“Yibani Ngcwele Ngokwenu Kukho Konke Ukuziphatha Kwenu”
“Ngokuvumelana noNgcwele owanibiza, nani yibani ngcwele ngokwenu kukho konke ukuziphatha kwenu, ngoba kulotshiwe ukuthi: ‘Kumelwe nibe ngcwele, ngoba mina ngingcwele.’”—1 PETRU 1:15, 16.
1. Kungani uPetru akhuthaza amaKristu ukuba abe ngcwele?
KUNGANI umphostoli uPetru anikeza iseluleko esingenhla? Ngoba wayebona isidingo sokuba umKristu ngamunye aqaphele imicabango yakhe nezenzo zakhe ukuze azigcine zivumelana nobungcwele bukaJehova. Ngakho, wandulelisa lamazwi angenhla ngokuthi: “Bhukulani izingqondo zenu ngenjongo yokusebenza, hlalani nisanguluke ngokuphelele . . . Njengabantwana abalalelayo, yekani ukulolongwa ngokuvumelana nezifiso enaninazo ngaphambili ekungazini kwenu.”—1 Petru 1:13, 14.
2. Kungani izifiso zethu zazingengcwele ngaphambi kokuba sifunde iqiniso?
2 Izifiso zethu zangaphambili zazingengcwele. Ngani? Ngoba iningi lethu lalilandela inkambo yezwe ngaphambi kokuba samukele iqiniso lobuKristu. UPetru wayekwazi lokhu lapho ebhala ngokungagwegwesi: “Isikhathi esidlulile sanele ngani ukuthi nayenza intando yezizwe lapho niqhubeka ezenzweni zokuziphatha okuxekethile, izinkanuko, ukweqisa ewayinini, imibuthano exokozelayo, imincintiswano yokuphuza, nokukhonza izithombe okuphambene nomthetho.” Yebo, uPetru akazange abale izenzo ezingengcwele ezikhona ezweni lethu namuhla, kwazise zazingaziwa ngaleso sikhathi.—1 Petru 4:3, 4.
3, 4. (a) Singalwa kanjani nezifiso ezingalungile? (b) Ingabe amaKristu kufanele angayivezi imizwelo yawo? Chaza.
3 Ingabe uphawulile ukuthi lezi izifiso ezithandwa inyama, imizwa, nemizwelo? Uma sivumela lezi zinto zibuse, kalula nje imicabango yethu nezenzo kuba okungengcwele. Lokhu kubonisa isidingo sokuvumela amandla okucabanga alawule izenzo zethu. UPawulu wakubeka ngalendlela: “Ngenxa yalokho nginincenga ngobubele bukaNkulunkulu, bafowethu, ukuba nethule imizimba yenu ingumhlatshelo ophilayo, ongcwele, owamukelekayo kuNkulunkulu, uyinkonzo engcwele ngamandla enu okucabanga.”—Roma 12:1, 2.
4 Ukuze silethe imihlatshelo engcwele kuNkulunkulu, kumelwe sivumele ukubuswa amandla okucabanga, hhayi imizwelo. Yeka ukuthi baningi kanjani abaye bakhukhulwa igagasi lokuziphatha okubi ngoba beye bavumela imizwa yabo ukuba ilawule ukuziphatha kwabo! Lokho akusho ukuthi imizwelo yethu kumelwe icindezelwe; ngoba, besiyoyibonisa kanjani injabulo enkonzweni kaJehova? Nokho, uma sifuna ukuveza izithelo zomoya esikhundleni semisebenzi yenyama, khona-ke kumelwe sivumelanise izingqondo zethu nendlela kaKristu yokucabanga.—Galathiya 5:22, 23; Filipi 2:5.
Ukuphila Okungcwele, Inani Elingcwele
5. Kungani uPetru ayekhathalela isidingo sobungcwele?
5 Kungani uPetru ayesikhathalela kangaka isidingo sobungcwele bobuKristu? Ngoba wayelazi kahle inani elingcwele elalikhokhelwe ukuhlenga isintu esilalelayo. Wabhala: “Niyazi ukuthi anikhululwanga ngezinto ezonakalayo, ngesiliva noma igolide, ohlotsheni lwenu lokuziphatha olungenazithelo enalwamukela ngesiko kokhokho benu. Kodwa kwakungegazi eliyigugu, njengalelo lewundlu elingenasici nelingenabala, yebo likaKristu.” (1 Petru 1:18, 19) Yebo, uMthombo wobungcwele, uJehova uNkulunkulu, wayethumele iNdodana yakhe ezelwe yodwa, “oNgcwele,” emhlabeni ukuze ikhokhe isihlengo esasiyokwenza abantu babe nobuhlobo obuhle noNkulunkulu.—Johane 3:16; 6:69; Eksodusi 28:36; Mathewu 20:28.
6. (a) Kungani kungelula ngathi ukuba siphishekele ukuziphatha okungcwele? (b) Yini engasisiza ukuba sigcine ukuziphatha kwethu kungcwele?
6 Nokho, kumelwe siqaphele ukuthi akulula ukuphila ukuphila okungcwele sisezweni likaSathane elonakele. Uwabekela izingibe amaKristu eqiniso, azama ukuphila kulesi simiso sakhe sezinto. (Efesu 6:12; 1 Thimothewu 6:9, 10) Izingcindezi zomsebenzi wokuziphilisa, ukuphikiswa ekhaya, ukuhlekwa usulu esikoleni nezokucindezela kontanga zenza ukuba nengokomoya eliqinile kube okubalulekile ukuze umuntu alondoloze ubungcwele. Lokho kugcizelela indima ebalulekile yesifundo sethu somuntu siqu nokuba khona kwethu njalo emihlanganweni yobuKristu. UPawulu weluleka uThimothewu: “Qhubeka ubambe isibonelo samazwi amahle owawezwa kimi ngokholo nothando olumayelana noKristu Jesu.” (2 Thimothewu 1:13) Lawo mazwi amahle siwezwa eHholo LoMbuso nasesifundweni sethu siqu seBhayibheli. Angasisiza ukuba sibe ngcwele ekuziphatheni kwethu nsuku zonke ezimweni eziningi ezihlukene.
Ukuziphatha Okungcwele Ekhaya
7. Ubungcwele kufanele bukuthinte kanjani ukuphila kwethu ekhaya?
7 Lapho uPetru ecaphuna uLevitikusi 11:44, wasebenzisa igama lesiGreki elithi haʹgi·os, elisho “ukuhlukaniswa nesono futhi ngenxa yalokho ukunikelwa kuNkulunkulu, okungcwele.” (An Expository Dictionary of New Testament Words, kaW. E. Vine) Kufanele kusithinte kanjani lokhu ekuphileni kwethu kobuKristu ekhaya? Ngokuqinisekile kumelwe kusho ukuthi ukuphila kwethu ekhaya kufanele kusekelwe othandweni, ngoba “uNkulunkulu uluthando.” (1 Johane 4:8) Uthando lokuzidela lungamafutha agcina ubuhlobo bushelela phakathi kwabantu abashadile naphakathi kwabazali nabantwana.—1 Korinte 13:4-8; Efesu 5:28, 29, 33; 6:4; Kolose 3:18, 21.
8, 9. (a) Yisiphi isimo ngezinye izikhathi esiba khona emzini wamaKristu? (b) Yisiphi iseluleko esinengqondo iBhayibheli elisinikezayo kulendaba?
8 Singase sicabange ukuthi ukubonisa uthando olunjalo kuyozenzekela emkhayeni wamaKristu. Nokho, kumelwe kuvunywe ukuthi uthando alubi bikho ngezinga okufanele lube khona ngalo kweminye imizi yamaKristu. Kungase kubonakale sengathi lukhona eHholo LoMbuso, kodwa yeka indlela okulula ngayo ukuba ubungcwele bethu bunyamalale uma sesisekhaya. Khona-ke, ngokushesha singase sikhohlwe ukuthi inkosikazi isewudadewethu ongumKristu noma ukuthi indoda isewumzalwane (futhi mhlawumbe inceku ekhonzayo noma umdala) obebonakala sengathi uyahlonishwa eHholo LoMbuso. Kuba khona ukucikeka, bese kuqala izimpikiswano ezishubile. Singaze siqale ngisho nokuphila ukuphila okumbaxambili. Akusebona ubuhlobo bendoda nenkosikazi obunjengobukaKristu kodwa indoda nowesifazane abaphikisanayo. Bayakhohlwa ukuthi kufanele kube nesimo sobungcwele ekhaya. Mhlawumbe baqala ukukhulumisa okwabantu bezwe. Yeka indlela okulula ngayo ukuba inkulumo engcolile, ebhuqayo iphume emlonyeni ngaleso sikhathi!—IzAga 12:18; qhathanisa nezEnzo 15:37-39.
9 Nokho, uPawulu uyeluleka: “Makungaphumi lizwi elibolile [ngesiGreki, loʹgos sa·prosʹ, “inkulumo engcolisayo,” ngenxa yalokho engengcwele] emlonyeni wenu, kodwa noma yiliphi izwi elihle ekwakheni kuye ngokwesidingo, ukuze lidlulisele okuhle kwabezwayo.” Futhi lokho kubhekisela kubo bonke abezwayo ekhaya, kuhlanganise nezingane.—Efesu 4:29; Jakobe 3:8-10.
10. Iseluleko esiphathelene nobungcwele sisebenza kanjani ezinganeni?
10 Lesi siqondiso sobungcwele sisebenza ngendlela efanayo nasezinganeni emkhayeni wamaKristu. Yeka indlela okulula ngayo kuzo ukuba zifike ekhaya zivela esikoleni ziqale ukulingisa inkulumo yokuvukela neyokwedelela yontanga bezwe! Zingane, ningafisi izimo zengqondo ezaboniswa abafana abangasile abathuka umprofethi kaJehova futhi abafana nentsha yanamuhla egcwele inhlamba, nehlambalazayo. (2 AmaKhosi 2:23, 24) Inkulumo yenu akufanele ingcoliswe ulimi lwasemgwaqweni olungenanhlonipho lwabantu abavilaphayo nabangenakucabangela kokuba basebenzise amagama ahloniphekile. NjengamaKristu, inkulumo yethu kufanele ibe ngcwele, ijabulise, yakhe, ibe nomusa, futhi ‘iyoliswe ngosawoti.’ Kufanele isenze sihluke kwabanye abantu.—Kolose 3:8-10; 4:6.
Ubungcwele Namalungu Emikhaya Yethu Angakholwa
11. Kungani ukuba ngcwele kungasho ukuzibona singabalungile?
11 Nakuba sizama ngobuqotho ukuba ngcwele, akufanele sibonakale siphakeme kunabanye futhi sizibone singabalungile, ikakhulukazi lapho sisebenzelana namalungu emikhaya yethu angakholwa. Ukuziphatha kwethu kobuKristu okunomusa kufanele okungenani kuwasize abone ukuthi sihluke ngendlela ewusizo, ukuthi siyakwazi ukubonisa uthando nesihawu, njengoba nje kwenza umSamariya olungileyo womfanekiso kaJesu.—Luka 10:30-37.
12. Abantu abashadile abangamaKristu bangalenza kanjani iqiniso likhange kubangane babo?
12 UPetru wagcizelela ukubaluleka kwesimo sengqondo esifanele ngamalungu emikhaya yethu angakholwa lapho ebhalela amakhosikazi angamaKristu: “Ngendlela efanayo, nani bafazi, zithobeni kubayeni benu siqu, ukuze kuthi, uma bekhona abangalilaleli izwi, bazuzwe ngaphandle kwezwi ngokuziphatha kwabafazi babo, ngoba beye baba ofakazi bokuzibonela bokuziphatha kwenu okumsulwa kanye nenhlonipho ejulile.” Inkosikazi engumKristu (noma ngisho nendoda) ingenza umngane wayo womshado ongakholwa alithande iqiniso uma ukuziphatha kwayo kuhlanzekile, kunokucabangela, nenhlonipho. Lokhu kusho ukuthi isimiso sezinto ezingokwasezulwini kufanele sivumelane nezimo ukuze umngane womshado ongakholwa angazizwa edelelekile noma enganakiwe.a—1 Petru 3:1, 2.
13. Abadala nezinceku ezikhonzayo ngezinye izikhathi bangabasiza kanjani abayeni bodade abangakholwa ukuba balibone iqiniso?
13 Abadala nezinceku ezikhonzayo ngezinye izikhathi bangasiza ngokujwayela indoda engakholwa, babe nobudlelwane nayo. Ngalendlela ingase ibone ukuthi oFakazi bangabantu abavamile, abakahle, abanesithakazelo ezintweni eziningi, kuhlanganise nezindaba ezingathinti iBhayibheli. Kwesinye isimo, umdala waba nesithakazelo emsebenzini wokudoba othandwa umyeni kadade. Kwakwanele ukuba kumenze ancibilike. Lowo myeni kadade ekugcineni waba umzalwane obhapathiziwe. Omunye umyeni ongakholwa wayethanda imizwilili. Abadala abazange baphelelwe amasu. Omunye wabo wafunda ngemizwilili ukuze kuthi lapho ephinde ehlangana nalendoda, aqale ingxoxo ngesihloko sento eyayiyithanda! Ngakho-ke, ukuba ngcwele akusho ukuba nemibono eqinile noma ukuba njengabafake amatomu ngengqondo.—1 Korinte 9:20-23.
Singaba Kanjani Abangcwele Ebandleni?
14. (a) Iyiphi enye yezindlela zikaSathane yokwenza ibandla libe buthaka? (b) Singamelana kanjani nogibe lukaSathane?
14 USathane uDeveli ungumnyundeli, ngoba igama likaDeveli lesiGreki, elithi di·aʹbo·los, lisho “ummangaleli” noma “umnyundeli.” Ukunyundela kungenye yezinto ayazi ngokukhethekile, futhi uzama ukukusebenzisa ebandleni. Indlela yakhe ayithanda kakhulu inhlebo. Ingabe siyavuma yini ukuba yizithutha zakhe kulomkhuba ongengcwele? Kungenzeka kanjani lokho? Ngokuyiqala, ngokuyiphinda, noma ngokuyilalela. Isaga esihlakaniphile sithi: “Umuntu ophambeneyo usakaza ukuxabana, nomncethezi wahlukanisa abahlobo.” (IzAga 16:28) Liyini ikhambi lokuqeda inhlebo nokunyundela? Kufanele siqiniseke ukuthi inkulumo yethu ngaso sonke isikhathi iyakha futhi isekelwe othandweni. Uma sifuna ubuhle kunezinto esicabanga ukuthi ziwububi babafowethu, ingxoxo yethu ngaso sonke isikhathi iyoba ejabulisayo nengokomoya. Khumbula ukuthi kulula ukugxeka. Futhi umuntu ohleba ngabanye kuwe angase ahlebe ngawe kwabanye!—1 Thimothewu 5:13; Thithu 2:3.
15. Yiziphi izimfanelo ezinjengezikaKristu eziyosiza ekugcineni bonke ebandleni bengcwele?
15 Ukuze sigcine ibandla lingcwele, sonke kudingeka sibe nomqondo kaKristu, futhi siyazi ukuthi imfanelo yakhe evelele uthando. Ngakho, uPawulu waluleka abaseKolose ukuba babe nesihawu njengoKristu: “Ngakho, njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandwayo, gqokani ukusondelana okunesisa kobubele, umusa, ukuthobeka kwengqondo, ubumnene, nokubhekakade . . . , nithethelelana ngokukhululekile . . . Ngaphezu kwazo zonke lezizinto, gqokani uthando, ngoba luyisibopho esiphelele sobunye.” Wabe esenezela: “Futhi, ukuthula kukaKristu makulawule ezinhliziyweni zenu.” Ngokuqinisekile uma sinalomoya wokuthethelela, singalondoloza ubunye nobungcwele bebandla.—Kolose 3:12-15.
Ingabe Ubungcwele Bethu Buyabonakala Emphakathini Esikuwo?
16. Kungani ukukhulekela kwethu okungcwele kufanele kube ukukhulekela okujabulisayo?
16 Kuthiwani ngomakhelwane bethu? Basibheka kanjani? Ingabe sibonisa injabulo yeqiniso, noma silenza libonakale liwumthwalo? Uma singcwele njengoba noJehova engcwele, khona-ke kufanele kubonakale enkulumweni yethu nasekuziphatheni kwethu. Kufanele kucace ukuthi ukukhulekela kwethu okungcwele kuwukukhulekela okujabulisayo. Kungani kunjalo? Ngoba uJehova uNkulunkulu wethu unguNkulunkulu ojabulayo, ofuna abakhulekeli bakhe bajabule. Ngakho, umhubi wayengase athi ngabantu bakaJehova ezikhathini zasendulo: “[Bayajabula, NW] abantu abaNkulunkulu wabo unguJehova.” Ingabe siyayibonakalisa leyo njabulo? Ingabe nezingane zethu zibonisa ukwaneliseka ngokuba phakathi kwabantu bakaJehova eHholo LoMbuso nasemihlanganweni?—IHubo 89:15, 16; 144:15b.
17. Yini esingayenza ukuze sibonise ubungcwele obunokulinganisela?
17 Singabonisa futhi ubungcwele bethu obunokulinganisela ngomoya wethu wokubambisana nomusa wobukhelwane. Ngezinye izikhathi kuye kudingeke ngomakhelwane ukuba bahlangane, mhlawumbe ukuze bahlanze indawo abakhe kuyo, noma, njengakwamanye amazwe, ukuze basize ekuthuthukiseni imigwaqo emincane nemikhulu. Kulokhu, ubungcwele bethu bungabonakala endleleni esinakekela ngayo izingadi zethu, amagceke, noma ezinye izakhiwo. Uma siyeka izibi zigcwale yonke indawo noma igceke lethu limahlikilili noma linganakiwe, mhlawumbe linezimoto ezindala eziphukile ezibonwa yibo bonke, singasho yini ukuthi siphatha omakhelwane bethu ngenhlonipho?—IsAmbulo 11:18.
Ubungcwele Emsebenzini Nasesikoleni
18. (a) Yisiphi isimo esibucayi amaKristu akuso namuhla? (b) Singahluka kanjani ezweni?
18 Umphostoli uPawulu wabhalela amaKristu emzini ongengcwele waseKorinte: “Encwadini yami nganilobela ukuthi niyeke ukuzihlanganisa nezifebe, ngingasho ngokuphelele ukuzihlanganisa nezifebe zalelizwe noma abantu abahahayo nabaphangi noma abakhonza izithombe. Uma kunjalo, bekuyodingeka ukuba empeleni niphume ezweni.” (1 Korinte 5:9, 10) Lesi isimo esibucayi kumaKristu, okumelwe ahlangane nsuku zonke nabantu abaziphethe kabi noma abaphakathi naphakathi. Lolu uvivinyo olukhulu lobuqotho, ikakhulukazi emiphakathini lapho ukuhlukunyezwa ngokobulili, ukonakala, nokungathembeki kukhuthazwa noma kuvunyelwa khona. Esimweni esinjalo akumelwe sehlise izindinganiso zethu ukuze sibonakale singabantu “abavamile” kulabo abasizungezile. Kunalokho, ukuziphatha kwethu kobuKristu okunomusa kodwa okuhlukile kufanele kusenze sivelele kubantu abaqaphelayo, kulabo abaqaphela isidingo sabo esingokomoya futhi abafuna okungcono.—Mathewu 5:3; 1 Petru 3:16, 17.
19. (a) Yikuphi ukuvivinywa nina zingane eninakho esikoleni? (b) Yini abazali abangayenza ukuze basekele izingane zabo nokuziphatha kwazo okungcwele?
19 Ngokufanayo, kunezilingo eziningi izingane zethu ezibhekene nazo esikoleni. Nina bazali ingabe niyaya esikoleni izingane zenu ezikuso? Niyazi yini ukuthi sinjani isimo lapho? Ingabe niyezwana nothisha? Kungani lemibuzo ibalulekile? Ngoba ezindaweni eziningi zomhlaba ezisemadolobheni, izikole ziye zaba izidleke zodlame, izidakamizwa, nobulili. Izingane zenu zingabugcina kanjani ubuqotho bazo nokuziphatha kwazo kungcwele uma zingakutholi ukusekelwa okugcwele nokunozwela kubazali bazo? UPawulu wabayala kufanele abazali: “Nina bobaba, ningabathukuthelisi abantwana benu, ukuze bangadangali.” (Kolose 3:21) Enye indlela yokuthukuthelisa izingane iwukuhluleka ukuqonda izinkinga zazo nezilingo zansuku zonke. Ukulungiselela izilingo esikoleni kuqala esimweni esingokomoya ekhaya lamaKristu.—Duteronomi 6:6-9; IzAga 22:6.
20. Kungani ubungcwele bubalulekile kithi sonke?
20 Ekuphetheni, kungani ubungcwele bubalulekile kithi sonke? Ngoba buyisivikelo ekuhlaseleni kwezwe likaSathane nasekucabangeni kwalo. Buyisibusiso manje futhi buyoba yiso nasesikhathini esizayo. Buyasiza ekusiqinisekiseni ngokuphila okuyoba ukuphila kwangempela ezweni elisha lokulunga. Buyasisiza sibe amaKristu alinganiselayo, angenekayo, akwazi ukuxoxa—hhayi abantu abashiseka ngokweqile, abalukhuni. Kafushane nje, busenza sibe njengoKristu.—1 Thimothewu 6:19.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngokusebenzelana ngokuhlakanipha nabangane bomshado abangakholwa, bheka INqabayokulinda ka-August 15, 1990, “Ungamshayi Indiva Umngane Wakho!” amakhasi 20-2 neka-November 1, 1988, amakhasi 24-5, izigaba 20-2.
Uyakhumbula?
◻ Kungani uPetru abona isidingo sokweluleka amaKristu ngobungcwele?
◻ Kungani kungelula ukuphila ukuphila okungcwele?
◻ Yini sonke esingayenza ukuze sithuthukise ubungcwele ekhaya?
◻ Ukuze ibandla lihlale lingcwele, yikuphi ukuziphatha okungengcwele okufanele sikugweme?
◻ Singahlala kanjani singcwele emsebenzini nasesikoleni?
[Izithombe ekhasini 16, 17]
NjengoFakazi BakaJehova, kufanele sijabule ekukhonzeni uNkulunkulu nakweminye imisebenzi