Mawunganqotshwa Ukukhathazeka
“NINGALOKOTHI nikhathazeke ngosuku olulandelayo, ngoba usuku olulandelayo luyoba nezalo izinkathazo. Ububi bosuku ngalunye banele lona.” (Mathewu 6:34) Ngokuqinisekile leso seluleko esanikezwa nguJesu Kristu siwusizo kithi sonke esiphila emphakathini wanamuhla osheshayo nonezingcindezi.
Nokho, uma sibhekana namaqiniso, ingabe kungenzeka ukuba singakhathazeki ngezinkinga zethu, izinqumo, izibopho nemithwalo yemfanelo? Izigidi zabantu zizizwa zicindezelekile, zisosizini futhi zithwele kanzima. Yingakho imithi edambisa ukukhathazeka nebangela ukuzola yenza ibhizinisi lezindodla zamaRandi.
Lapho Kufanele Kubekwe Khona Umngcele
Kudingeka sizihlelele futhi sizilungiselele izibopho zethu, izinqumo nezinkinga zethu—kungakhathaliseki ukuthi ziyaphuthuma noma cha. IBhayibheli lisikhuthaza ukuba ‘sihlale phansi futhi sibale izindleko’ ngaphambi kokuqala ukwenza noma iyiphi into enkulu. (Luka 14:28-30) Lokhu kuhlanganisa ukucabangela izinto ezihlukene okungakhethwa kuzo, ukuhlaziya lokho okungase kubangelwe umphumela nokucubungula izindleko ngokuqondene nesikhathi, amandla nemali.
Nakuba umuntu kufanele acabangele ngokucophelela ukuthi yini engase yenzeke, akunakwenzeka noma akwakhi ukuzama ukucabanga ngazo zonke izehlakalo ezingase zenzeke. Ngokwesibonelo, ucabangela ukuphepha komkhaya, ungase ucabange ukuthi yini ongayenza uma kwenzeka kuba nomlilo emzini wakho. Ungase uthenge futhi ufake imishinyana yokuzwa intuthu kanye nezinto zokucima umlilo. Ningase nihlele futhi niprakthize ukuphuma ngezintunja zokubaleka ezisezingxenyeni ezihlukahlukene zomuzi. Kodwa kugcinaphi ukuhlela okunengqondo nokuwusizo, futhi kuqalaphi ukukhathazeka okweqile nokungadingekile? Ukukhathazeka okunjalo kuqala lapho uqala ukuzikhathaza ngezimo eziningi ngokungenakubalwa ozicabangelayo, eziningi zazo okungenzeka zimane nje zakhiwa yingqondo engayeki ukucabanga. Ungase ukhungathekiswe yimicabango eqeda ukuthula, ekwenza uqiniseke ukuthi kumelwe ukuba kukhona okukhohliwe noma ukuthi akwanele lokhu okwenzile ukuze uvikele umkhaya wakho. Lolu sizi ozibangele lona lungathwalisa ingqondo yakho kanzima uze uqwashe.
UMose Phambi KukaFaro
UJehova uNkulunkulu wanika umprofethi wakhe uMose isabelo esinzima. Okokuqala, uMose kwakudingeka avele phambi kwama-Israyeli futhi awakholise ukuthi uJehova wayemkhethile ukuba awahole awakhiphe eGibithe. Ngemva kwalokho, uMose kwadingeka avele phambi kukaFaro amcele ukuba adedele ama-Israyeli ahambe. Ekugcineni, uMose kwadingeka ahole isixuku esibalelwa ezigidini asidabulise ehlane esiyisa ezweni elihlalwa abantu abanobutha. (Eksodusi 3:1-10) Konke lokhu kwakungase kwesabise kakhulu, kodwa ingabe uMose wavumela lo mthwalo wakhe wemfanelo ukuba umkhathaze ngokweqile?
Ngokusobala, kwakunezinto ezimbalwa ezazimkhathaza uMose. Wabuza uJehova: “Bheka lapho ngifika kubantwana bakwa-Israyeli, ngithi kubo: ‘UNkulunkulu wawoyihlo ungithumile kini,’ bese bethi kimi: ‘Ngubani igama lakhe?’ ngizakuthini kubo na?” UJehova wamnika impendulo. (Eksodusi 3:13, 14) UMose wayekhathazeke nangokuthi yini eyayingase yenzeke uma uFaro engafuni ukumkholelwa. UJehova waphinda wamphendula lo mprofethi. Inkinga yokugcina—uMose wavuma ukuthi wayengeyena “umuntu oyiqaphuqaphu.” Kwakungelashwa kanjani lokhu? UJehova walungiselela u-Aroni ukuba abe umkhulumeli kaMose.—Eksodusi 4:1-5, 10-16.
Ezilungiselele ngezimpendulo zemibuzo yakhe futhi enokholo kuNkulunkulu, uMose waqhubeka enza njengoba uJehova ayemyalile. Kunokuba azihluphe ngemicabango ethusayo yalokho okwakungase kwenzeke lapho ebhekene noFaro, uMose ‘wenze njalo-ke.’ (Eksodusi 7:6) Ukube wayevumele ukukhathazeka kumnqobe, kwakungase kulwenze buthaka ukholo nesibindi okwakudingeka ukuze afeze isabelo sakhe.
Indlela kaMose enokulinganisela yokusingatha isabelo sakhe iyisibonelo salokho umphostoli uPawulu akubiza ngokuthi ‘ukuhluzeka kwengqondo.’ (2 Thimothewu 1:7; Thithu 2:2-6) Ukube uMose wayengakusebenzisanga ukuhluzeka kwengqondo, kwakungaba lula ukuba athenwe amandla ubunzulu besabelo sakhe kangangokuba angasamukeli.
Ukulawula Imicabango Yakho
Usabela kanjani ekuphileni kwansuku zonke lapho ubhekana nokuvivinywa kokholo lwakho noma ubhekana nokulingwa? Ingabe uba novalo, ucabange nje ngezithiyo nezinselele eziphambi kwakho? Noma ingabe uzibheka ngendlela enokulinganisela? Njengoba kusho abanye (ngesaga sesiNgisi), ‘Ungaliweli ibhuloho ungakafiki kulo.’ Kungenzeka ukuthi asikho nesidingo sokuwela lelo bhuloho olicabangayo! Ngakho kungani ukhathazeka ngento engase ingenzeki nhlobo? IBhayibheli lithi: “Ukukhathazeka enhliziyweni yomuntu kuyayithobisa.” (IzAga 12:25) Ngokuvamile umphumela uba ukuthi umuntu ahlehlise ukwenza isinqumo, ahlehlise izinto kuze kwephuze kakhulu.
Okungathi sína nakakhulu ukulimala okungokomoya okungase kubangelwe ukukhathazeka okungafanele. UJesu Kristu wabonisa ukuthi ukwazisa “izwi lombuso” kungaminyaniswa ngokuphelele amandla engcebo okukhohlisa kanye ‘nezinkathazo zalesisimiso sezinto.’ (Mathewu 13:19, 22) Njengoba nje ameva engavimbela izithombo ukuba zikhule zize zithele, kanjalo nokukhathazeka okungalawuliwe kungasivimbela ekuthuthukeni ngokomoya nasekutheleni kube ludumo kuNkulunkulu. Ukukhathazeka okonakalisayo umuntu azibangela kona kuye kwavimbela abanye ngisho nasekuzinikezeleni kuJehova. Bakhathazeka ngokuthi, ‘Kuthiwani uma ngingaphili ngokuvumelana nokuzinikezela kwami?’
Umphostoli uPawulu wasitshela ukuthi empini yethu engokomoya, sizama ‘ukuthumba yonke imicabango ukuze siyenze ilalele uKristu.’ (2 Korinte 10:5) Isitha sethu esikhulu, uSathane uDeveli, singakujabulela kakhulu ukusebenzisa ukukhathazeka kwethu ukuze sisidikibalise futhi sisenze buthaka ngokomzimba, ngokomzwelo nangokomoya. Singuchwepheshe ekusebenziseni ukungabaza ukuze sibambe abangaqaphile ngogibe. Yingakho uPawulu axwayisa amaKristu ukuba ‘angamvumeli uDeveli athole indawo.’ (Efesu 4:27) ‘Njengonkulunkulu walesi simiso sezinto,’ uSathane uye ‘waziphuphuthekisa’ ngokuphumelelayo “izingqondo zabangewona amakholwa.” (2 Korinte 4:4) Kwangathi singelokothe simvumele ukuba alawule izingqondo zethu!
Luyatholakala Usizo
Lapho ibhekene nezinkinga, ingane ingaya kuyise onothando futhi ithole isiqondiso nenduduzo. Ngokufanayo, nathi singaya kuBaba wethu osezulwini, uJehova, simtshele izinkinga zethu. Eqinisweni, uJehova usimema ukuba siphonse imithwalo nokukhathazeka kwethu kuye. (IHubo 55:22) Njengengane engasakhathazeki ngezinkinga zayo ngemva kokuthola isiqinisekiso sikayise, akufanele nje siphonse imithwalo yethu kuJehova kodwa futhi kufanele siyishiye kuye.—Jakobe 1:6.
Sikuphonsa kanjani ukukhathazeka kwethu kuJehova? EyabaseFilipi 4:6, 7 iyaphendula: “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe uNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga; futhi ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyoqapha izinhliziyo zenu namandla enu engqondo ngoKristu Jesu.” Yebo, ephendula imithandazo nokunxusa kwethu okuphikelelayo, uJehova angasinika ukuzola kwangaphakathi okuvikela izingqondo zethu ekucindezelweni ukukhathazeka okungadingekile.—Jeremiya 17:7, 8; Mathewu 6:25-34.
Nokho, ukuze senze ngokuvumelana nemithandazo yethu, akufanele sizihlukanise nabanye, kungaba ngokoqobo noma ngokwengqondo. (IzAga 18:1) Kunalokho, siyokwenza kahle ngokucabangela izimiso neziqondiso zeBhayibheli eziphathelene nenkinga yethu, kanjalo sigweme ukwethemba ukuqonda kwethu. (IzAga 3:5, 6) Abancane nabadala ngokufanayo bangahlola iBhayibheli nezincwadi ze-Watch Tower ukuze bathole insada yokwaziswa okuphathelene nokwenza izinqumo nokusingatha izinkinga. Ngaphezu kwalokho, ebandleni lobuKristu, sibusiswe ngabadala abahlakaniphile nabanokuhlangenwe nakho kanye namanye amaKristu avuthiwe ahlale ekulungele ukuxoxa nathi. (IzAga 11:14; 15:22) Labo abangahilelekile ngokomzwelo futhi abanomqondo kaNkulunkulu ngendaba, ngokuvamile bangasisiza ukuba sibheke izinkinga zethu ngeso elihlukile. Futhi, nakuba bengeke basenzele izinqumo, bangaba umthombo omkhulu wesikhuthazo nokusekela.
“Methembe UNkulunkulu”
Akekho ongaphika ukuthi ukusingatha izinkinga zethu ezingokoqobo usuku ngalunye nje kukodwa kuyacindezela, ngaphandle kokwenezela kuzo ngokukhathazeka ngalezo ezicatshangelwayo. Uma ukukhathazeka ngalokho okungase kwenzeke kusenza sesabe futhi singakhululeki, khona-ke masiphendukele kuJehova ngomthandazo nokunxusa. Masihlole eZwini lakhe nasenhlanganweni yakhe ukuze sithole isiqondiso, ukuhlakanipha nokuhluzeka kwengqondo. Siyothola ukuthi kungakhathaliseki isimo esingase sivele, lukhona usizo olutholakalayo lokubhekana naso.
Ezizwa ekhathazekile futhi ephazamisekile emoyeni, umhubi wahlabelela: “Yini ukuba udangale, mphefumulo wami, uyaluze phakathi kwami, na? Methembe uNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa yena oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.” (IHubo 42:11) Masibe nemizwa efanayo nathi.
Yebo, kuhlelele lokho okungase kube nengqondo ukukulindela, ukushiyele kuJehova okungase kwenzeke ngokungalindelekile. “[Phonsani] konke ukukhathazeka kwenu phezu kwakhe, ngoba uyanikhathalela.”—1 Petru 5:7.
[Isithombe ekhasini 23]
Ingabe uphonsa yonke imithwalo nokukhathazeka kwakho kuJehova njengoDavide?