Asikwenyanye Okubi
UJEHOVA unguNkulunkulu ongcwele. Ezikhathini zasendulo ‘wayengoNgcwele kaIsrayeli,’ futhi ngenxa yalokho wayefuna ukuba u-Israyeli ahlanzeke, angabi nabala. (IHubo 89:18) Watshela abantu bakhe abakhethiwe: “Yibani-ngcwele, ngokuba ngingcwele.” (Levitikusi 11:45) Noma ubani owayefuna ‘ukukhuphukela entabeni kaJehova’ kwakumelwe abe “nezandla ezingenacala nenhliziyo ehlanzekileyo.” (IHubo 24:3, 4) Lokho kwakusho okungaphezu kokugwema izenzo zokona. Kwakusho “ukuzonda okubi.”—IzAga 8:13.
Ngothando, uJehova wabeka imithetho eningiliziwe ukuze isizwe sakwa-Israyeli sikwazi ukubona futhi sikugweme ukwenza okubi. (Roma 7:7, 12) Lemithetho yayihlanganisa iziqondiso eziqinile zokuziphatha. Ukuphinga, izenzo zobungqingili, ubuhlobo bobulili nesihlobo, nobuhlobo bobulili nesilwane, konke kwaphawulwa njengezinto ezingengcwele ezingcolisayo ngokomoya. (Levitikusi 18:23; 20:10-17) Labo ababenecala lezenzo ezinjalo ezonakele babenqunywa esizweni sakwa-Israyeli.
Lapho ibandla lamaKristu agcotshiwe liba ‘u-Israyeli kaNkulunkulu,’ labekelwa izindinganiso zokuziphatha ezifanayo. (Galathiya 6:16) AmaKristu nawo kwakumelwe ‘akwenyanye okubi.’ (Roma 12:9) Amazwi kaJehova ku-Israyeli ayesebenza nakuwo: “Kumelwe nibe ngcwele, ngoba mina ngingcwele.” (1 Petru 1:15, 16) Imikhuba enjalo engengcwele enjengobufebe, ukuphinga, izenzo zobungqingili, ubuhlobo bobulili nesilwane, nobuhlobo bobulili nesihlobo kwakungamelwe yonakalise ibandla lobuKristu. Labo abenqaba ukuyeka ukuhileleka ezintweni ezinjalo babengeke bangene eMbusweni kaNkulunkulu. (Roma 1:26, 27; 2:22; 1 Korinte 6:9, 10; Heberu 13:4) Kulezi ‘zinsuku zokugcina,’ kusebenza izindinganiso ezifanayo ‘kwezinye izimvu.’ (2 Thimothewu 3:1; Johane 10:16) Ngenxa yalokho, amaKristu agcotshiwe nezinye izimvu bangabantu abahlanzekile nabakahle, abakwazi ukuphatha igama likaNkulunkulu wabo njengoFakazi BakaJehova.—Isaya 43:10.
Ukugcina Ibandla Lihlanzekile
Ngokuphambene, izwe lithethelela zonke izinhlobo zokuziphatha okubi. Nakuba amaKristu eqiniso ehlukile, akufanele akhohlwe ukuthi abaningi manje abakhonza uJehova bake baba sezweni. Kunabaningi, ngaphambi kokuba bazi uNkulunkulu wethu ongcwele, ababengasiboni isizathu sokungazitiki ngezifiso namaphupho enyama yabo enesono, bebhukuda “echibini eliphansi lokuzitika ngamanyala.” (1 Petru 4:4) Umphostoli uPawulu, ngemva kokuchaza imikhuba enyanyekayo yabantu bezizwe abonakele, wathi: “Yilokho abanye kini ababeyikho.” Nokho, waqhubeka wathi: “Kodwa seniye nagezwa nahlanzeka, kodwa seniye nangcweliswa, kodwa sekuthiwe nilungile egameni leNkosi yethu uJesu Kristu nangomoya kaNkulunkulu wethu.”—1 Korinte 6:11.
Yeka ukuthi lawa amazwi aduduza kanjani! Kungakhathaliseki ukuthi umuntu wayenzani ngaphambili ekuphileni, uyashintsha lapho izindaba ezinhle ezikhazimulayo ngoKristu zithonya inhliziyo yakhe. Ubonisa ukholo futhi azinikezele kuJehova uNkulunkulu. Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke uphila ukuphila okumsulwa ngokokuziphatha, ahlanzeke emehlweni kaNkulunkulu. (Heberu 9:14) Izono azenze ngesikhathi esidlule ziyathethelelwa, futhi ‘angelulekela phambili ezintweni ezingaphambili.’a—Filipi 3:13, 14; Roma 4:7, 8.
UJehova wamthethelela uDavide ophendukayo ngesenzo sokubulala nokuphinga, futhi wamthethelela uManase ophendukayo ngezenzo ezimbi zokukhonza izithombe nokuchitha igazi eliningi. (2 Samuweli 12:9, 13; 2 IziKronike 33:2-6, 10-13) Singajabula ngempela ngokuthi uzimisele ukusithethelela nathi uma siphenduka futhi siya kuye ngobuqotho nangokuthobeka. Nokho, nakuba uJehova amthethelela uDavide noManase, lamadoda amabili—ekanye no-Israyeli—kwadingeka abhekane nemiphumela yezenzo zawo zokona. (2 Samuweli 12:11, 12; Jeremiya 15:3-5) Ngokufanayo, nakuba uJehova ezithethelela izoni eziphendukayo, kungase kube nemiphumela yezenzo zazo engenakugwenywa.
Imiphumela Engenakugwenywa
Ngokwesibonelo, indoda ephila ukuphila kokuzitika ngamanyala bese ingenwa ingculaza ingase yamukele iqiniso futhi iguqule ukuphila kwayo kuze kube sezingeni lokuzinikezela nobhapathizo. Manje isingumKristu ohlanzekile ngokomoya onobuhlobo noNkulunkulu nethemba elimangalisayo ngekusasa; kodwa isenayo ingculaza. Lesi sifo singagcina siyibulele, okuwumphumela odabukisayo kodwa ongenakugwenywa wokuziphatha kwayo kwangesikhathi sangaphambili. Kwamanye amaKristu imiphumela yokuziphatha okubi kakhulu kwangesikhathi sangaphambili ingase iqhubeke ikhona ngezinye izindlela. Ngemva kweminyaka eminingi ebhapathiziwe, mhlawumbe kukho konke ukuphila kwawo kulesi simiso sezinto, kungase kudingeke alwe nezifiso ezinamandla zenyama yawo zokubuyela endleleni yawo yokuphila kokuziphatha okubi yangesikhathi esidlule. Ngosizo lomoya kaJehova, amaningi ayaphumelela ekumelaneni nalokhu. Kodwa kufanele ahlale elwa.—Galathiya 5:16, 17.
Abanjalo abenzi sono uma nje belawula izifiso zabo. Kodwa uma kungabesilisa, ngokuhlakanipha bangase banqume ‘ukungazami ukufinyelela’ umthwalo wemfanelo ebandleni lapho kusadingeka balwe nezifiso ezinamandla zenyama. (1 Thimothewu 3:1) Ngani? Ngoba bayayazi indlela ibandla elibathemba ngayo abadala. (Isaya 32:1, 2; Heberu 13:17) Bayaqaphela ukuthi abadala kukhulunywa nabo ngezindaba eziningi zomuntu siqu futhi kudingeka basingathe izimo ezidinga ukuqapha. Ngeke kube ukubonisa uthando, ukuhlakanipha, noma okunengqondo ngalowo olwa ngokuqhubekayo nezifiso ezingahlanzekile zenyama ukuba azame ukufinyelela isikhundla somthwalo wemfanelo onjalo.—IzAga 14:16; Johane 15:12, 13; Roma 12:1.
Kowesilisa owayexhaphaza izingane ngaphambi kokuba abhapathizwe, kungase kube nomunye umphumela. Lapho efunda iqiniso, uyaphenduka futhi aguquke, angalethi leso sono sonya ebandleni. Ngemva kwalokho angase athuthuke kahle, azinqobe ngokuphelele izifiso zakhe ezimbi, futhi aze athambekele ‘ekuzameni ukufinyelela’ isikhundla somthwalo wemfanelo ebandleni. Nokho, kuthiwani uma esalokhu enedumela elibi lokuba umxhaphazi wezingane wangesikhathi esidlule? Ingabe ‘uyoba ongasoleki, ofakazelwa kahle abantu bangaphandle, nongenakubekwa cala’? (1 Thimothewu 3:1-7, 10; Thithu 1:7) Cha, ngeke abe njalo. Ngenxa yalokho, ngeke awafanelekele amalungelo ebandleni.
Lapho UmKristu Ozinikezele Ona
UJehova uyaqonda ukuthi sibuthakathaka nokuthi ngisho nangemva kobhapathizo singase siwele esonweni. Umphostoli uJohane wabhalela amaKristu osuku lwakhe: “Nginilobela lezizinto ukuze ningasenzi isono. Kodwa nokho, uma-ke noma ubani esenza isono, sinomsizi kuBaba, uJesu Kristu, olungileyo. Futhi ungumhlatshelo oyisihlawulelo wezono zethu, nokho kungezona ezethu kuphela kodwa nezalo lonke izwe.” (1 Johane 2:1, 2) Yebo, ngesisekelo somhlatshelo kaJesu, uJehova uyowathethelela amaKristu abhapathiziwe awela esonweni—uma ephenduka ngempela futhi elahla inkambo yawo engalungile.
Isibonelo salokhu sabonakala ebandleni lekhulu lokuqala laseKorinte. Umphostoli uPawulu wezwa ngecala lezihlobo ezaba nobuhlobo bobulili kulelo bandla elaliselisha, futhi wayala ukuba owesilisa owayehilelekile asuswe ekuhlanganyeleni. Kamuva, isoni saphenduka, futhi uPawulu wakhuthaza lelo bandla ukuba lisibuyisele ekuhlanganyeleni. (1 Korinte 5:1, 13; 2 Korinte 2:5-9) Ngaleyo ndlela, ngamandla elaphayo omusa wothando lukaJehova nenani elikhulu lomhlatshelo wesihlengo kaJesu, lowo wesilisa wahlanzwa ezonweni zakhe. Kungenzeka okufanayo nanamuhla. Nalapha, imiphumela yesono ingase iqhubeke ngisho noma umuntu obhapathiziwe owenza isono esingathi sína ephenduka futhi eba othethelelwe emehlweni kaJehova.—IzAga 10:16, 17; Galathiya 6:7.
Ngokwesibonelo, uma intombazane ezinikezele yenza ubufebe, ingase izisole ngokujulile ngesenzo sayo futhi igcine ibuyiselwe empilweni engokomoya ngosizo lwebandla. Kodwa kuthiwani uma ikhulelwe ngenxa yokuziphatha kwayo okubi? Khona-ke konke ukuphila kwayo kuye kwashintshwa ngokungenakugwenywa yilokho ekwenzile. Indoda ephingayo ingase iphenduke futhi ingabe isasuswa ekuhlanganyeleni. Kodwa umngane wayo womshado ongenacala unezizathu ezingokomBhalo zokuhlukanisa nayo, futhi angase akhethe ukwenza kanjalo. (Mathewu 19:9) Uma enza kanjalo, leyo ndoda, nakuba uJehova eyithethelele, iyophila ukuphila kwayo konke nalowo mphumela onzima wesono sayo.—1 Johane 1:9.
Kuthiwani ngendoda ehlukanisa nomkayo ngokungenaluthando ukuze ishade nomunye wesifazane? Mhlawumbe ekugcineni iyophenduka futhi ibuyiselwe ebandleni. Ngokuhamba kwesikhathi ingase ithuthuke futhi “iphokophelele ekuvuthweni.” (Heberu 6:1) Kodwa uma nje umkayo wokuqala esahleli ngaphandle komngane womshado, ngeke ifanelekele ukukhonza esikhundleni somthwalo wemfanelo ebandleni. Ayiyona “indoda emfazi munye” ngenxa yokuthi yayingenalo ilungelo elingokomBhalo lokuhlukanisa nomkayo wokuqala.—1 Thimothewu 3:2, 12.
Ingabe lezi akuzona izizathu ezinamandla zokuba umKristu ahlakulele ukwenyanya okubi?
Kuthiwani Ngomxhaphazi Wezingane?
Kuthiwani uma umuntu omdala ongumKristu obhapathiziwe exhaphaza ingane ngokobulili? Ingabe isoni sibi kangangokuba uJehova akasoze asithethelela? Akunjalo ngempela. UJesu wathi ‘ukuhlambalaza umoya ongcwele’ akunakuthethelelwa. Futhi uPawulu wathi awukho umhlatshelo wezono osalela lowo osenza umkhuba isono ngamabomu naphezu kokwazi iqiniso. (Luka 12:10; Heberu 10:26, 27) Kodwa akukho lapho iBhayibheli lisho khona ukuthi umuntu omdala ongumKristu onukubeza umntwana ngokobulili—oyisihlobo noma ongesona—akanakuthethelelwa. Yiqiniso, izono zakhe zingahlanzwa uma ephenduka ngobuqotho ngokusuka enhliziyweni futhi eguqula ukuziphatha kwakhe. Nokho, kungase kudingeke aqhubeke elwa nezifiso zenyama ezingalungile aye wazihlakulela. (Efesu 1:7) Futhi kungase kube nemiphumela angenakuyigwema.
Kuye ngokomthetho wezwe ahlala kulo, umxhaphazi kungase kudingeke adonse ejele noma abhekane nezinye izijeziso zikaHulumeni. Ibandla ngeke limvikele kulokhu. Ngaphezu kwalokho, lowo wesilisa uye wabonakalisa ubuthakathaka obukhulu okufanele bucatshangelwe kusukela ngaleso sikhathi. Uma ebonakala ephendukile, uyokhuthazwa ukuba athuthuke ngokomoya, ahlanganyele enkonzweni yasensimini, abe nezingxenye ngisho naseSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini nasezingxenyeni okungezona ezokufundisa eMhlanganweni Wenkonzo. Nokho, lokhu akusho ukuthi uyokufanelekela ukukhonza esikhundleni somthwalo wemfanelo ebandleni. Iziphi izizathu ezingokomBhalo zalokhu?
Esinye sezizathu siwukuthi umdala kumelwe abe “ozithibayo.” (Thithu 1:8) Yiqiniso, akekho kithi onokuzithiba okuphelele. (Roma 7:21-25) Kodwa umuntu omdala ongumKristu ozinikezele owela esonweni sokunukubeza ingane ngokobulili ubonakalisa ubuthakathaka benyama obungebona obemvelo. Okuhlangenwe nakho kuye kwabonisa ukuthi umuntu omdala onjalo angase axhaphaze nezinye izingane. Yiqiniso, akubona bonke abaxhaphazi bezingane abasiphindayo leso sono, kodwa abaningi bayasiphinda. Futhi ibandla alinakuhlola izinhliziyo ukuze libone ukuthi ngubani ongase aphinde noma ongeke aphinde axhaphaze izingane. (Jeremiya 17:9) Ngenxa yalokho, iseluleko sikaPawulu kuThimothewu sisebenza ngokunamandla kakhulu endabeni yabantu abadala ababhapathiziwe abaye baxhaphaza izingane: “Ungalokothi usheshe ubeke izandla zakho kunoma imuphi umuntu; futhi ungabi umhlanganyeli ezonweni zabanye.” (1 Thimothewu 5:22) Ukuze sivikele izingane zethu, owesilisa owaziwa ngokuthi wayengumxhaphazi wezingane akasifanelekeli isikhundla somthwalo wemfanelo ebandleni. Ngaphezu kwalokho, ngeke abe iphayona noma akhonze kwenye inkonzo ekhethekile yesikhathi esigcwele.—Qhathanisa nesimiso esiku-Eksodusi 21:28, 29.
Abanye bangase babuze, ‘Abazange yini abathile ababenze ezinye izinhlobo zesono babonakale bephendukile, kodwa kamuva baphinda isono esifanayo?’ Yebo, lokho kuye kwenzeka, kodwa kunezinye izici okufanele zicatshangelwe. Ngokwesibonelo, uma othile esikisela ukuziphatha okubi komunye umuntu omdala, lowo muntu omdala kufanele akwazi ukwenqaba lokho kusikisela kwakhe. Kulula kakhulu ukukhohlisa, ukudida, noma ukuthusa izingane. IBhayibheli likhuluma ngengane njengentula ukuhlakanipha. (IzAga 22:15; 1 Korinte 13:11) UJesu wasebenzisa izingane njengesibonelo sobumsulwa obuhambisana nokuthobeka. (Mathewu 18:4; Luka 18:16, 17) Ubumsulwa bengane buhlanganisa ukuntuleka okuphelele kokuhlangenwe nakho. Izingane eziningi zikhululekile, zilangazelela ukujabulisa othile, futhi ngaleyo ndlela kulula ukuba umuntu omdala onamaqhinga ezimaziyo nezimethembayo azinukubeze. Ngakho-ke, ibandla linomthwalo wemfanelo kuJehova wokuvikela izingane zalo.
Izingane eziqeqeshwe kahle zifunda ukulalela nokuhlonipha abazali bazo, abadala, nabanye abantu abadala. (Efesu 6:1, 2; 1 Thimothewu 5:1, 2; Heberu 13:7) Kungaba ukuhlanekezela okushaqisayo uma omunye walaba bantu abadala abasezikhundleni engasebenzisa kabi lokho kuthemba okumsulwa kwengane ukuze ayiyenge noma ayiphoqelele ukuba ivume izenzo zobulili. Labo abaye baxhashazwa ngokobulili ngalendlela ngokuvamile bathatha iminyaka eminingi bezama ukunqoba ukulimala okungokomzwelo okuwumphumela wako. Ngenxa yalokho, umxhaphazi wezingane ubhekana nesijeziso nemingcele eqinile yebandla. Akusona isikhundla sakhe somthwalo wemfanelo okufanele kukhathazekwe ngaso, kodwa, kunalokho ukuhlanzeka okungenasisihla kwebandla.—1 Korinte 5:6; 2 Petru 3:14.
Uma umxhaphazi wezingane ephenduka ngobuqotho, uyoqaphela ukuhlakanipha kokusebenzisa izimiso zeBhayibheli. Uma ekufunda ngempela ukwenyanya okubi, uyokwenyanya lokho akwenzile futhi alwele ukugwema ukuphinda isono esifanayo. (IzAga 8:13; Roma 12:9) Ngaphezu kwalokho, uyombonga ngokuqinisekile uJehova ngobukhulu bothando lwaKhe, okuthi ngalo isoni esiphendukayo esinjengaye, siqhubeke sikhulekela uNkulunkulu wethu ongcwele futhi sithembe ukuba phakathi ‘kwabaqotho’ abayohlala emhlabeni kuze kube phakade.—IzAga 2:21.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka esithi “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda ka-May 1, 1996.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 28]
Nakuba uJehova ezithethelela izoni eziphendukayo, kungase kube nemiphumela yezenzo zazo engenakugwenywa