Ubungayicima Yini Intambo Elokozayo?
UJESU KRISTU wamemezela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kuzo zonke izinhlobo zabantu. Abaningi babo babecindezelekile, bedangele. Kodwa uJesu wabanikeza isigijimi esikhuthazayo. Wayenobubele kubantu abahluphekayo.
Umlobi weVangeli uMathewu waqokomisa ububele bukaJesu ngokudonsela ukunakekela esiprofethweni esalotshwa u-Isaya. Ecaphuna amazwi agcwaliswa uKristu, uMathewu wabhala: “Akukho mhlanga olimele ayowuchoboza, futhi akukho ntambo yefilakisi elokozayo ayoyicima, kuze kube yilapho ethumela ubulungisa ngokuphumelelayo.” (Mathewu 12:20; Isaya 42:3) Asho ukuthini lamazwi, futhi uJesu wasigcwalisa kanjani lesi siprofetho?
Ukubheka Isiprofetho
Umhlanga ngokuvamile umila endaweni enamanzi futhi awusona isitshalo esiqinile nesigxilile. ‘Umhlanga olimele’ ubungaba buthakathaka ngempela. Ngakho-ke ubonakala umelela abantu abacindezelekile noma abahluphekayo njengendoda eyayinesandla esishwabene eyaphulukiswa uJesu ngeSabatha. (Mathewu 12:10-14) Kodwa kuthiwani ngokubhekisela entanjeni yesibani okungokwesiprofetho?
Isibani sasekhaya esivamile sekhulu lokuqala C.E. sasiyisitsha sobumba esincane esifana nesamanzi esinesibambo esiyinkintsho. Ngokuvamile lesi sibani sasithelwa amafutha omnqumo. Intambo eyenziwe ngefilakisi yayimunca amafutha akhuphuke eze elangabini. Njengokulindelekile, ‘intambo elokozayo’ kwakungaba ileyo esizocima.
UJesu wamemezela isigijimi sakhe esiduduzayo kwabaningi ababenjengomhlanga olimele ngomqondo ongokomfanekiso, begobile futhi bedukluzekile. Laba bantu futhi babefana nentambo yefilakisi elokozayo ngoba inhlansi yabo yokuphila yokugcina yayisicishe icime. Babecindezelekile futhi bedangele ngempela. Nokho, uJesu akazange achoboze umhlanga olimele ongokomfanekiso noma acishe intambo elokozayo engokomfanekiso. Amazwi akhe othando, isisa, nobubele awazange anezele ekudumazekeni nasekucindezelekeni kwabantu abahluphekayo. Kunalokho, amazwi akhe nokusebenzelana kwakhe nabo kwakubavuselela.—Mathewu 11:28-30.
Nanamuhla, abaningi badinga ububele nesikhuthazo ngoba babhekene nezinkinga ezithena amandla. Ngisho nezinceku zikaJehova azizona izinsika ezinamandla ngaso sonke isikhathi. Ngezinye izikhathi ezinye zifana nentambo elokozayo. Ngakho-ke amaKristu kufanele abe akhuthazayo—avuthele ilangabi, ngomqondo ongokomfanekiso—kanjalo aqinisane.—Luka 22:32; IzEnzo 11:23.
NjengamaKristu sifuna ukuba abakhayo. Ngeke ngamabomu sizame ukwenza buthaka noma ubani ofuna usizo olungokomoya. Empeleni, sifisa ukulingisa isibonelo sikaJesu ekuqiniseni abanye. (Heberu 12:1-3; 1 Petru 2:21) Iqiniso lokuthi singaqaphele singase sichoboze noma ubani obheka kithi ukuze athole isikhuthazo liyisizathu esihle sokucabangisisa indlela esisebenzelana ngayo nabanye. Ngokuqinisekile asifuni ‘ukucima intambo elokozayo.’ Yiziphi iziqondiso ezingokomBhalo ezingasisiza kulokhu?
Imiphumela Yokugxeka
Uma umKristu ‘ethatha isinyathelo okungesona, labo abanezimfanelo ezingokomoya kufanele bazame ukumlungisa ngomoya wobumnene umuntu onjalo.’ (Galathiya 6:1) Nokho, kungaba okufanele yini ukufuna ukushiyeka kwabanye bese usebenzisa wonke amathuba ukuze ubalungise? Noma ingabe kungaba okulungile ukubacindezela ukuba benze kangcono ngokusikisela ukuthi imizamo yabo yamanje ayanele, mhlawumbe ubabangele ukuba babe nemizwa yecala? Abukho ubufakazi bokuthi uJesu wenza noma yini efana naleyo. Nakuba inhloso yethu iwukusiza abanye ukuba bathuthuke, labo abathola ukugxekwa okungenamusa bangase bazizwe benziwe buthaka kunokuba bazizwe beqinisiwe. Ngisho nokugxeka okwakhayo kungaba okudumazayo ngempela uma kwenziwa ngokweqile. Uma imizamo engcono kakhulu yomKristu oqotho ihlangabezana nokungamukelwa kuphela, angase adikibale athi, ‘Ngizihluphelani?’ Ngempela, angase ayeke ngokuphelele.
Nakuba ukunikeza isiyalo esingokomBhalo kubalulekile, akufanele kube isona sici abadala abamisiwe noma abanye ebandleni abaphawuleka ngaso. Imihlangano yobuKristu ayiqhutshwa ngokuyinhloko ngenjongo yokunikeza nokwamukela iseluleko. Kunalokho, sihlangana ndawonye njalo ukuze sakhane futhi sikhuthazane ukuze sonke sijabulele ubudlelwane nenkonzo yethu engcwele kuNkulunkulu. (Roma 1:11, 12; Heberu 10:24, 25) Yeka ukuthi kuhle kanjani lapho sihlukanisa phakathi kokushiyeka okungathi sína nokungapheleli okuwukuhlakanipha nokuwukuba nothando ukungakunaki!—UmShumayeli 3:1, 7; Kolose 3:13.
Abantu basabela ngokushesha ngokwengeziwe lapho bekhuthazwa kunalapho begxekwa. Eqinisweni, lapho abanye abantu beba nomuzwa wokuthi bagxekwa ngokungafanele, bangase banamathele kakhulu ekuziphatheni okugxekwayo! Kodwa lapho betuswa ngokufanele, bayasimama, futhi bashukumiseleke ekubeni bathuthuke. (IzAga 12:18) Ngakho-ke njengoJesu, masibe abakhuthazayo futhi ‘singayicimi intambo elokozayo’ nanini.
Kuthiwani Ngokuqhathanisa?
Ukuzwa okuhlangenwe nakho okuhle kwamanye amaKristu kungaba okushukumisa kakhulu. UJesu ngokwakhe wajabula lapho ezwa ngempumelelo yabafundi bakhe ekushumayeleni isigijimi soMbuso. (Luka 10:17-21) Ngokufanayo, lapho sizwa ngempumelelo, isibonelo esihle, noma ubuqotho babanye okholweni, siyakhuthazeka futhi sizizwe sizimisele ngokwengeziwe ukunamathela enkambweni yethu yobuKristu.
Nokho, kuthiwani uma umbiko unikezwe ngendlela esikisela ukuthi, ‘Anenzi kahle njengalamaKristu, futhi kufanele ngabe nenza kangcono kakhulu kunalokhu enikwenzayo’? Ingabe olalele uyoqala isimiso sokuzikhandla ukuze athuthuke? Cishe uyodumala futhi mhlawumbe ayeke, ikakhulukazi uma ukuqhathanisa kwenziwa noma kusikiselwa izikhathi eziningi. Lokhu kungafana nomzali obuza ingane yakhe ukuthi, ‘Kungani ungabi njengomfowenu?’ Amazwi anjalo angase abangele ukucasuka nokudumazeka, kodwa cishe ngeke akhuthaze ukuziphatha okungcono. Ukuqhathanisa kungase kube nomphumela ofanayo kubantu abadala, kubenze ngisho nokuba bazizwe bebacasukela ngandlela-thile labo abaqhathaniswa nabo.
Asinakulindela ukuba bonke benze okulinganayo enkonzweni kaNkulunkulu. Komunye wemifanekiso kaJesu, inkosi ethile yanikeza izigqila zayo italenta lesiliva esinye elilodwa, esinye amabili, nesinye amahlanu. Lamatalenta anikezwa isigqila “ngasinye ngokwamandla aso siqu.” Izigqila ezimbili ezahweba ngokuhlakanipha futhi zandisa amatalenta azo zatuswa ngoba zazikholekile, nakuba umsebenzi wazo waveza imiphumela engafani.—Mathewu 25:14-30.
Umphostoli uPawulu wabhala ngokufanelekile: “Yilowo nalowo makahlole umsebenzi wakhe siqu, khona-ke uyoba nesizathu sokwethaba ngokuqondene naye yedwa, hhayi ngokuziqhathanisa nomunye umuntu.” (Galathiya 6:4) Khona-ke, ukuze sibe abakhuthazayo ngempela kwabanye, kufanele sizame ukugwema ukuqhathanisa okungakhi.
Ezinye Izindlela Zokwakha
Yini esingayenza ukuze sakhe abadangele futhi sigweme ‘ukucima intambo elokozayo’? Ukunikeza isikhuthazo akuyona indaba yokulandela isimiso esithile esikhethekile. Nokho, cishe amazwi ethu ayobakha abanye uma sisebenzisa izimiso zeBhayibheli. Yiziphi ezinye zalezi?
Yiba ngothobekile. KweyabaseFilipi 2:3, uPawulu wasikhuthaza ukuba ‘singenzi lutho ngokubanga noma ngokuzazisa.’ Kunalokho, kufanele sikhulume futhi senze ngokuthobeka. ‘Ngokuthobeka kwengqondo kufanele sibheke abanye njengabaphakeme kunathi.’ UPawulu akazange athi kufanele sizibheke njengabangelutho. Nokho, kufanele siqaphele ukuthi umuntu ngamunye uphakeme kunathi ngandlela-thile. Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “abaphakeme” lapha lisikisela ukuthi umuntu “ususa amehlo akhe emalungelweni akhe siqu, futhi ngokuzimisela acabange ngeziphiwo zomunye amkhulu ngazo.” (New Testament Word Studies, kaJohn Albert Bengel, Umqulu 2, ikhasi 432) Uma senza lokhu futhi sibheka abanye njengabaphakeme, siyosebenzelana nabo ngendlela enokuthobeka.
Bonisa inhlonipho. Ngokukhuluma ngobuqotho, singakwenza kucace ukuthi siyabethemba esikholwa nabo abakholekile, sibabheka njengabantu abafisa ukujabulisa uNkulunkulu. Kodwa ake sithi badinga usizo olungokomoya. Khona-ke masinikeze usizo ngendlela enenhlonipho, nenesizotha. UPawulu wakubeka ngalendlela: “Ekubonisaneni udumo nihole.”—Roma 12:10.
Yiba yisilaleli esihle. Yebo, ukuze sikhuthaze labo okungenzeka babhekene nezinkinga ezidumazayo, kudingeka sibe izilaleli ezinhle, hhayi abashumayeli. Kunokuba sinikeze ukusikisela okusheshayo, okukha phezulu, masizinikeze isikhathi esidingekile sokunikeza iziqondiso ezingokomBhalo ezihlangabezana ngempela nezidingo ezikhona. Uma singakwazi okufanele sikusho, ukucwaninga eBhayibhelini kuyosisiza ukuba sikhulume ngendlela eduduzayo futhi siqinise abanye.
Yiba nothando. Kudingeka sibathande labo esifuna ukubakhuthaza. Lapho silubonisa ezincekwini zikaJehova esikanye nazo, uthando lwethu kufanele ludlulele ngalé kokumane senze izinto ezibazuzisayo. Kufanele luhilele umuzwa ojulile. Uma sinothando olunjalo ngabo bonke abantu bakaJehova, amazwi ethu ayoba yisikhuthazo sangempela kubo. Ngisho noma kudingeka sinikeze ukusikisela kokuthuthukisa, cishe ngeke esikushoyo kuqondwe kabi noma kubangele ukulimala lapho isisusa sethu singekhona ukumane siveze iphuzu kodwa siwukunikeza usizo olunothando. Njengoba nje uPawulu asho ngokufanele, “uthando luyakha.”—1 Korinte 8:1; Filipi 2:4; 1 Petru 1:22.
Yiba Ngowakhayo Ngaso Sonke Isikhathi
Kulezi ‘zinsuku zokugcina’ ezibucayi, abantu bakaJehova babhekana nokulingwa okuningi. (2 Thimothewu 3:1-5) Akumangalisi ukuthi ngezinye izikhathi bahlupheka kuze kubonakale sengathi sekufike ekugcineni kokukhuthazela kwabo. Njengezinceku zikaJehova, ngokuqinisekile ngeke sifune ukukhuluma noma ukwenza izinto ezingase zibangele noma imuphi kwesikhulekela nabo ukuba azizwe njengentambo elokozayo esizocima.
Khona-ke, yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba sikhuthazane! Masenze wonke umzamo wokuba sibe abakhayo ngokuba abathobekile nabanenhlonipho kubakhulekeli abadangele esikanye nabo. Kwangathi singalalela ngokucophelela lapho bethulula isifuba sabo kithi futhi ngaso sonke isikhathi sifune ukubasiza ngokuqondisa ukunakekela eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. Ngaphezu kwakho konke, masibonise uthando, ngoba lesi sithelo somoya kaJehova ongcwele siyosisiza ukuba siqinisane. Kwangathi singelokothe sikhulume noma senze nganoma iyiphi indlela engase ‘icime intambo elokozayo.’