“Ningasheshi Ninyakaziswe Engqondweni Yenu”
“Siyaninxusa, . . . ukuba ningasheshi ninyakaziswe engqondweni yenu, ningethuswa noma ngomoya, noma ngezwi, noma ngencwadi ngokungathi ivela kithi.”—2 THESALONIKA 2:1, 2.
1. Yiziphi izinkumbulo ezijabulisayo ezifika engqondweni njengoba sikhumbula isikhathi esaqala ngaso ukufunda iqiniso?
IZINKUMBULO ezijabulisayo zifika njalo engqondweni lapho thina njengamaKristu sicabanga ngesikhathi esaqala ngaso ukufunda iqiniso elivela eZwini likaNkulunkulu. Lalilihle, lifanelekile, lanelisa. Yeka indlela izinhliziyo zethu ezachichima ngayo ukwazisa lapho sifunda ngoJehova nangezimfanelo zakhe eziphakeme, kuhlanganise nothando lwakhe olukhulu nesihe sakhe! Sajabula lapho sihlanganyela nesikholwa nabo ababonisa uthando lweqiniso lobuKristu nabaphila ngezimiso zeBhayibheli.
2. Yimaphi amathemba esinawo njengezinceku zikaJehova, futhi sizithola sikusiphi isimo esingokomoya?
2 Yeka indlela esabonga ngayo ngokufunda ukuthi uJehova ngokushesha uzosusa ubuhlungu, ukudabuka, futhi ngisho nokufa. (IsAmbulo 21:3, 4) Cabanga nje, ukuphila phakade emhlabeni oyipharadesi, ngempilo ephelele nenjabulo ephelele! Cishe kwakungakholeki. Kodwa kwakuyiqiniso. Kwakusekelwe yiZwi likaNkulunkulu. Kwakuvusa amadlingozi! Ngokungangabazeki, sazizwa njengabafundi bakaJesu ngesikhathi ebonakala kubo ngemva kovuko. Bathi komunye nomunye: “Inhliziyo yethu ibingavuthi yini phakathi kwethu, lapho ekhuluma kithi endleleni, nalapho esivulela imibhalo, na?” (Luka 24:32) Yebo, ngokufunda iqiniso nokunikezela ukuphila kwethu kuJehova, sazithola sisepharadesi elingokomoya. Yeka isibusiso!
3. UDeveli nabanye abaphikisi bazama kanjani ukusephuca izinzuzo zepharadesi elingokomoya likaJehova?
3 Kodwa ukuba sepharadesi elingokomoya likaJehova akuyona into esingayithatha kalula. Seza kulelipharadesi ngokuzithandela; singaphuma ngokuqondile (noma sikhishwe) uma siba abangakholwa noma seqa ngamabomu imithetho kaJehova yokulunga. Yebo, lokhu ngeke kwenzeke uma sigcina ‘uthando lwethu lwakuqala’ luqinile, uma siqhubeka siwazisa wonke amalungiselelo kaJehova okusigcina siqinile ngokomoya. (IsAmbulo 2:4) Kodwa uDeveli kanye nabanye abaphikisi bokukhulekela kweqiniso bayizingcweti ekukhohliseni. Kumelwe singakhohlwa ukuthi bahlala bekulungele njalo ukuphula ubuqotho bethu uma bengakwenza. Ukukhohlisa kwabo kuklanyelwe ukwenza buthakathaka ukholo lwethu, ukupholisa uthando lwethu ngoNkulunkulu, ukuhlwanyela ukungabaza ezingqondweni zethu—yebo, kwenze ipharadesi elingokomoya libonakale lingelona kwanhlobo ipharadesi.
4. Yini engaba umphumela uma sivumela ukholo lwethu lube buthakathaka futhi sivumela ukungabaza okungathi sina kukhule?
4 Ngokwesaga sesiNgisi, singase sifinyelele ezingeni lapho singakuthola kunzima, mhlawumbe ngisho kungenakwenzeka, ukubona ihlathi lepharadesi elingokomoya ngenxa yokubukisisa eduze kakhulu imithi engabantu abangaphelele ekulo manje. Ugqozi esasinalo lokufunda iqiniso leZwi likaNkulunkulu, ithemba elihle esaba nalo, uthando esalwakha ngoNkulunkulu nangabazalwane bethu abangokomoya, nentshiseko esasinayo ngenkonzo kaJehova, kunganyamalala. Uma izinyathelo ezingathi sina zingathathwa ukuze kunqotshwe noma ikuphi ukuwohloka okungokomoya okunjalo, ngokushesha izimfuneko zothando zikaNkulunkulu zibonakala zicindezela. Ukudla okuhle okuphilisayo okuvela ‘encekwini ethembekileyo neqondayo’ kungabonakala kungokuthile okudelelekile, futhi ubuzalwane bezinceku zikaJehova ezinothando bungabonakala buyindlu yezitha. Khona-ke okuwukuphela kokwaneliseka, kohlobo olungalungile, kungase kufike ngokuthi umuntu aqale ukushaya izinceku akanye nazo ngokuhleba nangezinkulumo ezihlanganisa iqiniso namanga.—Mathewu 24:45-51.
5. Ukulahlekelwa komuntu kungafaniswa kanjani nalokho u-Adamu noEva okwabalahlekela ngokuxoshwa kwabo ePharadesi lase-Edene?
5 Yebo, ngeke nje silahlekelwe izinzuzo zepharadesi elingokomoya manje kodwa, ngokungathi sína ngokwengeziwe, silahlekelwa futhi yithemba lokuphila phakade ePharadesi lasemhlabeni. Futhi singalahlekelwa ngesizathu esifana nesalahlekisela uAdamu noEva iPharadesi lase-Edene. Babenakho konke ababekudinga ukuze bajabule ngokuphelele futhi babeyophila phakade. Kodwa inkululeko—empeleni imfundiso ehlukile—yayibaluleke ngokwengeziwe kubo kunokulalela uJehova nezibusiso zaseEdene. UEva wakhohliswa. Nakuba uAdamu engakhohliswanga, wavumela ukucindezela kwezimo, nethonya elinamandla lomkakhe, kwamenza naye wona. Ngakho-ke, baxoshwa ePharadesi, ukuba baphile ukuphila okugcwele usizi kuze kube sekufeni kwabo. Bazilahlekisela ngokwabo ithemba lokuphila okuphakade futhi baletha ifa lesono nokufa phezu kwenzalo yabo. (Genesise 3:1-7, 14-19, 24; 1 Thimothewu 2:14; Roma 5:12) Yeka ukulahlekelwa okubuhlungu abakuthola ngalokho ababekubiza ngokuthi inkululeko!
6. (a) Ikuphi ukukhathalela uPawulu akubonisa ngokuqondene nabathile ebandleni laseKorinte? (b) Ukukhathalela okufanayo kwaboniswa kanjani kulokho okubhalelwa ibandla laseThesalonika?
6 Umphostoli uPawulu waveza lokhu kukhathalela: “Nginovalo lokuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa uEva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zingadukiswa, ziyeke ubuqotho nobumhlophe ngakuKristu.” (2 Korinte 11:3) UPawulu wakuthola kudingekile ukubhala ngokuphathelene nezimfundiso ezingamanga ezazisakazwa ngosuku lwakhe. Encwadini yakhe yesibili eya ebandleni laseThesalonika, wabhala: “Siyaninxusa, . . . ukuba ningasheshi ninyakaziswe engqondweni yenu, ningethuswa noma ngomoya, noma ngezwi, noma ngencwadi ngokungathi ivela kithi, sengathi usuku lukaKristu selufikile. Makungabikho-muntu onikhohlisayo nangayiphi indlela.”—2 Thesalonika 2:1-3.
Ungabi Nobudlelwane Nezihlubuki
7. (a) Imiphi imibuzo ephakamayo uma izincwadi zezihlubuki zemukelwa eposini? (b) Ngokuqondene nokuzivikela ethonyeni lezihlubuki, kungani ukuzethemba ngokweqile kuyingozi?
7 Manje, yini oyoyenza uma uhlangabezana nemfundiso yezihlubuki—imibono yobuqili—ithi okukholelwayo njengomunye woFakazi BakaJehova akulona iqiniso? Ngokwesibonelo, yini oyoyenza uma uthola incwadi eposini noma izincwadi ezithile, uyivule, futhi uyibone ngokushesha ukuthi ivela esihlubukini? Ingabe ukushisekela ukwazi kuyokubangela ukuba uyifunde, ukuze nje ubone ukuthi sithini? Ungase ngisho ucabange ngalendlela: ‘Ngeke ingithonye mina; ngiqine kakhulu eqinisweni. Iqiniso liyomelana novivinyo.’ Ngokucabanga ngalendlela, abanye baye bondla izingqondo zabo ngomqondo wezihlubuki futhi baye baba izisulu zokungabaza okungathi sína. (Qhathanisa noJakobe 1:5-8.) Ngakho khumbula isixwayiso esikweyoku-1 Korinte 10:12: “Osuka ethi umi, akaqaphele ukuba angawi.”
8. Iluphi usizo oludingwa abathile abaye banqotshwa ukungabaza?
8 Ngosizo lothando oluvela kubazalwane abakhathalelayo, abanye abanokungabaza okuhlwanyelwe izihlubuki baye basimama ngemva kwesikhathi sokudabuka nosizi olungokomoya. Kodwa lobubuhlungu babungase bugwenywe. KuzAga 11:9 siyatshelwa: “Ngomlomo umuntu ongenaNkulunkulu ubulala umakhelwane wakhe, kepha abalungileyo bayakhululwa ngokwazi.” UJuda watshela amaKristu ayekanye nawo ukuba ‘abangabazayo abahawukele, abasindise ngokubahlwitha emlilweni.’ (Juda 22, 23) UPawulu weluleka umbonisi uThimothewu ukuba ayale “ngomoya omnene abamelene [naye], kumbe uNkulunkulu angabanika ukuphenduka, baze balazisise iqiniso, basanguluke, baphume ogibeni lukaSathane ababanjwe nguye ukuba benze intando yakhe.”—2 Thimothewu 2:25, 26.
9. Yimuphi umphumela odabukisayo ngalabo abashiya ukukhulekela kweqiniso?
9 Ngokudabukisayo, abanye baye bangena shí ebumnyameni, baze babuyela ngisho nasezimfundisweni zeLobukholwa ezingamanga. Umphostoli uPetru wabhala ngomphumela odabukisayo ngabanye abake bahamba eqinisweni kodwa kamuva base bephambuka kulo. Wathi: “Ngokuba uma bebuye bahilelwe, bahlulwe yikho, sebebalekele ukungcola kwezwe ngokuyazi iNkosi noMsindisi uJesu Kristu, khona ukugcina kwabo kubi kunokuqala.” UPetru wathi bafana nenja ebuyela ebuhlanzweni bayo nengulube egezwé qede yaphindela ukuzibhixa odakeni.—2 Petru 2:20-22.
10. (a) Yini uJehova ayishoyo ngokulalela izihlubuki? (b) Ukufunda izincwadi zezihlubuki kungafana nokwenzani?
10 Uma omunye esikanye naye esitshela, ‘Ungakufundi lokhu’ noma, ‘Ungakulaleli lokho,’ singase silingeke ukuba singasilaleli iseluleko sakhe. Kodwa khumbula, kulendaba, uJehova nguYe ositshela eZwini lakhe okumelwe sikwenze. Futhi uthini ngezihlubuki? “Nahlukane nabo” (Roma 16:17, 18); “ningahlangani” nabo (1 Korinte 5:11); futhi “ningahlangani” nabo (1 Korinte 5:11); futhi “ninga[ba]mukeli endlini yenu, ninga[ba]bingeleli” (2 Johane 9, 10). Lawa ngamazwi anomfutho, iziqondiso ezikhanyayo. Uma, ngokushisekela kwethu ukwazi, sifunda izincwadi zesihlubuki esaziwayo, ingabe lokho akunakufana nokumemela isitha sokukhulekela kweqiniso endlini yethu ukuba sihlale nathi phansi futhi sisixoxele imiqondo yaso yokuhlubuka?
11, 12. (a) Imuphi umfanekiso onikeziwe osisiza ukuba siqonde ukuthi asinakufunda ngokunganaki izincwadi zezihlubuki? (b) Lokhu kungasebenza kanjani ngokuqondene nokukhathalela kukaJehova abantu bakhe?
11 Ake sikufanekise ngalendlela: Ake sithi indodana yakho eyeve eshumini elinambili yamukele incwadi enezithombe ezingcolile eposini. Yini obungayenza? Uma yayithambekele ekufundeni ngenxa yokushisekela ukwazi, ingabe ubungathi: ‘Yebo, ndodana, qhubeka uyifunde. Ngeke ikulimaze. Kusukela ebuntwaneni siye sakufundisa ukuthi ukuziphatha okubi akulungile. Ngaphandle kwalokho, kudingeka ukwazi okwenzeka ezweni ukuze ubone ukuthi ngempela kubi?’ Ingabe ubungacabanga ngaleyondlela? Akunjalo neze! Kunalokho, ngokuqinisekile ubuyombonisa izingozi zokufunda izincwadi ezinezithombe ezingcolile futhi ufune ukuba idatshulwe. Kungani? Ngoba, kungakhathaliseki ukuthi umuntu uqine kangakanani eqinisweni, uma ondla ingqondo yakhe ngemiqondo esontekile etholakala ezincwadini ezinjalo, ingqondo nenhliziyo yakhe kuyothonyeka. Isifiso esibi esiphikelelayo esitshalwe ekujuleni kwenhliziyo kamuva singadala isifiso esingalungile sobulili. Uba yini umphumela? UJakobe uthi uma inkanuko embi isithathile, ibeletha isono, nesono siholela ekufeni. (Jakobe 1:15) Khona-ke uliqalelani leloketanga?
12 Nokho, uma singenza ngokuhlakanipha okunjalo ukuze sivikele izingane zethu ekubeni izisulu zezincwadi zobulili, ingabe asinakulindela ukuthi uBaba wethu onothando wasezulwini ubengasixwayisa futhi asivikele ngendlela efanayo ebufebeni obungokomoya, kuhlanganise nokuhlubuka? Uthi, Kubalekeleni!
13. Yini engenziwa uma imibuzo eyinselele, esekelwe kulokho ezihlubuki eziye zakusho noma zakubhala, iphakanyiswa lapho sihlanganyela emsebenzini wokushumayela?
13 Kodwa ake sithi sishumayela izindaba ezinhle futhi abantu baphakamisa imibuzo noma izimpikiswano ezifana nalezo eziphakanyiswa izihlubuki? Yebo, uma umuntu engeqotho kulokho futhi efuna nje ukuphikisa, ngokuvamile kuhle ukuxolisa bese sidlulela endlini elandelayo. Kodwa uma umuntu ebuza ngobuqotho ngezinye izinto ezishiwo yizihlubuki, yini engenziwa? Okokuqala, singabuza ukuthi, yini ngempela, eye yambangela ukuba akhathazeke. Kungase kube iphuzu elilodwa noma amabili. Khona-ke singanamathela kuwo futhi siphendule ngokuvela emiBhalweni, ezincwadini zeNhlangano, nangalokho esikwaziyo ngempela ngendaba. Akudingeki ukuba siphethe ngokuthi kumelwe sifunde incwadi noma incwajana egcwaliswe ukugxeka namaqiniso angaphelele ukuze sinqobe izinkulumo ezingamanga nezimfundiso zabaphikisi.
Ukwethemba UJehova
14. Ikuphi ukukhathalela kothando uBaba wethu wasezulwini anakho ngathi, futhi kungani singabeka ithemba lethu eliphelele kuye?
14 Njengoba siqhubekela phambili, sakha ukholo futhi sizigcina simatasa enkonzweni yoMbuso, singabeka ngesibindi ithemba lethu kuJehova, sazi ukuthi, njengoBaba wethu onothando wasezulwini, usifunela okungcono kakhulu. UNkulunkulu uyasifundisa; uyasixwayisa. Ukwenza lokhu ngeZwi lakhe nangeziqondiso ezikhanyayo ezilungiselelwa yinhlangano yakhe ebonakalayo. Uma besingacela isinkwa nenhlanzi kumzali wethu onothando, ubengenakusinika itshe noma inyoka. NoNkulunkulu ngeke adlale ngathi noma asikhohlise. (Mathewu 7:7-11) Nokho uNkulunkulu ngeke asivikele ngokuphelele ezilingweni noma ngisho nasemangeni akhohlisayo nasezindleleni zobuqili zikadeveli. Uthi ngaye ngokwakhe: “NginguJehova uNkulunkulu wakho okufundisile okukusizayo, okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo.” (Isaya 48:17) Yebo, uJehova ‘usifundisa okusisizayo.’ Usitshela ukuba sahlukane nezihlubuki nezimfundiso zazo, futhi lokhu kuyisivikelo kithi. Kusho ukuphila kwethu.
15. Iziphi izixwayiso umphostoli uPawulu azinikeza ngokuqondene nabathile ababeyozama ukudukisa abafundi?
15 Umphostoli uPawulu waxwayisa abadala abangamaKristu ayekanye nabo: “Naphakathi kwenu kuzakuvuka amadoda akhuluma okudukisayo, ahunge abafundi ukubalandela.” (IzEnzo 20:30) Uma siqhubeka silalela izimpikiswano zobuqili nezibonakala sengathi zilungile, “okudukisayo” kungase kuzwakale njengokungathi kulungile. Ngokuqhubeka isikhathi eside uEva ebuka isithelo esenqatshelwe futhi elalele umbono osontekile kaDeveli, kwenza waqinisekiswa ngokwengeziwe ukuthi uqinisile. UPawulu waxwayisa: “Xwayani funa kube khona onithumbayo ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize njengokwemvelo yabantu, njengezifundiso zokucathula kwezwe, kungenjengokukaKristu.” (Kolose 2:8) Umphostoli wabonisa futhi ukuthi “ngamazwi amahle namnandi bakhohlisa izinhliziyo zabangenacala.” (Roma 16:17, 18; qhathanisa no-2 Korinte 11:13-15.) Yebo, iqiniso lokuthi abambalwa bahungwa yilolohlobo lwezinkulumo ezingamanga alibonisi ukuthi nathi kumelwe sibalandele. Nokho, sidinga ukuhlala njalo siqaphile.
16. Ukusetshenziswa kwaziphi izixwayiso ezingokomBhalo okuyosisiza ukuba simelane nemizamo kaSathane yokukhohlisa nokuphambukisa abantu ekukhulekeleni kweqiniso?
16 Amacebo kaSathane awakashintshi kusukela e-Edene. Usebenzisa imibuzo yobuqili kanye nokuvusa isithakazelo somuntu siqu. UPetru wabhala: “Nakinina kuzakuba khona abafundisi bamanga abazakungenisa ngasese izifundiso zamanga ezibhubhisayo, . . . nangokufisa bayakuthengiselana ngani ngamazwi obuqili.” (2 Petru 2:1-3) Into yokukhohlisa iklanyelwe ukuba ibhekeke noma izwakale njengeyiqiniso. Kweyesi-2 Thimothewu 2:14-19, uPawulu wagcizelela ukubaluleka kokusebenzisa izwi likaJehova ekuqondiseni izinto kodwa waxwayisa ngesidingo sokugwema izihlubuki, lezo ‘ezikhuluma izinkulumo eziyize eziphikisana nokungcwele,’ ngoba wathi, “nezwi labo liyakubhibha njengesilonda esibhucukayo.”
17, 18. (a) Imfundiso yezihlubuki ifana kanjani nesilonda esibhucukayo? (b) Isiphi isixwayiso umphostoli uPetru asinikezayo ngokuqondene nalabo abazama ukusiphambukisa ekukhulekeleni kweqiniso? (c) Imiphi imibuzo eyophendulwa esihlokweni esilandelayo?
17 Isifaniso esifaneleka ngempela! Njengesilonda esibhucukayo, imibono yezihlubuki imane ingukufa okungokomoya okusakazeka ngokushesha. Futhi njengoba amalungu ebandla enjengomzimba owodwa, kunengozi yokuba abanye bangase bathelelwe yilokhu kufa. Uma umuntu osakaza izimfundiso zokuhlubuka engenakubuyiselwa empilweni engokomoya ngokusetshenziswa kwamafutha eZwi likaNkulunkulu ngendlela enothando kodwa enamandla, ukunqunywa kwalelilungu (ukususwa ekuhlanganyeleni) kungase kube ukuphela kwendlela engathathwa ukuze kuvikelwe amanye amalungu omzimba. (Qhathanisa noThithu 1:10, 11.) Ungathelelwa neze isilonda esibhucukayo esibulalayo sohlobo olungokomoya! Zigcine unempilo enhle ngokomoya ngokugwema ukungcoliswa imicabango yezihlubuki. Thatha iseluleko esihle esikweyesi-2 Petru 3:17, 18: “Ngakho, bathandekayo, njengoba nazi lokhu ngaphambili, xwayani, ukuze ningadukiswa ngokukhohlisa kwabangenamthetho, niwe ekuqineni kwenu, kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu.”
18 Kodwa singazivikela kanjani ekuhlubukeni? Singazilonda kanjani izinhliziyo zethu ekuthonyweni imibono yezihlubuki? Lemibuzo izocatshangelwa esihlokweni esilandelayo.
Uyakhumbula?
◻ Singalahlekelwa kanjani izinzuzo zepharadesi elingokomoya likaJehova?
◻ Kungani ukufunda izincwadi zezihlubuki kufana nokufunda izincwadi ezingcolile zobulili?
◻ Yini engenziwa uma sibuzwa ngezinye izinto ezishiwo yizihlubuki?
◻ Kungani izimfundiso zezihlubuki zifana nesilonda esibhucukayo?
[Isithombe ekhasini 12]
Ingabe ngokuhlakanipha uyazidabula izinto zezihlubuki?