Yiba Nokholo Nonembeza Omuhle
Amaphuzu Avelele avela Encwadini YokuQala KuThimothewu
CISHE ngonyaka ka-56 C.E. umphostoli uPawulu waxwayisa abadala bebandla lase-Efesu ngokuthi “izimpisi ezihahayo” zaziyovuka phakathi kwabo futhi ‘zikhulume okudukisayo, zihunge abafundi ukuzilandela.’ (IzEnzo 20:29, 30) Eminyakeni embalwa nje, imfundiso yezihlubuki yayisibe ngengathi sína kangangokuba uPawulu wanxusa uThimothewu ukuba alwe impi engokomoya phakathi ebandleni ukuze alondoloze ubumsulwa balo futhi asize akholwa kanye nabo ukuba bahlale okholweni. Yileso isizathu esiyinhloko esenza ukuba uPawulu eseMakedoniya abhale incwadi yakhe yokuqala eya kuThimothewu cishe ngo-61-64 C.E.
UThimothewu wayalwa ngemisebenzi yomdala, indawo yabesifazane abayabelwe nguNkulunkulu, izimfanelo zabadala nezinceku ezikhonzayo, nezinye izinto. Iseluleko esinjalo siyasebenza nanamuhla.
Isikhuthazo Sokuba Nokholo
UPawulu wavula ngeseluleko sokuba nokholo nonembeza omuhle. (1:1-20) Wakhuthaza uThimothewu ukuba ahlale e-Efesu futhi ‘ayale abathile ngokuthi bangafundisi okwahlukileyo.’ UPawulu wayethokoza ngenkonzo ayabelwe yona, ekuvuma ukuthi wayenze ngokungazi nangokungabi nalukholo lapho eshushisa abalandeli bakaJesu. Lomphostoli wayala uThimothewu ukuba aqhubeke elwa impi engokomoya, “[e]nokukholwa nonembeza omuhle” futhi angabi njengalabo “[a]bafelwa umkhumbi wokukholwa.”
Iseluleko Ngokukhulekela
Ngokulandelayo, uPawulu wanikeza iseluleko “[njengo]mfundisi wabezizwe ekukholweni naseqinisweni.” (2:1-15) Kwakumelwe kuthandazelwe labo abakhulu ukuze amaKristu aphile ngokuthula. Kuyintando kaNkulunkulu ukuba abantu bonke basindiswe, futhi imfundiso ebalulekile ingukuthi uKristu “wazinikela abe-yinhlawulo yabo bonke.” UPawulu wabonisa ukuthi owesifazane kufanele azihlobise ngokuhlonipheka futhi akufanele abuse phezu kwendoda.
Ibandla kumelwe lihleleke kahle. (3:1-16) Ngakho uPawulu wahlela izimfanelo zababonisi nezinceku ezikhonzayo. Ezintweni ezalotshwa umphostoli, uThimothewu wayeyokwazi ukuthi kufanele aziphathe kanjani ebandleni, “insika nesisekelo seqiniso.”
UPawulu wanikeza uThimothewu iseluleko somuntu siqu ukuze amsize azilonde emfundisweni yamanga. (4:1-16) Ezikhathini zokugcina abathile babeyohlubuka okholweni. Kodwa ngokuziqaphela yena nesifundiso sakhe, uThimothewu ‘wayeyozisindisa yena nabamuzwayo.’
UThimothewu wabuye wathola iseluleko ngokusebenzelana nabantu ngabanye, abasha nabadala. (5:1-25) Ngokwesibonelo, kwakumelwe kwenziwe amalungiselelo afanelekile ngokuqondene nabafelokazi abadala abanedumela elihle lobuKritu. Kunokuba bahlebe, abafelokazi abasebasha kwakufanele bashade futhi bazale abantwana. Amadoda amadala ayengamela ngendlela enhle kwakumelwe atuswe ngokuphindiweyo.
Ukuzinikela Kokwesaba UNkulunkulu Nokwaneliswa
Iseluleko ngokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu saphetha incwadi kaPawulu. (6:1-21) “Ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu kanye nokwaneliseka,” (NW) kuyinzuzo enkulu, kodwa ukufuna ukuceba kuholela ekufeni nasekubhujisweni. UPawulu wanxusa uThimothewu ukuba alwe ukulwa okuhle kokukholwa futhi ‘abambe ukuphila okuphakade.’ Ukuze babambe lokho kuphila okuyikho, abacebile kwakumelwe ‘bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha bathembele kuNkulunkulu.’
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 30]
Ukusindiswa Ngokuzala Abantwana: UPawulu wayengakhulumi ngokusindiselwa ekuphileni okuphakade kodwa ngengxenye efanele yowesifazane owesaba uNkulunkulu lapho ebhala: “Uyakusindiswa [“uyakuphephiswa,” NW] ngokuzala abantwana, uma behlala ekukholweni nasothandweni nasebungcweleni kanye nokuqonda.” (1 Thimothewu 2:11-15) Ngokuzala abantwana, ngokunakekela abantwana bakhe, nokuphatha ikhaya, owesifazane “wayeyophephiswa” ekubeni yinhlebi engenzi lutho nozigaxa ezindabeni zabanye abantu. (1 Thimothewu 5:11-15) Imisebenzi yakhe yasekhaya yayiyophelelisa inkonzo yakhe eya kuJehova. Yebo, wonke amaKristu kufanele aqaphele ukuziphatha kwawo futhi asisebenzise ngokuhlakanipha isikhathi sawo.—Efesu 5:15, 16.