UJehova Uyakuzwa Ukukhalela Kwethu Usizo
“Amehlo kaJehova akwabalungile, nezindlebe zakhe zisekukhaleleni kwabo usizo.”—IHU. 34:15.
1, 2. (a) Abantu abaningi bazizwa kanjani namuhla? (b) Kungani lokhu kungasimangazi?
INGABE ubhekene nokucindezeleka? Uma kunjalo, awuwedwa. Izigidi zizabalazela ukubhekana ngokuphumelelayo nezingcindezi zansuku zonke zokuphila kulesi simiso esibi sezinto. Kwabanye, cishe kubonakala kungaphezu kwamandla. Banomuzwa ofana kakhulu nowomhubi uDavide owabhala: “Ngibé ndikindiki futhi ngichotshozwe kwaze kwedlulela; ngibhongile ngenxa yokububula kwenhliziyo yami. Inhliziyo yami ishayé ngamandla, amandla ami angishiyile, nokukhanya kwamehlo ami akukho kimi.”—IHu. 38:8, 10.
2 NjengamaKristu, asimangali lapho sibhekana nezimo ezicindezelayo ekuphileni. Siyaqonda ukuthi ‘imihelo yokucindezeleka’ iyingxenye yesibonakaliso esabikezelwa sokuba khona kukaJesu. (Marku 13:8; Math. 24:3) Igama lolimi lokuqala elihunyushwe ngokuthi ‘imihelo yokucindezeleka’ libhekisela ebuhlungwini obukhulu bokubeletha. Yeka ukuthi libuchaza ngokunembe kanjani ubukhulu bokuhlupheka kwabantu kulezi zikhathi “ezibucayi,” noma ezimbi ‘okunzima kakhulu ukubhekana nazo’!—2 Thim. 3:1; Kingdom Interlinear.
UJehova Uyakuqonda Ukucindezeleka Kwethu
3. Yini abantu bakaNkulunkulu abayazi kahle?
3 Abantu bakaJehova bazi kahle ukuthi abagonyiwe emiphumeleni yalokhu kucindezeleka, futhi cishe izimo ezibuhlungu zizoqhubeka ziba zimbi nangokwengeziwe. Ngaphezu kwalokho isintu sisonke esibhekana nakho, thina njengezinceku zikaNkulunkulu sibhekene ‘nanesitha, uDeveli,’ esizimisele ukusiqeda ukholo. (1 Pet. 5:8) Yeka indlela okungaba lula ngayo ukuzizwa njengoDavide: “Isihlamba sephulé inhliziyo yami, leli nxeba alelapheki. Bengilokhu ngethemba ukuthi othile uzobonisa uzwela, kodwa akubanga khona noyedwa; futhi bengithemba ukuthi kuzoba khona abaduduzi, kodwa angitholanga noyedwa”!—IHu. 69:20.
4. Yini esiduduzayo lapho sibhekene nokucindezeleka?
4 Ingabe uDavide wayesho ukuthi wayengasenalo nhlobo ithemba? Cha. Phawula amanye amazwi akhe awasho kulelo hubo: “UJehova uyabalalela abampofu, impela ngeke azidelele iziboshwa zakhe,” okungukuthi abangabakhe ababoshiwe. (IHu. 69:33) Ngomqondo obanzi, ngezinye izikhathi singase sizizwe njengokungathi siboshwe ukucindezeleka noma ukuhlupheka kwethu. Kungase kubonakale sengathi abanye abasiqondi ngempela isimo sethu—futhi mhlawumbe kunjalo. Kodwa njengoDavide, singaduduzeka ngokwazi ukuthi uJehova ukuqonda ngokugcwele ukucindezeleka kwethu.—IHu. 34:15.
5. Yini iNkosi uSolomoni eyayiqiniseka ngayo?
5 USolomoni, indodana kaDavide, waliqokomisa leli qiniso lapho kunikezelwa ithempeli eJerusalema. (Funda eyesi-2 IziKronike 6:29-31.) Wanxusa uJehova ukuba ezwe umthandazo womuntu ngamunye onenhliziyo eqotho othandaza kuYe ngokuqondene ‘nenhlupho yakhe nobuhlungu bakhe.’ UNkulunkulu wayeyosabela kanjani emithandazweni yalaba bantu abacindezelekile? USolomoni wazwakalisa ukuqiniseka kwakhe ngokuthi uNkulunkulu wayengeke agcine ngokuyizwa imithandazo yabo, kodwa futhi wayeyothatha isinyathelo sokubasiza. Ngani? Ngoba ukwazi ngempela ‘okusenhliziyweni yabantwana babantu.’
6. Singabhekana kanjani ngokuphumelelayo nokukhathazeka, futhi ngani?
6 Nathi singathandaza kuJehova ngokuqondene ‘nenhlupho nobuhlungu bethu,’—izimo zethu ezisicindezelayo. Kufanele kusiduduze ukwazi ukuthi uyakuqonda ukucindezeleka kwethu nokuthi uyasikhathalela. Umphostoli uPetru wakuqinisekisa lokhu lapho ethi: ‘Phonsani zonke izinkathazo zenu phezu kwakhe, ngoba uyanikhathalela.’ (1 Pet. 5:7) Kunendaba kuJehova ukuthi sehlelwa yini. UJesu wakugcizelela ukusikhathalela kukaJehova ngothando, wathi: “Ondlunkulu ababili abathengiswa yini ngohlamvu lwemali lwenani elincane? Nokho ngeke kuwele phansi namunye wabo uYihlo angazi. Kodwa zona kanye izinwele zekhanda lenu zibaliwe zonke. Ngakho-ke ningesabi: Nina nibaluleke ukudlula ondlunkulu abaningi.”—Math. 10:29-31.
Ncika Osizweni LukaJehova
7. Ikuphi ukusekelwa esiqinisekiswa ngakho?
7 Singaqiniseka ngokuphelele ngokuthi uJehova uzimisele futhi uyakwazi ukusisiza lapho sibhekene nokucindezeleka. “Kithi uNkulunkulu uyisiphephelo namandla, usizo olutholakala ngokushesha ngesikhathi sokucindezeleka.” (IHu. 34:15-18; 46:1) UNkulunkulu ulunikeza kanjani lolo sizo? Cabangela lokho okushiwo eyoku-1 Korinte 10:13: “UNkulunkulu uthembekile, futhi ngeke akuvumele ukuba nilingwe ngokungaphezu kwalokho eningakuthwala, kodwa kanye naleso silingo uyokwenza nendlela yokuphuma ukuze nikwazi ukusikhuthazelela.” UJehova angaqondisa izinto ukuze asuse ukuhlupheka kwethu, noma angasinika amandla esiwadingayo ukuze sikukhuthazelele. Kunoma ikuphi, uyasisiza.
8. Singenzenjani ukuze sithole usizo lukaNkulunkulu?
8 Singenzenjani ukuze sithole lolo sizo? Phawula lokho eselulekwa ukuba sikwenze: ‘Phonsani zonke izinkathazo zenu phezu kwakhe.’ Ngomqondo ongokomfanekiso, lokhu kusho ukuthi sikushiyela kuJehova ukusingatha zonke izinkathazo nezinhlupheko zethu. Siyazama ukuyeka ukukhathazeka futhi ngokubekezela sithembele kuye ukuba anakekele izidingo zethu. (Math. 6:25-32) Lokho kumethemba kudinga ukuba sithobeke, singanciki emandleni noma ekuhlakanipheni kwethu. Ngokuzithoba “ngaphansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla,” sivuma ukuthi siphansi. (Funda eyoku-1 Petru 5:6.) Lokhu-ke kusisiza ukuba sibhekane ngokuphumelelayo nanoma yini uNkulunkulu ayivumelayo. Singase silangazelele impumuzo ngokushesha, kodwa siyamethemba uJehova ukuthi usazi ngokuthe ngqo isikhathi nendlela yokuthatha isinyathelo sokusisiza.—IHu. 54:7; Isaya 41:10.
9. Imuphi umthwalo okwadingeka ukuba uDavide awuphonse phezu kukaJehova?
9 Khumbula amazwi kaDavide akumaHubo 55:22: “Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova, yena uyokusekela. Akasoze avumele olungileyo antengantenge.” Lapho uDavide eloba lawo mazwi, wayecindezeleke kakhulu. (IHu. 55:4) Kuqondakala ukuthi leli hubo lalotshwa lapho indodana yakhe, u-Absalomu, yakha uzungu lokweba ubukhosi bakhe. Umeluleki kaDavide ayemethemba kakhulu, u-Ahithofeli, wahlanganyela kulolo zungu. Kwadingeka ukuba uDavide abaleke eJerusalema ukuze asindise ukuphila kwakhe. (2 Sam. 15:12-14) Ngisho nalapho ebhekene nalezo zimo ezicindezelayo, uDavide waqhubeka ethembele kuNkulunkulu, futhi akazange adumazeke.
10. Yini okumelwe siyenze lapho sibhekene nokucindezeleka?
10 Akuve kubalulekile ukwenza njengoDavide, sithandaze kuJehova ngokuphathelene nanoma ikuphi ukucindezeleka okungenzeka ukuthi sibhekene nakho. Masicabangele lokho umphostoli uPawulu asikhuthaza ukuba sikwenze kule ndaba. (Funda eyabaseFilipi 4:6, 7.) Yini eyoba umphumela walowo mthandazo oqotho? “Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda izinhliziyo [zethu] namandla [ethu] engqondo ngoKristu Jesu.”
11. “Ukuthula kukaNkulunkulu” kuzivikela kanjani izinhliziyo namandla ethu engqondo?
11 Ingabe ukuthandaza kuyosishintsha isimo sakho? Kungenzeka. Nokho, kufanele sazi ukuthi uJehova akayiphenduli njalo imithandazo yethu ngendlela thina esingathanda ngayo. Noma kunjalo, ukuthandaza kusisiza ukuba sihlale silinganisela engqondweni, ukuze ukucindezeleka kwethu kungasigabhi. “Ukuthula kukaNkulunkulu” kungasenza sizole lapho sikhungethwe imizwelo ecindezelayo. Njengebutho lamasosha elabelwe ukuvikela umuzi ekuhlaselweni izitha, “ukuthula kukaNkulunkulu” kuyovikela izinhliziyo zethu namandla ethu engqondo. Kuyosenza futhi sikwazi ukunqoba ukungabaza, ukwesaba nemicabango ephambene futhi kusivimbele ekwenzeni ngamawala nangobuwula.—IHu. 145:18.
12. Fanekisa indlela umuntu angaba ngayo nokuthula kwengqondo.
12 Singaba kanjani nokuthula kwengqondo lapho sibhekene nokucindezeleka? Cabanga ngomfanekiso ngandlela-thile ofanelana nesimo sethu. Isisebenzi singase siphathwe imenenja enokhahlo. Nokho, isisebenzi sinethuba lokuveza imizwa yaso kumnikazi wenkampani, ongumuntu onomusa nocabangelayo. Umnikazi wenkampani uqinisekisa isisebenzi ukuthi uyasiqonda isimo saso futhi asitshele ukuthi le menenja izogudluzwa maduze esikhundleni sayo. Lokho kusenza sizizwe kanjani isisebenzi? Ukukholelwa kulokho kuqinisekiswa nokwazi ukuthi yini esizokwenzeka kuyoqinisa ukuzimisela kwaso ukuqhubeka sisebenza ngisho noma kudingeka sibhekane nobunye ubunzima okwangaleso sikhathi. Ngokufanayo, siyazi ukuthi uJehova uyasiqonda isimo sethu, futhi uyasiqinisekisa ukuthi maduze “umbusi waleli zwe uzophonswa ngaphandle.” (Joh. 12:31) Yeka ukuthi kududuza kanjani lokho!
13. Ngaphezu kokuthandaza, ikuphi okunye okumelwe sikwenze?
13 Khona-ke, ingabe kwanele ukuba simane sitshele uJehova izinkinga zethu ngomthandazo? Cha. Kudingeka okwengeziwe. Kudingeka senze ngokuvumelana nemithandazo yethu. Lapho iNkosi uSawule ithumela amadoda emzini kaDavide ukuba ayombulala, uDavide wathandaza: “O Nkulunkulu wami, ngikhulule ezitheni zami; kwangathi ungangivikela kwabangivukelayo. Ngikhulule kwabakwenza umkhuba okulimazayo, ungisindise nakubantu abanecala legazi.” (IHu. 59:1, 2) Ngaphezu kokuthandaza, uDavide walalela umkakhe futhi wathatha isinyathelo esidingekayo ukuze aphunyuke. (1 Sam. 19:11, 12) Ngendlela efanayo, singathandazela ukuhlakanipha okusebenzayo okuyosisiza sibhekane futhi mhlawumbe sizenze ngcono izimo zethu ezicindezelayo.—Jak. 1:5.
Indlela Esingathola Ngayo Amandla Okukhuthazela
14. Yini engasisiza ukuba sikhuthazele lapho sibhekene nobunzima?
14 Ubunzima esibhekene nabo bungase bungasuswa masinyane. Bungase ngisho buqhubeke isikhathi esithile. Uma kuba njalo, yini eyosisiza ukuba sikhuthazele? Okokuqala, khumbula ukuthi lapho siqhubeka sikhonza uJehova ngokwethembeka naphezu kobunzima, sibonisa ukuthi siyamthanda. (IzE. 14:22) Khumbula nokumangalela uSathane akwenza ngokuqondene noJobe: “Ingabe uJobe ubeyokukhulekela ukube ebengatholi lutho ngokwenzenjalo? Ubulokhu umvikela yena nomkhaya wakhe nakho konke anakho. Ubusisa yonke into ayenzayo futhi umniké izinkomo ezingagcwala izwe lonke. Kodwa manje, ake sithi uthatha konke anakho—uyokuthuka ebusweni bakho!” (Jobe 1:9-11, Today’s English Version) Ngobuqotho bakhe, uJobe wabonisa ukuthi lokho kumangalelwa kwakungamanga aluhlaza cwe. Ngokukhuthazela lapho sibhekene nezimo ezicindezelayo, nathi sithola ithuba lokubonisa ukuthi uSathane ungumqambimanga. Ukukhuthazela kwethu kube sekuqinisa ithemba nokuqiniseka kwethu.—Jak. 1:4.
15. Iziphi izibonelo ezingasiqinisa?
15 Okwesibili, hlale ukhumbula ukuthi “izinto ezifanayo eziyizinhlupheko zehlela yonke inhlangano yabazalwane [bakho] ezweni.” (1 Pet. 5:9) Yebo, “asikho isilingo esinificile ngaphandle kwalokho okuvamile kubantu.” (1 Kor. 10:13) Ngakho-ke, ungathola amandla nesibindi ngokuzindla ngezibonelo zabanye kunokuba ugxile kobakho ubunzima. (1 Thes. 1:5-7; Heb. 12:1) Zinike isikhathi sokucabanga ngesibonelo sabantu obaziyo abaye bakhuthazela ngokwethembeka nalapho bebhekene nokucindezeleka okubuhlungu. Ukubhekile yini okuhlangenwe nakho okuye kwanyatheliswa ukuze uthole izindaba zalabo abaye badlula esimweni esicishe sifane nesakho? Zingase zikuqinise kakhulu.
16. UNkulunkulu usiqinisa kanjani lapho sibhekene nezilingo ezihlukahlukene?
16 Okwesithathu, khumbula ukuthi uJehova “[unguYise] wesihe noNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduza osizini lwethu lonke, ukuze sikwazi ukududuza labo abakunoma yiluphi uhlobo losizi ngenduduzo nathi ngokwethu esiduduzwa ngayo uNkulunkulu.” (2 Kor. 1:3, 4) Kunjengokungathi uNkulunkulu useceleni kwethu ukuze asikhuthaze futhi asiqinise, hhayi osizini esibhekene nalo kuphela, kodwa “osizini lwethu lonke.” Lokhu kube sekusenza sikwazi ukududuza abanye “abakunoma yiluphi uhlobo losizi.” UPawulu wazibonela mathupha ukuba iqiniso kwala mazwi.—2 Kor. 4:8, 9; 11:23-27.
17. IBhayibheli lingasisiza kanjani ukuba sibhekane nezingcindezi zokuphila?
17 Okwesine, sineZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, ‘elinenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu afaneleke ngokugcwele, ayihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.’ (2 Thim. 3:16, 17) IZwi likaNkulunkulu alimane lisenze ‘sifaneleke’ futhi ‘sihlomele yonke imisebenzi emihle.’ Lisenza sikwazi nokubhekana nezingcindezi zokuphila. Lisenza sibe ‘abafaneleka ngokugcwele’ futhi sibe ‘abahlome ngokuphelele.’ Igama elisetshenziswe olimini lokuqala elihunyushwe ngokuthi ‘abakuhlomele ngokuphelele’ ngokwezwi nezwi lisho ukuthi “abanikwe konke.” Leli gama kungenzeka ukuthi lalisetshenziswa ezikhathini zamandulo ngokuphathelene nomkhumbi ofakelwe yonke into edingekayo ohambweni noma ngokuphathelene nomshini owawukwazi ukwenza noma yini okulindeleke ukuba uyenze. Ngokufanayo, ngeZwi lakhe, uJehova usinikeza konke esikudingayo ukuze sisingathe noma isiphi isimo esingase sibhekane naso. Ngenxa yalokho, singasho ukuthi, “Uma uNkulunkulu ekuvumela, ngingabhekana nakho ngosizo lwakhe.”
Ukukhululwa Kukho Konke Ukucindezeleka Kwethu
18. Ukuhlale sikhumbula ini okuyosisiza ngokwengeziwe ukuba sikhuthazele ngokwethembeka?
18 Okwesihlanu, hlale ukhumbula iqiniso elimangalisayo lokuthi uJehova maduze uzokhulula isintu kukho konke ukucindezeleka. (IHu. 34:19; 37:9-11; 2 Pet. 2:9) Ekugcineni, ukukhululwa kwethu nguNkulunkulu akusho ukukhululwa ekucindezelekeni kwanamuhla kuphela, kodwa kusho nethuba lokuthola ukuphila okuphakade, kungaba semazulwini noJesu noma emhlabeni oyipharadesi.
19. Singakhuthazela kanjani ngokwethembeka?
19 Njengoba sisalindele leso sikhathi, siyaqhubeka sibhekana nezimo ezicindezelayo zaleli zwe elibi. Yeka ukuthi sisilangazelela kanjani isikhathi lapho lezi zinto ziyobe zingasekho! (IHu. 55:6-8) Masikhumbule ukuthi ukukhuthazela kwethu ngokwethembeka kubonisa uDeveli engumqambimanga. Kwangathi singathola amandla emithandazweni yethu nasebuzalwaneni bethu bobuKristu, sihlale sikhumbula ukuthi abafowethu babhekana nezilingo ezicishe zifane nezethu. Qhubeka ungumuntu ofaneleka ngokugcwele nohlome ngokuphelele ngokulisebenzisa ngokunenzuzo iZwi likaNkulunkulu. Ungalokothi uvumele ukuthembela kwakho ekukhathaleleni kothando ‘kukaNkulunkulu wenduduzo yonke’ kuntengantenge. Khumbula ukuthi “amehlo kaJehova akwabalungile, nezindlebe zakhe zisekukhaleleni kwabo usizo.”—IHu. 34:15.
Ungaphendula?
• UDavide wazizwa kanjani ngezimo ezicindezelayo abhekana nazo?
• Ikuphi ukuqiniseka iNkosi uSolomoni eyakuzwakalisa?
• Yini engasisiza ukuba sibhekane ngokuphumelelayo nalokho uJehova akuvumelayo?
[Isithombe ekhasini 13]
USolomoni wayeqiniseka ukuthi uJehova wayeyobasiza abantu baKhe abacindezelekile
[Isithombe ekhasini 15]
UDavide waphonsa umthwalo wakhe kuJehova ngomthandazo wabe esenza ngokuvumelana nalokho ayekuthandazele