Ingabe Uphishekela Ubuhle?
“Noma yibuphi ubuhle obukhona nanoma yini ekhona ekufanelekelayo ukudunyiswa, qhubekani nicabanga ngalezizinto.”—FILIPI 4:8.
1. Buyini ububi, futhi kungani bungazange bonakalise ukukhulekelwa kukaJehova?
UBUBI buwukukhohlakala kokuziphatha noma ukonakala. Izwe esiphila kulo ligcwele bona. (Efesu 2:1-3) Nokho, uJehova uNkulunkulu ngeke akuvumele ukukhulekelwa kwakhe okuhlanzekile ukuba konakaliswe. Izincwadi zobuKristu, imihlangano yebandla, imihlangano emincane nemikhulu kusinika izixwayiso ezifika ngesikhathi ngokuqondene nokuziphatha okungalungile. Sithola usizo lwemiBhalo olunengqondo ukuze ‘sibambelele kokuhle’ emehlweni kaNkulunkulu. (Roma 12:9) Ngakho njengenhlangano, oFakazi BakaJehova bazama ukuba abahlanzekile, abanobuhle. Kodwa kuthiwani ngathi ngabanye? Ingabe ngempela wena uphishekela ubuhle?
2. Buyini ubuhle, futhi kungani kudingeka umzamo wokuhlala sinobuhle?
2 Ubuhle buyizinga eliphakeme lokuziphatha, izenzo nokucabanga okufanele. Abuyona imfanelo yokungenzi lutho kodwa buyimfanelo yokwenza okuzuzisayo. Ubuhle buhilela okungaphezu kokugwema isono; busho ukuphishekela okuhle. (1 Thimothewu 6:11) Umphostoli uPetru wanxusa amaKristu ayekanye nawo: “Nezelani okholweni lwenu ubuhle.” Kanjani? “Ngokusabela [ezithembisweni zikaNkulunkulu eziyigugu] ngokunikela ngawo wonke umzamo wenkuthalo.” (2 Petru 1:5) Ngenxa yesimo sethu sokuba nesono, kudinga umzamo wangempela ukuhlala sinobuhle. Nokho, abantu abesaba uNkulunkulu besikhathi esidlule baye bakwenza, ngisho nalapho bebhekene nezithiyo ezinkulu.
Waphishekela Ubuhle
3. INkosi u-Ahazi yayinecala lokwenza ziphi izenzo ezimbi?
3 ImiBhalo ilandisa ngabantu abaningi abaphishekela ubuhle. Ngokwesibonelo, cabangela uHezekiya owayenobuhle. Uyise, iNkosi u-Ahazi yakwaJuda, ngokusobala wayekhulekela uMoloki. “UAhazi wayeneminyaka engamashumi amabili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema; akenzanga okulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakhe njengoDavide uyise. Kepha wahamba ngendlela yamakhosi akwaIsrayeli, yebo, wadabulisa nendodana yakhe emlilweni njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwaIsrayeli. Wahlaba, washisa impepho ezindaweni eziphakemeyo, nasemagqumeni, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza.” (2 AmaKhosi 16:2-4) Abanye bathi ‘ukudabulisa emlilweni’ kwakubhekisela ohlotsheni oluthile lwesiko lokuhlanza, hhayi ukwenziwa komuntu umhlatshelo. Nokho, incwadi ethi Molech—A God of Human Sacrifice in the Old Testament, kaJohn Day, iyaphawula: “Kunobufakazi bemithombo yasendulo [neyaseCarthage], kanye nobufakazi bemivubukulo, bokuba khona kwemihlatshelo engabantu . . . ezweni laseKhanani, okwenza kungabi nasizathu sokungabaza ukusikisela kweTestamente Elidala [imihlatshelo engabantu].” Ngaphezu kwalokho, eyesi-2 IziKronike 28:3 isho ngokuqondile ukuthi u-Ahazi “washisa abantwana bakhe emlilweni.” (Qhathanisa noDuteronomi 12:31; IHubo 106:37, 38.) Yeka izenzo ezimbi!
4. UHezekiya waziphatha kanjani phakathi kobubi?
4 UHezekiya wathinteka kanjani kulesi simo esigcwele ububi? IHubo le-119 liyathakazelisa, ngoba abanye bakholelwa ukuthi lalotshwa uHezekiya eseyinkosana. (IHubo 119:46, 99, 100) Ngakho isimo ayekuso singaboniswa amazwi athi: “Yebo, izikhulu zihlezi zikhuluma ngami; inceku yakho iyazindla ngezimiso zakho. Umphefumulo wami [uyaqwasha, NW] ngosizi.” (IHubo 119:23, 28) Ezungezwe abakhulekeli benkolo yamanga, kungenzeka ukuthi uHezekiya waba yisisulu sokwedelelwa amalungu asehlalankosi, kangangokuthi kwase kunzima nokulala. Nokho, waphishekela ubuhle, ngokuhamba kwesikhathi waba yinkosi, futhi waqhubeka “enza okulungile emehlweni kaJehova . . . wamethemba uJehova uNkulunkulu wakwaIsrayeli.”—2 AmaKhosi 18:1-5.
Balondoloza Ubuhle
5. Yikuphi ukuvivinywa uDaniyeli nabangane bakhe abathathu ababhekana nakho?
5 UDaniyeli nabangane bakhe abathathu abangamaHeberu, uHananiya, uMishayeli, no-Azariya nabo babeyizibonelo zobuhle. Bathathwa ngempoqo ezweni lakubo badingiselwa eBabiloni. Laba abasha abane bethiwa amagama aseBabiloni—uBeliteshasari, uShadiraki, uMeshaki no-Abedi-Nego. Baphiwa ‘nokudla kwenkosi’ okwakuhlanganisa nokudla okwakwenqatshelwe uMthetho kaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, baphoqwa ukuba bathathe izifundo zeminyaka emithathu eziphathelene ‘nezincwadi nolimi lwamaKaledi.’ Lokhu kwakuhilela okungaphezu nje kokufunda olunye ulimi, ngoba kungenzeka ukuthi igama elithi “amaKaledi” lapha libhekisela esigabeni esifundile. Ngakho lentsha engamaHeberu yachayeka ezimfundisweni zabaseBabiloni ezonakele.—Daniyeli 1:1-7.
6. Kungani singase sithi uDaniyeli waphishekela ubuhle?
6 Naphezu kokucindezelwa okukhulu kokuba bavumele isimo, uDaniyeli nabangane bakhe abathathu bakhetha ubuhle kunobubi. UDaniyeli 1:21 uthi: “UDaniyeli [waqhubeka, NW] kwaze kwaba-ngumnyaka wokuqala kaKoresi inkosi.” Yebo, uDaniyeli “waqhubeka” eyinceku kaJehova enobuhle iminyaka engaphezu kuka-80—phakathi nokudlondlobala nokuwa kwamakhosi amaningana anamandla. Wahlala ethembekile kuNkulunkulu naphezu kozungu nogobe lwezikhulu zikahulumeni ezikhohlakele nobubi obungokobulili obabugcwele enkolweni yaseBabiloni. UDaniyeli waqhubeka ephishekela ubuhle.
7. Yini esingayifunda enkambweni eyalandelwa uDaniyeli nabangane bakhe abathathu?
7 Kuningi esingakufunda kuDaniyeli nabangane bakhe ababesaba uNkulunkulu. Baphishekela ubuhle futhi benqaba ukwamukela amasiko aseBabiloni. Nakuba bethiwa amagama aseBabiloni, abazange bazikhohlwe ukuthi bayizinceku zikaJehova. Ingani ngemva kweminyaka engaba ngu-70, inkosi yaseBabiloni yabiza uDaniyeli ngegama lakhe lesiHeberu! (Daniyeli 5:13) Phakathi nakho konke ukuphila kwakhe okude, uDaniyeli wenqaba ukuhlehla ngisho nasezintweni ezincane. Esemncane, “wazimisela enhliziyweni yakhe ukuba angazingcolisi ngesabelo sokudla kwenkosi.” (Daniyeli 1:8) Akungabazeki ukuthi lokhu kuma kokungahlehli uDaniyeli nabangane bakhe abathathu abakuthatha kwabaqinisa ukuze basinde ekuvivinyweni kokufa nokuphila ababhekana nakho kamuva.—Daniyeli, izahluko 3 no-6.
Ukuphishekela Ubuhle Namuhla
8. Intsha engamaKristu ingamelana kanjani nokugwinywa yizwe likaSathane?
8 NjengoDaniyeli nabangane bakhe abathathu, abantu bakaNkulunkulu namuhla bayamelana nokugwinywa yizwe elibi likaSathane. (1 Johane 5:19) Uma ungomusha ongumKristu, kungenzeka ubhekene nokucindezela okunamandla kontanga kokuba ulingise ukweqisa kwabo ekugqokeni, ukuzilungisa nomculo. Nokho, kunokuba ulandele zonke izimfashini noma izitayela ezifikayo, yima uqinile, ungavumi ‘ukulolongwa ufane nalesisimiso sezinto.’ (Roma 12:2) ‘Lahla ukungamhloniphi uNkulunkulu nezifiso zezwe, uphile ngokuhluzeka kwengqondo nokulunga nangokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu.’ (Thithu 2:11, 12) Into ebalulekile akukhona ukwamukelwa ontanga yakho kodwa ukwamukelwa uJehova.—IzAga 12:2.
9. Yikuphi ukucindezela amaKristu angase abhekane nakho kwezamabhizinisi, futhi kufanele aziphathe kanjani?
9 AmaKristu angabantu abadala nawo abhekana nokucindezelwa futhi kufanele abe nobuhle. Osomabhizinisi abangamaKristu bangase balingeke ukuba basebenzise izindlela ezingabazekayo noma bangayishayi mkhuba imithetho kahulumeni neyentela. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi izimbangi kwezamabhizinisi noma esisebenza nabo baziphatha kanjani “sifisa ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.” (Heberu 13:18) NgokomBhalo, kudingeka sethembeke futhi sibe qotho kubaqashi, izisebenzi, abathengi nakohulumeni. (Duteronomi 25:13-16; Mathewu 5:37; Roma 13:1; 1 Thimothewu 5:18; Thithu 2:9, 10) Masilwele futhi ukuba abahlelekile ezindabeni zethu zamabhizinisi. Ngokugcina imibhalo enembile nokubhala izivumelwano phansi, ngokuvamile singavimbela ukungaqondi okuningi.
Hlala Uqaphile!
10. Kungani kunesidingo ‘sokuqaphela’ uma kuziwa emculweni esiwukhethayo?
10 IHubo 119:9 liqokomisa esinye isici sokuhlala sinobuhle emehlweni kaNkulunkulu. Umhubi wahlabelela: “Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na? Ngokuqaphela okwezwi lakho.” Esinye sezikhali zikaSathane eziphumelela kakhulu umculo, njengoba unamandla okushukumisa imizwelo. Kuyadabukisa ukuthi amanye amaKristu aye ahluleka ‘ukuqaphela’ endabeni yomculo, futhi azithola ekhangwa uhlobo olweqisayo, njenge-rap nomculo onesigqi esinamandla. Abanye bangase baphikise ngokuthi umculo onjalo awubalimazi noma bathi abazinaki izosha zawo. Abanye bathi bamane nje bajabulela isigqi esinamandla noma izigingci ezibanga umsindo. Nokho kumaKristu, akukhona ukuthi into ethile iyajabulisa yini. Akukhathalelayo ukuthi ‘iyamukeleka yini eNkosini.’ (Efesu 5:10) Imvama yomculo onesigqi esinamandla ne-rap ikhuthaza ububi obunjengenhlamba, ubufebe ngisho nokukhulekela uSathane—izinto ezingenandawo nakancane phakathi kwabantu bakaNkulunkulu.a (Efesu 5:3) Kungakhathaliseki ukuthi sibadala noma sibancane, ngamunye wethu wenza kahle ngokucabanga ngalombuzo, Ngomculo engiwukhethayo, ingabe ngiphishekela ubuhle noma ububi?
11. UmKristu angaqapha kanjani ngokuphathelene nezinhlelo zethelevishini, ama-video namabhayisikobho?
11 Izinhlelo eziningi zethelevishini, ama-video namabhayisikobho kukhuthaza ububi. Ngokomunye uchwepheshe odumile wezengqondo, ‘ukuthanda injabulo, ubulili, ubudlova, ukuhaha, nobugovu’ yikhona okugcwele kumabhayisikobho amaningi akhiqizwa namuhla. Ngakho-ke, ukuhlala siqaphile kuhlanganisa nokuba abakhethayo kwesikubukayo. Umhubi wathandaza wathi: “Phendula amehlo ami, angaboni okuyize.” (IHubo 119:37) Omusha ongumKristu okuthiwa uJoseph wasisebenzisa lesi simiso. Lapho ifilimu ethile iqala ukuveza ubulili obuyingcaca nobudlova, waphuma ebhayisikobho. Ingabe waba namahloni ngokwenza lokhu? “Cha, angizange nakancane,” kusho uJoseph. “Ngacabanga ngoJehova kuqala nangokujabulisa yena.”
Indima Yokutadisha Nokuzindla
12. Kungani kudingeka isifundo somuntu siqu nokuzindla ukuze siphishekele ubuhle?
12 Akwanele ukugwema izinto ezimbi. Ukuphishekela ubuhle kuhilela nokutadisha nokuzindla ngezinto ezinhle ezilotshwe eZwini likaNkulunkulu ukuze umuntu akwazi ukusebenzisa izimiso zalo zokulunga ekuphileni. Umhubi wababaza: “Ngiyawuthanda umthetho wakho kangaka. Usuku lonke ngizindla ngawo.” (IHubo 119:97) Ingabe isifundo somuntu siqu seBhayibheli nezincwadi zobuKristu siyingxenye yesimiso sakho samasonto onke? Yiqiniso, ukuzinika isikhathi sokutadisha iZwi likaNkulunkulu ngenkuthalo nokuzindla ngalo ngomthandazo kungaba yinselele. Kodwa ngokuvamile kungenzeka ukuthengisisa isikhathi kwezinye izinto. (Efesu 5:15, 16) Mhlawumbe isikhathi sasekuseni kakhulu singaba isikhathi esikahle kuwe sokuthandaza, ukutadisha nokuzindla.—Qhathanisa neHubo 119:147.
13, 14. (a) Kungani ukuzindla kubaluleke kakhulu? (b) Ukuzindla ngamiphi imibhalo okungasisiza senyanye ukuziphatha okubi kobulili?
13 Ukuzindla kubaluleke kakhulu ngoba kusisiza ukuba sikukhumbule esikufundayo. Okubaluleke nakakhulu, kungasiza ekukhuthazeni imibono yokuhlonipha uNkulunkulu. Ngokwesibonelo: Kungenye into ukwazi ukuthi uNkulunkulu uyabenqabela ubufebe kodwa kuyinto ehluke ngokuphelele ‘ukwenyanya okubi futhi ubambelele kokuhle.’ (Roma 12:9) Empeleni singayizwa indlela uJehova azizwa ngayo ngokuziphatha okubi kobulili ngokuzindla ngemibhalo yeBhayibheli eyisihluthulelo, njengowabaseKolose 3:5, osinxusa kanje: “Ngakho-ke, bulalani amalungu emizimba yenu asemhlabeni ngokuqondene nobufebe, ukungahlanzeki, isifiso sobulili, isifiso esilimazayo, nokukhanuka, okuwukukhonza izithombe.” Zibuze: ‘Hlobo luni lwesifiso sobulili okumelwe ngilubulale? Yini okumelwe ngiyigweme engase ivuse isifiso esingahlanzekile? Ingabe zikhona izinguquko okudingeka ngizenze endleleni engiphatha ngayo abobulili obuhlukile?’—Qhathanisa neyoku-1 Thimothewu 5:1, 2.
14 UPawulu unxusa amaKristu ukuba adede ebufebeni futhi azithibe ukuze “kungabikho muntu ofinyelela eqophelweni lokulimaza futhi angenele emalungelweni omfowabo.” (1 Thesalonika 4:3-7) Zibuze: ‘Kungani ukufeba kulimaza? Ngingazilimaza kanjani mina noma omunye uma ngona kulokhu? Kungangithinta kanjani ngokomoya, ngokomzwelo, nangokomzimba? Kuthiwani ngabathile ebandleni abaye baphula umthetho kaNkulunkulu futhi bangaphenduka? Ziye zabahambela kanjani izinto?’ Ukulalela okushiwo yimiBhalo ngokuziphatha okunjalo kungajulisa inzondo esinayo ngezinto ezimbi emehlweni kaNkulunkulu. (Eksodusi 20:14; 1 Korinte 5:11-13; 6:9, 10; Galathiya 5:19-21; IsAmbulo 21:8) UPawulu uthi isifebe ‘asibonisi ukunganaki umuntu, kodwa uNkulunkulu.’ (1 Thesalonika 4:8) Yimuphi umKristu weqiniso obengamshaya indiva uYise wasezulwini?
Ubuhle Nabantu Esizihlanganisa Nabo
15. Abantu esizihlanganisa nabo banayiphi indima ekuphishekeleni kwethu ubuhle?
15 Okunye okusisiza sihlale sinobuhle ukuzihlanganisa nabantu abahle. Umhubi wahlabelela: “Ngingumngane wabo bonke abakwesabayo [Jehova], abagcina iziyalezo zakho.” (IHubo 119:63) Sidinga ubudlelwane obunempilo obutholakala emihlanganweni yobuKristu. (Heberu 10:24, 25) Uma siba onkom’idlayodwa, singase siqale ukucabanga kobugovu, futhi ububi bungasifica ngokushesha. (IzAga 18:1) Nokho, ubudlelwane obufudumele bobuKristu bungaqinisa ukuzimisela kwethu ukuhlala sinobuhle. Yebo, kumelwe sixwaye futhi ukuzihlanganisa nabantu ababi. Singaba nomusa komakhelwane bethu, kwesisebenza nabo nakwesifunda nabo. Kodwa uma sihamba ngokuhlakanipha ngempela, siyogwema ukusondelana kakhulu nabantu abangaphishekeli ubuhle bobuKristu.—Qhathanisa neyabaseKolose 4:5.
16. Ukusebenzisa eyoku-1 Korinte 15:33 kungasisiza kanjani ukuba siphishekele ubuhle namuhla?
16 UPawulu wabhala: “Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba enosizo.” Ngokusho lamazwi, wayexwayisa amakholwa ukuthi ayengase aphelelwe ukholo ngokuzihlanganisa nababezibiza ngamaKristu bebe benqaba imfundiso yovuko engokomBhalo. Isimiso esisekelwe kuso isixwayiso sikaPawulu sisebenza kwesizihlanganisa nabo ngaphandle nangaphakathi kwebandla. (1 Korinte 15:12, 33) Njengokulindelekile, asifuni ukugwema abafowethu nodadewethu abangokomoya ngenxa nje yokuthi abavumelani nombono othile esinawo ongowomuntu siqu ngokuphelele. (Mathewu 7:4, 5; Roma 14:1-12) Noma kunjalo, ukuqapha kuyadingeka lapho abathile ebandleni beziphatha ngendlela engabazisayo noma bebonisa umoya ongemuhle noma wokukhononda. (2 Thimothewu 2:20-22) Kuwukuhlakanipha ukuhlala sisondelene nalabo esingajabulela “ukukhuthazana” nabo. (Roma 1:11, 12) Lokhu kuyosisiza siphishekele inkambo yobuhle futhi siqhubeke ‘sisendleleni yokuphila.’—IHubo 16:11.
Qhubeka Uphishekela Ubuhle
17. NgokukaNumeri isahluko 25, iyiphi inhlekelele eyehlela ama-Israyeli, futhi lokhu kusinika siphi isifundo?
17 Lapho sekuseduze ukuba ama-Israyeli athathe iZwe Lesithembiso, izinkulungwane zawo zakhetha ukuphishekela ububi—zase zibhekana nenhlekelele. (Numeri, isahluko 25) Namuhla, abantu bakaJehova basonqenqemeni lwezwe elisha lokulunga. Ukungena kulo kuyoba yilungelo elibusisekile lalabo abaqhubeka benqaba ububi balelizwe. Njengabantu abangaphelele, singase sithambekele kokungalungile, kodwa uNkulunkulu angasisiza silandele ukuhola okunokulunga komoya wakhe ongcwele. (Galathiya 5:16; 1 Thesalonika 4:3, 4) Ngakho masilalele isikhuthazo uJoshuwa ayesibhekise kuma-Israyeli: “Yesabani uJehova, nimkhonze ngobuqotho nangeqiniso.” (Joshuwa 24:14) Ukwesaba okunenhlonipho ukungamjabulisi uJehova kuyosisiza siphishekele inkambo yobuhle.
18. Ngokuqondene nobubi nobuhle, yini okufanele wonke amaKristu azimisele ngayo?
18 Uma kuyisifiso senhliziyo yakho ukujabulisa uNkulunkulu, zimisele ukulalela isikhuthazo sikaPawulu: “Noma iziphi izinto eziyiqiniso, noma iziphi izinto ezinokubaluleka okungathi sína, noma iziphi izinto ezilungileyo, noma iziphi izinto ezimsulwa, noma iziphi izinto ezithandekayo, noma iziphi izinto okukhulunywa kahle ngazo, noma yibuphi ubuhle obukhona nanoma yini ekhona ekufanelekelayo ukudunyiswa, qhubekani nicabanga ngalezizinto.” Uyoba yini umphumela uma wenza lokhu? UPawulu wathi: “Zenzeni umkhuba; futhi uNkulunkulu wokuthula uyoba nani.” (Filipi 4:8, 9) Yebo, ngosizo lukaJehova ungabenqaba ububi, uphishekele ubuhle.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka INqabayokulinda ka-April 15, 1993, amakhasi 19-24, nochungechunge oluthi “Intsha Iyabuza . . . ” kuyi-Phaphama! ka-February 8, February 22 no-March 22, 1993, nakweka-November 22, 1996.
Amaphuzu Okubukezwa
◻ Yini edingekayo ukuze siphishekele ubuhle?
◻ UHezekiya, uDaniyeli namaHeberu amathathu bahlala benobuhle ngaphansi kwaziphi izimo?
◻ Singaba kanjani njengoDaniyeli ekumelaneni namacebo kaSathane?
◻ Kungani amaKristu kumelwe aqaphe ngokuphathelene nezokuzijabulisa?
◻ Ukutadisha, ukuzindla, nabantu esizihlanganisa nabo kunayiphi indima ekuphishekeleni ubuhle?
[Isithombe ekhasini 15]
UHezekiya omncane waphishekela ubuhle nakuba ayezungezwe abakhulekeli bakaMoloki
[Izithombe ekhasini 17]
AmaKristu kumelwe aqaphe uma kuziwa kwezokuzijabulisa