Ifilosofi
Incazelo: Igama elithi ifilosofi livela emsukeni wesiGreki osho “ukuthanda ukuhlakanipha.” Njengoba lisetshenziswe lapha, ifilosofi ayakhelwe ekwamukeleni ukukholelwa kuNkulunkulu, kodwa izama ukunikeza abantu umbono ohlangene ngendawo yonke futhi izama ukubenza bacabange ngokugxeka. Isebenzisa kakhulukazi izindlela zokucabangela kunokuhlola ubufakazi ekufuneni iqiniso.
Noma ubani wethu angaluthola kanjani ulwazi lweqiniso nokuhlakanipha?
IzAga 1:7; IHu. 111:10: “Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha.” (Ukuba indawo yonke yayingewona umkhiqizo woMdali ohlakaniphile, kodwa ivela emandleni angaboni, nangenangqondo, khona-ke bekungeke kube nokwenzeka ukuba nombono ohlangene wendawo yonke, akunjalo? Akukho lutho obelungafanelekela ukubizwa ngokuthi luwukuhlakanipha obelungavela ekuhloleni okuthile lokho ngokwakho okungenangqondo, akunjalo? Labo abazama ukuqonda indawo yonke noma ukuphila ngokwakho, babe bezama ukushiya uNkulunkulu nenjongo yakhe ngaphandle, bahlangabezana nokukhungatheka okungapheli. Bakuchaza ngokungeyikho abakufundayo futhi bawasebenzise kabi amaqiniso abawatholayo. Ukushiyela ngaphandle ukukholelwa kuNkulunkulu kuwukulahla isihluthulelo solwazi oluqondile futhi kwenze kungabi nakwenzeka ukuba nomqondo oyiwo ngempela.)
IzAga 2:4-7: “Uma ukufuna njengesiliva, ukuphenya njengamagugu afihliweyo, khona uyakuqonda ukumesaba uJehova, ufumane ukumazi uNkulunkulu. Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda. Uyabekela abaqotho [“ukuhlakanipha,” NW].” (UJehova unikeza usizo oludingekayo ngeZwi lakhe elilotshiwe nangenhlangano yakhe ebonakalayo. Isifiso esiqotho nomzamo womuntu siqu, kuhlanganise nokusebenzisa komuntu amandla akhe okucabanga ngendlela eyakhayo, nakho kudingekile.)
Ingabe kunengqondo ukulindela ukuthola iqiniso eliphelele kuloMthombo?
2 Thim. 3:16; Joh. 17:17: “Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu.” “[UJesu wathi kuYise wasezulwini:] Izwi lakho liyiqiniso.” (Akukhona yini okunengqondo ukuba uMdali wendawo yonke abe nokuqonda okugcwele ngalo? EBhayibhelini akasitshelanga konke ngezulu nomhlaba, kodwa aye wakuloba lapha akukhona okokucatshangelwa; kuyiqiniso. Uye waphawula futhi eBhayibhelini ukuthi injongo yakhe iyini ngomhlaba nangesintu nokuthi uyoyifeza kanjani. Amandla akhe amakhulu, ukuhlakanipha okungenakulinganiswa, ukwahlulela okungenaphutha, nothando olukhulu kuqinisekisa ukuthi lenjongo iyofezwa ngokuphelele, nangendlela engcono kakhulu enokwenzeka. Khona-ke izimfanelo zakhe zisiqinisekisa ukuthi akushoyo ngenjongo yakhe kungathenjelwa ngokuphelele; kuyiqiniso.)
Avelaphi amafilosofi abantu?
Avela kubantu abanokulinganiselwa: IBhayibheli liyasitshela: “Akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.” (Jer. 10:23) Umlando ufakazela ukuthi ukuzama ukungakunaki lokho kulinganiselwa akuzange kuveze imiphumela emihle. Ngesinye isikhathi, “uJehova wayesemphendula uJobe esesikhwishikhwishini, ethi: Ngubani lo owenza-mnyama isiluleko ngamazwi angenalwazi na? Bopha izinkalo zakho njengendoda; ngizakukubuza, wena ungazise. Wawukuphi, lapho ngasekela umhlaba, na? Ngitshele, uma ukwazi ukuqonda.” (Jobe 38:1-4) (Ngokwemvelo abantu banokulinganiselwa. Ngaphezu kwalokho, okuhlangenwe nakho kwabo ekuphileni kufushane ngokuqhathaniswa futhi ngokuvamile kuphelela esizweni esisodwa noma indawo eyodwa. Ngaleyondlela ulwazi abanalo lunemingcele, futhi konke kuhlobene kangangokuthi njalo bathola izici ababengazange bazicabangele ngokufanele. Noma iyiphi ifilosofi abayisungulayo iyobonisa lokhu kulinganiselwa.)
Avezwa abantu abangaphelele: “Bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu.” (Roma 3:23) “Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu, kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.” (IzAga 14:12) (Ngenxa yokungapheleli okunjalo, amafilosofi abantu ngokuvamile abonisa ubugovu obuyisisekelo obuholela mhlawumbe enjabulweni yesikhashana kodwa futhi nasekukhungathekeni nokungajabuli okukhulu.)
Athonywa imimoya yamademoni: “Izwe lonke limi emandleni omubi.” (1 Joh. 5:19, NW) “UMhlebi noSathane, odukisa izwe lonke.” (IsAm. 12:9) “Nanikade nihamba kuzo ngokwendlela yalelizwe, ngokombusi wamandla omkhathi, ongumoya osasebenza kubantwana bokungalaleli.” (Efe. 2:2) (Amafilosofi akhuthaza abantu ukuba bangazilaleli izimfuneko zikaNkulunkulu eziphilile neziqotho anethonya elinjalo. Akumangalisi ukuthi, njengoba umlando ufakaza, amafilosofi abantu namacebo ngokuvamile aye aletha usizi kubantu abaningi.)
Kungani kuwubufakazi bokucabanga okuhle ukutadisha izimfundiso zikaJesu Kristu esikhundleni sefilosofi yabantu?
Kol. 1:15-17: “Yona [uJesu Kristu] ingumfanekiso kaNkulunkulu ongenakubonwa, izibulo lezidalwa zonke, ngokuba kwadalelwa kuyo konke okusezulwini nasemhlabeni . . . konke kwadalwa ngayo, kwadalelwa yona; yona ingaphambi kwakho konke, nezinto zonke zimi ngayo.” (Ubuhlobo bakhe obuseduze noNkulunkulu benza ukuba akwazi ukusisiza sifunde iqiniso ngoNkulunkulu. Ngokungaphezulu, njengalowo zonke ezinye izinto ezadalwa ngaye, uJesu unolwazi olugcwele lwendawo yonke edaliwe. Akekho umuntu womhlaba oyisazi sefilosofi ongasinikeza noma yikuphi kwalokhu.)
Kol. 1:19, 20: “Kwaba-kuhle kuye [uNkulunkulu] ukuba ukugcwala konke kuhlale kuyo [iNdodana uJesu Kristu], nokuba ngayo abuyisane nakho konke esenzile ukuthula ngegazi [lesigxobo] sayo.” (Ngakho-ke uJesu Kristu uyilowo uNkulunkulu ajonge ukuba ngaye indalo yonke ibuyiselwe ekuvumelaneni naye. UNkulunkulu futhi uye wanikeza ukubuswa kwawo wonke umhlaba kuJesu, njengoba kuboniswe kuDaniyeli 7:13, 14. Ngakho amathemba ethu okuphila esikhathi esizayo axhomeke ekwazini yena nasekusabeleni kahle ekufundisweni nguye.)
Kol. 2:8: “Xwayani funa kube-khona onithumbayo ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize njengokwemvelo yabantu, njengezifundiso zokucathula kwezwe, kungenjengokukaKristu.” (Yeka iphutha elidabukisayo okungaba yilo ukukhetha ulwazi olunjalo lokukhohlisa kwabantu kunokuthola ukuhlakanipha kweqiniso njengomfundi kaJesu Kristu, umuntu wesibili ngobukhulu endaweni yonke, olandela uNkulunkulu ngokwakhe!)
UNkulunkulu ukubheka kanjani “ukuhlakanipha” okunikezwa ifilosofi yabantu?
1 Kor. 1:19-25: “Kulotshiwe ukuthi: Ngiyakuchitha ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo, nokuqonda kwabaqondileyo ngikwenze ize. Siphi isazi na? Uphi umbhali na? Uphi umphikisi walesisikhathi na? UNkulunkulu kakwenzanga kube-yize ukuhlakanipha kwalelizwe na? Ngokuba njengalokho ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu izwe alimazanga uNkulunkulu ngokuhlakanipha kwalo, kwaba-kuhle kuNkulunkulu ukusindisa abakholwayo ngobuwula [njengoba kubonakala kunjalo ezweni] bentshumayelo. . . . Ngokuba ubuwula bukaNkulunkulu [njengoba izwe likubheka kanjalo] buhlakaniphile kunabantu; nobuthakathaka bukaNkunkulu [njengoba izwe libubheka kanjalo] bunamandla kunabantu.” (Umbono kaNkulunkulu onjalo ngokuqinisekile awuwona ongenangqondo. EBhayibhelini, okuyincwadi esakazwa kunazo zonke emhlabeni, uye wanikeza inkulumo esobala yenjongo yakhe. Uye wathumela ofakazi bakhe ukuba baxoxe ngayo nabo bonke abalalelayo. Yeka ubuwula nganoma isiphi isidalwa ukucabanga ukuthi sinokuhlakanipha okungaphezu kokukaNkulunkulu!)