Singaba Kanjani ‘Abamthokozisa Ngokugcwele’ UJehova?
NAMUHLA, yeka ukuthi bambalwa kangakanani abakukhathalelayo ukuthi imicabango yabo, amazwi, nezenzo kuyamthokozisa yini uNkulunkulu! Ngisho nalabo abazisholo ukuthi banokukhathalela okunjalo ikakhulu babonakala benikela nje kuNkulunkulu “inkonzo yezindebe zomlomo.” Eqinisweni, ngabaningi kungathiwa: ‘Abamthokozisi uNkulunkulu.’—1 Thesalonika 2:15.
Abanye abazisholo ukuba amaKristu banomuzwa wokuthi uma nje bengayephuli iMiyalo Eyishumi, bayamthokozisa uNkulunkulu. Kodwa akunjalo! ISibonelo sethu uJesu Kristu wathi ngoNkulunkulu: “Ngenza njalo okuthandeka kuye.” (Johane 8:29) Yebo, wamthokozisa uYise ngokwenza izinto ezithile. Isenzo esiqondile sidingekile, ngisho nanjengoba kungabonwa emthandazweni kamphostoli uPawulu ngenxa yabakholwa kanye naye eKolose. Wathandazela ukuba sengathi ‘bangahamba ngokufanele iNkosi, bayithokozise ngakho konke [“ngokugcwele,” NW], bethela izithelo emisebenzini yonke elungileyo.’—Kolose 1:9, 10.
Kodwa, ingabe kungenzeka ngempela ‘ukumthokozisa ngakho konke’ uJehova? Nokho, njengoba engaphelele, amaKristu awanakumthokozisa manje uNkulunkulu ngokuphelele. Nokho, angasebenzela kulokho ngentshiseko, enomgomo ‘wokumthokozisa ngokugcwele.’ Njengoba uPawulu akhuluma ‘ngokuthela izithelo emisebenzini yonke elungileyo,’ imisebenzi eqondile ihilelekile. Yebo, asinakuyichaza yonke imisebenzi enjalo lapha. Kodwa singakunikeza okuthile okumelwe kucatshangwe ngakho. Uma lamaphuzu ebonisa ukuthi kunezindima ezithile zokuphila okumelwe wenze kuzo izinguquko ezithile, qiniseka ngokuthi uJehova uyoyibusisa imizamo yakho yokumthokozisa. Iqiniso liwukuthi ‘ukumthokozisa ngokugcwele’ uJehova kudinga ukuba siqaphele imicabango yethu, amazwi, nezenzo.
Kuthiwani Ngemicabango Yethu?
IZwi likaNkulunkulu lisitshela ukuthi “akukho-nto edaliweyo engabonakali phambi kwakhe, kepha konke kwambuliwe kusobala emehlweni akhe esiyakuzilanda kuye.” (Heberu 4:13) Abantu namademoni abanakuyifunda imicabango yethu siqu, kodwa uNkulunkulu angakwenza. Njengoba kunjalo, sifuna ukuba imicabango yethu siqu imthokozise. Ngakho senza kahle ngokuzibuza: Yini engithanda ukucabanga ngayo lapho kungadingekile ukuba ngisebenzise ingqondo yami emsebenzini oseduze? Ingqondo yami ngokuvamile ithambekela ngakuluphi uhlangothi?
Singase sizibuze futhi: Ingabe ngithanda ukuphupha, futhi ngiphuphe ngijabulela ingcebo, udumo, noma ukudunyiswa ngenxa yezenzo zami? Ingabe ngicabanga ngokuphambene, njengokubelesela ngezikhalo, ngiziphindaphinde njalo? Ingabe ngivame ukuvumela imicabango yami igxile cishe ngokuqhubekayo ezinjabulweni zobulili? Noma ingabe ngaso sonke isikhathi ngigcwalisa ingqondo yami ngamasu namacebo okwenza imali?
Manje ake ucabange: Ingabe ‘singamthokozisa ngokugcwele’ uJehova ngokugcwalisa izingqondo zethu ngemicabango enjalo? Lutho neze! Ngakho-ke, ngomthandazo oqotho nangosizo lukaNkulunkulu, ikhiphe ngokugcwalisa ingqondo ngemicabango emihle, eqondile, eyakhayo, emhlophe, nethandekayo. (Filipi 4:8) Yeka ukuthi kungcono kanjani ngathi ukuqeqesha izingqondo zethu ukuze sicabange ngezinto ezihlobene nokukhulekela kwethu uJehova! Cabanga ngoMbuso kaNkulunkulu, oseduze kangaka. Khumbula amaphuzu afundwe muva nje eZwini likaNkulunkulu. Funda yonke indaba ezocatshangelwa emihlanganweni yebandla elandelayo, futhi ikakhulukazi noma iziphi izingxenye ongase ube nazo esimisweni. Cabanga ngendlela ongathuthukisa ngayo inkonzo yakho yasensimini. Khumbula ukuthi okokuqala kunakho konke, uyisikhonzi esingumKristu.
Abanye baye basizwa ngokubuyekeza yonke imiBhalo abakwazi ukuyisho ngekhanda, ngokufanayo nangokuhlabelela izingoma zoMbuso ngemvunge. Njengesikhumbuzo, esinye isikhonzi esingumKristu sakuthola kusiza ukwenza nokucabanga ngalamazwi asankondlo:
“Awu Nkulunkulu, ngicela ungisize ngizithobe njalo,
Kulokho intando yakho nothando okukuvumelayo.
Awu kwangathi ngingeze ngahlubuka nakanye,
Ngoba zonke izinto uzenza kahle.”
Yebo, qhubeka uthandaza njengoba kwenza iNkosi uDavide wasendulo: “Nokuzindla kwenhliziyo yami makuthandeke”—okungukuthi, kuthokozise—“ebusweni bakho, Jehova.”—IHubo 19:14.
Kuthiwani Ngamazwi Ethu?
UDavide futhi wathandaza: ‘Amazwi omlomo wami . . . mawathandeke ebusweni bakho, Jehova.’ (IHubo 19:14) Njengoba sifunda kuJakobe 3:2-12, umuntu ophelele kuphela ongalubamba ngokuphelele ulimi. Kodwa kumelwe nakanjani silwele ukululawula uma ‘sizomthokozisa ngokugcwele’ uJehova.
Sikhuluma amazwi amaningi nsuku zonke, futhi, yebo, asinakulindela ukulinganisela izingxoxo zethu ezindabeni ezingokomBhalo. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi yini okungenzeka sikhulume ngayo, singaqaphela ukuthokozisa uJehova. Ngokwesibonelo, siyazi ukuthi ukuhlambalaza, ukuthuka, noma inkulumo ewukhahlo nengenanhlonipho akunakwenzeka ukuba imthokozise uBaba wethu osezulwini. Ngakho kumelwe siyigweme inkulumo enjalo.—Efesu 5:3, 4.
Khona-ke futhi, uma sizothokozisa uMenzi wethu ngokugcwele ngokuqondene nenkulumo yethu, kumelwe siqaphele ukuba singakhulumi izinto ezinyundelayo, ezijivazayo ngabanye. Ngokuphathelene nathi, kumelwe kube nokwenzeka ukuthi: “Ongahlebi ngolimi lwakhe, ongamoni umngane wakhe, nongamhlazi umakhelwane wakhe.” Ngisho nakuba singase sihlushwe ukungalungi, kumelwe siqaphele ukuba ‘singahlambalazi muntu.’—IHubo 15:3; Thithu 3:2.
Yeka amathuba esinawo ‘okumthokozisa ngokugcwele’ uJehova ngenkulumo yethu ngezikhathi zokudla! Ngokwemvelo, lesi akusona isikhathi samazwi olaka noma inkulumo edumazayo. Kunezinto eziningi okungaxoxwa ngazo! Kumelwe siwaphaphamele amathuba anjalo ikakhulukazi uma siyizivakashi noma sinezivakashi. Ngokuvame kakhulu amaKristu akhuluma kakhulu anamandla engxoxweni kunamaKristu avuthiwe. Ingabe uyoba nesivakashi esingumKristu esineminyaka iminingi yokuhlangenwe nakho enkonzweni yesikhathi esigcwele? Ingabe ngempela sinolwazi lweZwi likaNkulunkulu? Khona-ke sebenzisa ukuhlakanipha usigubhe. “Isiluleko enhliziyweni yomuntu sinjengamanzi ajulileyo, kepha umuntu oqondileyo uyakusikhipha,” ukuze kusizakale bonke abakhona.—IzAga 20:5.
Ngokungaphezulu, ukuze ‘simthokozise ngokugcwele’ uJehova enkulumweni yethu kumelwe siwaphaphamele amathuba okufakaza ngokwethukela ngegama likaNkulunkulu noMbuso. Eqinisweni, ngezinye izikhathi isikhonzi esingumKristu singafeza okuningi ngokufakaza ngokwethukela okunjalo. Nokho, indlela eyinhloko yokuthokozisa uJehova ngenkulumo yethu, kuyilapho futhi sibusisa abanye, iwukungena endlini ngendlu nesigijimi soMbuso.—IzEnzo 20:20.
Ukuze amazwi ethu ‘amthokozise ngokugcwele’ uJehova lapho sihlanganyela enkonzweni yobuKristu yasensimini, kumelwe siqhubeke njalo silwela ukuthuthukisa indlela esinikeza ngayo isigijimi soMbuso. Njengoba siphathiswe “ivangeli”, thina, njengomphostoli uPawulu, sifuna ‘ukukhuluma, singenzeli ukuthokozisa abantu kepha uNkulunkulu ovivinya izinhliziyo zethu.’ Futhi akumelwe singanakwa isibopho sokusebenzisa izindebe zethu senza ukuvuma obala ukholo lwethu emihlanganweni yobuKristu, lapho singaqaphelana khona ukuze sivuse uthando nemisebenzi emihle kwabanye.—1 Thesalonika 2:4; Heberu 10:23-25.
‘Ukumthokozisa Ngokugcwele’ UJehova Ngokuziphatha Kwethu Nezenzo
Ngathi ukuze ‘simthokozise ngokugcwele’ uJehova, kumelwe futhi siqaphele ukuziphatha kwethu kwansuku zonke, kuhlanganise nokuzijabulisa kwethu. Yebo, ngisho nalapho sifuna ukuzijabulisa, asinakukwazi ukumshiya ngaphandle uNkulunkulu. Ingabe lokho kubonakala kuwukweqisa? Akunjalo neze, ngoba uPawulu wathi: “Noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.” Kumelwe sikhumbule isixwayiso sokuthi “abasenyameni abanakumthokozisa uNkulunkulu.” Ngakho, ngaphezu kwakho konke okunye, ukuzijabulisa kwethu kumelwe kube okwakhayo.—1 Korinte 10:31; Roma 8:8.
Ngeke futhi singazinaki izici ezinjengokulinganisela nokuhlelwa kwesikhathi. Ukuze ‘simthokozise ngokugcwele’ uJehova, kumelwe sigcine ukuzijabulisa kusendaweni yakho, njengokuthile okwenzeka ngesikhathi esithile futhi okungekhona okubaluleke kakhulu. Akumelwe neze siphishekele ukuzijabulisa, kungaba ukubuka uhlelo lweTV olukhethekile noma ukuya emidlalweni, kuze kube sephuzwini lokuvumela ukuba kuphazamise ukuba khona kwethu emihlanganweni yobuKristu noma ukuhlanganyela njalo enkonzweni yasensimini.—Mathewu 6:33.
‘Ukumthokozisa ngokugcwele’ uJehova kuhlanganisa futhi ukwenza okuhle kubazalwane bethu abangamaKristu, uma singathola ithuba futhi uma kunesidingo. Ngokuphathelene nalokhu, siyafunda: “Maningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana, ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo.” Umphostoli uPawulu wathi umusa amaKristu aseFilipi ayembonise wona ‘wawungumhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu.’—Heberu 13:16; Filipi 4:18.
Abantwana ‘bangamthokozisa kanjani ngokugcwele’ uJehova ngokuphathelene nokuziphatha kwabo? UPawulu ubonisa ukuthi indlela ebaluleke kakhulu iwukulalela abazali babo “eNkosini.” Uthi futhi: “Bantwana, lalelani abazali benu ezintweni zonke, ngokuba lokho kuyathandeka eNkosini.”—Efesu 6:1-3; Kolose 3:20.
Zonke izinceku zikaNkulunkulu ezizinikezele ziye zabona umusa wothando omkhulu kaJehova nendlela yakhe yokuxhumana yasemhlabeni kangangokuba, ngothando loqobo nokubonga, kumelwe sikukhathalele njalo ukuba ‘abamthokozisa ngokugcwele.’ Ngokuqinisekile, ukubonga kothando kudinga ukuba ‘singawamukeleli ize umusa kaNkulunkulu.’ (2 Korinte 6:1) Ukukhathalela ukuthokozisa uJehova ngokugcwele futhi kuyinto elungile, efanele ukwenziwa, njengoba enguMbusi Wendawo Yonke. Ngokungaphezulu, ukufuna ukuba ‘abamthokozisa ngokugcwele’ uJehova kuyinkambo yokuhlakanipha, ngoba ukwenza kanjalo kuyinzuzo kithi manje futhi kunesithembiso sokuphila okuzayo.—1 Thimothewu 4:8.
Yebo, sifuna ukuqaphela imicabango yethu, amazwi ethu, nokuziphatha kwethu nezenzo. Ngosizo lukaJehova, lokhu siyokwenza ukuze simthokozise njalo ngokugcwele. Futhi masingayeki ukwenza kanjalo. Kunalokho, kwangathi singalalela ngaso sonke isikhathi iseluleko sikamphostoli uPawulu kumaKristu aseThesalonika: “Elokugcina-ke, bazalwane, siyaninxusa, siyaniyala ngeNkosi uJesu ukuba njengalokho nakwamukela kithi ukuthi nifanele ukuhamba nokumthokozisa kanjani uNkulunkulu, njengalokho nihamba kanjalo, manivame kakhulu kulokho.”—1 Thesalonika 4:1.
[Isithombe ekhasini 23]
Ungavumeli ukuzijabulisa kuphazamise imisebenzi yobuKristu