Ukusetshenziswa Okuhle Nokubi KweZenhlalakahle
AKE UCABANGE ngezwe lapho amadoda, abesifazane nabantwana abangenakubalwa befa khona ngenxa yokuswela ukudla okunomsoco; lapho izigidigidi ziyaluza zisuka kwenye indawo ziya kwenye zingenawo amakhaya noma umsebenzi; lapho amakhulu amaningi ehlala ngokusakazeka emafukwini, ehlala “emakhaya” enziwe ngamabhokisi noma izimoto ezigugile ezingasahambi; lapho izinxibi ziphila khona ngokweba noma ngokufukuza udoti zifuna ukudla.
Cha, leli akulona izwe elithile laseAsia noma laseAfrika elihluphekile. KwakuyiUnited States of America, eminyakeni engama-50 edlule ngesikhathi Sokucindezeleka Okukhulu. Ngalesosikhathi izigidigidi kokubili zaseYurophu naseUnited States zaziswele kakhulu, kungekho themba lokuthuthukisa isimo sazo. Ohulumeni abaningi baye bamisa izinhlangano zenhlalakahle yomphakathi ukuze bavimbele ukuphindela ekuhluphekeni okunjalo.
Namuhla, abantu abasebenzayo emazweni amaningi ezemisebenzi banokulondeka kwezimali ngezinga elithile ngenxa yamalungiselelo kahulumeni nosizo lwezimali. Kwezinye izindawo bathola imali yokwelekela, njengemali abayithola ngomntwana ngamunye. Bangase bakhokhe intela ebanikeza ilungelo lokuba bafune izinzuzo zokubasiza ngesikhathi sokulahlekelwa umsebenzi, zokuhlangabezana nezindleko zokwelashwa kumbe kube eyomhlalaphansi. Kulamazwe, uma izakhamuzi zibhekana nobunzima, usizo lokubasiza baphumelele lukhona.
Wonke lamalungiselelo abonisa umusa. Nakuba kunjalo, aye aholela ezinkingeni. Abanye abantu bezwa ubuhlungu ngoba basola ukuthi intela yabo isetshenziselwa ukusiza abantu abangase bazisebenzele ngokwabo uma befuna. Abanye banomuzwa wokuthi kwehlisa isithunzi ukwamukela imali yokwelekela. UmKristu kumelwe ayibheke kanjani inhlangano yezenhlalakahle? Kufanelekile yini ukwamukela imali kuyo? Ingabe zikhona izingozi?
Isiqondiso Esivela EBhayibhelini
Cishe eminyakeni eyizi-3 000 edlule abafelokazi ababili uNawomi noRuthe bathuthela edolobheni laseBethlehema kwaJuda. Babeswele, kodwa babengabulawa indlala. Kungani? Ngoba umthetho walelozwe wawunelungiselelo elikhethekile lokusiza abampofu, ikakhulukazi abafelokazi nezintandane.—Duteronomi 26:12, 13.
Ezinsukwini zabaphostoli abangamaKristu, abahluphekayo ngokuvamile babesizwa ibandla lobuKristu. Ngokwesibonelo, umphostoli uPawulu wabhalela uThimothewu ongumdala incwadi eyayineziyalo zokusiza njalonjalo abafelokazi asebekhulile ababengenayo imikhaya yokubanakekela.—1 Thimothewu 5:3-16.
Namuhla, lowomthetho wasendulo kwaIsrayeli nencwadi yomphostoli uPawulu ayibhalela uThimothewu kuyingxenye yeBhayibheli eliNgcwele. Ngakho-ke, iBhayibheli likhuthaza isimiso sokusiza abasweleyo. Eqinisweni, amaKristu asesimweni sokwenzenjalo abophekile ukusiza abafowabo abasweleyo.—1 Johane 3:17.
Kuthiwani-ke, lapho uhulumeni enamahlelo okusiza izakhamuzi zakhe ngezimali? UmKristu angase ahambisane nalokhu. Wonke amaKristu abophekile ukukhokha “intela kofanele intela, inkokhiso kofanele inkokhiso.” (Roma 13:7) Lokhu kuyohlanganisa zonke izintela ezibekelwe eceleni ukuze zisetshenziselwe izinzuzo zombuso.
Ngesizathu esifanayo-ke, kufanelekile ukwamukela noma iziphi izinzuzo esinelungelo elingokomthetho lokuzamukela ngenxa yezimo zanamuhla. Umphostoli uPawulu wathi ohulumeni bayi‘zikhonzi zikaNkulunkulu kube-kuhle kuwe.’ (Roma 13:4) Khona-ke noma iluphi usizo, ngendlela yezimali zomhlalaphansi noma umshwalense wezempilo, ngisho nosizo lomphakathi ngenxa yokuswela, konke lokhu kungemukelwa ngokufanelekile wumKristu okufanelekele ngobuqotho. Nokho, izinkinga zingase ziphakame.
Isinqumo Sikanembeza
Cabangela isimo sensizwa eye yakhetha ukusebenza njengomshumayeli wesikhathi esigcwele. Bese ifuna itoho lokuziphilisa, ngoba lona ngumsebenzi ongakhokheli, wokuzithandela. Kungenzeka ukuthi ngenxa yokuthi okuwukuphela kwetoho elitholakalayo linikeza iholo eliphansi, ifanelekela izinzuzo zikahulumeni. Ingabe kumelwe izicele?
Nokho, akukhona ukuthi isaba ukusebenza. Yenza umzamo wokuzinakekela ngendlela eqotho. Uma nje izikhulu zisizwisisa ngokugcwele isimo sayo futhi zivuma ukuthi iyafaneleka, kungase kungabi bikho sizathu sokwenqaba ukwamukela izinzuzo ezinjalo eziwusizo ezitholakalayo. Akulona ihlazo ukwamukela usizo olunjalo. EUnited States, ngisho nabanye abasebenza kwezempi bayalwamukela.
Nokho, kwezinye izindawo abantu bazwela kakhulu endabeni yosizo lukahulumeni. Ezindaweni ezinjengalezo lokhu kungase kuwuphathe kabi umphakathi walapho. Ngakho-ke, umKristu uyofuna ukucabangela ngokujulile isimo.
Khumbula umphostoli uPawulu. Ngenkathi eseKorinte naseThesalonika, walwenqaba usizo lwezimali oluvela emabandleni, ngisho nakuba ayenelungelo lokulucela. Ngani? Ukuze agweme ukubangela izinkinga kumaKristu ayekanye naye lapho. (2 Korinte 11:9; 2 Thesalonika 3:8, 9) Nokho, kwezinye izindawo ngokusobala walwamukela.—1 Korinte 9:6, 9.
Ezinye izimo eziye zaphatha kabi abanye zihilela abesifazane abangenawo amadoda okubasiza ekukhuliseni abantwana babo. Kumelwe bayosebenza yini noma kumelwe bafune usizo lwezinzuzo zikahulumeni?
Ngokuqinisekile, owesifazane ngamunye kumelwe azinqumele lokhu. Kakade, abantabakhe abahilelekile. Kwesinye isimo, umama angase azizwe enezizathu ezinhle zokwamukela inzuzo yezimali zikahulumeni eziyokwenza ukuba akwazi ukuba nabantabakhe ngaso sonke isikhathi. Kwesinye isimo, lapho enabantwana abafunda isikole, angase abe nomuzwa wokuthi akukhona ukuhlakanipha ukuba angabibikho ekhaya lapho sebebuya esikoleni usuku ngalunye.
Ngakolunye uhlangothi, omunye umama angase azizwe enezizathu ezinhle zokuba asebenze ashiye abantwana ekhaya benakekelwa ngothile phakathi nosuku. Isimo ngasinye sehlukile, futhi akukho muntu okumelwe asole omunye ngenkambo anquma ukuyithatha. Ukunakekela ikhaya nokukhulisa abantwana kuwumthwalo wemfanelo osindayo futhi ofuna isikhathi, ikakhulukazi kumama ohlala yedwa. Imikhaya enjalo enomzali oyedwa yayibhekwa njengedinga usizo olukhethekile ezinsukwini zikaIsrayeli. Namuhla, owesifazane ngamunye kumelwe ahlolisise esakhe isimo sezimali nezinye izimo abese enquma indlela yokusingatha isimo.—Duteronomi 24:19-21; Jakobe 1:27.
Kodwa ngezinye izikhathi abantu benza izinqumo ezingalungile ngokuphelele.
Ukuyenga Kosizo Lombuso
Ngokwesibonelo, emazweni athile, lapho umuntu elahlekelwe umsebenzi wakhe, isinxephezelo sokulahlekelwa umsebenzi singase sibe ngesiphakeme sibe ngama-80% eholo lakhe. Umuntu owamukela usizo olunjalo angase azibuze, Kusizani ukufuna omunye umsebenzi? UmKristu angase abone ngisho nezinzuzo zokuba angasebenzi. Akasenakuzwa ulimi olubi futhi angase agweme abangane ababi ngokuvamile abayinkinga emsebenzini wokuziphilisa.
Ingabe umbono onjalo ulungile? Hhayi ngempela. Okokuqala, awulinaki iqiniso lokuthi usizo lokulahlekelwa umsebenzi ngokuvamile lutholakala ngengqondo yokuthi umuntu usafuna omunye umsebenzi. Uma kungenjalo, khona-ke ukukhohlisa kungase kuhileleke. Futhi-ke, imali yezinzuzo ezinjalo ivela ezinteleni zabanye. Ngamanye amazwi, abanye abantu basebenzela ukondla umkhaya wakhe. Ingabe umKristu osaziphilele kahle angasithokozela isimo esinjena?—Mathewu 7:12.
Lapho uPawulu ebhalela ibandla laseThesalonika, wakhuluma ngabathile ababengafuni ukusebenza futhi wathi: “Uma umuntu engathandi ukusebenza, makangadli.” (2 Thesalonika 3:10) Lesi kwakuyiseluleko esinokuhlakanipha. Umuntu uzizwa enelisekile ngokusebenza. (UmShumayeli 2:24) Ukwehluleka ukuzigcina ematasa emsebenzini okhiqizayo kungase kube nomphumela omubi kuyena. Kuholela ekukhungathekeni ngisho nasebugebengwini. “Ovilaphayo emsebenzini wakhe yena ungumfowabo wochithayo.”—IzAga 18:9.
Iqiniso, ngezinye izikhathi lapho umsebenzi ungatholakali umuntu angase aphoqeleleke ukuba athembele ezinzuzweni zombuso. Kodwa lapho kukhona umsebenzi ngokunengqondo angawamukela, iseluleko sikaPawulu sifanelekile: “Nikhuthalele ukuhlala ngokuthula, nokwenza okwenu, nokusebenza ngezandla zenu, njengokuba saniyala, ukuze nihambe ngokufaneleyo kwabangaphandle.”—1 Thesalonika 4:11, 12.
Kodwa ingabe umKristu othola usizo lukahulumeni ubengeke yini angenela ngokuthe xaxa umsebenzi wobuKristu esikhundleni somsebenzi wokuziphilisa isikhathi esigcwele? Kungase kube nokwenzeka. Kodwa lokhu kuzoba namuphi umphumela kwabanye? UPawulu uhlanganisa uku“sebenza ngezandla zenu” no‘kuhamba ngokufaneleyo kwabangaphandle.’ Labo ababalekela ukusebenza abahlonishwa. Idumela labo elibi kunokwenzeka lisule noma yini enhle abangase bayifeze ngezinye izindlela.—1 Thimothewu 3:7.
Ukuyenga kosizo lwezimali lombuso kungase kuholele kwezinye izinkinga. Esikhathini esingeside esidlule omunye umuntu wathuthela kwelinye izwe elinezinzuzo ezinjalo futhi wenza isicelo sosizo lwabangenawo umsebenzi. Esicelweni sakhe walifihla iqiniso lokuthi wayenendawo okungeyakhe ezweni lakubo—iqiniso elaliyokwenza ukuba angazifanelekeli izinzuzo. Khona-ke, wayethola imali evela embusweni ngokufihla iqiniso.
Ukukhohlisa kungase kwenziwe ngezindlela eziningi. Ukuze acele usizo lwezimali owesifazane angase atshele izikhulu ukuthi umyeni wakhe umshiyile. Kodwa kungenzeka umyeni wakhe usahlala naye ekhaya. Umbhangqwana ungase udivose—kodwa uqhubeke uhlala ndawonye—ukuze uthole izinzuzo ezengeziwe. Abesifazane abangashadile kuyaziwa ukuthi baba nabantwana ngokungemthetho ukuze nje bathole usizo olwengeziwe. Noma kungase kwenzeke ukuthi umuntu uyalufanelekela usizo lwezinzuzo ezithile, kodwa isimo singase sishintshe. Ngokwesibonelo angase athole umsebenzi. Kodwa ngokungabiki lolushintsho, uyaqhubeka ezuza osizweni lwezimali ezivela embusweni.
Lokhu ukukhohlisa ngokoqobo isimiso sezenhlalakahle. Ngokufihla amaqiniso, ngokuqamba amanga noma ngokwephula izimiso zobuKristu ngandlela-thile, ngezinye izikhathi kuyenzeka ukukhohlisa izikhulu futhi umuntu athole imali eyengeziwe. Kodwa iBhayibheli liyaxwayisa: “Ngokuba ophambeneyo uyisinengiso kuJehova, kepha abaqotho bayisifuba sakhe.” Futhi lithi: “Ukuthola ingcebo ngolimi lwamanga kuyize elizulazuliswa, nezingibe zokufa.” (IzAga 3:32; 21:6) Akukho-mKristu ongafuna ukuba yisinengiso emehlweni kaJehova, ngenxa nje yokuzuza imali.
Kodwa kukhona enye ingozi kulendaba okumelwe iqashelwe.
Ukwejwayela Kakhulu Isimiso Senhlalakahle
Abantu abaziyo ukuthi izinzuzo zombuso ziyatholakala bangase benze izinto ngokungacabangi. Bangase bathembele embusweni ukuba usingathe umthwalo wemfanelo iBhayibheli elithi kumelwe umuntu ngamunye azisingathele wona. Kwezinye izimo bakhula ezindaweni lapho ukucabanga okunjalo kungokujwayelekile. Mhlawumbe abantu abaningana baye bakhuliswa ngosizo lukawonk’ uwonke, futhi kungase kube nzima ngabo ukucabanga enye indlela ehlukile yokuphila.
Nokho, amalungiselelo ombuso okunikeza usizo awamkhululi umKristu emthwalweni wakhe wemfanelo awunikezwe uNkulunkulu. UPawulu wathi: “Kepha-ke uma umuntu engabondli . . . kakhulu abakwakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.” (1 Thimothewu 5:8) Uma, kwamanye amazwe, umbuso ngezinga elithile usiza inhloko yomkhaya ukunakekela umkhaya wayo—ngemali yomhlalaphansi yabakhulile, izinzuzo zomkhaya namalungiselelo afanayo—angase abonge ngelungiselelo. Kodwa ukunakekela umkhaya wakhe kusalokhu kungumthwalo wakhe.
Ngokufanayo, umphostoli uJohane wathi umthwalo wemfanelo womKristu ukusiza abafowabo abaswelayo. (1 Johane 3:17) Iqiniso, kwamanye amazwe umbuso ungase ulungiselele usizo oluthile lwezinto ezibonakalayo kwabampofu. Kodwa isibopho samaKristu sokusiza sisalokhu simile. UmKristu kumelwe aqhubeke enakekela ukunikeza usizo lwezinto ezibonakalayo nolungokomoya kulabo abaludinga ngempela.
Yebo, amalungiselelo anjalo ohulumeni okusiza ngezinzuzo zemali angamalungiselelo abonisa umusa ka“Kesari.” Uma ayengekho, ngokunokwenzeka amabandla obuKristu kwakuyofuneka enze kakhudlwana ngokuphathelene nalokhu kunokuba enza njengamanje. Nakuba kunjalo, umKristu akufanele akhohlise ngalamalungiselelo. Akumelwe aqambe amanga, afihle iqiniso noma ngandlela-thile ayekethise ezindinganisweni zobuKristu. Futhi akumelwe athembele embusweni ukuba umnakekelele umthwalo wakhe wemfanelo anikezwe wona nguNkulunkulu.
Encwadini yakhe eya kumaHeberu, uPawulu wathi: “Ukwenza kwenu makungabi-ngokokufisa imali; yaneliswani ngeninakho; ngokuba yena [uJehova] ushilo wathi: Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya.” (Heberu 13:5) Futhi wakhuthaza abaseKorinte ukuba ‘konke bakwenzele udumo lukaNkulunkulu.’—1 Korinte 10:31.
Yeka ukuthi isimiso esihle kanjani esigcizelelwa lapho! Gwema ukuthanda imali. Yethembela kuJehova ngazo zonke izinto, kuyilapho wamukela embusweni lezozinzuzo okungenzeka unelungelo lazo ngokomthetho. Kukho konke esikwenzayo, masicabangele umphumela okunawo egameni likaNkulunkulu. Uma sigcina lezizimiso ezintathu engqondweni yethu, siyosizakala ukuba sibe nombono ofanelekile ngesimiso sosizo lwenhlalakahle kawonk’ uwonke.
[Isithombe ekhasini 9]
Isimiso senhlalakahle kawonk’ uwonke samiswa, ukuze kugwenywe ukuphindela ezimweni ezinjengalezi
[Isithombe ekhasini 11]
Iqiniso lokuthi izwe lenza kutholakale usizo lwezimali aluwususi umthwalo wemfanelo wendoda wokunakekela umkhaya wayo