-
Imibuzo Evela KubafundiINqabayokulinda—1989 | Julayi 1
-
-
Nokho, ziyini izimfanelo ezitholakala eBhayibhelini? Okuwukuphela kwezinikeziwe yilezo ezitholakala ku-1 Thimothewu 3:8-10, 12, 13: “Ngokunjalo namadiyakoni kufanele abe-nesizotha, angabi-ndimimbili, angabi-ngabanaka kakhulu iwayini, angahaheli inzuzo embi, ephethe imfihlakalo yokukholwa kunembeza omhlophe. Nalabo mabaqale bahlole, andukuba babe-ngamadiyakoni, uma bengasoleki. Amadiyakoni mawabe-ngamadoda amfazi munye, abusa kahle abantwana bawo nemizi yawo. Ngokuba amadiyakoni akhonzé kahle azizuzela ukuma kahle nesibindi esikhulu ekukholweni okukuKristu Jesu.”
-
-
Imibuzo Evela KubafundiINqabayokulinda—1989 | Julayi 1
-
-
Ngaphezu kwalokho, amadoda atuswa njengezinceku ezikhonzayo kufanele abe ‘ahloliwe,’ enikeza ubufakazi bokukwazi ukusingatha umthwalo wemfanelo. Lokho akusho ukuthi kuchithwa isikhathi esiningi behlolwa. Kunalokho, kumelwe babe sebebonise ukuvuthwa kobuKristu esikhathini eside ngokwanele (sebeye babhapathizwa okungenani unyaka owodwa), babeamadoda azimisele nakwaziyo ukubhekana nemisebenzi ayabelwe. Uma insizwa ‘enesizotha’ ibonisa lezimfanelo, kuwukuthi ithobekile futhi ihlangabezana nezinye izimfanelo, abadala bangase bayituse ukuba imiswe ngisho nanoma ingakabi neminyaka engama-20 ubudala. Amanye amadoda angase abe-madala ngokwanele lapho ekubonisa ngokucacile ukuthi ayahlangabezana nalezimfanelo ‘zokukhonza kahle ezizuzela ukuma kahle nesibindi esikhulu.’
-