Ungavumeli Ikhono Lakho Libe Ubuthakathaka Bakho
Njengoba wawunamagumbi angu-16 angangeni manzi engxenyeni engaphandle yawo, umkhumbi wokunethezeka i-Titanic wawubhekwa njengongenakucwila. Ohambweni lwawo lokuqala ngo-1912, wawunezikebhe zokusindisa ukuphila ezithi azibe ingxenye yalezo ezidingekayo. Lo mkhumbi washayisa inguzunga yeqhwa futhi wacwila, kwafa abantu abangaphezu kuka-1 500.
INKOSI eyesaba uNkulunkulu yaseJerusalema lasendulo, u-Uziya, yayingumkhuzi wempi okhaliphile. Ngosizo lukaJehova, yanqoba izitha zayo zilandelana. “Igama [lika-Uziya] laphumela ekudeni, ngokuba wasizwa ngokumangalisayo waze waba namandla.” Kodwa “inhliziyo yakhe yazikhukhumeza . . . waphambuka kuJehova uNkulunkulu wakhe.” Ngenxa yokuzikhukhumeza kuka-Uziya, washaywa ngochoko.—2 IziKronike 26:15-21; IzAga 16:18.
Lokhu kulandisa okubili kusifundisa ukuthi amakhono, uma engahambisani nokuhlakanipha, ukulinganisela nokuzithoba, angaba kalula ubuthakathaka noma isikhubekiso. Lokhu kuyasangulukisa, ngoba ngandlela-thile, sonke sinamakhono athile, noma iziphiwo, futhi sifuna abe inzuzo nomthombo wenjabulo kithi nakwabanye, ikakhulukazi kuMdali wethu. Ngempela, kudingeka sisisebenzise ngokugcwele noma isiphi isiphiwo sikaNkulunkulu esingase sibe naso kodwa ngesikhathi esifanayo sisiqondise ngendlela yokuthi siqhubeke siwusizo.
Ngokwesibonelo, umuntu othanda umsebenzi wakhe angase asiphendule kalula lesi siphiwo sibe ubuthakathaka ngokuba umlutha womsebenzi. Umuntu oqaphile angase angakhohliseki kalula, kodwa angase abe oqaphe kangangokuba angasakwazi ukwenza izinqumo. Ukusebenza kahle nakho kuyimfanelo enhle, kodwa uma kweqiswa kangangokuthi kuze kunganakwa izici zobuntu, kungase kuphumele esimweni esishubile nesingavumelani nezimo, esenza kungabi nenjabulo. Ngakho ake ucabange isikhashana ngawakho amakhono. Ingabe uwaqondisa ngokufanele? Ingabe ayisibusiso kwabanye? Ngaphezu kwakho konke, ingabe uwasebenzisela ukudumisa uJehova, uMthombo wazo “zonke izipho ezinhle”? (Jakobe 1:17) Ukuze sicabangele lokhu, ake sihlole ezinye izibonelo ezimbalwa zamakhono angaphenduka ubuthakathaka, ngisho nesikhubekiso, uma engaqashelwe.
Wasebenzise Ngokuhlakanipha Amakhono Angokwengqondo
Ingqondo ekhaliphile ngokuqinisekile iyinzuzo. Nokho, ingaba ubuthakathaka uma isenza sizethembe ngokweqile noma sizazise, ikakhulukazi lapho abanye besincoma ngokweqile noma besithopha. Noma singase sibe nombono wokuzuza ukuhlakanipha kwengqondo kuphela eZwini likaNkulunkulu nasezincwadi zokutadisha ezisekelwe eBhayibhelini.
Ukuzethemba ngokweqile kungase kubonakale ngezindlela eziningi. Ngokwesibonelo, lapho othile okhaliphile ethola inkulumo ebandleni lobuKristu, mhlawumbe inkulumo yeningi noma yaseSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, angase angalungiseleli kuze kube umzuzu wokugcina, mhlawumbe angaceli ngisho nesibusiso sikaJehova ngomthandazo. Kunalokho, uthembela olwazini analo nasekhonweni lakhe lokucabanga ngesikhathi ebeka inkulumo. Ikhono lakhe elingokwemvelo lingase likufihle okwesikhashana ukudebesela kwakhe, kodwa ngaphandle kwesibusiso sikaJehova, intuthuko yakhe engokomoya iyokwehla, mhlawumbe angabe esathuthuka nhlobo. Yeka ukusetshenziswa kabi kwesiphiwo esihle!—IzAga 3:5, 6; Jakobe 3:1.
Othile okhaliphile angase aqale ukubheka iBhayibheli nezinsiza-kufundisa zeBhayibheli ngombono wokuzuza ukuhlakanipha kwengqondo kuphela. Nokho, ulwazi olunjalo lumane nje “luyakhukhumeza” noma lwenze umuntu azazise, akhukhumale njengebhaluni; ‘alwakhi’ ubuhlobo bobuKristu obunothando. (1 Korinte 8:1; Galathiya 5:26) Ngakolunye uhlangothi, umuntu ongokomoya, kungakhathaliseki ukuthi unamakhono angakanani ngokwengqondo, uyathandaza njalo acele umoya kaNkulunkulu futhi uthembela kuwo. Ikhono lakhe liba wusizo nakakhulu njengoba eqhubeka eba nothando, ukuthobeka, ulwazi nokuhlakanipha—ngendlela elingana kahle.—Kolose 1:9, 10.
Ikhono liyoba ubuthakathaka nalapho sizazisa ngenxa yalo, sibonisa ukuntula ukulinganisela. Umuntu onesiphiwo—nanoma yibaphi abamkhulekelayo [abamazisa ngokweqile]—bangase bakhohlwe ukuthi uJehova “akanaki abazishaya izihlakaniphi ngenhliziyo” kungakhathaliseki ukuthi banesiphiwo esingakanani. (Jobe 37:24) IZwi likaNkulunkulu lithi: “Kwabathobekileyo kukhona ukuhlakanipha.” (IzAga 11:2) Nakuba umphostoli uPawulu ayekhaliphe kakhulu futhi efundile, wathi kwabaseKorinte: “Nami, lapho ngifika kini bafowethu, angifikanga nokubukisa ngenkulumo noma ngokuhlakanipha . . . Ngafika kini ngobuthakathaka nokwesaba nangokuthuthumela okukhulu; nenkulumo yami nalokho engakushumayela kwakungengamazwi okuhlakanipha athonyayo kodwa kwakungokuboniswa komoya namandla, ukuze ukholo lwenu lungabi sekuhlakanipheni kwabantu, kodwa lube semandleni kaNkulunkulu.”—1 Korinte 2:1-5.
Umuntu ohlakaniphe ngempela akakhohliswa indlela izwe elikubheka ngayo ukuhlakanipha nendlela elichaza ngayo impumelelo. Ngakho, kunokuba asebenzise amakhono akhe ekuzuzeni ukwamukelwa abantu noma ukuqongelela ingcebo yezwe, unikela konke anganikela ngakho kuLowo owamnika ukuphila namakhono anawo. (1 Johane 2:15-17) Ukuze enze lokhu, ugcina izithakazelo zoMbuso ziza kuqala ekuphileni kwakhe, eba “njengomuthi [othelayo] otshaliwe ngasemifuleni yamanzi.” Ngenxa yesibusiso sikaJehova, hhayi amatalenta akhe angokwemvelo, “konke akwenzayo uyakuba nenhlanhla kukho.”—IHubo 1:1-3; Mathewu 6:33.
Vumela UbuKristu Buthuthukise Ikhono Lakho
UbuKristu ngokwabo bufundisa amakhono kangangokuthi amafilosofi ezwe awalutho uma eqhathaniswa nabo. Ngokwesibonelo, indlela yokuphila yobuKristu yenza abantu babe abayeni namakhosikazi angcono kakhulu, omakhelwane abangcono kakhulu nabaqashwa abangcono kakhulu—baba abantu abathembekile, abahloniphayo, abanokuthula nabakhuthele. (Kolose 3:18-23) Ngaphezu kwalokho, ukuqeqesha kobuKristu ekukhulumeni nasekufundiseni kwakha amakhono amahle okukhulumisana nabanye. (1 Thimothewu 4:13-15) Ngakho-ke, akumangalisi ukuthi abaqashi bavame ukufuna ukunikeza amaKristu imithwalo yemfanelo eyengeziwe nokubakhuphulela ezikhundleni eziphezulu. Kodwa amakhono anjalo nawo angase asetshenziswe ngokungafanele uma engaqashelisisiwe. Ukukhushulelwa esikhundleni esiphezulu noma umsebenzi olingayo othenjiswa wona cishe kungase kusho ukuzinikezela enkampanini, uvame ukulahlekelwa imihlangano yobuKristu, noma udele isikhathi esibalulekile sokuba nomkhaya wakho.
E-Australia umdala ongumKristu onomkhaya, owayengusomabhizinisi ophumelela kakhulu, wayenamathuba amahle ayemvulekele. Nokho wasenqaba isilingo sokuphumelela kulesi simiso. Uthi: “Ngangifuna ukuchitha isikhathi esengeziwe nomkhaya wami nasenkonzweni yobuKristu. Ngakho mina nomkami savumelana ngokuthi ngizonciphisa isikhathi engisichitha emsebenzini wami wokuziphilisa. Kungani kufanele ngisebenze izinsuku ezinhlanu ngesonto uma kungadingekile?” Ngokwenza ushintsho olucatshangelwe kahle ezintweni ezimbalwa ekuphileni kwakhe, lo mdala wathola ukuthi usengakwazi ukunakekela umkhaya wakhe ngokusebenza izinsuku ezintathu noma ezine ngesonto. Ngokuhamba kwesikhathi, wacelwa ukuba ahlanganyele kwamanye amalungelo enkonzo, njengokukhonza eKomitini YeHholo Lomhlangano yendawo nasekuqondiseni umhlangano wesigodi. Njengoba amakhono akhe ayeqondiswe ngokuhlakanipha, alethela yena nomkhaya wakhe injabulo nokwaneliseka.
Isimo Sengqondo Esilinganiselayo Ngamalungelo
Abesilisa abangamaKristu bakhuthazwa ukuba bazame ukufinyelela amalungelo enkonzo ebandleni. “Uma noma ubani ezama ukufinyelela isikhundla sombonisi [noma senceku ekhonzayo], ufisa umsebenzi omuhle.” (1 Thimothewu 3:1) Njengasemakhonweni aseshiwo, ukuzimisela ukwamukela imithwalo yemfanelo nakho kudingeka kuhambisane nokwahlulela okuhle. Akekho okufanele athathe izabelo eziningi kangangokuba aze alahlekelwe injabulo enkonzweni kaJehova. Yebo, uyatuseka umoya wokuzimisela, ikakhulukazi njengoba uJehova esilahla isimo sengqondo sokuzigodla; kodwa ukuzimisela kufanele kubonise ukulinganisela ‘nokuhluzeka kwengqondo.’—Thithu 2:12; IsAmbulo 3:15, 16.
Ukuba kukaJesu omnene, onokuqonda nonozwela kwenza ngisho nabaphansi kakhulu bazizwa bekhululekile lapho benaye. Ngokufanayo nanamuhla, abantu bazizwa bekhululekile ukuba nalabo abanozwela nabanakekelayo. Ebandleni lobuKristu, abadala abanemfudumalo enjalo nabangenekayo ‘bayizipho ezingabantu’ ezaziswayo. ‘Bayindawo yokucashela umoya nesivikelo esivunguvungwini njengemifula yamanzi endaweni eyomileyo, njengomthunzi wedwala ezweni eliyethileyo.’—Efesu 4:8; Isaya 32:2.
Kodwa abadala kumelwe balinganisele isikhathi abasisebenzisa besiza abanye nesidingo sabo sokuba nesifundo somuntu siqu, ukuzindla, ukuthandaza nenkonzo yasobala. Njengoba kulindelekile, abadala abashadile kudingeka babe nanesikhathi sokuba nemikhaya yabo, okufanele babe abangeneka ngokukhethekile kuyo.
Abesifazane Abanekhono—Isibusiso Esimangalisayo
Njengoba kunjalo ngabadala abanekhono, abesifazane abanomqondo ongokomoya nabo bawusizo olukhulu enhlanganweni kaJehova. Ngokuvamile, abesifazane banesiphiwo sokuba nesithakazelo kwabanye—okuyimfanelo uJehova ayazisayo nayikhuthazayo. Umphostoli uPawulu wabhala: “[Nakekelani], hhayi ngesithakazelo somuntu siqu izindaba zenu kuphela, kodwa futhi [ninakekele] ngesithakazelo somuntu siqu nezabanye.” (Filipi 2:4) Nokho, lokhu kuba ‘nesithakazelo somuntu siqu’ kunemingcele, ngoba akekho umKristu ozofuna ukuba ‘ugaxekile ezindabeni zabanye abantu’; futhi akufanele ukuba umuntu abe inhlebi.—1 Petru 4:15; 1 Thimothewu 5:13.
Abesifazane banezinye iziphiwo eziningi. Ngokwesibonelo, owesifazane ongumKristu angase abe nesiphiwo sengqondo ekhaliphile kunomyeni wakhe. Noma kunjalo, ‘njengomfazi onekhono’ owesaba uJehova, uyomhlonipha umyeni wakhe futhi asebenzise iziphiwo zakhe ukuze amphelelise, angancintisani naye. Futhi kunokuba abe nomhawu noma amthukuthelele, umyeni ohlakaniphile nothobekile uyowazisa amakhono omkakhe futhi awajabulele. Uyomkhuthaza ukuba awasebenzise ngokugcwele amatalenta akhe ekwakheni indlu yakhe nasekusizeni izingane zakhe ukuba ‘zesabe uJehova,’ njengaye. (IzAga 31:10, 28-30; Genesise 2:18) Abayeni namakhosikazi abalinganiselayo nabathobeke ngaleyo ndlela bayaphumelela emshadweni omdumisa ngempela uJehova.
Ukulawula Ubuntu Obunamandla
Ubuntu obunamandla obuqondiswe ekulungeni nasekwenzeni intando kaJehova ngomphefumulo wonke bungaba inzuzo enkulu lapho buhambisana nokulinganisela nokuthobeka. Nokho, bungaba ubuthakathaka uma bubangela umuntu ukuba abuse abanye noma abenze bazizwe bengelutho. Lokhu kunjalo ngokukhethekile ebandleni lobuKristu. AmaKristu kufanele azizwe ekhululekile lapho endawonye, kuhlanganise nalapho enabadala bebandla.—Mathewu 20:25-27.
Abadala nabo kufanele bazizwe bekhululekile lapho bendawonye. Futhi lapho behlangana, izinqumo zabo kufanele zithonywe umoya ongcwele, hhayi amandla obuntu. Ngempela, umoya ongcwele ungathonya noma imuphi umdala endikimbeni, kuhlanganise nomncane kunabo bonke noma ongesona isikhulumi. Ngakho labo abanobuntu obunamandla, ngisho noma benomuzwa wokuthi lokho abakushoyo kulungile, kufanele baqondise ikhono labo ngokufunda ubuciko bokugoba uphondo, ngaleyo ndlela babonise abadala abakanye nabo udumo. (Roma 12:10) UmShumayeli 7:16 uxwayisa ngomusa: “Ungabi ngolungileyo ngokudluleleyo, ungazenzi ohlakaniphileyo kakhulu; uzichithelani na?”
UJehova, uMthombo wazo “zonke izipho ezinhle,” uwaqondisa ngokuphelele amakhono akhe esabekayo. (Jakobe 1:17; Duteronomi 32:4) Futhi unguMfundisi wethu! Ngakho masifundeni kuye futhi sisebenzeni kanzima, sithuthukisa iziphiwo, noma amakhono, ethu angokwemvelo, futhi siwaqondise ngokuhlakanipha, ngokulinganisela nangothando. Yeka indlela esiyoba isibusiso ngayo kwabanye!
[Izithombe ekhasini 27]
Ukuthuthuka ngokomoya kuxhomeke ekutadisheni okuhambisana nomthandazo nasekuncikeni kuJehova
[Isithombe ekhasini 29]
Ukuba nesithakazelo kwabanye okuhambisana nokulinganisela kuyisibusiso
[Umthombo Wesithombe ekhasini 26]
Courtesy of The Mariners’ Museum, Newport News, VA