‘Baziseni Labo Abasebenza Kanzima Phakathi Kwenu’
“Nibazise labo abasebenza kanzima phakathi kwenu nabanengamele eNkosini futhi beniyala.”—1 THES. 5:12.
1, 2. (a) Sasinjani isimo ebandleni laseThesalonika lapho uPawulu elibhalela incwadi yakhe yokuqala? (b) Yini uPawulu akhuthaza abaseThesalonika ukuba bayenze?
ZICABANGE uyilungu lebandla laseThesalonika langekhulu lokuqala, okungelinye lamabandla okuqala kakhulu amiswa eYurophu. Umphostoli uPawulu wayechithe isikhathi esiningi kakhulu akha abazalwane lapho. Kungenzeka ukuthi wamisa namadoda amadala ayezohola, njengoba enza nakwamanye amabandla. (IzE. 14:23) Kodwa ngemva kokuba lelo bandla limisiwe, amaJuda ahlela isixuku ukuba sixoshe uPawulu noSila emzini. Kungenzeka ukuthi amaKristu ayesele azizwa eshiywe dengwane futhi mhlawumbe esaba.
2 Kuyaqondakala ukuthi ngemva kokuhamba eThesalonika, uPawulu wayekhathazekile ngalelo bandla elalisanda kumiswa. Wazama ukuphindela khona, kodwa “uSathane wayivimba indlela” yakhe. Ngakho wathumela uThimothewu ukuba ayolikhuthaza. (1 Thes. 2:18; 3:2) Lapho uThimothewu ebuya nombiko omuhle, uPawulu washukunyiselwa ukuba abhalele abaseThesalonika. Phakathi kwezinye izinto ababhalela zona, wabakhuthaza ukuba ‘bazise labo ababengamele.’—Funda eyoku-1 Thesalonika 5:12, 13.
3. Iziphi izizathu amaKristu aseThesalonika ayenazo zokuwacabangela ngendlela engaphezu kwevamile amadoda amadala?
3 Abazalwane ababehola phakathi kwamaKristu aseThesalonika babengenalo ulwazi olunjengolukaPawulu nayehambisana nabo; babengenalo nefa elingokomoya elicebile labadala baseJerusalema. Phela, wawungakapheli nonyaka leli bandla likhona! Noma kunjalo, labo ababekuleli bandla babenesizathu sokuwazisa amadoda amadala ayephakathi kwabo, ‘ayesebenza kanzima,’ ‘engamela’ ibandla futhi ‘ebayala.’ Ngempela, babenesizathu esihle ‘sokucabangela abadala ngothando ngaphezu kokuvamile.’ UPawulu walandelisa isicelo sakhe ngokubeluleka ukuba ‘babe nokuthula omunye nomunye.’ Ukube wawuseThesalonika, wawuyokubonisa yini ukwazisa okujulile ngomsebenzi wabadala? Uzibheka kanjani “izipho ezingabantu” uNkulunkulu azilungiselele ngoKristu ezisebandleni lakini?—Efe. 4:8.
“Basebenza Kanzima”
4, 5. Kungani kwakuwumsebenzi onzima ngamadoda amadala osuku lukaPawulu ukufundisa ebandleni, futhi kungani kusenjalo nanamuhla?
4 Ngemva kokumukisa uPawulu noSila eBhereya, amadoda amadala aseThesalonika ‘ayesebenza kanjani kanzima’? Ngokungangabazeki, alingisa uPawulu afundisa ibandla esebenzisa imiBhalo. Ungase uzibuze, ‘Ingabe amaKristu aseThesalonika ayelazisa iZwi likaNkulunkulu?’ Ingani iBhayibheli lithi abaseBhereya “babenengqondo enhle kunabaseThesalonika, . . . behlola ngokucophelela imiBhalo nsuku zonke.” (IzE. 17:11) Nokho, lapha kwakuqhathaniswa nawo wonke amaJuda aseThesalonika, hhayi lawo angamaKristu. Labo ababa amakholwa ‘bamukela izwi likaNkulunkulu, hhayi njengezwi labantu, kodwa njengezwi likaNkulunkulu.’ (1 Thes. 2:13) Kumelwe ukuba amadoda amadala ayesebenza kanzima ukuze ondle lawo makholwa ngokomoya.
5 Namuhla, isigaba senceku ethembekileyo neqondayo sinika umhlambi kaNkulunkulu ‘ukudla ngesikhathi esifanele.’ (Math. 24:45) Beqondiswa inceku, abadala bebandla basebenza kanzima ukuze bondle abafowabo ngokomoya. Amalungu ebandla angase abe nezincwadi eziningi ezisekelwe eBhayibhelini, futhi amathuluzi anjenge-Watch Tower Publications Index ne-Watchtower Library ekuyi-CD-ROM ayatholakala ngezinye izilimi. Ukuze bahlangabezane nezidingo zebandla ezingokomoya, abadala bachitha amahora amaningi belungiselela izinkulumo ukuze banikeze indaba abayabelwe ngendlela ezuzisayo. Wake wacabanga yini ukuthi singakanani isikhathi abadala abasichitha belungiselela izinkulumo zemihlangano yebandla, yesifunda neyesigodi?
6, 7. (a) UPawulu wawabekela siphi isibonelo amadoda amadala aseThesalonika? (b) Kungani kungase kube inselele ngabadala banamuhla ukulingisa uPawulu?
6 Amadoda amadala aseThesalonika asikhumbula isibonelo esihle uPawulu awabekela sona sokwalusa umhlambi. Ukuhambela kwakhe kokwalusa kwakungabi indaba nje yokugcina icala noma ukushwampuluza. Njengoba kubonisiwe esihlokweni esandulele, uPawulu ‘waba mnene njengalapho umdlezane enakekela abantwana bakhe ngozwela.’ (Funda eyoku-1 Thesalonika 2:7, 8.) Wayezimisele ngisho ‘nokudlulisela umphefumulo wakhe ngenxa yabo’! Amadoda amadala kwakufanele amlingise lapho enza ukuhambela kokwalusa.
7 Namuhla, abelusi abangamaKristu balingisa uPawulu ngokunakekela umhlambi ngesisa. Ezinye izimvu zingase zingabi nomusa nobungane ngokwemvelo. Noma kunjalo, abadala bazama ukubonisa ukuqondisisa futhi ‘bathole okuhle’ kuzo. (IzAga 16:20) Yiqiniso, njengoba engaphelele, umdala angase akuthole kunzima ukuba nombono oqondile ngemvu ngayinye. Noma kunjalo, njengoba ezama ukwenza konke okusemandleni ukuze abe mnene kubo bonke, akufanele yini anconywe ngomzamo wakhe wokuba umalusi omuhle ongaphansi kukaKristu?
8, 9. Iziphi ezinye zezindlela abadala banamuhla ‘abaqapha ngazo imiphefumulo yethu’?
8 Sonke sinesizathu ‘sokuzithoba’ kubadala. Njengoba uPawulu abhala, ‘baqapha imiphefumulo yethu.’ (Heb. 13:17) Lawo mazwi asikhumbuza umalusi ongokoqobo odela ubuthongo ukuze avikele umhlambi. Ngokufanayo, namuhla abadala bangase badele ubuthongo lapho benakekela izidingo zalabo abagulayo noma abanezinkinga ezingokomzwelo noma ezingokomoya. Ngokwesibonelo, abazalwane abakhonza emaKomitini Okubonisana Nezibhedlela baye bavuswe ebusuku ukuze bayosingatha izimo eziphuthumayo zezokwelapha. Nokho, yeka indlela esiyazisa ngayo inkonzo yabo lapho sibhekene naleso simo!
9 Abadala abakhonza emaKomitini Okwakha Ezifunda nasemakomitini asiza ngezikhathi zezinhlekelele basebenza kanzima ukuze basize abafowabo. Kuyafaneleka ukuba sibasekele ngenhliziyo yethu yonke! Cabanga ngosizo olwanikezwa ngemva kokugadla kweSiphepho uNargis eMyanmar ngo-2008. Ukuze lifinyelele iBandla LaseBothingone elalisesifundeni esasikhahlamezeke kakhulu sase-Irrawaddy Delta, ithimba elinikeza usizo ladabula endaweni eyayicekeleke phansi futhi inezidumbu eziningi ezazidindilizile. Lapho abazalwane bendawo bebona ukuthi eqenjini lokuqala elalizonikeza usizo elafika eBothingone kwakunomzalwane owayengumbonisi wesifunda ngaphambili, bamemeza: “Hhawu! Umjikelezi wethu! UJehova usisindisile!” Ingabe uyawazisa umsebenzi wabadala onzima abawenza ubusuku nemini? Abanye abadala bamiswa ukuba bakhonze emakomitini akhethekile okusingatha amacala okwahlulela anzima. Laba badala abaqhoshi ngalokho abakufezile; nokho, labo abazuza enkonzweni yabo babazisa ngempela.—Math. 6:2-4.
10. Imuphi umsebenzi ongaqashelwa kangako owenziwa abadala?
10 Abadala abaningi namuhla benza nemisebenzi yobubhalane. Ngokwesibonelo, umxhumanisi wendikimba yabadala uhlela izimiso zemihlangano yamasonto onke. Unobhala webandla uhlanganisa imibiko yenkonzo yasensimini yanyanga-zonke neyaminyaka yonke. Umbonisi wesikole uhlela ngokucophelela isimiso sesikole. Kubalwa izimali zebandla njalo ngemva kwezinyanga ezintathu. Abadala bafunda izincwadi abazibhalelwe ihhovisi legatsha futhi basebenzise isiqondiso esisisiza “sifinyelele ubunye okholweni.” (Efe. 4:3, 13) Ngenxa yemizamo yabadala abanjalo abazikhandlayo, ‘zonke izinto zenzeka ngokufaneleyo nangohlelo.’—1 Kor. 14:40.
“Banengamele”
11, 12. Obani abengamela ibandla, futhi ukwenza lokhu kuhilelani?
11 UPawulu wachaza amadoda amadala asebenza kanzima eThesalonika ngokuthi ‘engamela’ ibandla. Olimini lokuqala, leli gama lisho “ukuma phambi” futhi lingahunyushwa ngokuthi “ukuqondisa; ukuhola phakathi [kwabanye].” (1 Thes. 5:12) UPawulu wakhuluma ngabadala abafanayo wathi “basebenza kanzima.” Wayengakhulumi ‘ngombonisi owengamele’ oyedwa, kodwa wayekhuluma ngawo wonke amadoda amadala ebandleni. Namuhla, iningi labadala lima phambi kwebandla liqhube imihlangano. Ushintsho lwamuva lokusebenzisa isiqu esithi “umxhumanisi wendikimba yabadala” lusisiza ukuba sibheke bonke abadala njengamalungu endikimba enobunye.
12 ‘Ukwengamela’ ibandla kuhilela okungaphezu nje kokufundisa. Inkulumo efanayo isetshenzisiwe kweyoku-1 Thimothewu 3:4. UPawulu wathi umbonisi kufanele abe “indoda eyengamela umkhaya wayo ngendlela enhle, enabantwana abazithoba ngobuqotho ngokuphelele.” Ngokusobala, inkulumo ethi “yengamela” esetshenziswe lapha ayihlanganisi kuphela ukufundisa kwayo abantwana kodwa nokuhola emkhayeni nokubafundisa babe ‘abantwana abazithobayo.’ Yebo, abadala bayahola ebandleni, basize bonke ukuba bazithobe kuJehova.—1 Thim. 3:5.
13. Kungani kungase kuthathe isikhathi ukufinyelela isinqumo emhlanganweni wabadala?
13 Ukuze bawengamele kahle umhlambi, abadala bayabonisana ngendlela yokusingatha izidingo zebandla. Bekungase kusheshe kakhudlwana ukube bekuwumdala oyedwa owenza zonke izinqumo. Kodwa izindikimba zabadala zanamuhla zixoxa ngezinto ngokukhululekile, zifune isiqondiso emiBhalweni, zilandela isibonelo sendikimba ebusayo yekhulu lokuqala. Umgomo wazo uwukusebenzisa izimiso ezingokomBhalo ezidingweni zebandla. Le ndlela iphumelela kakhulu lapho umdala ngamunye ewulungiselela umhlangano wabadala, acabangele imiBhalo neziqondiso ezivela esigabeni senceku ethembekileyo neqondayo. Yiqiniso, lokhu kudinga isikhathi. Lapho kunokuhlukana kwemibono, njengoba kwenzeka lapho indikimba ebusayo yekhulu lokuqala idingida indaba yokusoka, kungase kudingeke isikhathi nokuba kucwaningwe ngokwengeziwe ukuze kufinyelelwe esivumelwaneni esisekelwe emiBhalweni.—IzE. 15:2, 6, 7, 12-14, 28.
14. Ingabe uyajabula ngokuthi indikimba yabadala isebenza ndawonye ngobunye? Kungani uzizwa ngaleyo ndlela?
14 Yini engase yenzeke uma umdala oyedwa ephikelela ukuba izinto zenziwe ngendlela yakhe noma ezama ukuthuthukisa eyakhe imibono? Noma kuthiwani uma othile—njengoDiyotrefe wangekhulu lokuqala—etshala isihlava sokwahlukana? (3 Joh. 9, 10) Ngokuqinisekile, lonke ibandla liyolimala. Uma uSathane azama ukuphazamisa ukuthula ebandleni langekhulu lokuqala, singaqiniseka ukuthi nanamuhla ufuna ukwenza okufanayo ebandleni. Angase asebenzise ukuthambekela kobuntu kobugovu, njengesifiso sokuvelela. Ngakho, abadala kudingeka bahlakulele ukuthobeka futhi basebenze ndawonye njengendikimba enobunye. Yeka ukuthi sikwazisa kanjani ukuthobeka kwabadala ababambisanayo njengendikimba!
“Beniyala”
15. Isiphi isisusa abadala abanaso lapho beyala umzalwane noma udade?
15 UPawulu wabe eseqokomisa umsebenzi onzima kodwa obalulekile wamadoda amadala: ukuyala umhlambi. EmiBhalweni YamaKristu YesiGreki, uPawulu kuphela owasebenzisa igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “yala.” Lingase libhekisele eselulekweni esiqinile kodwa alinawo umqondo wenzondo. (IzE. 20:31; 2 Thes. 3:15) Ngokwesibonelo, uPawulu wabhalela abaseKorinte: “Lezi zinto angizilobeli ukuba nginibangele amahloni, kodwa ukuba nginiyale njengabantwana bami abathandekayo.” (1 Kor. 4:14) Isisusa sakhe sokunikeza isiyalo sasiwukukhathalela abanye ngothando.
16. Yini abadala abenza kahle ngokuhlale beyikhumbula lapho beyala abanye?
16 Abadala bahlale bekhumbula ukuthi indlela abayala ngayo abanye ibalulekile. Balwela ukulingisa uPawulu ngokuba nomusa, uthando nokuba usizo. (Funda eyoku-1 Thesalonika 2:11, 12.) Yiqiniso, abadala ‘babambelela ngokuqinile ezwini elithembekile ukuze bakwazi ukukhuthaza ngemfundiso ephilayo.’—Thithu 1:5-9.
17, 18. Yini okufanele uhlale uyikhumbula uma umdala ekuyala?
17 Yiqiniso, abadala abaphelele futhi bangase basho izinto abazisola ngazo kamuva. (1 AmaKh. 8:46; Jak. 3:8) Abadala bayazi nokuthi ngokuvamile ukwamukela iseluleko ‘akujabulisi, kodwa kubabangela usizi’ abafowabo nodadewabo abangokomoya. (Heb. 12:11) Ngakho, lapho umdala eya kothile eyomyala, cishe wenza kanjalo ngemva kokucabangisisa nokuthandaza kaningi ngendaba. Uma uye wayalwa, ingabe uyakwazisa ukukhathalela kothando kwalowo mdala?
18 Ake sithi ubunenkinga ethile yempilo obekubonakala kunzima ukuyichaza. Udokotela mumbe ube eseyihlonza ngokunembile leyo nkinga, kodwa uthole ukuthi akulula ukuyamukela. Ingabe ubuyombambela igqubu lowo dokotela? Cha. Ngisho noma esikisela ukuba welashwe ngokuhlinzwa, cishe ubuyovuma, ukholelwa ukuthi kungokwenzuzo yakho. Indlela udokotela akutshela ngayo ingase ibe nomthelela endleleni ozizwa ngayo, kodwa ingabe ubuyoyivumela ukuba ithonye isinqumo oyosenza? Cishe ubungeke. Ngokufanayo, ungavumeli indlela oyalwa ngayo ikuvimbele ukuba ulalele labo okungenzeka ukuthi uJehova noJesu bayabasebenzisa ukuba bakutshele indlela ongathola ngayo usizo futhi uvikeleke ngokomoya.
Lazise Ilungiselelo LikaJehova Labadala
19, 20. Ungabonisa kanjani ukwazisa “ngezipho ezingabantu”?
19 Ungenzenjani uma ungathola isipho esenzelwe wena ngokukhethekile? Ingabe ubuyobonisa ukusazisa ngokusisebenzisa? UJehova ukuphe ‘izipho ezingabantu’ ngoJesu Kristu. Enye indlela ongabonisa ngayo ukuthi uyazazisa lezi zipho iwukulalelisisa lapho abadala benikeza izinkulumo nokulwela ukusebenzisa amaphuzu abawavezayo. Ungabonisa ukwazisa nangokunikeza izimpendulo ezakhayo emihlanganweni. Sekela umsebenzi abadala abaholayo kuwo, njengenkonzo yasensimini. Uma uye wazuza eselulekweni osithole kumdala othile, kungani ungamtsheli? Ngaphezu kwalokho, kungani ungabonisi ukwazisa ngemikhaya yabadala? Khumbula, ukuze umdala asebenze kanzima ebandleni, umkhaya wakhe udela isikhathi obekufanele usichithe naye.
20 Yebo, sinezizathu eziningi zokubonisa ukwazisa ngabadala, abasebenza kanzima phakathi kwethu, abasengamelayo nabasiyalayo. Lezi “zipho ezingabantu” ngempela ziyilungiselelo lothando elivela kuJehova!
Ingabe Uyakhumbula?
• Iziphi izizathu amaKristu aseThesalonika ayenazo zokwazisa abaholayo phakathi kwawo?
• Abadala bebandla lakini basebenza kanjani kanzima ngenxa yenu?
• Uzuza kanjani ngokwengamela kwabadala?
• Uma umdala ekuyala, yini okufanele uyikhumbule?
[Isithombe ekhasini 27]
Ingabe uyazazisa izindlela eziningi abadala abelusa ngazo ibandla?