Thokozani Ethembeni LoMbuso!
“Ethembeni nithokoze; osizini nibekezele.”—ROMA 12:12.
1. Kungani singathola injabulo ebunganeni noJehova, futhi yini umphostoli uPawulu anxusa amaKristu ukuba ayenze?
“UNKULUNKULU ojabulayo.” (1 Thimothewu 1:11, NW) Yeka indlela lokhu okumchaza kahle ngayo uJehova! Ngani? Ngoba yonke imisebenzi yakhe imlethela injabulo enkulu. Njengoba uJehova enguMthombo wazo zonke izinto ezinhle nezijabulisayo, zonke izidalwa zakhe ezihlakaniphile zingathola injabulo ebunganeni bazo naye. Ngokufanelekile, umphostoli uPawulu wanxusa amaKristu ukuba alazise ilungelo lawo elijabulisayo lokwazi uJehova uNkulunkulu, ukuba abonge ngazo zonke izipho zaKhe zendalo ezimangalisayo, nokuba athokoze ngomusa wothando awabonisa wona. UPawulu wabhala: “Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Thokozani.”—Filipi 4:4; IHubo 104:31.
2. Yiliphi ithemba eliletha injabulo enkulu, futhi yini amaKristu akhuthazwa ukuba ayenze ngokuphathelene nalelithemba?
2 Ingabe amaKristu ayakulalela ukunxusa okwanikezwa nguPawulu? Ngempela kunjalo! Abafowabo bakaJesu Kristu abangokomoya bayathokoza ethembeni elikhazimulayo uNkulunkulu abanikeze lona. (Roma 8:19-21; Filipi 3:20, 21) Yebo, bayazi ukuthi bayohlanganyela ekugcwaliseni ithemba elikhulu lekusasa lesintu, kokubili esiphilayo nesifile, ngokukhonza noKristu kuhulumeni wakhe woMbuso wasezulwini. Cabanga nje indlela abayothokoza kakhulu ngayo emalungelweni abo njengezindlalifa ezikanye naye, bekhonza njengamakhosi nabapristi! (IsAmbulo 20:6) Yeka injabulo abayoba nayo njengoba besiza isintu esithembekile ukuba sifinyelele ekupheleleni futhi besiza ngokuqondisa ukubuyiselwa kwePharadesi emhlabeni wethu! Ngempela, zonke izinceku zikaNkulunkulu ‘zinethemba lokuphila okuphakade uNkulunkulu ongaqambi amanga akwethembisa phambi kwezikhathi zaphakade.’ (Thithu 1:2) Ngokuqondene nalelithemba elihle, umphostoli uPawulu ukhuthaza wonke amaKristu: “Ethembeni nithokoze.”—Roma 12:12.a
Injabulo Yeqiniso—Imfanelo Yenhliziyo
3, 4. (a) Igama elithi “ukuthokoza” lisho ukuthini, futhi amaKristu kufanele athokoze kaningi kangakanani? (b) Iyini injabulo yeqiniso, futhi incike kuphi?
3 “Ukuthokoza” kusho ukuzwa nokubonisa injabulo; akusho ukuhlala usesimweni sokwenama, noma ukwesasa ngokweqile. Izenzo ezivumelana namagama esiHeberu nawesiGreki asetshenziswe eBhayibhelini emagameni athi “injabulo,” “ukwethaba,” nelithi “ukuthokoza” zibonisa kokubili umuzwa wangaphakathi nokubonakaliswa kwangaphandle kwenjabulo. AmaKristu akhuthazwa ukuba ‘aqhubeke ethokoza,’ ‘athokoze njalo.’—2 Korinte 13:11, NW; 1 Thesalonika 5:16.
4 Kodwa umuntu angahlala kanjani ethokoza? Lokhu kungenzeka ngoba injabulo yeqiniso iyimfanelo yenhliziyo, imfanelo ejulile yangaphakathi, engokomoya. (Duteronomi 28:47; IzAga 15:13; 17:22) Iyisithelo somoya kaNkulunkulu, uPawulu asibala ngemva nje kothando. (Galathiya 5:22) Njengoba iyimfanelo yangaphakathi, ayencikile ezintweni ezingaphandle, ngisho nakubafowethu. Kodwa incike emoyeni ongcwele kaNkulunkulu. Futhi ivela kulokho kwaneliseka kwangaphakathi okujulile kokwazi ukuthi uneqiniso, ithemba loMbuso, nokuthi wenza lokho okujabulisa uJehova. Ngakho, injabulo ayiyona nje imfanelo yobuntu esizalwa nayo; iyingxenye ‘yobuntu obusha,’ inhlanganisela yezimfanelo ezenza ukuba uJesu Kristu ahluke.—Efesu 4:24; Kolose 3:10.
5. Kunini lapho kungaba khona ukubonakaliswa kwangaphandle kwenjabulo futhi kanjani?
5 Nakuba injabulo iyimfanelo yenhliziyo, ngezinye izikhathi ingase iboniswe ngaphandle. Yikuphi lokhu kubonakaliswa kwangaphandle kwenjabulo, okwenzeka ngezikhathi ezithile? Kungaba yinoma yikuphi kusukela ekuthuleni okubonakala ebusweni kuya ekungqabitheni ngenjabulo okungokoqobo. (1 AmaKhosi 1:40; Luka 1:44; IzEnzo 3:8; 6:15) Khona-ke, ingabe lokhu kusho ukuthi abantu abangakhulumi kakhulu noma abangamomotheki njalo abanayo injabulo? Cha! Injabulo yeqiniso ayizibonakalisi ngokuxoxa njalo, ukuhleka, ukumomotheka, noma ukusineka. Izimo zibangela ukuba injabulo izibonakalise ngezindlela ezihlukahlukene. Akuyona injabulo yodwa esenza sizwane eHholo LoMbuso, kodwa kunalokho, uthando lwethu lobuzalwane.
6. Kungani amaKristu engahlala ethokoza ngisho nalapho ebhekene nezimo ezingajabulisi?
6 Isici esihlala njalo senjabulo siwukuba khona kwayo ngaphakathi okunganqamuki njengesici esiqotho sobuntu obusha bomKristu. Yilokhu okwenza kube nokwenzeka ukuba sithokoze njalo. Yebo, ngezinye izikhathi singase siphazanyiswe okuthile, noma singase sibhekane nezimo ezingajabulisi. Kodwa sisengaba nayo injabulo ezinhliziyweni zethu. Amanye amaKristu okuqala ayeyizigqila, engaphansi kwamakhosi okwakunzima ukuwajabulisa. Ingabe amaKristu anjalo ayengahlala ethokoza? Yebo, ngenxa yethemba lawo loMbuso nenjabulo eyayisezinhliziyweni zawo.—Johane 15:11; 16:24; 17:13.
7. (a) Yini uJesu ayisho ngokuphathelene nenjabulo lapho sisosizini? (b) Yini esisiza ukuba sikhuthazele lapho sisosizini, futhi ubani owabeka isibonelo esihle kunazo zonke ngokuqondene nalokhu?
7 Ngemva nje kokuba umphostoli uPawulu ethé: “Ethembeni nithokoze,” wanezela: “Osizini nibekezele.” (Roma 12:12) UJesu naye wakhuluma ngokuba nenjabulo lapho sisosizini lapho ethi kuMathewu 5:11, 12: “Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, . . . Jabulani, nithokoze, [“Thokozani futhi ningqabithe ngenjabulo,” NW] ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini.” Ukuthokoza nokungqabitha ngenjabulo okukhulunywa ngakho lapha akudingeki ukuba kube ukubonakaliswa kwangaphandle okungokoqobo; ngokuyinhloko nje kuyilokho kwaneliseka kwangaphakathi okujulile umuntu aba nakho lapho ejabulisa uJehova noJesu Kristu uma ema eqinile ngaphansi kovivinyo. (IzEnzo 5:41) Eqinisweni, yinjabulo esisizayo ukuba sikhuthazele lapho sisosizini. (1 Thesalonika 1:6) Kulokhu, uJesu wabeka isibonelo esihle kunazo zonke. ImiBhalo iyasitshela: “Owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo wathwala [“isigxobo sokuhlushwa,” NW].”—Heberu 12:2.
Ukuthokoza Ethembeni Naphezu Kwezinkinga
8. Yiziphi izinkinga amaKristu angase abhekane nazo, kodwa kungani izinkinga zingayiqedi injabulo yomKristu?
8 Ukuba inceku kaJehova akumkhululi umuntu ezinkingeni. Kungase kube nezinkinga zomkhaya, ubunzima obungokwezomnotho, impilo ebuthakathaka, noma ukufa kwabathandekayo. Nakuba izinto ezinjalo zingase zibangele usizi, azisisusi isisekelo sethu sokuthokoza ethembeni loMbuso, injabulo yangaphakathi esinayo ezinhliziyweni zethu.—1 Thesalonika 4:13.
9. Yiziphi izinkinga uAbrahama ayenazo, futhi sazi kanjani ukuthi wayenenjabulo enhliziyweni yakhe?
9 Ngokwesibonelo, cabanga ngoAbrahama. Ukuphila kwakungajabulisi ngaso sonke isikhathi ngaye. Wayeba nezinkinga zomkhaya. Isancinza sakhe, uHagari, nomkakhe, uSara, babengezwani. Kwakuba khona ukuxabana. (Genesise 16:4, 5) UIshmayeli wayegcona uIsaka, emhlupha. (Genesise 21:8, 9; Galathiya 4:29) Ekugcineni, umka-Abrahama othandekayo, uSara, washona. (Genesise 23:2) Naphezu kwalezinkinga, wathokoza ngenxa yethemba leMbewu yoMbuso, iMbewu ka-Abrahama, imindeni yonke yomhlaba eyayiyozibusisa ngayo. (Genesise 22:15-18) Enenjabulo enhliziyweni yakhe, wakhuthazela enkonzweni kaJehova iminyaka eyikhulu ngemva kokuba ehambile emzini wakubo waseUri. Ngakho-ke kulotshwe lokhu ngaye: “Wayebheké umuzi onezisekelo, omakhi nomenzi wawo nguNkulunkulu.” Ngenxa yokuba nokholo kuka-Abrahama eMbusweni wobuMesiya ozayo, iNkosi uJesu, lapho kakade isimiswe nguNkulunkulu ukuba ibe yiNkosi, yayingathi: “UAbrahama . . . wathokozela ukubona usuku lwami, walubona, wajabula.”—Heberu 11:10; Johane 8:56.
10, 11. (a) Iyiphi impi thina njengamaKristu esiyilwayo, futhi sikhululwa kanjani? (b) Yini esisizayo ekwehlulekeni kwethu ukuyilwa ngokuphelele impi yokulwa nenyama yethu enesono?
10 Njengabantu abangaphelele, nathi futhi sinenyama yethu enesono okumelwe silwisane nayo, futhi lempi yokwenza okulungileyo ingaba ngecindezela kakhulu. Nokho, ukulwa kwethu nobuthakathaka bethu akusho ukuthi asinalo ithemba. UPawulu wazizwa edumele ngalempi, futhi wathi: “Ngubani oyakungikhulula kulomzimba wokufa na? Makabongwe uNkulunkulu ngoJesu Kristu iNkosi yethu.” (Roma 7:24, 25) NgoJesu Kristu nesihlengo asilungiselela, siyakhululwa.—Roma 5:19-21.
11 Umhlatshelo kaKristu wesihlengo uyasisiza ekwehlulekeni kwethu ukulwa lempi ngokuphelele. Singathokoza ngalesihlengo ngoba senza kube nokwenzeka ukuba sibe nonembeza ohlanzekile nokuthethelelwa kwezono zethu. KumaHeberu 9:14, uPawulu ukhuluma ‘ngegazi likaKristu’ elinamandla ‘okuhlanza onembeza bethu emisebenzini efileyo.’ Ngakho, onembeza bamaKristu akudingeki bacindezelwe ukuzisola nemizwa yokuba necala. Lokhu, kanye nethemba esinalo, kwakha amandla amakhulu enjabulo enkulu. (IHubo 103:8-14; Roma 8:1, 2, 32) Lapho sicabanga ngethemba lethu, sonke siyokhuthazeka ukuba silwe lempi ngokuphumelelayo.
Ukuhlala Silikhumbula Ithemba Lethu
12. Yiliphi ithemba amaKristu agcotshiwe angahlala ecabanga ngalo?
12 Kubalulekile kokubili ngensali egcotshwe ngomoya nangezinye izimvu ukuba bahlale belikhumbula ‘ithemba labo lokusindiswa,’ beligqoke njengesigqoko esiyisivikelo. (1 Thesalonika 5:8) AmaKristu agcotshiwe angacabanga ngelungelo elimangalisayo lokuzuza ukungafi ezulwini, axhumane noJehova uNkulunkulu, futhi ajabulele ubungane bomuntu siqu noJesu Kristu okhazinyulisiwe nabaphostoli kanye nabo bonke abanye be-144 000, abaye balondoloza ubuqotho babo phakathi namakhulu eminyaka adlule. Yeka ingcebo yobungane obungenakuchazwa!
13. Abagcotshiwe abasesemhlabeni bazizwa kanjani ngethemba labo?
13 Abambalwa abagcotshiwe abasesemhlabeni bazizwa kanjani ngethemba labo loMbuso? Lokhu kungafushaniswa ngamazwi kaF. W. Franz, umongameli weWatch Tower Society, owabhapathizwa ngo-1913: “Ithemba lethu liyinto eqinisekile, futhi liyogcwaliseka ngokuphelele kuze kube selungwini lokugcina lomhlambi omncane we-144 000 ngezinga elingaphezu kwalokho esiye sakucabanga ngisho nokukucabanga. Thina bensali esasikhona ngonyaka ka-1914, lapho sasilindele ukuba sonke siye ezulwini, asikalahlekelwa umuzwa wethu wokubaluleka kwalelothemba. Kodwa simi siqinile kulo njenganini ngaphambili, futhi silazisa ngokwengeziwe njengoba kudingeka sililindele isikhathi eside. Liyinto ekufanele ukuba ilindelwe, ngisho nakuba kungadingeka kube iminyaka eyisigidi. Ithemba lethu ngilibheka njengeleyigugu ngokwengeziwe kunanini ngaphambili, futhi angifuni neze ukulahlekelwa ukulazisa kwami. Ithemba lomhlambi omncane linikeza nesiqinisekiso sokuthi ithemba lesixuku esikhulu sezinye izimvu, ngaphandle kwanoma yikuphi ukwehluleka, liyogcwaliseka ngendlela edlula noma yikuphi esikucabangayo okuhle kakhulu. Kungakho nje sisabambelele ngokuqinile kuze kube manje, futhi sisazobambelela ngokuqinile kuze kube yilapho uNkulunkulu esezibonakalisile ukuthi uneqiniso ‘ezithembisweni zakhe eziyigugu nezinkulukazi.’”—2 Petru 1:4; Numeri 23:19; Roma 5:5.
Ukuthokoza Manje Ethembeni LePharadesi
14. Yiliphi ithemba isixuku esikhulu okudingeka sihlale silikhumbula?
14 Ukuboniswa okunjalo kokholo oluhambisana nenjabulo kunikeza labo besixuku esikhulu sezinye izimvu izizathu ezinhle zokuthokoza. (IsAmbulo 7:15, 16) Abanjalo kudingeka bakhumbule ithemba lokusinda eArmagedoni. Yebo, babheke phambili ekuboneni uMbuso kaNkulunkulu ulwela ubukhosi bukaJehova uNkulunkulu bendawo yonke futhi ungcwelisa igama lakhe elikhazimulayo ngokuletha usizi olukhulu, oluyohlanza emhlabeni abantu ababi labo uDeveli aye waba ngunkulunkulu wabo. Yeka injabulo okuyoba yiyo ukusinda kulolosizi olukhulu!—Daniyeli 2:44; IsAmbulo 7:14.
15. (a) Yimuphi umsebenzi wokuphilisa uJesu awenza lapho esesemhlabeni, futhi ngani? (b) Ziyoba yini izidingo ezingokwempilo zabasinde eArmagedoni, futhi kungani zehlukile kwezalabo abavuswayo?
15 Ngokuphathelene nesixuku esikhulu, isAmbulo 7:17 sithi: “IWundlu . . . liyakubelusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila; noNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo.” Nakuba lesiprofetho manje sigcwaliseka ngokomoya, abayosinda eArmagedoni bayosibona sigcwaliseka ngokoqobo. Kanjani? Nokho, yini uJesu ayenza lapho esemhlabeni? Waphulukisa izilima, wenza izinyonga zahamba, wavula izindlebe zezithulu namehlo ezimpumputhe, futhi welapha uchoko, ukugogeka, ‘nazo zonke izifo nokugula konke.’ (Mathewu 9:35; 15:30, 31) Ingabe akukhona yini lokho amaKristu akudingayo namuhla? Isixuku esikhulu sizohamba nokukhubazeka nobuthakathaka bezwe elidala siyongena nakho ezweni elisha. Yini esilindele ukuba iWundlu liyenze ngalokho? Izidingo zabasinde eArmagedoni ziyokwehluka kakhulu ezidingweni zalabo abayobe bevusiwe. Abavusiwe cishe bayodalwa kabusha benemizimba ephelele, ephile kahle, enempilo, nakuba beyobe bengakabi nakho ukuphelela kobuntu. Ngenxa yesimangaliso sovuko, ngokusobala ngemva kwalokho ngeke badinge ukulungiswa kunoma yikuphi ukukhubazeka kwangaphambili ngokuphilisa okuyisimangaliso. Ngakolunye uhlangothi, ngenxa yokuhlangenwe nakho kwabo okuyingqayizivele kokusinda eArmagedoni, ukulungiswa ngokuyisimangaliso kuyinto abaningi besixuku esikhulu abayoyidinga nabayoyithola. Ngokusobala, inhloso enkulu yokuphilisa kukaJesu ngenjongo yokukhuthazwa kwesixuku esikhulu yayiwukubonisa ithemba elijabulisayo lokuthi lesisixuku ngeke sigcine ngokusinda kuphela kodwa ngemva kwalokho siyophiliswa.
16. (a) Ukuphiliswa ngokuyisimangaliso kwabasinde eArmagedoni kungase kwenzeke nini, futhi kube namuphi umphumela? (b) Yiliphi ithemba esiyoqhubeka sithokoza kulo phakathi neMinyaka Eyinkulungwane?
16 Ukuphilisa okunjalo okuyisimangaliso ngokunengqondo kuyokwenzeka phakathi kwabasinde eArmagedoni cishe ngokushesha ngemva kweArmagedoni futhi ngaphambili kakhulu kokuba kuqale uvuko. (Isaya 33:24; 35:5, 6; IsAmbulo 21:4; qhathanisa noMarku 5:25-29.) Khona-ke abantu bayolahla izibuko zamehlo, izindondolo zokudondolozela, izinduku zokuqhwalela, izihlalo zabakhubazekile, amazinyo okufakelwa, izinsiza-kuzwa, nokunye okunjalo. Yeka isizathu sokuthokoza! Yeka ukuthi lesisenzo sikaJesu sangaphambili sokubuyisela empilweni sivumelana kahle kanjani nendima yabasinde eArmagedoni njengesisekelo somhlaba omusha! Izifo ezikhubazayo ziyosuswa zingaphinde zibe khona ukuze laba abasindile bakwazi ukuqhubekela phambili ngenjabulo, bebheke phambili ngokulangazela emsebenzini omangalisayo weMinyaka Eyinkulungwane esengaphambi kwabo, bengabuyiselwa emuva ubunzima izwe elidala okungenzeka liye labalethela bona. Futhi phakathi nayo yonke iMinyaka Eyinkulungwane, bayobe bethokoza ethembeni lokufinyelela ngokugcwele ekuphileni kobuntu okuphelele ngasekupheleni kwaleminyaka eyinkulungwane.
17. Yiziphi izinjabulo eziyoba khona njengoba umsebenzi wokubuyisela iPharadesi uyobe uqhubeka?
17 Uma nawe unalelothemba, cabanga futhi nangenjabulo yokuhlanganyela ekubuyiseleni iPharadesi emhlabeni. (Luka 23:42, 43) Ngokungangabazeki abasinde eArmagedoni bayosiza ekuhlanzeni umhlaba futhi kanjalo balungiselele izindawo ezinhle abafileyo abayovuselwa kuzo. Imingcwabo ingase ithathelwe indawo yizikhathi zokwamukela labo abavusiwe ovukweni, kuhlanganise nabathandekayo bethu siqu abaye bafa. Futhi cabanga ngokuhlangana okucebisayo namadoda athembekile nabesifazane bamakhulu eminyaka adlule. Ubani ngokukhethekile ofuna ukukhuluma naye? Ingabe nguAbela, uEnoke, uNowa, uJobe, uAbrahama, uSara, uIsaka, uJakobe, uJosefa, uMose, uJoshuwa, uRahabi, uDebora, uSamsoni, uDavide, uEliya, uElisha, uJeremiya, uHezekeli, uDaniyeli, noma uJohane uMbhapathizi? Khona-ke, lelithemba elijabulisayo nalo liyingxenye yethemba lakho. Uyokwazi ukuxoxa nabo, ufunde okuthile kubo, futhi usebenze kanye nabo ekwenzeni umhlaba wonke ube ipharadesi.
18. Yiziphi ezinye izinjabulo esingacabanga ngazo?
18 Cabanga futhi, ukudla okunempilo, amanzi ahlanzekile, nomoya ohlanzekile, umhlaba wethu usubuyiselwe ekubeni nokulingana kwawo okuphelele ebuhlotsheni bezinto eziphilayo nasendaweni ezungezile ngendlela uJehova ayewudale ukuba ube ngayo. Ukuphila ngalesosikhathi, ngeke nje kube injabulo yokuphelela kokungenzi lutho, kodwa kuyokuba ukuhlanganyela ngenkuthalo nokunenjongo emisebenzini ejabulisayo. Cabanga ngomphakathi wabantu womhlaba wonke ongenabo ubugebengu, ukuzazisa, umhawu, ukuxabana—ubuzalwane lapho izithelo zomoya zihlakulelwa khona futhi zivezwa yibo bonke. Yeka indlela okuvusa ngayo amadlingozi!—Galathiya 5:22, 23.
Ithemba Elenza Ukuphila Kube Nenjongo
19. (a) Ukuthokoza okukhulunywa ngakho kwabaseRoma 12:12 kumelwe kujatshulelwe nini? (b) Kungani kufanele sizimisele ukuba singazivumeli izinkathazo zokuphila zichilizele eceleni ithemba lethu?
19 Lapho obekulindelwe sekugcwalisekile akube kusaba yithemba, ngakho ukuthokoza uPawulu akhuthaza ngakho kwabaseRoma 12:12 kumelwe kujatshulelwe manje. (Roma 8:24) Ukucabanga nje ngezibusiso zesikhathi esizayo uMbuso kaNkulunkulu oyoziletha kuyisizathu sokuba sithokoze manje kulelothemba. Ngakho zimisele ukuba ungavumeli izinkathazo zokuphila ezweni elonakele zichilizele eceleni ithemba lakho elikhazimulayo. Ungakhathali bese uyayeka, ulahlekelwe umbono wethemba elisengaphambili. (Heberu 12:3) Ukushiya inkambo yobuKristu ngeke kuzixazulule izinkinga zakho. Khumbula, uma umuntu eyeka ukukhonza uNkulunkulu ngenxa yazo zonke izinkathazo zokuphila manje, uyaqhubeka exakwe yilezozinkathazo, kodwa alahlekelwe yithemba futhi kanjalo ulahlekelwa yithuba lokuthokoza emathembeni amangalisayo asengaphambili.
20. Ithemba loMbuso linamuphi umphumela kulabo ababambelela kulo, futhi ngani?
20 Abantu bakaJehova banazo zonke izizathu zokuba nokuphila okujabulisayo. Ithemba labo elikhazimulayo, elivusa amadlingozi lenza ukuphila kube nenjongo. Futhi lelithemba elijabulisayo abaligcini kubona. Cha, balangazelela ukulihlanganyela nabanye. (2 Korinte 3:12) Ngaleyondlela labo ababambelela ethembeni loMbuso bangabantu abaqinisekile, futhi bafuna ukukhuthaza abanye ngokubatshela izindaba ezinhle ezivela kuNkulunkulu. Lokhu kwenza ukuphila kwalabo abemukela isigijimi kube nethemba elimangalisa kakhulu kunoma iliphi elike lanikezwa isintu sisonke—ithemba loMbuso ozobuyisela iPharadesi emhlabeni. Uma abantu bengasamukeli isigijimi, thina siyaqhubeka sithokoza ngoba sinalo ithemba. Abantu abangafuni ukulalela yibona abalahlekelwayo; thina asilahlekelwa.—2 Korinte 4:3, 4.
21. Yini esiseduze kakhulu, futhi kufanele silazise kangakanani ithemba lethu?
21 Isithembiso sikaNkulunkulu sithi: “Bheka, ngenza konke kube-kusha.” (IsAmbulo 21:5) Izwe elisha nazo zonke izibusiso zalo ezijabulisayo nezingenasiphelo liseduze. Ithemba lethu—lokuphila ezulwini noma emhlabeni oyipharadesi—liyigugu; bambelela kulo. Kulezinsuku zokugcina ezinzima, kakhulu kunanini ngaphambili, libheke “njengehange lomphefumulo, liqinile, ligxilile.” Njengoba ithemba lethu ligxiliswe kuJehova, “idwala laphakade—iDwala lezikhathi ezidlule,” ngokuqinisekile sinesizathu esiqinile nesijabulisayo njengamanje ‘sokuthokoza ethembeni’ elibekwe phambi kwethu.—Heberu 6:19; Isaya 26:4, The Amplified Bible.
[Umbhalo waphansi]
a Phakathi no-1992, oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke bayobe besebenzisa itekisi lonyaka elithi: “Ethembeni nithokoze. . . . Ekukhulekeni niqinisele njalo.”—Roma 12:12.
Imibuzo Yokubukeza
◻ Liyini ithemba elikhulu lesintu?
◻ Iyini injabulo yeqiniso?
◻ Ukuphiliswa ngokuyisimangaliso kwabasinde eArmagedoni cishe kuyokwenzeka nini?
◻ Kungani kungafanele sivumele izinkathazo zokuphila ukuba zichilizele eceleni ithemba lethu?
◻ Yiziphi izinjabulo obheke phambili kuzo ezweni elisha?
[Isithombe ekhasini 9]
Ingabe inhliziyo yakho ibingeke yini igcwale injabulo ngokubona uhlobo lokuphilisa uJesu alwenza?
[Isithombe ekhasini 10]
Labo abathokozayo ngoMbuso bakhuthaza abanye ngokulihlanganyela nabo ithemba labo