Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Ababonisi Abelusa Umhlambi
    Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
    • 9 Labo abafanelekela ukumiswa njengababonisi babonisa ukuhlakanipha ekuphileni kwabo. Uma umbonisi eshadile, uyonamathela endinganisweni yobuKristu yomshado, ewukuthi indoda emfazi munye nengamela umkhaya wayo ngendlela enhle. Uma umbonisi enabantwana abakholwayo abazithoba ngobuqotho ngokuphelele futhi abangamangalelwa ngokuzitika ngamanyala noma ngokuba abangalawuleki, ibandla lingaya ngokuqiniseka kuye liyofuna iseluleko namacebiso ezindabeni eziphathelene nokuphila komkhaya nokobuKristu. Umbonisi ubuye abe ongasoleki, okungekho cala abekwa lona, nofakazelwa kahle ngisho nangabantu bangaphandle. Ngeke kube nasizathu esizwakalayo sokumbeka icala lokuziphatha okungafanele okonakalisa idumela lebandla. Ngeke kube ukuthi usanda kusolelwa ububi obukhulu. Abanye ebandleni bashukumiseleka ukuba balingise isibonelo sakhe esihle futhi bayakujabulela ukubeka ukuphila kwabo okungokomoya ezandleni zakhe.—1 Kor. 11:1; 16:15, 16.

      10 Amadoda afaneleka kanjalo ayakwazi ukukhonza ibandla lobuKristu ngendlela efana neyabadala bakwa-Israyeli ababechazwa ‘njengabahlakaniphileyo, abaqondayo nabanolwazi.’ (Dut. 1:13) Abadala abangamaKristu banesono, kodwa ebandleni nasemphakathini baziwa njengamadoda aqotho nasaba uNkulunkulu, asebonise isikhathi eside ukuthi ukuziphatha kwawo kuvumelana nezimiso zikaNkulunkulu. Ukungasoleki kwawo kuwanika inkululeko yokukhuluma ebandleni.—Roma 3:23.

  • Ababonisi Abelusa Umhlambi
    Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
    • 11 Amadoda afanelekela ukumiswa njengababonisi abonisa ukulinganisela emikhubeni yawo nasendleleni asebenzelana ngayo nabanye. Awashiseki ngokweqile. Kunalokho, abonisa ukulinganisela nokuzithiba ekuphileni kwawo. Ukulinganisela kwawo kubonakala ezintweni ezifana nokudla, ukuphuza, ukuzilibazisa, izindlela zokuchitha isizungu nokuzijabulisa. Ayalinganisela otshwaleni ukuze angazitholi esebekwa icala lokudakwa noma lokuba isidakwa. Umuntu ongqondo yakhe ithuntubezwe uphuzo oludakayo uphelelwa kalula ukuzithiba futhi akekho esimweni sokuqapha izidingo ezingokomoya zebandla.

      12 Ukwengamela ibandla kudinga ukuba indoda ibonise ukuhleleka ngezinga elithile. Imikhuba yayo emihle ibonakala endleleni ebukeka ngayo, emzini wayo nasezintweni ezenza nsuku zonke. Indoda enjalo iyakugwema ukuhlehlisa izinto; iyakubona okudingekayo bese ihlela ngokuvumelana nakho. Inamathela ezimisweni zokuhlonipha uNkulunkulu.

  • Ababonisi Abelusa Umhlambi
    Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
    • 14 Ngokufanayo, umuntu ofanelekela ukukhonza njengombonisi ebandleni uhluzekile engqondweni. Lokhu kusho ukuthi akathatheli izinto phezulu, akahluleli ngamawala. Uziqonda kahle izimiso zikaJehova nokuthi zisebenza kanjani. Umuntu ohluzekile engqondweni uyasamukela iseluleko nesiqondiso. Akazenzisi.

  • Ababonisi Abelusa Umhlambi
    Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
    • 15 UPawulu wakhumbuza uThithu ukuthi umbonisi ungumthandi wobuhle. Kufanele abe olungile futhi abe qotho. Lezi zimfanelo zibonakala endleleni asebenzelana ngayo nabanye namelela ngayo ngokuqinile okulungile nokuhle. Akantengantengi ekuzinikeleni kwakhe kuJehova futhi akaguquguquki ekusekeleni izimiso zokulunga. Uyakwazi ukugcina imfihlo. Ubuye abe nomoya wokungenisa izihambi osuka phakathi enhliziyweni, azinikele ngenhliziyo evumayo yena nempahla yakhe ukuze asize abanye.—IzE. 20:33-35.

      16 Ukuze umbonisi afeze isabelo sakhe ngempumelelo, kudingeka akufanelekele ukufundisa. Ngokwamazwi kaPawulu kuThithu, umbonisi uyoba “obambelela ngokuqinile ezwini elithembekile ngokuqondene nekhono lakhe lokufundisa, ukuze akwazi ukukhuthaza ngemfundiso ephilayo nokusola abaphikisayo.” (Thithu 1:9) Uyakwazi ukubonisana nabanye, aveze ubufakazi, abhekane ngokuphumelelayo nalabo abaphikisayo, achaze nemiBhalo ngendlela eyokwenza abanye bamkholelwe, ukholo lwabo luqine. Umbonisi usebenzisa ikhono elinjalo lokufundisa ngezikhathi ezivumayo nezinzima. (2 Thim. 4:2) Unesineke esidingekayo sokusola ngobumnene umuntu onephutha noma akholise ongabazayo futhi amshukumisele ekwenzeni imisebenzi emihle esekelwe okholweni. Ukuba kwakhe nekhono lokufundisa phambi kwezilaleli noma lapho exoxa nomuntu ngamunye, kuwubufakazi bokuthi umbonisi uyahlangabezana nale mfuneko ebalulekile.

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela