Ukubheka Izithakazelo Zasebegugile
“Yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo abheke nokwabanye.”—FILIPI 2:4.
1, 2. (a) Indikimba ebusayo yekhulu lokuqala yasibonakalisa kanjani isithakazelo ezidingweni zasebegugile? (b) Yibuphi ubufakazi obukhona bokuthi umsebenzi wokushumayela awuzange unganakwa?
NGOKUSHESHA ngemva kwePentekoste lika-33 e.E. ebandleni lobuKristu “kwavela ukukhonona kubaJuda abakhuluma isiGreki ngamaHeberu ngokuthi abafelokazi bakubo bayancishwa ekwabelweni kwemihla ngemihla [kokudla kwabasweleyo].” Akungabazeki ukuthi iningi labafelokazi lalingabagugile abangenakukwazi ukuzondla. Kungakhathaliseki ukuthi yikuphi, abaphostoli ngokwabo bangenela, bethi: “Funani-ke phakathi kwenu . . . amadoda ayisikhombisa anodumo oluhle, agcwele uMoya nokuhlakanipha, esingawamisela lowomsebenzi [“lomsebenzi odingekile,” NW].”—IzEnzo 6:1-3.
2 Ngakho amaKristu okuqala ayebheka ukunakekela abasweleyo ‘njengomsebenzi odingekile.’ Eminyakeni ethile kamuva umfundi uJakobe wabhala: “Ukukhonza okumhlophe okungenabala phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo.” (Jakobe 1:27) Khona-ke, ingabe lokhu kwakusho ukuthi umsebenzi obaluleke kakhulu wokushumayela wawunganakwa? Cha, ngoba ukulandisa kwezEnzo kuthi ngemva kokuba umsebenzi wokusiza abafelokazi usuhlelwe ngokufanelekile, “izwi likaNkulunkulu landa, umumo wabafundi wakhula eJerusalema.”—IzEnzo 6:7.
3. Yisiphi isikhuthazo esinikezwe kwabaseFilipi 2:4, futhi kungani lokhu kufaneleke ngokukhethekile namuhla?
3 Namuhla sibhekene “nezikhathi ezinzima.” (2 Thimothewu 3:1) Ukunakekelwa kwezidingo zokuphila komkhaya nomsebenzi wokuziphilisa kungasishiya singenamdlandla—noma singenasifiso—sokuzikhathaza ngezidingo zasebegugile. Ngokufanelekileyo-ke, abaseFilipi 2:4 basikhuthaza ukuba “yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo abheke nokwabanye.” Lokhu kungenziwa kanjani ngendlela elinganiselayo, engokoqobo?
Ukwazisa Abafelokazi
4. (a) Kungani futhi kukanjani ibandla lekhulu lokuqala ‘lazisa’ abafelokazi? (b) Ingabe ngaso sonke isikhathi amalungiselelo anjalo ayedingekile?
4 Kweyoku-1 Thimothewu isahluko 5, uPawulu ubonisa indlela amaKristu okuqala anakekela ngayo abafelokazi asebegugile ebandleni Wanxusa uThimothewu: “Yazisa abafelokazi abangabafelokazi ngoqobo.” (Ivesi 3) Abafelokazi asebegugile babebhekwa njengabakufanelekela ngokukhethekile ukuboniswa ukwazisa ngokusekelwa njalo ngokwezimali. Abanjalo babephucwe lonke uhlobo olusobala lokusekelwa futhi ‘babengathembela kuphela kuNkulunkulu, bahlale ekunxuseni nasekukhulekeni ubusuku nemini.’ (Ivesi 5) Yayiphendulwa kanjani imithandazo yabo yokusekelwa? Ngebandla! Ngendlela ehlelekile, abafelokazi abasweleyo babelungiselelwa lokho abakudingayo ekuphileni. Yebo, uma umfelokazi ayekuthola ukusekelwa ngokwezimali, noma izihlobo zikwazi ukumsekela, amalungiselelo anjalo ayengadingekile.—Amavesi 4, 16.
5. (a) Kukanjani abanye abafelokazi kungenzeka ukuthi ‘babezinikele ekutamaseni’? (b) Ingabe ibandla laliphoqelekile ukusekela abanjalo?
5 UPawulu waxwayisa: “Kepha [umfelokazi] ozinikela ekutamaseni ufile [ngokomoya] esekhona.” (Ivesi 6) UPawulu akachazi ukuthi kukanjani abanye, njengoba iKingdom Interlinear ikuhumusha ngokwezwi nezwi, ‘babeziphatha ngokuzitika.’ Kungenzeka abanye babelwa impi ‘nezinkanuko zobulili.’ (Ivesi 11, NW Nokho, ngokweLiddell & Scott’s Greek-English Lexicon, “ukuziphatha ngokuzitika” kungenzeka futhi ukuthi kwakuhlanganisa ‘ukuphila kahle noma ngokunethezeka okweqile.’ Khona-ke, mhlawumbe abanye babefuna ukuba ibandla libenze bacebe, libasekele ngokwezimali ekuphileni kokungalinganiseli, nokokuzitika. Kungakhathaliseki ukuthi isimo sasiyini, uPawulu ubonisa ukuthi abanjalo babengakufanelekeli ukuthola ukusekela kwebandla.
6, 7, nombhalo waphansi. (a) Sasiyini ‘isibalo’? (b) Kungani labo ababengaphansi kweminyaka engama-60 babengakufanelekele ukuthola ukusekelwa? (c) UPawulu wabasiza kanjani abafelokazi abasebasha ukuba bangasitholi ‘isahlulelo’ esibi?
6 Khona-ke uPawulu wathi: “Makangafakwa esibalweni [salabo abathola ukusekela okungokwezimali] umfelokazi, uma engaphansi kweminyaka engamashumi ayisithupha.” Osukwini lukaPawulu owesifazane owayengaphezu kweminyaka engama-60 ngokusobala wayebhekwa njengongenakukwazi ukuzisekela mhlawumbe nongeke esaphinde ashade futhi.a “Kepha,” kusho uPawulu, “abafelokazi abasha ubenqabe [ekubhalisweni]; ngokuba uma sebetamasile bedela uKristu, bafuna ukugana; banokulahlwa, ngokuba bechithile ukukholwa kwabo kokuqala [“amazwi abo okuqala okholo,” NW].”—Amavesi 9, 11, 12.
7 Ukuba ‘isibalo’ sasihlanganisa nabafelokazi abasebasha, abanye babengasheshe baphethe ngokuthi bahlose ukuhlala bengashadile. Nokho, njengoba isikhathi sasidlula kungenzeka baba nobunzima ekulawuleni “izinkanuko zobulili, NW” bafuna ukuphinde bashade, ‘sebehlulelwe ngenxa yokulahla amazwi abo okuqala okholo’ okuhlala bengashadile. (Qhathanisa nomShumayeli 5:2-6.) UPawulu wazigwema izinkinga ezinjalo, eqhubeka ethi, “Ngithanda ukuba abafelokazi abasha bagane, bazale abantwana.”—Ivesi 14.
8. (a) Imingcele kaPawulu yalivikela kanjani ibandla? (b) Ingabe abesifazane abasha abasweleyo noma amadoda asegugile nabo babenakekelwa?
8 Umphostoli futhi walinganisela isibalo kulabo abanamarekhodi amade emisebenzini emihle yobuKristu. (Ivesi 10) Ngakho ibandla lalingeyona indawo yokondla abavilaphayo noma abahahayo. (2 Thesalonika 3:10, 11) Kodwa kuthiwani ngamadoda asegugi1e noma abafelokazi abasebasha? Uma abanjalo beswela, akungabazeki ukuthi ibandla laliyobanakekela ngokomuntu siqu.—Qhathanisa neyoku-1 Johane 3:17, 18.
9. (a) Kungani amalungiselelo okunakekela asebegugile namuhla engahluka kulawo ayenziwa ekhulwini lokuqala? (b) Yini ingxoxo kaPawulu ngabafelokazi kweyoku-1 Thimothewu isahluko 5 esisiza ukuba siyiqaphele namuhla?
9 Kungenzeka amalungiselelo anjalo ayanele ngezidingo zamabandla ekhulu lokuqala. Kodwa njengoba iThe Expositor’s Bible Commentary iphawula: “Namuhla, njengoba kunezinzuzo zomshuwalense, ukunakekelwa komphakathi, namathuba ezemisebenzi, isimo sihluke kakhulu.” Ngenxa yokushintsha kwesimo sezenhlalo nezomnotho, akusavamile ukuba kube okudingekile ngamabandla namuhla ukuba abe nezinhlu zabazothola usizo lwasebegugile. Nokho, amazwi kaPawulu kuThimothewu asisiza ukuba siqaphele ukuthi: (1) Ibandla lonke—ikakhulukazi abadala kumelwe bakhathalele izidingo zasebegugile. (2) Ukunakekelwa kwasebegugile kumelwe kuhlelwe kahle. (3) Ukunakekela okunjalo kungokwalabo abaswele ngempela.
Ukubheka Izithakazelo Zabo Njengabadala
10. Abadala namuhla bangahola kanjani ekuboniseni isithakazelo kubantu abadala?
10 Ababonisi namuhla bahola kanjani ekuboniseni isithakazelo kubantu abadala? Ngezikhathi ezithile bangaqokomisa izidingo zasebegugile esimisweni semihlangano yabo. Lapho kudingeka usizo oluthile, bangahlela ukuba lunikezwe. Bangase bangalunikezi bona ngokwabo usizo, njengoba nje ngokuvamile kunabaningi abazimisele—kuhlanganise nentsha—ebandleni abangasiza. Nokho, bangaqondisa kahle ukunakekela okunjalo, mhlawumbe ngokwabela umzalwane ukuba aqondise ukunakekela okunikezwa umuntu othile.
11. Abadala bangazijwayelanisa kanjani nezidingo zasebegugile?
11 USolomoni weluleka: “Yazi nokwazi ukuma kwezimvu zakho.” (IzAga 27:23) Kanjalo ababonisi bangavakashela ngokomuntu siqu asebegugile ukuze babone ukuthi ‘bangahlanganyela kanjani ekusweleni kwabo.’ (Roma 12:13) Umbonisi ojikelezayo wakubeka ngalendlela: “Abanye asebegugile abafuni neze ukuncika kothile, futhi akukuhle ukuvele nje ubabuze ukuthi yini edinga ukwenziwa. Kungcono kakhulu ukuqonda ukuthi yini edinga ukwenziwa bese uqhubeka nomsebenzi!” EJapane ababonisi abathile bathola ukuthi udade oneminyaka engama-80 wayedinga ukunakekelwa okukhulu. Bayabika: “Manje sesiyaqikelela ukuthi othile uyamthinta kabili ngosuku, ekuseni nasebusuku, ngokumvakashela noma ngocingo.”—Qhathanisa noMathewu 25:36.
12. (a) Abadala bangaqikelela kanjani ukuthi asebegugile bayazuza ngemihlangano yebandla? (b) Yikuphi ukusetshenziswa kahle kwamakhasethi akhiqizwa yiNhlangano okungenziwa?
12 Ababonisi bakhathalela futhi ukuthi asebegugile bayazuza ngemihlangano yebandla. (Heberu 10:24, 25) Ingabe bakhona abangadinga izinto zokuhamba? Ingabe abathile abakwazi nakancane ‘ukuzwa futhi baqonde’ emihlanganweni ngenxa yezinkinga zokuzwa?’ (Mathewu 15:10) Mhlawumbe kungaba yinzuzo ukubafakela amaheadphone. Ngokufanayo, amabandla amaningi manje aba nemihlangano edluliselwa ngocingo ukuze abaxhwalile balalele besekhaya. Abanye barekhoda imihlangano yabo ngenxa yalabo abagula kakhulu ukuba babe khona—ngezinye izikhathi babathengele izidlalamakhasethi. Futhi ekhuluma ngamakhasethi, umdala waseJalimane waphawula: “Ngiye ngavakashela asebegugile abaningana abamane bahlale phambi kwethelevishini futhi babukele izinhlelo ezingenakuchazwa neze njengezakhayo ngokomoya.” Kungani ungabakhuthazi ukuba esikhundleni salokho balalele amakhasethi akhiqizwa yiNhlangano, anezingoma zoMbuso nokufundwa kweBhayibheli?
13. Abantu abadala bangasizwa kanjani ukuba bahlale bengabamemezeli boMbuso abakhuthele?
13 Amanye amalungu amadala ebandla aye alahlekelwa yintshiseko noma aphola njengabashumayeli. Nokho, eqinisweni ubudala abumvimbeli umuntu ekumemezeleni “izindaba ezinhle zombuso.” (Mathewu 24:14, NW) Abanye bangase basabele esimemweni sakho sokuba basebenze nawe enkonzweni yasensimini. Mhlawumbe ungavuselela uthando lwabo lokushumayela ngokuhlanganyela nabo okuhlangenwe nakho kwenkonzo yasensimini. Uma ukwenyuka izitebhisi kuyinkinga, hlela ukuba basebenze ezindaweni ezinezitebhisi ezihambayo noma ezindaweni zokuhlala ezingenazo izitebhisi. Abanye abamemezeli bangase bacele futhi ukuba asebegugile baye nabo ezifundweni zeBhayibheli—noma baqhube isifundo ekhaya lomuntu osegugile.
14 nebhokisi. (a) Yini abadala abangayenza uma umzalwane noma udade osegugile ecindezeleka kakhulu ngokwezimali? (b) Amanye amabandla aye ahlangabezana kanjani ezidingweni zabamemezeli asebegugile?
14 ‘Imali iwumthunzi.’ (UmShumayeli 7:12) Nokho abazalwane nodade abaningi asebegugile basekucindezelekeni okukhulu ngokwezimali futhi abanazo izihlobo ezingabasiza. Nokho, ngokuvamile abantu ngabanye ebandleni bayakujabulela ukusiza lapho baziswa ngesidingo. (Jakobe 2:15-17) Abadala bangabheka futhi kulokho okutholakalayo ezinkonzweni zikahulumeni noma zomphakathi, ezimisweni zemishuwalense, ezimpeshenini, njalonjalo. Nokho, kwamanye amazwe kunzima ukuthola izinkonzo ezinjalo, futhi kungase kungabikho okunye okungenziwa ngaphandle kokulandela isibonelo esikweyoku-1 Thimothewu isahluko 5 futhi kuhlelwe ukuba lonke ibandla linikeze usizo. (Bheka ethi Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu, amakhasi 122-3.)
Abamemezeli baseNigeria basiza ngokuqhubekayo iphayona elivamile elineminyaka engama-82 nomkalo ngezipho ezibonakalayo. Ngemva kokuba uhulumeni azise ngokubhidlizwa kwesakhiwo ababehlala kuso, ibandla labamema ukuba bathuthele ekamelweni eliseHholo LoMbuso kuze kuhlelwe ezinye izindawo zokuhlala.
EBrazil ibandla laqasha umhlengikazi ukuba anakekele umbhangqwana osugugile. Ngesikhathi esifanayo, kwabelwa udade ukuba agcine indlu ihlanzekile, alungiselele ukudla, futhi anakekele nezinye izidingo ezingokwenyama. Inyanga ngayinye ibandla libekela eceleni imali ezosetshenziswa yibo.
15. (a) Ingabe ikhona imingcele osizweni ibandla elingalunikeza? (b) Iseluleko esikuLuka 11:34 singafaneleka kanjani ngabathile abafuna okweqile?
15 Njengasekhulwini lokuqala, amalungiselelo anjalo angawalabo abawafanele abawadinga ngempela. Ababonisi ababophekile neze ukuba bahlangabezane nezicelo ezinkulu ngokweqile noma bahambisane nokufunwa ukunakekelwa okungenangqondo. Nasebegugile kumelwe bagcine ‘iso lilihle.’—Luka 11:34.
Ukubheka Izithakazelo Zabo Njengabantu Ngabanye
16, 17. (a) Kungani kubalulekile ngabanye ngaphandle kwabadala ukuba babe nesithakazelo kwasebegugile? (b) Abamemezeli abamatasa ‘bangasithengisisa kanjani isikhathi’ ngasebegugile?
16 Esikhathini esithile esidlule udade osegugile walaliswa esibhedlela. Wayephethwe yisifo sokungondleki kahle. Umdala wabhala: “Ukuba abengeziwe ebandleni babebe nesithakazelo somuntu siqu kuye, mhlawumbe ngabe akwenzekanga lokhu.” Yebo, akubona abadala kuphela okumelwe babe nesithakazelo kwasebegugile. UPawulu wathi: “Singamalungu omunye komunye.”—Efesu 4:25.
17 Akungabazeki ukuthi kakade abanye benu kungenzeka bathwele imithwalo yemfanelo yomuntu siqu enzima. Kodwa ‘ungabheki okwakho kuphela.’ (Filipi 2:4) Ngokuzihlela kahle kwakho siqu, ngokuvamile ‘ungathengisisa isikhathi.’ (Efesu 5:16) Ngokwesibonelo, ungamvakashela yini osegugile ngemva kwenkonzo yasensimini? Izinsuku zaphakathi nesonto ziyizikhathi ezinesizungu ngokukhethekile ngabanye. Intsha, ngokufanayo, ingavakashela ase begugile futhi ibenzele imisebenzi. Omunye udade owasizwa osemusha wathandaza: “Siyakubonga Jehova ngoMzalwane osemusha uJohn. Yeka umuntu omuhle awuye.”
18. (a) Kungani ngezinye izikhathi kungaba nzima ukuxoxa nomuntu osegugile? (b) Umuntu angakwenza kanjani ukuvakasha noma ingxoxo nomuntu osegugile kube ngokwakhayo kubo bobabili?
18 Emihlanganweni, ingabe asebegugile ubabingelela ngokugcina icala nje? Yiqiniso, kungaba nzima ukuxoxa nomuntu ongezwa kahle noma onenkinga yokukhuluma. Futhi njengoba impilo iwohloka, akubona bonke ase begugile abanesimo sokujabula. Nokho, “obekezelayo ungcono.” (UmShumayeli 7:8) Ngomzamo omncane nje, kungaqaliswa ‘ukududuzana’ kwangempela. (Roma 1:12) Zama ukuxoxa okuhlangenwe nakho kwenkonzo yasensimini. Hlanganyela iphuzu owalifunda kuNqabayokulinda noma kuPhaphama! Noma kungcono ulalele. (Qhathanisa noJobe 32:7.) Kuningi asebegugile abangakuhlanganyela nawe uma ubavumela. Omunye umdala wavuma: “Ukuvakashela loya mzalwane osegugile kwangizuzisa kakhulu.”
19. (a) Kudlulela kobani ukukhathalela kwethu asebegugile? (b) Yiziphi ezinye izindlela esingazibonisa siwusizo ngazo emikhayeni enakekela abazali asebegugile?
19 Ingabe ukukhathalela kwakho asebegugile akumelwe yini futhi kudlulele nasemikhayeni ebanakekelayo? Omunye umbhangqwana owawunakekela abazali asebegugile wabika: “Kunokusikhuthaza, abanye ebandleni basigxeka kakhulu. Omunye udade wathi: ‘Uma nilokhu nilahlekelwa imihlangano, nizogula ngokomoya!’ Kodwa wayengazimisele ukwenza noma yini ukuba asisize sihlanganyele imihlangano engeziwe.” Okudumaza ngokufanayo izithembiso eziyize ezinjengokuthi, Uma nidinga usizo, ningazise. Ngokuvamile izithembiso zifana nokuthi, “Nifudumale, nisuthe” nazo zidumaza ngendlela efanayo. (Jakobe 2:16) Yeka indlela okungcono ngayo ukuvumela ukukhathalela kwakho kuphumele esenzweni! Omunye umbhangqwana uyabika: “Abangane baye baba bahle ngokungavamile futhi basekela! Abanye babenakekela uMama izinsuku ezimbalwa ngesikhathi ukuze siphumule ngezikhathi ezithile. Abanye baya naye ezifundweni zeBhayibheli, futhi kusikhuthaza ngempela lapho abanye bebuza ngenhlalakahle yakhe.”
20, 21. Yini abantu abadala abangayenza ukuze basize labo ababanakekelayo?
20 Ngezinga elikhulu asebegugile esinabo banakekelwa kahle. Nokho, yini oFakazi asebegugile ngokwabo abangayenza ukuze umsebenzi onjalo wenziwe ngokujabula hhayi ngokububula? (Qhathanisa namaHeberu 13:17.) Bambisana namalungiselelo abadala abawenzayo ukuze unakekelwe. Bonga futhi wazise noma yiziphi izenzo zomusa ezenziwayo, futhi ugweme ukufuna ngokweqile noma ukugxeka ngokweqile. Futhi nakuba izinhlungu zokuguga zingokoqobo ngempela, zama ukubonisa isimo sokujabula, esihle.-IzAga 15:13.
21 Abaningi ase begugile baye bezwakala bethi: ‘Abazalwane bahle kakhulu. Angazi ukuthi bengingenzani ngaphandle kwabo.’ Nokho, umthwalo wemfanelo oyinhloko wokunakekela asebegugile ukubantwana babo. Lokhu kuhilelani, futhi lenselele kungahlangatshezwana kanjani nayo kangcono kakhulu?
[Umbhalo waphansi]
a ULevitikusi 27:1-7 ubhekisela ekuhlengweni kwabantu ‘abanikelwe’ (ngesifungo) ethempelini njengezisebenzi. Inani lesihlengo lalihlukahluka ngokweminyaka. Eminyakeni engama-60 lelinani lalehla kakhulu, ngokusobala ngenxa yokuthi kwakuba khona umuzwa wokuthi umuntu osemdala kangako akasakwazi ukusebenza kanzima njengosemusha. IThe Encyclopædia Judaica ithi futhi: “NgokweTalmud, iminyaka yokuguga . . . iqala kwengama-160.”
Uyakhumbula?
◻ Yimaphi amalungiselelo enzelwa abafelokazi asebegugile ekhulwini lokuqala?
◻ Ababonisi bangakuhlela kanjani ukunakekelwa kwasebegugile ebandleni?
◻ Abantu ebandleni bangasibonisa kanjani isithakazelo kubazalwane nodade asebegugile?
◻ Yini asebegugile abangayenza ukuze basize labo ababanakekelayo?
[Ibhokisi ekhasini 11]
Ukusiza Asebegugile—Lokho Abanye Abakwenzayo
Ibandla laseBrazil lathola indlela ephumelelayo yokunakekela izidingo ezingokwenyama zomzalwane ohlala eduze naseHholo LoMbuso: Iqembu lesifundo sencwadi elabelwe ukuhlanza iHholo lihlanza futhi nekhaya lakhe.
Elinye ibandla lapho lathola indlela elula yokugcina umzalwane oxhwalile eshiseka eSikoleni Senkonzo EsingokwaseZulwini. Lapho kufika isikhathi sokuba anikeze inkulumo, omunye umzalwane wabelwa ukuba ahambe nabamemezeli ababili noma abathathu bavakashele lomzalwane. Kuba nomhlangano omfushane ovulwa ngomthandazo, futhi umzalwane anikele isabelo sakhe. Unikezwa iseluleko esidingekayo. Yeka indlela lokhu okubonakala kuyisikhuthazo ngayo!
Ababonisi abajikelezayo baye babeka isibonelo esihle ekuholeni. Kwelinye ibandla umzalwane osegugile owayehlala esihlalweni sabakhubazekile waba nenhliziyo encane kakhulu futhi ngenxa yalokho wayengasavakashelwa njalo. Nokho, umbonisi ojikelezayo wahlela ukubukisa lomzalwane ngasese inkulumo yakhe yamaslide. Umzalwane osegugile wakhala izinyembezi ngenxa yalokho akubona. Umbonisi uthi: “Ngazizwa ngivuzwe kakhulu ngokubona indlela ukunakekela okuncane nothando okungaletha ngayo imiphumela enjena.”
Abanye abadala eNigeria benza ukuhambela kokwalusa kumzalwane osegugile futhi bathola ukuthi wayegula kakhulu. Wayiswa esibhedlela ngokushesha. Kwatholakala ukuthi umzalwane osegugile udinga ukwelashwa okunemicikilisho, kodwa wayengakwazi ukukukhokhela. Lapho ibandla laziswa ngesidingo sakhe, abamemezeli banikela ngemali eyanele yokunakekela izindleko zakhe. Abadala ababili bashintshana ngokumyisa nangokumbuyisa esibhedlela, nakuba lokhu kwakudinga ukuba bathathe isikhathi esithile emsebenzini. Nokho, bathola injabulo yokubona umzalwane elulama ekuguleni kwakhe futhi eba yiphayona elisizayo kwaze kwaba sekufeni kwakhe cishe eminyakeni emine kamuva.
EPhilippines udade osegugile wayengenawo umkhaya. Ibandla lenza amalungiselelo okuba anakekelwe phakathi neminyaka emithathu yokugula. Bamlungiselela indawo encane yokuhlala, bamlethela ukudla usuku ngalunye, futhi bamnakekela ngokwezempilo.
[Isithombe ekhasini 10]
Sonke singaba nengxenye ekwaziseni asebegugile esikanye nabo ebandleni