uyodonseleka kuye nakakhulu. Kunjengoba umhubi uDavide akubeka, “yizwani nibone ukuthi uJehova muhle; ubusisiwe lowomuntu ophephela kuye.”—IHubo 34:8.
Kuthiwani ngo-Anthony? “Ngaqala ukucabanga ngesikhathi lapho ngisenemigomo eminingi engokomoya eyayigxile ekwenzeni intando kaJehova,” ekhumbula. “Lokhu kwakubuhlungu. Kodwa kubo bonke ubuhlungu nokudumazeka, ngalukhumbula uthando lukaJehova. Kwathatha isikhathi ngaphambi kokuba ngikwazi ukuthandaza kuJehova, kodwa ngakwenza, futhi ngamthululela isifuba sami, ngimcela ukuba angithethelele. Ngaqala nokufunda iBhayibheli futhi ngamangala ukubona indlela engase ngikhohlwe izinto eziningi ngayo nendlela engangimazi kancane ngayo uJehova.” Nakuba u-Anthony esazoqedela isigwebo sakhe secala, uthola usizo oluvela koFakazi bendawo futhi useyalulama ngokomoya. Enokwazisa, u-Anthony uthi: “Ngiyambonga uJehova nenhlangano yakhe, ngiye ngakwazi ukuhlubula ubuntu obudala, futhi ngilwela ukugqoka obusha usuku ngalunye. Manje ubuhlobo bami noJehova bubaluleke kakhulu kimi.”
Ukuthuthuka Ngokomoya Enkonzweni Yakho
UJesu Kristu wayala abalandeli bakhe ukuba babe abashumayeli ‘bezindaba ezinhle zombuso.’ (Mathewu 24:14) Njengoba ungummemezeli wezindaba ezinhle osemusha uma uqhathaniswa nabanye, ulwazi lwakho enkonzweni lungase lulinganiselwe. Khona-ke, ungathuthuka kanjani ukuze “uyifeze ngokugcwele inkonzo yakho”?—2 Thimothewu 4:5.
Enye indlela iwukuba nesimo sengqondo esihle. Funda ukubheka umsebenzi wokushumayela ‘njengomcebo’ nanjengelungelo. (2 Korinte 4:7) Uyithuba lokubonisa uthando lwethu, ukuthembeka nobuqotho bethu kuJehova. Futhi usivumela ukuba sibonise ukukhathalela kwethu omakhelwane bethu. Ukuzinikela ngokungenabugovu kulokhu kungaba umthombo wenjabulo yangempela.—IzEnzo 20:35.
UJesu ngokwakhe wayenombono omuhle ngomsebenzi wokushumayela. Ukuhlanganyela amaqiniso eBhayibheli nabanye kwakufana ‘nokudla’ kuye. (Johane 4:34) Ngakho-ke, okwakumshukumisela ukuba asize abanye kungase kufingqwe kangcono ngamazwi akhe athi, “Ngiyafuna.” (Mathewu 8:3) UJesu wayenobubele kubantu, ikakhulukazi labo ‘abaphundlekile futhi bahlakazeka’ ngenxa yaleli lizwe likaSathane. (Mathewu 9:35, 36) Ingabe nawe ngokufanayo ‘uyafuna’ ukusiza labo abasebumnyameni ngokomoya nabadinga ukukhanyiselwa okuvela eZwini likaNkulunkulu? Khona-ke uyozizwa ushukunyiselwa ekubeni usabele emyalweni kaJesu othi: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.” (Mathewu 28:19) Ngempela, uyoshukumiseleka ukuba uhlanganyele ngokugcwele kulo msebenzi ngokwalokho impilo nezimo zakho ezikuvumela ukuba ukwenze.
Esinye isihluthulelo sokuthuthuka ukuhlanganyela njalo enkonzweni—masonto onke uma kungenzeka. Ukwenza kanjalo kungasiza ekunciphiseni itwetwe noma ukwesaba okungase kuthiye labo abashumayela ngokuqabukela. Ukuhlanganyela njalo enkonzweni yasensimini kuyokuzuzisa nangezinye izindlela. Kuyoqinisa ukulazisa kwakho iqiniso, kucebise uthando lwakho ngoJehova nomakhelwane, futhi kukusize uhlale ugxile ethembeni loMbuso.
Nokho, kuthiwani uma isimo sakho njengamanje siyilinganisela kakhulu indlela ohlanganyela ngayo emsebenzini wokushumayela? Uma kungenakwenzeka ngempela ukuba wenze ushintsho, khona-ke duduzeka ngokwazi ukuthi uNkulunkulu waneliswa yinoma ikuphi okwazi ukukwenza, uma nje inkonzo yakho uyenza ngomphefumulo wonke. (Mathewu 13:23) Mhlawumbe ungathuthuka ngezinye izindlela, njengokulola amakhono akho okushumayela. Ebandleni, iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini noMhlangano Wenkonzo kunikeza ukuqeqesha okuningi okuhle ngokuphathelene nalokhu. Ngokuzenzakalelayo, lapho siba nekhono elengeziwe enkonzweni, siyoyijabulela ngokwengeziwe futhi siyibone imiphumela.
Khona-ke, kusobala ukuthi ukuthuthuka ngokomoya akumelwe kuphele lapho ubhapathizwa. Ngokuphathelene nethemba lakhe lokuthola ukuphila kokungafi ezulwini, umphostoli uPawulu wabhala: “Bafowethu, angikazicabangeli njengosekubambile; kodwa yinye into ekhona ngakho: Ukukhohlwa izinto ezingemuva nokwelulekela phambili ezintweni ezingaphambili, ngiphishekela emgomweni ukuze ngithole umklomelo wobizo lwaphezulu lukaNkulunkulu ngoKristu Jesu. Khona-ke, sonke thina esivuthiwe, masibeni nalesisimo sengqondo; futhi uma ninokuthambekela kwengqondo okuhlukile kunoma isiphi isici, uNkulunkulu uyonambulela isimo sengqondo esingenhla.”—Filipi 3:13-15.
Yebo, wonke amaKristu, kungakhathaliseki ukuthi anethemba lokungafi emazulwini noma lokuphila okumi phakade ePharadesi emhlabeni, kumelwe ‘alulekele phambili’—azikhandle, ukuze athole umgomo wokuphila! Wenza isiqalo esihle ngokuba ubhapathizwe, kodwa kwakuseyisiqalo nje. Qhubeka ulwela ukuthuthuka ngokomoya. Ngemihlangano nangesifundo somuntu siqu, ‘yiba okhule ngokugcwele emandleni okuqonda.’ (1 Korinte 14:20) Yiba ‘okwazi ukuqonda ububanzi nobude nokuphakama nokujula’ kweqiniso. (Efesu 3:18) Intuthuko oyenzayo ngeke nje ikusize ukuba ulondoloze injabulo manje kodwa iyokusiza nokuba uthole indawo eqinisekile ezweni elisha likaNkulunkulu, lapho ngaphansi kokubusa koMbuso wasezulwini, uyokwazi ukuthuthuka phakade!
[Isithombe ekhasini 29]
Kudingeka ukuzithiba ukuze uthole isikhathi sesifundo somuntu siqu
[Isithombe ekhasini 31]
Ukuba nesimo sengqondo esihle kungasisiza ukuba sithole injabulo enkonzweni