-
Yini Engenza Umndeni Wakho Ujabule?—INgxenye 1Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
-
-
Awukho umshado ongenazo izinkinga. Ngakho, abantu abashadile kumelwe babambisane ukuze bazinqobe. Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.
Kule vidiyo, yiziphi izimpawu ezibonisa ukuthi indoda nomkayo base beqhelelana?
Yiziphi izinto abazenza ukuze baqinise umshado wabo?
Fundani eyoku-1 Korinte 10:24 neyabaseKolose 3:13. Ngemva kokufunda umBhalo ngamunye, xoxani ngalo mbuzo:
Ukusebenzisa lesi seluleko kungawuqinisa kanjani umshado?
IBhayibheli lithi kufanele sibonisane udumo. Ukubonisa udumo kuhlanganisa nokuphatha umuntu ngendlela enomusa nokumhlonipha. Fundani eyabaseRoma 12:10, bese nixoxa ngale mibuzo:
Ingabe umuntu oshadile kufanele alinde lowo ashade naye ukuba ambonise udumo kuqala? Kungani usho kanjalo?
-
-
Gcina Ubunye EbandleniPhila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
-
-
3. Yini ozoyenza lapho ningaboni ngaso linye nomunye umKristu?
Sinobunye kodwa futhi sinesono. Ngezinye izikhathi siyadumazana size sizwisane nobuhlungu. Ngenxa yalokho, iZwi likaNkulunkulu lithi ‘asiqhubeke sithethelelana,’ bese liyanezela: “Njengoba nje uJehova anithethelela ngokukhululekile, nani kumelwe nenze kanjalo.” (Funda eyabaseKolose 3:13.) UJehova simzwise ubuhlungu kaningi, kodwa wasithethelela. Ulindele ukuba nathi sibathethelele abafowethu. Uma ubona ukuthi kunomuntu omphathe kabi, thatha isinyathelo kuqala ukuze ulungise leyo ndaba.—Funda uMathewu 5:23, 24.b
-
-
Gcina Ubunye EbandleniPhila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
-
-
5. Thethelela ngokukhululekile futhi wenze ukuthula
UJehova usithethelela ngokukhululekile nakuba kungasoze kwadingeka ukuba thina simthethelele. Fundani iHubo 86:5, bese nixoxa ngale mibuzo:
UJehova uthethelela kakhulu kangakanani?
Kungani ubonga ngokuthi uyathethelela?
Yiziphi izimo ezingenza kube nzima ukuzwana nabanye?
Singamlingisa kanjani uJehova sihlale sinobunye nabafowethu nodadewethu? Fundani izAga 19:11, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Lapho umuntu ekucasula noma ekuphatha kabi, yini ongayenza ukuze wenze isimo sibe ngcono?
Ngezinye izikhathi sibaphatha kabi abanye. Uma kwenzekile lokho, yini okufanele siyenze? Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.
Kule vidiyo, yini udade ayenzile ukuze enze ukuthula?
-