Isizathu Sokuba Kuxoxwe Ngayo
“Insimbi ilola insimbi, nomuntu ubuso bomunye.”—IzAga 27:17, iBhayibheli.
IZINSINGO azilolwa ngokuhhudlaniswa ndawonye. Ukulola yinqubo engenalo ukhahlo. Ngokufanayo, kunezindlela ezilungile nezingalungile zokulola ingqondo ngokuxoxa, ikakhulukazi ngezihloko ezibucayi njengenkolo.
Okokuqala nje, kufanele sihloniphe isithunzi somunye umuntu futhi leyo nhlonipho siyibonise ngamazwi nangendlela esimphatha ngayo. “Amazwi enu ngaso sonke isikhathi mawabe nomusa, ayoliswe ngosawoti,” kusho iBhayibheli. (Kolose 4:6) Inkulumo eshiwo ngomusa neyolisiwe ayikhulunywa ngezwi lobushiqela, ngisho noma isikhulumi siqiniseka ukuthi siqinisile futhi omunye umuntu unephutha.
Umusa uyabonakala nasendleleni esilalela ngayo. Ngeke silalele ngomusa uma singena umuntu emlonyeni noma uma ingqondo yethu ingagxilile ngoba silibele ukulungiselela esizomphikisa ngako. Ngokunokwenzeka lowo okhulumayo uyobona ukuthi asinasithakazelo embonweni wakhe futhi mhlawumbe avale ingxoxo. Futhi akufanele siphoqelele noma sisabise umuntu ukuba ashintshe imibono yakhe. Phela, ‘uNkulunkulu okhulisa imbewu yeqiniso’ enhliziyweni yesilaleli esisabelayo.—1 Korinte 3:6.
Sinesibonelo esihle somphostoli uPawulu, ‘owabonisana’ nabantu futhi wasebenzisa “ikhono lokukholisa” enkonzweni yakhe. (IzEnzo 17:17; 28:23, 24) UPawulu wayexoxa nabantu ngenkolo noma kuphi lapho ayebathola khona, njengasezimakethe nasemizini yabo. (IzEnzo 17:2, 3; 20:20) OFakazi BakaJehova balwela ukulingisa leso sibonelo ngokuya noma kuphi lapho bengathola khona abantu futhi babonisane nabo ngemiBhalo.
Gwema Ukungaqondi
Isizwe sakwa-Israyeli sasisanda kuzinza nje eZweni Lesithembiso lapho ukungaqondi nge-altare kucishe kuvusa impi yombango. Abantu ababehlala empumalanga yoMfula iJordani bakha i-altare, kanti lezi ezinye izizwe ngokungazi zacabanga ukuthi kwakuyi-altare lokukhulekela kwamanga. Ngakho-ke, zalungiselela impi ukuze ziqondise izigwegwe zabafowabo. Kodwa zasebenzisa ukuqonda, zazikhuza. Lezi zizwe ezazizohlasela zaqale zathumela izithunywa ukuba ziyobuza ukuthi lakhiwelani i-altare. Zathola ukuthi lalimane nje liyisikhumbuzo—“ubufakazi”—obabuzokhumbuza zonke izizwe ukuthi zimunye phambi kukaJehova uNkulunkulu, futhi lokho kwazikhulula. Ukukhuluma kwabophula empini—nasekufeni kwabaningi!—Joshuwa 22:9-34.
Ngokufanayo, ukungaqondi namuhla kuvame ukubangela ingxabano nokubandlululana. Ngokwesibonelo, abantu abambalwa babebheka oFakazi BakaJehova njengabashisekela inkolo ngokweqile ngenxa yemibiko yokuthi benqaba ukumpontshelwa igazi. Nokho, labo abaye bazibuzela oFakazi mathupha ngale ndaba baye bamangala futhi bajabula ukuzwa ukuthi kunezizathu ezingokweBhayibheli zokuma kwabo nokuthi kukhona izindlela eziphephile, ezingasetshenziswa ngokuphumelelayo esikhundleni segazi. (Levitikusi 17:13, 14; IzEnzo 15:28, 29) Eqinisweni, ngenxa yezinkinga zokuthekelisa ngegazi, omunye umlobeli wephephandaba wabhala: “Sibonga uNkulunkulu ngokuthi oFakazi BakaJehova bahlahla indlela yocwaningo lwezinto ezingasetshenziswa esikhundleni segazi.”
Ngokufanayo, abanye baye benqaba ukuxoxa noFakazi ngoba baye batshelwa ukuthi oFakazi BakaJehova abakholelwa kuJesu Kristu. Yeka amanga aluhlaza! Eqinisweni, oFakazi bagcizelela indima kaJesu ensindisweni yethu, bechaza ukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu, eyathunywa uNkulunkulu emhlabeni ukuba izohlenga abantu esonweni nasekufeni. Ngokukhuluma noFakazi ngale ndaba, abantu baye bakwazi ukuxazulula ukungaqondi.—Mathewu 16:16; 20:28; Johane 3:16; 14:28; 1 Johane 4:15.
Iqiniso—Liyathandwa Noma Alithandwa?
Mhlawumbe okumangaza abaningi ngendaba yenkolo ukuthi, indlela ethandwayo ngokuvamile indlela engalungile. UJesu Kristu ngokwakhe wafundisa: “Ngenani ngesango eliwumngcingo; ngoba ubanzi futhi uvulekile umgwaqo oholela ekubhujisweni, futhi baningi abangena ngawo; kanti liwumngcingo isango futhi unyinyekile umgwaqo oholela ekuphileni, futhi bambalwa abawutholayo.”—Mathewu 7:13, 14.
Ngosuku lukaNowa, bangu-8 kuphela abantu ababekhuluma iqiniso elingokomoya—uNowa, umkakhe, amadodana akhe amathathu nomkawo. Akungabazeki ukuthi isigijimi sabo sokuxwayisa nomsebenzi wabo wokwakha umkhumbi kwabenza bahlekwa usulu, baxhashazwa nokuxhashazwa. Nokho, uNowa nomkhaya wakhe abazange bavumele ukwesatshiswa, baqhubeka beshumayela futhi bakha. (Genesise 6:13, 14; 7:21-24; 2 Petru 2:5) Ngokufanayo, bathathu kuphela abantu abalalela isiqondiso sikaNkulunkulu futhi basinda ekubhujisweni kweSodoma neGomora.—Genesise 19:12-29; Luka 17:28-30.
Kuthiwani ngosuku lwethu? “Ukuba uKristu wayezophinda abuye ngomzimba wenyama namuhla mhlawumbe abantu babezophinda bambulale,” kusho omunye umninikhaya kuFakazi KaJehova. Lo muntu wayenomuzwa wokuthi izimfundiso nezindinganiso eziphakeme zikaJesu zokuziphatha kwakungeke kuthandwe namuhla njengoba kwakunjalo eminyakeni engu-2 000 edlule. Uyavuma?
Uma uvuma, uqinisile ngoba uJesu waxwayisa abafundi bakhe: “Niyoba izinto zokuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami”—isibikezelo esiye saba iqiniso. (Mathewu 24:9) Abaholi abangamaJuda eRoma bathi kumphostoli uPawulu mayelana nobuKristu: “Ngokuqondene nalelihlelo . . . , kukhulunywa ngokumelene nalo kuyo yonke indawo.” (IzEnzo 28:22) Nokho, ukungathandwa kobuKristu akuzange kuvimbele abalandeli bakaKristu ukuba bakhulume nabanye ngezinkolelo zabo. Akuzange kubavimbele nabantu abanhliziyo ziqotho ukuba bakhulume namaKristu.—IzEnzo 13:43-49.
Namuhla isigijimi sikaJesu sibaluleke kakhulu kunanoma yinini ngaphambili. Ngani? Ngoba izimo zezwe zibonisa ukuthi manje siphila “ezinsukwini zokugcina” zalesi simiso sezinto nokuthi lezi zinsuku zizofinyelela umvuthwandaba wazo ekuhlanzweni kobubi emhlabeni. UJesu waqhathanisa isikhathi esiphila kuso nezinsuku zikaNowa. (2 Thimothewu 3:1-5; Mathewu 24:37-39) Ngakho-ke lesi akusona isikhathi sokuba sizithathe kalula izinkolelo zethu, ngoba ukuphila okumi phakade kuyonikezwa kuphela labo abazi uNkulunkulu futhi ‘abamkhulekela ngomoya nangeqiniso.’—Johane 4:24; 2 Thesalonika 1:6-9.
Indlela Ongathola Ngayo Indlela Eqondile
UFrancis Bacon, iNgisi lekhulu le-17 leminyaka elaliyisazi sefilosofi, umbhali wezindaba, isazi-mthetho nesikhulu sikahulumeni, waxwayisa labo abafuna iqiniso ukuba “bahlaziye bese becabangisisa.” Owayengumongameli wase-United States, uThomas Jefferson, naye wathi: “Ukubonisana nokubuza ngokukhululekile kuwukuphela kwezindlela eziphumelelayo zokugwema iphutha. . . . Kuyizitha zangempela zephutha.” Ngakho-ke uma silifuna ngempela iqiniso, ‘siyohlaziya bese sicabangisisa’ futhi siphishekele “ukubonisana nokubuza ngokukhululekile.”
Echaza ukuthi kungani lokho kubalulekile, usosayensi waseBrithani uSir Hermann Bondi waphawula: “Njengoba ingaba yodwa kuphela inkolo yeqiniso, kusho ukuthi kungenzeka kakhulu ukuba abantu bakholelwe ngokuqinile nangokwethembeka entweni engamanga emkhakheni wenkolo embuliwe. Umuntu ubengalindela ukuba leli qiniso elisobala lenze abantu bathobeke ngezinga elithile futhi bacabange ukuthi kungakhathaliseki ukuthi ukholo lomuntu lujule kangakanani kungase kwenzeke ukuba udukisiwe.”
Pho, umuntu angazi kanjani ukuthi ‘usemgwaqweni onyinyekile oholela ekuphileni’ ngempela? UJesu wafundisa ukuthi uNkulunkulu kumelwe akhulekelwe ‘ngeqiniso.’ Ngakho-ke into enengqondo iwukuthi uma izimfundiso ezimbili ziphikisana, ngeke zibe iqiniso zombili. Ngokwesibonelo, kuphakathi kokuthi abantu banomphefumulo ongafi noma ofayo. Kuphakathi kokuthi uNkulunkulu uzongenela ezindabeni zesintu noma ngeke. Kuphakathi kokuthi uNkulunkulu unguZiqu-zintathu noma akayena. Abafuna iqiniso bafuna izimpendulo eziyiqiniso emibuzweni ebaluleké njengale. OFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi uNkulunkulu usinikile izimpendulo eZwini lakhe, iBhayibheli.a
Njengoba “yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu,” indlela eyinhloko yokuhlola izimfundiso ezihlukahlukene iwukuzihlola ngeBhayibheli. (2 Thimothewu 3:16) Ngokwenza kanjalo, ‘nizitholela ngokwenu intando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo.’ (Roma 12:2) Ingabe ‘ungazitholela ngokwakho’ ukuthi izinkolelo zakho zisekelwe eBhayibhelini? Ukukwazi ukwenza kanjalo kubalulekile ngoba uNkulunkulu akafuni ukuba udukiswe kanye ‘nomhlaba wonke owakhiwe.’—IsAmbulo 12:9.
Ingabe Abafundisi Bayadingeka?
UJesu akazange anikeze abafundi bakhe imiqulu embalwa wabe esethi: “Zonke izimpendulo zemibuzo yenu zilapha. Hambani niye ekhaya nizifunele zona ngokwenu.” Kunalokho, wabafundisa izwi likaNkulunkulu ngesineke nangomusa. Kamuva, labo abamukela izimfundiso zakhe basebenzisa izindlela zakhe lapho nabo sebefundisa abanye. Bheka isibonelo somfundi uFiliphu. Wakhuluma nesikhulu saseTopiya esasinenhliziyo eqotho esasikade sijwayelene nemiBhalo ngokuxhumana kwaso namaJuda. Kodwa le ndoda yayidinga usizo. Ngakho uFiliphu—ummeleli webandla lobuKristu—waqondiswa ukuba ayisize. Ukuba lesi sikhulu sasingafuni ukuxoxa ngenkolo, sasingeke siyazi indima kaJesu enjongweni kaNkulunkulu. Yeka ukuthi lo mTopiya uyisibonelo esihle kanjani kubo bonke abafuna iqiniso!—IzEnzo 8:26-39.
Ingabe uzimisele ukuxoxa ngezinkolelo zakho futhi ubuze imibuzo njengoba kwenza lo mTopiya? Ngokuqinisekile ungazuza kakhulu ngokwenza kanjalo. OFakazi BakaJehova bayajabula ngokuxoxa ngeBhayibheli nabantu abafuna ngobuqotho ukwazi ukuthi lithini. OFakazi abagxishi abantu ngemibono yabo siqu. Kunalokho, balwela ukubonisa abantu lokho okushiwo iBhayibheli ngokwalo.
Isikhulu saseTopiya safunda izinto ezimangalisayo ngoJesu Kristu, njengokuthi uNkulunkulu uyomsebenzisa kanjani mayelana nensindiso yethu. Namuhla, sekuseduze kakhulu ukuba ukugcwaliseka kwenjongo kaNkulunkulu kupheleliswe. Sekuseduze ukuba kwenzeke izinto ezesabekayo nezimangalisayo khona lapha emhlabeni. Isihloko esilandelayo sizobonisa ukuthi wonke umuntu emhlabeni uyothinteka. Nokho, ukuthi siyothinteka kanjani kuyoxhomeka esimweni sethu sengqondo nasesinyathelweni esisithathayo.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ubufakazi bokuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu, sicela ubheke incwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?, enyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Isithombe ekhasini 7]
Isikhulu saseTopiya samukela ingxoxo yeBhayibheli