Isahlulelo SikaJehova Siyobafikela Ababi
“Lungela ukuhlangabezana noNkulunkulu wakho.”—AMOSE 4:12.
1, 2. Kungani singaqiniseka ukuthi uNkulunkulu uzobuqeda ububi?
INGABE uJehova uyoke abuqede ububi nokuhlupheka kulo mhlaba? Njengoba sisekuqaleni kwekhulu lama-21, lo mbuzo ufaneleka nakakhulu. Kubonakala sengathi sibe sisashone ngapha, sibone ubufakazi bezenzo eziwubulwane ezenziwa umuntu komunye. Yeka ukuthi sililangazelela kangakanani izwe elingenabo ubudlova, ubuphekula nokonakala!
2 Okujabulisayo ukuthi singaqiniseka ngokugcwele ukuthi uJehova uzobuqeda ububi. Izimfanelo zikaNkulunkulu ziqinisekisa ukuthi uzobathathela isinyathelo ababi. UJehova ulungile futhi unobulungisa. KumaHubo 33:5, iZwi lakhe liyasitshela: “Ungumthandi wokulunga nobulungisa.” Elinye ihubo lithi: “Ngokuqinisekile umphefumulo [kaJehova] uyamzonda umuntu othanda ubudlova.” (IHubo 11:5) UJehova, uNkulunkulu onawo wonke amandla nothanda ukulunga nobulungisa, ngeke neze ayibekezelele unomphela into ayizondayo.
3. Yini ezogcizeleleka uma siqhubeka sihlola isiprofetho sika-Amose?
3 Cabanga ngesinye isizathu esenza siqiniseke ukuthi uJehova uzobuqeda ububi. Leso sizathu yilokho akwenza esikhathini esidlule. Izibonelo ezimangalisayo zokuthi uJehova ubenzani ababi zitholakala encwadini yeBhayibheli ka-Amose. Uma siqhubeka sihlola isiprofetho sika-Amose kuzogcizeleleka izinto ezintathu ngesahlulelo sikaNkulunkulu. Okokuqala, njalo sisuke sifaneleka. Okwesibili, akukho ukuphunyula kuso. Okwesithathu, asigadli kunoma ubani, ngoba uJehova ukhipha isahlulelo kwababi kodwa abonise isihe kubantu abaphendukayo futhi abathambekele ngokufanele.—Roma 9:17-26.
Isahlulelo SikaNkulunkulu Sisuke Sifaneleka Njalo
4. UJehova wamthumaphi u-Amose, futhi ngayiphi injongo?
4 Osukwini luka-Amose, ama-Israyeli ayesehlukene aba imibuso emibili. Kwakunombuso wakwaJuda wezizwe ezimbili owawuseningizimu. Omunye kwakuwumbuso wakwa-Israyeli wezizwe eziyishumi owawusenyakatho. UJehova wayala u-Amose ukuba abe umprofethi, wamthuma kwa-Israyeli esuka kubo kwaJuda. Lapho, u-Amose wayezosetshenziswa uNkulunkulu ekumemezeleni isahlulelo saKhe.
5. Iziphi izizwe u-Amose aprofetha ngazo kuqala, futhi isiphi esinye sezizathu esazenza zafanelwa isahlulelo esibi sikaNkulunkulu?
5 U-Amose akawuqalanga umsebenzi wakhe ngokumemezela isahlulelo sikaJehova embusweni wakwa-Israyeli ohlubukayo owawusenyakatho. Kunalokho, waqala ngokumemezela isahlulelo esibi sikaNkulunkulu ezizweni eziyisithupha ezaziseduze. Lezo zizwe kwakuyiSiriya, iFilistiya, iThire, abakwa-Edomi, abakwa-Amoni noMowabi. Kodwa ingabe lezo zizwe zazifanelwe ngempela isahlulelo esibi sikaNkulunkulu? Akubuzwa! Esinye sezizathu ukuthi zazingabhekani nabantu bakaJehova.
6. Kungani uNkulunkulu ayezolilethela inhlekelele iSiriya, iFilistiya, neThire?
6 Ngokwesibonelo, uJehova wabalahla abaseSiriya “ngenxa yokubhula kwabo iGileyadi.” (Amose 1:3) AbaseSiriya bathatha indawo yaseGileyadi—isifunda sakwa-Israyeli esasisempumalanga yoMfula iJordani—futhi babalimaza kabi abantu bakaNkulunkulu ababelapho. Kuthiwani ngeFilistiya neThire? AmaFilistiya ayenecala lokuthatha abadingisiwe noma izithunjwa zakwa-Israyeli azidayisele abakwa-Edomi, futhi amanye ama-Israyeli ayephathwa abathengisi bezigqila baseThire. (Amose 1:6, 9) Cabanga nje—ukudayisa abantu bakaNkulunkulu babe yizigqila! Akumangazi ukuthi uJehova wayezolilethela inhlekelele iSiriya, iFilistiya neThire.
7. Isizwe sakwa-Edomi, esakwa-Amoni nesakwaMowabi zazifana ngani no-Israyeli, kodwa zawaphatha kanjani ama-Israyeli?
7 Abakwa-Edomi, abakwa-Amoni nabakwaMowabi babefana ngento ethile no-Israyeli. Zontathu lezi zizwe zazihlobene nama-Israyeli. Abakwa-Edomi babeyinzalo ka-Abrahama ngewele likaJakobe, u-Esawu. Ngakho, empeleni babengabafowabo baka-Israyeli. Abakwa-Amoni nabakwaMowabi babeyinzalo yendodana yomfowabo ka-Abrahama, uLoti. Kodwa ingabe isizwe sakwa-Edomi, esakwa-Amoni nesakwaMowabi zawaphatha njengezihlobo zegazi ama-Israyeli? Phinde! U-Edomi waphakamisela “umfowabo” inkemba ngesihluku, futhi abakwa-Amoni babenonya kakhulu kuma-Israyeli ayethunjiwe. (Amose 1:11, 13) Yize u-Amose engasho ngokuqondile ukuthi abakwaMowabi babaphatha kabi abantu bakaNkulunkulu, kwase kuyisikhathi eside abakwaMowabi bemelene no-Israyeli. Isahlulelo salezo zizwe ezintathu eziyizihlobo sasizoba sikhulu. UJehova wayezozithumelela imbubhiso enjengomlilo.
Akukho Ukuphunyula Esahlulelweni SikaNkulunkulu
8. Kungani izizwe eziyisithupha ezaziseduze no-Israyeli zazingenakuphunyula ezahlulelweni zikaNkulunkulu?
8 Akungabazeki ukuthi isahlulelo esibi sikaNkulunkulu sasizifanele izizwe eziyisithupha okukhulunywa nazo ekuqaleni kwesiprofetho sika-Amose. Ngaphezu kwalokho, ayikho indlela ezazingaphunyula ngayo kuso. Kusukela ku-Amose isahluko 1, ivesi 3, kuze kufike esahlukweni 2, ivesi 1, uJehova usho izikhathi eziyisithupha ukuthi: “Ngeke ngikubuyise engikunqumile.” Njengoba nje ayeshilo, akazange asibuyise isandla sakhe engakazijezisi lezo zizwe. Umlando uyakufakazela ukuthi ngasinye sazo kamuva sehlelwa inhlekelele. Phela, okungenani ezine kuzo—iFilistiya, esakwaMowabi, esakwa-Amoni nesakwa-Edomi—zafa zaphela!
9. Izakhamuzi zakwaJuda zazifanelwe yini, futhi ngani?
9 Isiprofetho sika-Amose sabe sesigxila esizweni sesikhombisa—indawo yakubo yakwaJuda. Kungenzeka ukuthi izilaleli zika-Amose ezisembusweni wakwa-Israyeli wasenyakatho zamangala ukumuzwa ememezela isahlulelo embusweni wakwaJuda. Kungani izakhamuzi zakwaJuda zazifanelwe isahlulelo esibi? ‘Ngenxa yokwala kwazo umthetho kaJehova,’ kusho u-Amose 2:4. UJehova akazange akushalazelele ukunganakwa koMthetho wakhe ngamabomu. Ngokuka-Amose 2:5, wabikezela: “Ngiyothumela umlilo ungene kwaJuda, futhi uyoshwabadela imibhoshongo yokuhlala yaseJerusalema.”
10. Kungani uJuda ayengeke aphunyule osizini?
10 UJuda ongathembekile wayengeke aphunyule osizini olwaluza. UJehova washo okwesikhombisa: “Ngeke ngikubuyise engikunqumile.” (Amose 2:4) UJuda wasithola isijeziso esasibikezelwe lapho abaseBhabhiloni beqotha imbokodo nesisekelo ngo-607 B.C.E. Nalapha futhi siyabona ukuthi ababi abakwazi ukuphunyula esahlulelweni sikaNkulunkulu.
11-13. Isiphi isizwe u-Amose aprofetha ngaso ngokuyinhloko, futhi iyiphi ingcindezelo eyayilapho?
11 Umprofethi u-Amose wayesememezele isahlulelo sikaJehova ezizweni eziyisikhombisa. Nokho, noma ubani owayecabanga ukuthi u-Amose useqedile ukuprofetha, wayeshaye phansi. U-Amose wayengakezukuqeda! Wayethunywe ngokuyinhloko ukuba amemezele isahlulelo esibuhlungu embusweni wakwa-Israyeli wasenyakatho. Futhi isahlulelo esibi sikaNkulunkulu sasimfanele u-Israyeli ngoba ukuziphatha kwalesi sizwe nengokomoya laso kwakonakele.
12 Ukuprofetha kuka-Amose kwadalula ingcindezelo eyayisiyinto evamile embusweni wakwa-Israyeli. U-Amose 2:6, 7 uthi ngayo: “Yilokhu uJehova akushilo, ‘Ngenxa yokuvukela okuthathu kuka-Israyeli, nangenxa yokune, ngeke ngikubuyise engikunqumile, ngenxa yokuthengisa kwakhe olungile ngesiliva nje, nompofu ngentengo yebhangqa lezimbadada. Ubitoza elangazelela uthuli lomhlaba emakhanda abantu abaphansi; indlela yabantu abamnene uyayiphambukisa.’”
13 Abalungile babethengiswa “ngesiliva nje,” okungenzeka kusho ukuthi abahluleli ababefunjathiswa isiliva babegweba abantu abangenacala. Abakweletisi babedayisa abampofu babe yizigqila ngentengo “yebhangqa lezimbadada,” mhlawumbe ngenxa yemali encane nje ababeyikweleta. Abantu abanezinhliziyo ezimbi ‘babebitoza,’ noma befuna ngamnyama ukululaza “abantu abaphansi” kangangokuba labo bantu abampofu babeze bazithele ngothuli emakhanda, okwakubonisa usizi, ukulila noma ukuphoxeka. Kwakugcwele ukonakala kangangokuba “abantu abamnene” babengenalo ithemba lokuthola ubulungisa.
14. Obani ababephathwa kabi embusweni wakwa-Israyeli wezizwe eziyishumi?
14 Phawula ukuthi obani ababephathwa kabi. Kwakungabalungile, abampofu, abaphansi, kanye nabamnene. Isivumelwano soMthetho uJehova ayesenze nama-Israyeli sasifuna ukuba baboniswe isihawu labo abangakwazi ukuzivikela nabahluphekayo. Kodwa abanjalo babephathwa kabi kakhulu embusweni wakwa-Israyeli wezizwe eziyishumi.
“Lungela Ukuhlangabezana NoNkulunkulu Wakho”
15, 16. (a) Kungani ama-Israyeli axwayiswa: “Lungela ukuhlangabezana noNkulunkulu wakho”? (b) U-Amose 9:1, 2 ubonisa kanjani ukuthi ababi babengeke baphunyule esahlulelweni sikaNkulunkulu? (c) Kwenzekani embusweni wakwa-Israyeli wezizwe eziyishumi ngo-740 B.C.E.?
15 Njengoba ukuziphatha okubi nezinye izono kwakuthé bhe kwa-Israyeli, umprofethi u-Amose wasixwayisa kufanele lesi sizwe esihlubukayo: “Lungela ukuhlangabezana noNkulunkulu wakho.” (Amose 4:12) U-Israyeli ongathembekile wayengeke aphunyule esahlulelweni sikaNkulunkulu esasisondela ngoba uJehova waphinda okwesishiyagalombili wathi: “Ngeke ngikubuyise engikunqumile.” (Amose 2:6) Mayelana nababi ababengase bazame ukucasha, uNkulunkulu wathi: “Akekho kubo obalekayo oyophumelela ukubaleka, futhi akekho kubo ophunyukayo oyokwazi ukuphunyuka. Uma bemba bashone phansi eShiyoli, isandla sami siyobakhipha lapho; futhi uma benyukela emazulwini, ngiyobehlisa lapho.”—Amose 9:1, 2.
16 Ababi babengeke bakwazi ukuphunyula esahlulelweni sikaJehova ngokumba “bashone phansi eShiyoli,” ngomqondo ongokomfanekiso okusho ukuzama ukucasha phansi emajukujukwini omhlaba. Futhi babengeke baphunyule esahlulelweni sikaNkulunkulu ngokunyukela “emazulwini,” okungukuthi, ngokuzama ukuphephela ezintabeni eziphakeme. Isixwayiso sikaJehova sasicacile: Ayikho indawo yokucasha ayengeke afike kuyo. Ubulungisa bukaNkulunkulu babudinga ukuba umbuso wakwa-Israyeli ulandise ngenxa yezenzo zawo ezimbi. Nangempela leso sikhathi safika. Ngo-740 B.C.E.—sekuphele iminyaka engaba ngu-60 u-Amose abhala isiprofetho sakhe—umbuso wakwa-Israyeli wanqotshwa abase-Asiriya.
Isahlulelo SikaNkulunkulu Asigadli Kunoma Ubani
17, 18. U-Amose isahluko 9 wembulani ngesihe sikaNkulunkulu?
17 Isiprofetho sika-Amose sisisizile sabona ukuthi isahlulelo sikaNkulunkulu sisuke sifaneleka njalo futhi akukho ukuphunyula kuso. Kodwa incwadi ka-Amose ibonisa nokuthi isahlulelo sikaJehova asigadli kunoma ubani. UNkulunkulu angabathola noma kuphi lapho becasha khona ababi futhi akhiphe isahlulelo sakhe kubo. Angabathola nalabo abaphendukayo nabaqotho—labo akhetha ukubabonisa isihe. Lokhu kuqokonyiswe kahle esahlukweni sokugcina sencwadi ka-Amose.
18 Ngokuka-Amose isahluko 9, ivesi 8, uJehova wathi: “Ngeke ngiyibhuqe indlu kaJakobe.” Njengoba kusho amavesi 13 kuya ku-15, uJehova wathembisa ukuthi ‘wayeyobutha abuyise abathunjiweyo’ babantu bakhe. Babeyoboniswa isihe futhi babeyojabulela ukulondeka nokuchuma. UJehova wathembisa: ‘Umlimi empeleni uyofica umvuni.’ Cabanga nje—isivuno sasiyoba sikhulu kangangokuthi kwakuyoze kufike isikhathi sokulima nokutshala ukuvuna kungakapheli!
19. Kwenzekani ensalini ka-Israyeli noJuda?
19 Singasho ukuthi isahlulelo sikaJehova kwababi, kokubili kwaJuda nakwa-Israyeli, asigadlanga kunoma ubani nje, ngoba ababephendukile futhi bethambekele ngokufanele baboniswa isihe. Lapho kugcwaliseka isiprofetho sokubuyiselwa esiku-Amose isahluko 9, insali ephendukile ka-Israyeli noJuda yagcina ibuyile ekuthunjweni eBhabhiloni ngo-537 B.C.E. Lapho isibuyele ezweni layo elithandayo, yabuyisela ukukhulekela okumsulwa. Yakha kabusha nezindlu zayo yatshala izivini namasimu ilondekile.
Isahlulelo Esibi SikaJehova Sizofika!
20. Ukuhlola kwethu izahlulelo ezamenyezelwa u-Amose kufanele kusiqinisekise ngani?
20 Ukuhlola kwethu izahlulelo zikaNkulunkulu ezamenyezelwa u-Amose kufanele kusiqinisekise ukuthi uJehova uzobuqeda ububi osukwini lwethu. Kungani sikukholwa lokho? Okokuqala, lezi zibonelo zalokho uNkulunkulu akwenza kwababi esikhathini esidlule zibonisa indlela azokwenza ngayo osukwini lwethu. Okwesibili, ukukhishwa kwesahlulelo sikaNkulunkulu embusweni wakwa-Israyeli owahlubuka kuqinisekisa ukuthi uNkulunkulu uzolibhubhisa eLobukholwa, ingxenye enecala kakhulu ‘yeBhabhiloni Elikhulu,’ umbuso wezwe wenkolo yamanga.—IsAmbulo 18:2.
21. Kungani isahlulelo esibi sikaNkulunkulu silifanele eLobukholwa?
21 Akukho kungabaza mayelana nokuthi eLobukholwa lifanelwe isahlulelo sikaNkulunkulu. Isimo salo esingokwenkolo nokuziphatha kwalo okubi kuyazisho. Isahlulelo sikaJehova kweLobukholwa siyafaneleka—nakulo lonke izwe likaSathane. Futhi akukho ukuphunyula kuso, ngoba lapho sekuyisikhathi sokusikhipha isahlulelo, kuyosebenza amazwi ka-Amose isahluko 9 ivesi 1: “Akekho kubo obalekayo oyophumelela ukubaleka, futhi akekho kubo ophunyukayo oyokwazi ukuphunyuka.” Yebo, noma bangaze bacashephi ababi, uJehova uyobathola.
22. Eyesi-2 Thesalonika 1:6-8 icacisa maphi amaphuzu aphathelene nesahlulelo sikaNkulunkulu?
22 Isahlulelo sikaNkulunkulu sisuke sifaneleka njalo, akukho ukuphunyula kuso, futhi asigadli kunoma ubani. Lokhu kuyabonakala emazwini kaPawulu: “Kuwukulunga ngoNkulunkulu ukuba abuyisele usizi kulabo abanibangela usizi, kodwa, kini enibhekene nosizi, impumuzo kanye nathi ekwambulweni kweNkosi uJesu ivela ezulwini ikanye nezingelosi zayo ezinamandla emlilweni ovutha amalangabi, njengoba iletha impindiselo phezu kwalabo abangamazi uNkulunkulu nakulabo abangazilaleli izindaba ezinhle mayelana neNkosi yethu uJesu.” (2 Thesalonika 1:6-8) “Kuwukulunga ngoNkulunkulu” ukuba ababuyisele labo abafanelwe isahlulelo esibi ngenxa yokuletha kwabo usizi kwabagcotshiweyo bakhe. Ngeke kube khona ukuphunyula kuleso sahlulelo, ngoba ababi ngeke basinde ‘ekwambulweni kukaJesu ekanye nezingelosi zakhe ezinamandla emlilweni ovutha amalangabi.’ Futhi isahlulelo sikaNkulunkulu ngeke sigadle kunoma ubani ngoba uJesu uyoletha impindiselo “phezu kwalabo abangamazi uNkulunkulu nakulabo abangazilaleli izindaba ezinhle.” Futhi ukukhishwa kwesahlulelo sikaNkulunkulu kuyoletha induduzo kubantu abesaba uNkulunkulu abasosizini.
Ithemba Ngabaqotho
23. Iliphi ithemba nenduduzo okungatholakala encwadini ka-Amose?
23 Isiprofetho sika-Amose sinomyalezo omuhle wethemba nenduduzo kubantu abathambekele ngokufanele. Njengoba kubikezelwe encwadini ka-Amose, uJehova akababhuqanga abantu bakhe basendulo. Ekugcineni wabaqoqa abathunjiwe bakwa-Israyeli noJuda, wababuyisela ezweni lakubo futhi wababusisa ngokulondeka nokuchuma okukhulu. Kusho ukuthini lokhu osukwini lwethu? Kusenza siqiniseke ukuthi lapho kukhishwa isahlulelo sikaNkulunkulu, uJehova uyobathola ababi noma ngabe bacashephi, nalabo yena ababheka njengabafanelwe isihe sakhe uyobathola kungakhathaliseki ukuthi bahlalaphi kulo mhlaba.
24. Izinceku zikaJehova zanamuhla zibusiswe ngaziphi izindlela?
24 Njengoba silinde isikhathi sokufika kwesahlulelo sikaJehova kwababi, kwenzekani kithi njengezinceku zakhe ezithembekile? UJehova usibusisa ngokuchuma okukhulu okungokomoya! Sijabulela indlela yokukhulekela engenawo amanga nengasontiwe izimfundiso zamanga zeLobukholwa. UJehova usibusise nangenala yokudla okungokomoya. Kodwa khumbula ukuthi lezi zibusiso ezicebile ezivela kuJehova ziza kanye nomthwalo wemfanelo omkhulu. UNkulunkulu ulindele ukuba sixwayise abanye ngesahlulelo esizayo. Sifisa ukwenza konke esingakwenza ukuze sifune labo ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okuphakade.’ (IzEnzo 13:48) Yebo, sifisa ukusiza abaningi ngangokunokwenzeka ukuba bazuze ekuchumeni okungokomoya esikujabulelayo manje. Futhi sifuna basinde lapho uNkulunkulu ekhipha isahlulelo sakhe kwababi. Yebo, ukuze sihlanganyele kulezi zibusiso, inhliziyo yethu kufanele ibe sesimweni esifanele. Njengoba sizobona esihlokweni esilandelayo, nalokhu kuqokonyisiwe esiprofethweni sika-Amose.
Ungaphendula Kanjani?
• Isiprofetho sika-Amose sibonisa kanjani ukuthi izahlulelo ezimbi zikaJehova zisuke zifaneleka njalo?
• U-Amose unikeza buphi ubufakazi bokuthi akukho ukuphunyula esahlulelweni sikaNkulunkulu?
• Incwadi ka-Amose ibonisa kanjani ukuthi isahlulelo sikaNkulunkulu asigadli kunoma ubani?
[Isithombe ekhasini 16, 17]
Umbuso wakwa-Israyeli awuphunyulanga esahlulelweni sikaNkulunkulu
[Isithombe ekhasini 18]
Ngo-537 B.C.E., insali ka-Israyeli noJuda yabuya ekuthunjweni eBhabhiloni