Ungazithola Ezokuzijabulisa Ezakhayo
IBHAYIBHELI alimelene nezokuzijabulisa, futhi alisho ukuthi ukujabulela ukuzilibazisa kuwukuchitha isikhathi. Ngokuphambene, umShumayeli 3:4 uthi ‘kunesikhathi sokuhleka nesikhathi sokusina.’a Abantu bakaNkulunkulu kwa-Israyeli wasendulo babejabulela izinhlobo ezihlukahlukene zokuzijabulisa, kuhlanganise nomculo, ukudansa nemidlalo. UJesu ngokwakhe waya edilini lomshado elikhulu, futhi ngesinye isikhathi, waya ‘edilini elikhulu lokwamukela.’ (Luka 5:29; Johane 2:1, 2) Ngakho iBhayibheli alimelene nokuba nesikhathi sokuzijabulisa.
Nokho, njengoba ezokuzijabulisa eziningi namuhla zidumisa ukuziphatha okungamjabulisi uNkulunkulu, kuphakama umbuzo, Yini ongayenza ukuze uqiniseke ukuthi izindinganiso zakho zokukhetha ezokuzijabulisa zihlala zingezakhayo?
Khetha
Ekukhetheni indlela yokuzijabulisa, amaKristu ayofuna ukuqondiswa izimiso zeBhayibheli. Ngokwesibonelo, umhubi uDavide wabhala: “UJehova uyamhlola olungileyo; kepha omubi nothanda ubudlwangudlwangu umphefumulo wakhe uyamzonda.” (IHubo 11:5) Futhi uPawulu wabhalela abaseKolose: “Ngakho-ke, bulalani amalungu emizimba yenu asemhlabeni ngokuqondene nobufebe, ukungahlanzeki, isifiso sobulili, isifiso esilimazayo, nokukhanuka . . . Kulahleleni kude . . . nani konke, ulaka, intukuthelo, ububi, inkulumo echaphayo, nokukhuluma okuyichilo.”—Kolose 3:5, 8.
Ezokuzijabulisa eziningi ezikhona namuhla ngokusobala azihambisani nalesi seluleko esiphefumulelwe. Abanye bangase baphikise, ‘Kodwa angisoze ngenze izinto engizibona ebhayisikobho.’ Kungase kube njalo. Kodwa ngisho noma indlela ozijabulisa ngayo ingabonisi uhlobo lomuntu ozoba yilo, ingase iveze okuthile ngohlobo lomuntu oyilo kakade. Ngokwesibonelo, ingase ibonise ukuthi uphakathi kwalabo ‘abathanda ubudlwangudlwangu’ noma ababanjwe ‘ubufebe, isifiso sobulili, ukukhanuka nenkulumo eyichilo’ noma uphakathi kwalabo ‘abakuzonda ngempela okubi.’—IHubo 97:10.
UPawulu wabhalela abaseFilipi: “Noma iziphi izinto eziyiqiniso, noma iziphi izinto ezinokubaluleka okungathi sína, noma iziphi izinto ezilungileyo, noma iziphi izinto ezimsulwa, noma iziphi izinto ezithandekayo, noma iziphi izinto okukhulunywa kahle ngazo, noma yibuphi ubuhle obukhona nanoma yini ekhona ekufanelekelayo ukudunyiswa, qhubekani nicabanga ngalezizinto.”—Filipi 4:8.
Kodwa ingabe lombhalo usho ukuthi noma yiyiphi ibhayisikobho, incwadi, noma uhlelo lwe-TV olunecebo elithile elingalungile, mhlawumbe ubugebengu, luvele lube lubi ngokuzenzekelayo? Noma ingabe yonke imidlalo yamahlaya ayifaneleki ngoba ayizona “izinto ezinokubaluleka okungathi sína”? Cha, ngoba umongo ubonisa ukuthi uPawulu wayengakhulumi ngezokuzijabulisa kodwa wayekhuluma ngezizindlo zenhliziyo, okufanele zigxile ezintweni ezijabulisa uJehova. (IHubo 19:14) Nokho, lokho uPawulu akusho kungasisiza lapho kuziwa endabeni yokukhetha ezokuzijabulisa. Sisebenzisa isimiso esikweyabaseFilipi 4:8, singazibuza, ‘Ingabe uhlobo lwami lwezokuzijabulisa lungenza ngizindle ngezinto ezingemsulwa?’ Uma kunjalo, khona-ke kudingeka senze ushintsho.
Nokho, lapho ehlaziya ezokuzijabulisa, amaKristu kufanele enze ‘ukuba nengqondo kwawo kwaziwe yibo bonke abantu.’ (Filipi 4:5) Ngokusobala, kukhona ezokuzijabulisa ezeqisayo ezingawafanele neze amaKristu eqiniso. Ngaphandle kwalokho, umuntu ngamunye kufanele ahlaziye izinto ngokucophelela abese enza izinqumo eziyomshiya enonembeza omsulwa phambi kukaNkulunkulu nakubantu. (1 Korinte 10:31-33; 1 Petru 3:21) Bekuyoba okungafanelekile ukwahlulela abanye ezindabeni ezincane noma ukubeka imithetho yobushiqela enqumela abanye lokho okufanele bakwenze.b—Roma 14:4; 1 Korinte 4:6.
Indima Yabazali
Abazali banendima ebalulekile endabeni yezokuzijabulisa. UPawulu wabhala: “Ngokuqinisekile uma noma ubani engabondli abakubo siqu, futhi ikakhulukazi labo abangamalungu endlu yakhe, uluphikile ukholo futhi mubi kakhulu kunomuntu ongenalo ukholo.” (1 Thimothewu 5:8) Ngakho, abazali abanasibopho sokondla amalungu omkhaya wabo ngokomzimba kuphela kodwa futhi nangokomoya nangokomzwelo. Lokhu kungahlanganisa ukulungiselela isikhathi sokuzilibazisa esakhayo.—IzAga 24:27.
Ngezinye izikhathi lesi sici sokuphila komkhaya siyadebeselelwa. “Ngeshwa,” kusho isithunywa sevangeli esithile eNigeria, “abanye abazali babheka ukuzilibazisa njengento echitha isikhathi. Ngenxa yalokho, ezinye izingane zizenzela ezikuthandayo, bese zithola abangane ababi nohlobo olubi lokuzijabulisa.” Bazali, ningakuvumeli lokhu! Qikelelani ukuthi izingane zenu zizilibazisa ngendlela eyakhayo ezinikeza ukuqabuleka ngempela.
Kodwa ukuqapha kuyadingeka. AmaKristu akufanele afane nabaningi namuhla ‘abangabathandi bezinjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu.’ (2 Thimothewu 3:1-4) Yebo, ezokuzijabulisa kufanele zigcinwe endaweni yazo. Kufanele zilethe ukuqabuleka—hhayi ukuba zibuse ukuphila komuntu. Ngakho izingane kanye nabantu abadala abadingi kuphela uhlobo lwezokuzijabulisa olufanele kodwa futhi badinga nesilinganiso esifanele.—Efesu 5:15, 16.
Jabulela Nezinye Izinto
Ezokuzijabulisa eziningi ezithandwayo zifundisa abantu ukuba bangenzi lutho kunokuba benze okuthile. Ngokwesibonelo, cabangela ithelevishini. Incwadi ethi What to Do After You Turn Off the TV iyaphawula: “Yona kanye indlela eyakhiwe ngayo [ithelevishini] isifundisa ukuba singenzi lutho: Ezokuzijabulisa, ngisho nokufunda, kuba ngokuthile esikuthola kalula, hhayi ngekhono esinalo lokwenza izinto.” Yiqiniso, sikhona nesikhathi sokuzijabulisa ngokungenzi lutho. Kodwa uma sithatha ingxenye enkulu yesikhathi umuntu akhululeke ngaso, simncisha amathuba ajabulisayo.
Umlobi uJerry Mander, othi “uyilungu lesizukulwane sangaphambi kwe-TV,” uchaza izikhathi ezithile zokuba nesithukuthezi ezazimkhathaza ngesikhathi esemncane: “Ukukhathazeka kwakuhambisana nakho,” esho. “Kwakungajabulisi neze, kungajabulisi kangangokuba ekugcineni nganginquma ukuthatha isinyathelo—ngenze okuthile. Ngangishayela umngane ucingo, ngishaywe umoya. Ngangihamba ngiyodlala ibhola. Ngangifunda. Ngangenza okuthile. Lapho ngibheka emuva, ngibheka leso sikhathi sokuba nesithukuthezi, ‘sokungenzi lutho,’ njengomthombo wekhono lokusungula izinto.” UMander uphawula ukuthi namuhla izingane zisebenzisa i-TV njengekhambi elisheshayo lokuqeda isithukuthezi. Uyanezela: “I-TV iqeda kokubili ukukhathazeka nekhono lokusungula izinto elingase libe khona.”
Ngakho, abaningi baye baqaphela ukuthi imisebenzi edinga ukuba babe nengxenye kunokuba bangenzi lutho ingaba evuzayo kunalokho akade bekucabanga. Abanye baye bathola ukuthi ukufunda ngokuzwakalayo kanye nabanye kuwumthombo wenjabulo. Abanye baphishekela imisebenzi yokuzilibazisa, njengokudlala insimbi yomculo noma ukudweba umfanekiso. Futhi-ke kunamathuba okuhlela imibuthano eyakhayo.c (Luka 14:12-14) Ukuzilibazisa ngokushaywa umoya nakho kunezinzuzo. Umlobeli we-Phaphama! eSweden uyabika: “Eminye imikhaya iyahamba iyokanisa ndawana-thile noma iyodoba noma ishaywe umoya ehlathini, ihambe ngezikebhe ezigwedlwayo, iqombole izintaba, njalonjalo. Intsha iyakujabulela lokho.”
Ukuba khona kwezici ezonakalisayo kwezokuzijabulisa akufanele kusethuse. Umphostoli uPawulu wabhala ukuthi abantu bezizwe ‘bahamba ekungabini nambuyiselo kwezingqondo zabo.’ (Efesu 4:17) Ngakho-ke, kungokulindelekile ukuthi lokho abakuthola kujabulisa kuyokwanelisa “imisebenzi yenyama.” (Galathiya 5:19-21) Nokho, amaKristu angaziqeqesha ukuba enze izinqumo ezihluzekile ngokuqondene nezinga nesilinganiso sokuzijabulisa kwawo. Angase futhi azilibazise ndawonye njengomkhaya futhi angazama ngisho nezinto ezintsha ezingawanikeza ukuqabuleka futhi eziyohlala zikhumbuleka eminyakeni eminingi ezayo. Yebo, ungazithola ezokuzijabulisa ezakhayo!
[Imibhalo yaphansi]
a Ezinye izindlela igama lesiHeberu elihunyushwe ngokuthi “ukuhleka” elingahunyushwa ngazo ukuthi “ukudlala,” “ukujabulisa,” “ukugubha umkhosi,” noma “ukujabula.”
b Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka umagazini i-Phaphama! ka-September 22, 1978, amakhasi 12-17 noka-December 8, 1995, amakhasi 6-8.
c Ukuze uthole iziqondiso ezingokomBhalo ngemibuthano yokuzijabulisa, bheka INqabayokulinda ka-August 15, 1992, amakhasi 15-20, neka-October 1, 1996, amakhasi 18-19.
[Izithombe ekhasini 9]
Ukuzilibazisa okwakhayo kungaba okuvuzayo