“Sondliwa Ngamazwi Okholo”
1 Ukuphishekela inkambo yokuphila kokuzinikela kuNkulunkulu kudinga ukuzikhandla. (1 Thim. 4:7-10) Ngeke sikwazi ukuyiphishekela ngawethu amandla; singasheshe sikhathale futhi siyeke ukuhamba kuyo. (Isaya 40:29-31) Enye indlela esingathola ngayo amandla avela kuJehova ukuvumela ‘ukondliwa ngamazwi okholo.’—1 Thim. 4:6.
2 Ukudla Okungokomoya Okunomsoco: NgeZwi lakhe ‘nangenceku ethembekileyo neqondayo,’ uJehova usinikeza ukudla okungokomoya okunomsoco. (Math. 24:45) Thina siyakwenza yini okufanele sikwenze ukuze sizuze kulokhu kudla? Ingabe silifunda nsuku zonke iBhayibheli? Ingabe sinezikhathi eziqondile zesifundo somuntu siqu nokuzindla? (IHu. 1:2, 3) Isimiso sokudla okunempilo siyasivuselela sisivikele nasemathonyeni ezwe likaSathane enza umuntu abe buthaka. (1 Joh. 5:19) UJehova uyoba nathi uma sigcwalisa ingqondo yethu ngezinto ezinempilo futhi sizisebenzise ekuphileni kwethu.—Fil. 4:8, 9.
3 UJehova uyasiqinisa nangemihlangano yebandla. (Heb. 10:24, 25) Imfundo engokomoya nobudlelwane obakhayo okutholakala kule mibuthatho kusinika amandla ukuze sime siqine naphezu kwezilingo. (1 Pet. 5:9, 10) UmKristu othile osemusha wathi: “Ngiba sesikoleni usuku lonke, futhi ngicobeka ngiphele. Kodwa imihlangano injengendawo enamanzi nezihlahlana ogwadule, lapho ngiqabuleka khona ukuze ngikwazi ukubhekana nosuku olulandelayo esikoleni.” Yeka indlela esibusiseka ngayo ngomzamo esiwenzayo wokuba khona emihlanganweni!
4 Ukumemezela Iqiniso: KuJesu, ukushumayeza abanye abantu kwakufana nokudla. Kwakumnika amandla. (Joh. 4:32-34) Ngokufanayo, lapho sitshela abanye ngezithembiso zikaNkulunkulu ezimangalisayo, sizizwa sinamandla amasha. Futhi ukuba matasa enkonzweni kugcina inhliziyo nengqondo yethu kugxile eMbusweni nasezithembisweni ezizogcwaliseka maduze. Kuyasiqabula ngempela lokho.—Math. 11:28-30.
5 Yeka indlela esibusiswe ngayo ngokuthi siyazuza ekudleni okungokomoya okunomsoco uJehova akulungiselela abantu bakhe namuhla! Kwangathi singaqhubeka sikhamuluka ngenjabulo kube udumo kuNkulunkulu.—Isaya 65:13, 14.