Isahluko 13
Umbono Wakho Ngobulili—Wenza Mehluko Muni?
ABANYE abantu banomqondo wokuthi iBhayibheli limelene nanoma yini ephathelene nobulili. Nokho, ukuhlolwa kweBhayibheli ngokwalo kwembula ukuthi lokho akulona iqiniso. Ngemva kokulandisa ngokudala kukaNkulunkulu indoda nowesifazane bokuqala, liqhubeka lithi: “UNkulunkulu wababusisa; uNkulunkulu wathi kubo: Zalani, nande, nigcwalise umhlaba.”—Genesise 1:27, 28.
2 Khona-ke, ubuhlobo bobulili phakathi kwendoda nowesifazane, ngokusobala bunokuvunyelwa kwaphezulu. Kodwa ingabe uNkulunkulu uyabuvumela ubulili obungenakuzibamba? Ingabe lokhu kuyoletha injabulo enkulu kunazo zonke ekuphileni? Ingabe kuyophumela ekuthuleni kweqiniso nokulondeka kithina nakulabo abasizungezile?
3 Ubulili bungasetshenziswa kabi njengoba nje kunjalo ngeminye imisebenzi yomuntu. Ukudla kuhle futhi kudingekile ukuze siphile. Kodwa ukuminza kungayiphazamisa impilo futhi kufushanise ukuphila komuntu. Nokulala futhi, kubalulekile. Kodwa ukweqisa kunciphisa izinto ezingafezwa ukuphila futhi kungawenza buthaka ngisho nomzimba. Njengoba nje ukujabulela ukuphila kwangempela kungabangelwa ukuminza, ukudakwa, nokuvilapha, kungokufanayo ngemiphumela yokusebenzisa komuntu amandla obulili ngokungazibambi. Okuhlangenwe nakho kwabantu ezinkulungwaneni zeminyaka kuyakufakazela lokho. Ingabe kumelwe sifunde lokho ngokuhlangenwe nakho kwethu siqu okubuhlungu? Ikhona indlela engcono.
4 IZwi likaNkulunkulu linikeza umbono olinganiselwe ngobulili oyovikela injabulo yethu manje nasesikhathini esizayo. Nokho, akukhona nje ngenxa yokuthula kwethu siqu nokulondeka ukuthi siyofunda futhi sibambelele ezindinganisweni zikaNkulunkulu ngokuphathelene nokusebenzisa lezizipho. Okubaluleke ngokungaphezulu, kumelwe senze kanjalo ngokuhlonipha uMdali wethu. Uma ngempela siba sohlangothini lwakhe lwempikiswano yokubusa, siyozithoba ngenjabulo ekuhlakanipheni kwakhe kwaphezulu nasegunyeni lobukhosi nakulendaba.—Jeremiya 10:10, 23.
Ukugcina Umshado Uhlonipheka Kubo Bonke
5 IBhayibheli liyayala: “Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi-nasisihla, ngokuba izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.” (Heberu 13:4) Ngakho-ke, uNkulunkulu umelene nobuhlobo bobulili ngaphandle komshado. Lokhu kuyavumelana neqiniso lokuthi lapho enikeza indoda yokuqala umngane, uNkulunkulu wabonisa ukuthi intando yakhe kwakuwukuba bobabili babe “nyamanye,” esibophweni sobunye esinganqamuki. Eminyakeni engaba yizinkulungwane ezine kamuva, iNdodana kaNkulunkulu yabonisa ukuthi uYise wayengakayilahli lendinganiso. (Genesise 2:22-24; Mathewu 19:4-6) Kodwa ingabe indinganiso enjalo ibopha ngokungadingekile? Ingabe isincisha okuthile okuhle?
6 Ukuphinga kweqa indinganiso yaphezulu, futhi uJehova uNkulunkulu uthembisa ukuba “ngufakazi osheshayo” ekwahluleleni iziphingi. (Malaki 3:5) Izithelo ezimbi zobuhlobo bobulili ngaphandle kwesibopho somshado zigcizelela ukuhlakanipha komthetho kaNkulunkulu. Ukuphinga kubangela ukunqamuka kokwethembana. Kubangela ukungalondeki futhi kululaze ukuthula komshado. Ubuhlungu obungumphumela nokudabuka ngokuvamile kuholela esahlukanisweni. Izingane ziyahlupheka njengoba zibona umkhaya wakubo uhlukana phakathi. Ngokusobala, ukunqabela kukaNkulunkulu ukuphinga kungokwenzuzo yethu. IZwi lakhe libonisa ukuthi noma ubani onothando loqobo ngomakhelwane ngeke aphinge.—Roma 13:8-10.
7 Njengoba sesibonile, iBhayibheli futhi linikeza isahlulelo sikaNkulunkulu ezifebeni. Buyini ngempela ubufebe? Nakuba ukusebenzisa kweBhayibheli leligama kungase kuhlanganise ubuhlobo bobulili kubantu abangashadile kanye nokuphinga, ngokuvamile linencazelo ebanzi kunalokho. Igama elisho “ubufebe” elasetshenziswa lapho kulotshwa izinkulumo zikaJesu nabafundi bakhe igama lesiGreki elithi por·neiʹa. Lithathwa emsukeni ofanayo negama lanamuhla elithi “pornography” (izithombe nezincwadi ezingcolileyo). Ngezikhathi zeBhayibheli elithi por·neiʹa lalisetshenziswa ekubhekiseleni ezinhlotsheni eziningi zobuhlobo bobulili obungemthetho ngaphandle komshado. Elithi porneiʹa lihlanganisa ukusetshenziswa okubi kakhulu kwesitho/izitho sobulili okungenani somuntu oyedwa (kungakhathaliseki noma kungendlela yemvelo noma ephendukezelwe). Futhi, kumelwe ukuba kwakunomunye kulokhu kuziphatha okubi—umuntu wanoma ibuphi ubulili noma isilwane.
8 Ngesikhathi enxusa amaKristu ukuba ‘adede ebufebeni,’ umphostoli uPawulu wanikeza izizathu ezinamandla, ethi: “Ukuba kungabikho noyedwa omonayo, aphambe umfowabo ngento, ngokuba iNkosi ingumphindiseli kukho konke lokho . . . Ngokuba uNkulunkulu kasibizelanga amanyala . . . Ngakho-ke owalayo akali umuntu, kepha wala uNkulunkulu.”—1 Thesalonika 4:3-8.
9 Lowo ofebayo ngempela ‘wona futhi aphambe abanye.’ Ngokwesibonelo, lokhu kuyiqiniso emibhangqwaneni ehlala ndawonye ngaphandle komshado ongokomthetho. Kungani ikwenza? Ngokuvamile kwenzelwa ukuba bakwazi ukulahla lesosibopho noma nini uma bethanda. Abamnikezi umngane wabo ukulondeka okufanele kulethwe umshado ongokomthetho. Kodwa uma bobabili abantu bengenela lobobuhlobo ngokuzithandela, ingabe ‘basona futhi baphambe abanye’? Yebo, kunjalo ngempela.
10 Kunemiphumela eminingi yezenzo zezihlobongi ‘ephazamisa amalungelo abanye.’ Ngokwesibonelo, noma ubani ohlanganyela ebufebeni uhlanganyela ekonakaliseni unembeza womunye umuntu kanye nanoma ikuphi ukuma okuhle lowo okungenzeka ubenakho noNkulunkulu. Isihlobongi sonakalisa ithuba lomunye umuntu lokungenela umshado ngesiqalo esihlanzekile. Cishe uletha ukudeleleka, isihlamba, nokudumazeka emalungwini omkhaya womunye umuntu, kanye nowakhe siqu. Angase futhi onakalise impilo engokwengqondo, engokomzwelo, nengokomzimba yomunye umuntu. Izifo ezesabekayo ezidluliselwa ngobulili njengeAIDS (Acquired Immune Deficiency Syndrome) ebulalayo ngokuvamile zihlanganiswa nokuziphatha okubi kobulili.
11 Abaningi bakhetha ukuzenza abangaziboni lezingozi. Kodwa ingabe ukholelwa ukuthi uNkulunkulu, naphezu kokulunga kwakhe, uyokuvumela okunjalo ukungawanaki ngokuwadelela amalungelo abanye? IZwi likaNkulunkulu lifuna ‘ukuhlonipha,’ hhayi ukwehlisa noma ukuphikisa ilungiselelo lakhe elingcwele lomshado.—Heberu 13:4; Mathewu 22:39.
12 Kuthiwani ngobungqingili? Njengoba sesibonile, lomkhuba uhlanganisiwe egameni elithi por·neiʹa (“ubufebe”), elasetshenziswa uJesu nabafundi bakhe. Umfundi uJuda wasebenzisa lelogama lapho ebhekisela ezenzweni zobulili ezingezona ezemvelo zabesilisa baseSodoma naseGomora. (Juda 7) Ubungqingili lapho babangela ihlazo elaveza “isikhalo” esikhulu. Futhi baholela ekubhubhiseni kukaNkulunkulu leyomizi nabahlala kuyo. (Genesise 18:20; 19:23, 24) Ingabe umbono kaNkulunkulu usushintshile kusukela lapho? Cha. Ngokwesibonelo, eyoku-1 kwabaseKorinte 6:9, 10 ibeka “abesilisa abalalanayo” ohlwini lwalabo okungathi uma beqhubeka nomkhuba onjalo bangawuzuzi uMbuso kaNkulunkulu. Futhi, lichaza imiphumela kubantu ‘abahlazisa imizimba yabo ngokungcola,’ belandela ‘inyama yokuyeka ukwenza okwemvelo,’ iBhayibheli lithi “basha ngokukhanukelana, abesilisa benza okuyichilo kwabesilisa, bezitholela umvuzo ofanele ukuduka kwabo.” (Roma 1:24, 27) Abantu abanjalo abalahlwa nje uNkulunkulu kuphela, kodwa futhi bathola “umvuzo” wokonakala ngokwengqondo nangokomzimba. Ngokwesibonelo, namuhla kunezinga eliphakeme logcunsula, iAIDS, nezinye izifo ezithathelwana ngobulili phakathi kongqingili. Izindinganiso eziphakeme zokuziphatha zeZwi likaNkulunkulu ziyasivikela engozini enjalo, kunokuba zisincishe okuthile okuhle.
Ukwamukela Umbono KaNkulunkulu Wesehlukaniso
13 “Ngiyazonda ukwahlukana.” Yileyondlela uJehova uNkulunkulu akhuluma ngayo lapho esola labo ‘ababekhohlisa’ abangane babo bomshado. (Malaki 2:14-16) IZwi lakhe linikeza iseluleko esanele sokusiza imibhangqwana ukuba iphumelele emishadweni nokuba igweme ubuhlungu besehlukaniso. Lenza kukhanye futhi ukuthi uNkulunkulu ubheka ukwethembeka ezifungweni zomuntu zomshado njengomthwalo ongcwele.
14 Lokhu kugcizelelwa iqiniso lokuthi ubheka isizathu esisodwa kuphela esifanele sokwehlukanisa. UJesu wabonisa ukuthi siyini: “Yilowo nalowo olahla umkakhe kungengokuphinga [por·neiʹa], aganwe ngomunye, uyaphinga.” (Mathewu 19:9; 5:32) Elithi por·neiʹa, njengoba sesibonile, libhekisela ebuhlotsheni bobulili ngaphandle komshado, kungaba obemvelo noma okungebona obemvelo.
15 Uma umngane womuntu eba necala lobufebe, ingabe lokhu ngokuzenzekelayo kuyasinqamula isibopho somshado? Cha, akusinqamuli. Umngane ongenacala anganquma noma athethelele noma cha. Lapho kunqunywa ukwenza isehlukaniso, ukuqaphela komKristu igunya lababusi emhlabeni kuyomenza asule umshado ngokomthetho, enza kanjalo ngesizathu esiyiqiniso. (Roma 13:1, 2) Uma leyomicikilisho isiphelile, kuvumelekile ukushada futhi. Kodwa imiBhalo yeluleka ukuthi noma ikuphi ukushada okunjalo kube nomunye umKristu kuphela, lowo ngempela ‘oseNkosini.’—1 Korinte 7:39.
16 Kuthiwani uma imithetho yendawo ingavumeli noma ikuphi ukwehlukanisa, ngisho nangesizathu sokuziphatha okubi kobulili? Umngane ongenacala esimweni esinjalo angase akwazi ukuthola isehlukaniso kwelinye izwe lapho isehlukaniso sivunyelwa khona. Yebo, izimo zingase zingakuvumeli lokhu. Kodwa uhlobo oluthile lokwehlukana okungokomthetho lungase lube khona ezweni lakubo umuntu futhi angase alufune. Noma ikuphi, umngane ongenacala angahlukana nonecala futhi anikeze ubufakazi obuqinisekile ngesizathu esingokomBhalo sesahlukaniso kubabonisi bebandla loFakazi BakaJehova lakubo. Kuthiwani uma lowomuntu kamuva enquma ukuthatha omunye umngane? Ibandla alinakuthatha isinyathelo sokumsusa njengesiphingi uma enikeza ibandla inkulumo ebhaliwe eyisifungo sokwethembeka kumngane wamuva nesivumelwano sokuthola incwadi yomshado engokomthetho uma umshado wangaphambili ungase usulwe ngokomthetho noma ngokufa. Nokho, lowomuntu kuyodingeka abhekane nanoma imiphi imiphumela engaba khona ngokuqondene nezwe elingaphandle kwebandla. Ngoba izwe ngokuvamile aliqapheli ukuthi umthetho kaNkulunkulu uphakeme kunemithetho yabantu nokuthi imithetho yabantu inegunya elilinganiselwe kuphela.—Qhathanisa nezEnzo 5:29.
Ukugwema Ngokuhlakanipha Konke Ukungcola Nobugovu Bobulili
17 Ubuhlobo bobulili ngokusobala bunendawo efanelekile ekuphileni kwabantu abashadile. UNkulunkulu walungiselela lokhu njengendlela yokuveza abantwana, nanjengomthombo wenjabulo kubazali. (Genesise 9:1; IzAga 5:18, 19; 1 Korinte 7:3-5) Nokho, waxwayisa ngokusisebenzisa kabi lesisipho.—Efesu 5:5.
18 Ngenxa yokugcizelela okwenziwayo ebulilini namuhla, iningi lentsha lithola ukuthi isifiso salo sokuzijabulisa ngokobulili sivuswa ngisho nangaphambi kokuba ibe sesimweni sokushada. Ngenxa yalokho, enye yayo ifuna injabulo ngokuzivusela yona ngokwayo izitho zobulili. Lokhu ukushaya indlwabu, noma ukuzingcolisa. Ingabe kungumkhuba ofanele noma ohlakaniphile?
19 ImiBhalo iyeluleka: “Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka, nesangabe.” (Kolose 3:5) Ingabe umuntu oshaya indlwabu ‘ubulala amalungu akhe ngokuqondene nokukhanukela ubulili’? Ngokuphambene, uvusa inkanuko yobulili. IBhayibheli likhuthaza umuntu ukuba agweme ukucabanga nokuziphatha okuholela ezinkingeni ezinjalo, esikhundleni sakho abe nemisebenzi ewusizo, nokuba umuntu ahlakulele ukuzithiba. (Filipi 4:8; Galathiya 5:22, 23) Lapho kwenziwa umzamo oqotho wokwenza lokhu, ukuzingcolisa okunjalo kungase kugwenywe, kube nezinzuzo ngokwengqondo, ngokomzwelo, nangokomoya.
20 Okushiwo yiBhayibheli ngokuqondene “nokungcola, nokuhuheka,” nokukhanuka kusebenza kuwo wonke amaKristu, angashadile nashadile. Kuyiqiniso ukuthi indoda nomfazi banelungelo elingokomBhalo lokuhlanganyela ebuhlotsheni bobulili ndawonye. Kodwa ingabe lokhu kusho ukuthi kufanele balahle konke ukuzibamba? Iqiniso lokuthi iZwi likaNkulunkulu likhuthaza wonke amaKristu ukuba ahlakulele ukuzithiba liyaphikisana nombono onjalo. (2 Petru 1:5-8) Umlobi weBhayibheli ophefumlelwe kwakungadingekile ukuba achaze indlela engokwemvelo izitho zokuzala zendoda nomfazi ezihlangana ngayo. Ubuhlobo bobungqingili ngokusobala abunakuhambisana nalendlela engokwemvelo. Ngakho-ke, ongqingili besilisa nabesifazane basebenzisa ezinye izindlela zokuhlangana kulokho umphostoli abhekisela kukho ngokuthi ‘ukuhuheka okuyihlazo nokwenza okuyichilo.’ (Roma 1:24-32) Imibhangqwana eshadile ingazilingisa yini lezozinhlobo zokuhlangana zobungqingili emshadweni wayo kodwa ikhululeke emehlweni kaNkulunkulu ecaleni ‘lokuhuheka okuyihlazo’ noma ‘ukukhanuka’?
21 Ekucabangeleni okushiwo yimiBhalo, umuntu angase aqaphele ukuthi ukucabanga kwakhe kwangaphambili kulezizinto kwakulolongwe yilabo, njengoba iBhayibheli lisho, ‘ababuthuntu.’ Kodwa, ngosizo lukaNkulunkulu, umuntu ‘angembatha umuntu omusha,’ ololongwe ngezindinganiso zokulunga zikaNkulunkulu. (Efesu 4:17-24) Ngalendlela umuntu uyabonisa ukuthi ngempela uqinisile uma ethi ufuna ukwenza intando kaNkulunkulu.
Umbono Wakho Ukuthinta Kakhulu Ukuthula Kwakho Nokulondeka
22 Ukusebenzisa iseluleko seZwi likaNkulunkulu ngokuqondene nokuziphatha okuhle kobulili akugqilazi. Qhathanisa isithelo senkambo ehlelwe eBhayibhelini nezinga lomhlaba eliphakeme lesehlukaniso, ukuwohloka kwemikhaya, izingane ezingezwa, ubufebe, izifo, ubudlova nokubulala okwenziwa ngokuqondene nenkanuko yobulili. (IzAga 7:10, 25-27) Yeka ukuthi kusobala kangakanani ukuhlakanipha kweZwi likaNkulunkulu! Uma wenqaba ukucabanga kwezwe okusekelwe esifisweni sobugovu uvumelanise ukucabanga kwakho neseluleko sikaJehova, inhliziyo yakho iqiniselwa kakhulu ngasezifisweni eziqondile. Esikhundleni senjabulo edlulayo yokuziphatha okubi kobulili, ujabulela unembeza ohlanzekile nokuthula kwengqondo okuhlala njalo. Izibopho zomshado nezomkhaya ziqiniswa kanye nokukhula kokwethembana phakathi kwabangane bomshado okuhambisana nenhlonipho evela ezinganeni.
23 Futhi ungalahlekelwa yiphuzu lokuthi ithemba lakho lokuphila okuphakade lihilelekile. Ngakho-ke ukuziphatha okungokomBhalo kuyosho okungaphezu kwempilo yakho yamanje. (IzAga 5:3-11) Kuyoba yingxenye yobufakazi bokuthi uzizonda ngempela izinto ezenyanyekayo ezenziwa ngabantu abangenandaba noNkulunkulu nokuthi uye ‘waphawulelwa’ ukusindela ‘emhlabeni omusha’ kaNkulunkulu, lapho, kungeke kuhlale ukungaziphathi kahle, kodwa ukulunga. Khona-ke, yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba ‘wenze konke okusemandleni akho manje ukuze ekugcineni utholwe uNkulunkulu ungenabala, ungenasici futhi unokuthula.’—Hezekeli 9:4-6; 2 Petru 3:11-14.
[Imibuzo Yesifundo]
1-3. (a) IBhayibheli libonisa kanjani ukuthi ubuhlobo bobulili phakathi kwendoda nowesifazane bunokuvunyelwa kwaphezulu? (b) Ingabe kuyoba ngokwenzuzo yomuntu ukuzitika ekusetshenzisweni kwezitho zobulili ngokungenakuzibamba?
4. Yini okumelwe isishukumisele ukuba sisekele izindinganiso zikaNkulunkulu ngokuqondene nobulili?
5. IBhayibheli lithini ngokuhileleka ebuhlotsheni bobulili ngaphandle komshado?
6. Yini ebonisa ukuthi umthetho kaNkulunkulu omelene nokuphinga ungowenzuzo yethu?
7. Chaza ukuthi kushiwoni ngobufebe, njengoba kubhekiselwe kubo eBhayibhelini.
8. Kungenxa yaziphi izizathu ezinamandla umphostoli uPawulu akhuthaza amaKristu ukuba ‘adede ebufebeni’?
9, 10. (a) Kungani abanye abantu bewubalekela umshado ongokomthetho, ngisho noma behlala nothile wobulili obuhlukile? (b) Ngisho noma ukuhlobonga kwenziwa ngokuvumelana, kungani kukhona ‘ukona nokuphamba abanye’?
11. Kungani kungekho sizathu nganoma ubani sokukholelwa ukuthi uNkulunkulu uyobuvumela ubufebe?
12. (a) Uyini umbono kaNkulunkulu ngobungqingili? (b) Umthetho kaNkulunkulu owenqabela ubungqingili usivikela kukuphi?
13. Ingengathi sína kangakanani indaba yokwethembeka komuntu ezifungweni zakhe zomshado?
14, 15. (a) Isiphi okuwukuphela kwesizathu esifanele sesehlukaniso? (b) Ingabe ubufebe bumane businqamule ngokuzenzekelayo isibopho somshado? (c) Kungaphansi kwaziphi izimo lapho ukuphinda ushade kuvumeleke khona?
16. Emazweni lapho umthetho wezwe ungasivumeli isehlukaniso nganoma isiphi isizathu, oFakazi BakaJehova bayibonisa kanjani inhlonipho ngomthetho kaNkulunkulu kulendaba?
17. Ngokusuka emiBhalweni, chaza indawo efanelekile ubuhlobo bobulili obunayo ekuphileni kwabantu abashadile.
18, 19. (a) Kungani umkhuba wendlwabu, noma ukuzingcolisa, ungafanelekile ngomKristu? (b) Yini engasiza umuntu ukuba agweme umkhuba onjalo?
20. Yini ebonisa ukuthi kungaba okungafanele ngendoda nomfazi ukuba balahle konke ukuzibamba ebuhlotsheni babo bobulili?
21. Kungakhathaliseki ukuthi indlela yomuntu yokuphila yayiyini ngaphambili, iliphi ithuba elimvulekele manje?
22. Iziphi izinzuzo ezisheshayo eziza kulabo abasebenzisa iseluleko seZwi likaNkulunkulu ngokuqondene nokuziphatha kobulili?
23. Umbono womuntu wobulili kukanjani ufeza okuthile ekubeni ‘ophawulelwa’ ukusindela ‘emhlabeni omusha’ kaNkulunkulu?