‘Kodwa Angimthandi UJehova!’
UBOB wayesewumfanyana nje lapho unina eba omunye woFakazi BakaJehova. Iminyaka eminingi, wayeya naye eHholo LoMbuso futhi ngisho nasemsebenzini wokushumayela, nakuba ayengabhapathiziwe. Nokho, ngesikhathi esengenela iminyaka engamashumi amabili, wayeka ukuhlanganyela noFakazi. Eqhubeka eshaywa izimo, wakuwohloza ukuphila kwakhe. Nakuba esathi uyazikholelwa izinto eziningi azifunda eBhayibhelini lokho akuzange kube okwanele ukuba kumenze afune ukubuyela enhlanganweni kaJehova. Kungani uBob ezizwa ngalendlela?
Cabangela esinye isibonelo. UDavid wayeyisikhonzi sesikhathi esigcwele iminyaka eminingi. Ngezikhathi ezithile, kwakufika imibuzo engqondweni yakhe ngokuqondene nezimfundiso ezithile zeBhayibheli. Kodwa ngaso sonke isikhathi wayexazulula lezozinkinga ngokucabanga ukuthi njengalapho kwenziwa ijigsaw puzzle, umuntu akadangali ngenxa nje yokuthi ucezu olulodwa noma ezimbili akubonakali zihlangana ekuqaleni. Wayeneliseka ngokulindela uJehova ukuba acacise. Kodwa khona manjalo, uDavid wathi wayengasenakukwazi ukuzanelisa ngaleyondlela. Eyeka amalungelo akhe enkonzo, ngokushesha walishiya iqiniso. Yini eyabangela ushintsho ekucabangeni kwakhe?
Ngokuqinisekile, kuphula umoya ukubona labo esibathandayo bedikibala emncintiswaneni wokuphila. Ngaphandle kokungabaza, sifuna ukwenza konke esingakwenza ukuze sibasize. (2 Korinte 12:15; Galathiya 5:7) Kodwa yini ngempela ebangela umuntu ukuba ashiye iqiniso? Yini engenziwa ukuze kusizwe umuntu onjalo ukuba abuyele emncintiswaneni? Yini okumelwe yenziwe umuntu uma ukuthambekela okunjalo kuqala ukuba khona kuye?
Inhliziyo, Unembeza, Nokholo
Kunento eyodwa ephawulekayo ngalabo abaye bashiya iqiniso. Abaningi babo abenzi kanjalo ngoba bengasakholelwa ukuthi liyiqiniso. Ngokuphambene ngokuphelele, abaningi babo bathi, “Ngiyazi ukuthi leli iqiniso, kodwa . . . ” noma, “Uma kukhona iqiniso, ngiyazi ukuthi leli yilo.” Ekujuleni kwezinhliziyo zabo, abaningi babo basakholelwa ukuthi lokho abakufunde eBhayibhelini kuyiqiniso. Kodwa ngandlela-thile baye bathambisa isandla sabo futhi balahlekelwa intshiseko yabo. UJakobe wathi: “Nokukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile.”—Jakobe 2:26.
Ukholo lweqiniso luhilela okungaphezu nje kokuba nolwazi noma ukukholelwa ukuthi okuthile kuyiqiniso. Kunokuba lube inqubo nje esengqondweni, ukholo luhilela inhliziyo engokomfanekiso, ngoba iBhayibheli liyasitshela: “Umuntu ukholwa ngenhliziyo kube-ngukulunga.” (Roma 10:10) Khona-ke, ngokunengqondo iBhayibheli likhomba enhliziyweni njengomthombo wenkinga lapho umuntu eqala ukuchezuka. Njengoba uPawulu axwayisa: “Xwayani, bazalwane, ukuba nakoyedwa kini kungabikho-nhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo.”—Heberu 3:12.
Ukuze sithole ubufakazi bokuthi inhliziyo ihileleke ngokujulile, singase silalele uDiane, owayephambukile. Lapho amaKristu akanye naye ezama ukumsiza, waphendula ewatshela ezinhlamvwini zamehlo: “Angikwazi ukubuyela kuJehova. Angimthandi!” Wayazi ukuthi okuwukuphela kwento eyayingamsiza ukuba ahlale eseduze noJehova uNkulunkulu uthando ngaye njengoMuntu nanjengaLowo ofanelekele ukuzinikela kwakhe. Eqinisweni, kwakuyiloluhlobo lothando olwamshukumisela ukuba anikele ngokuphila kwakhe kuJehova ekuqaleni. Kodwa ngandlela-thile wayengasenalo uthando olunjalo. Ngaphandle kwalo, wayazi ukuthi wayeyoba ozenzisayo uma ebuya. Kodwa umuntu ulahlekelwa kanjani uthando ake aba nalo ngokujule kangaka?
Nokho, uPawulu wakhuluma ‘ngenhliziyo embi, engakholwayo.’ Kwezinye izimo, ukuntuleka kokholo okunjalo kuwumphumela wokuvumela inhliziyo ukuba ifise lokho uJehova uNkulunkulu akunqabelayo noma ukwenqaba ukwenza okuthile athi sikwenze. Ngaleyondlela inhliziyo iba ehlukene futhi ayisaphelele kuJehova. Khona-ke, enomuzwa wokuthi inkambo yakhe ayivunyelwa uNkulunkulu, indlela elula yokugwema ezinye izinselele ‘iwukuhlubuka kuNkulunkulu ophilayo.’ (Qhathanisa noGenesise 3:8-10.) Kunokuba iguquke, ‘inhliziyo embi’ ishukumisela umuntu ukuba akhiphe uJehova nenjongo yakhe ekuphileni kwakhe. Umuntu ongenakholo ulishiya ngaleyondlela iqiniso.
Kwezinye izimo, kunokuba umuntu ezwe iminjunju kanembeza ngenxa yenkambo ethile, uvumela inhliziyo yakhe imshukumisele ngobuqili ekubeni afune ukubaleka ngokuhlakanipha ngokungabaza, ukuthola amaphutha, ngisho nangokuhlubuka. Uma engaziqinisekisa ngokuthi sonke isisekelo sokholo lwakhe asilungile, akabe esazizwa ebophekile ukuba aphile ngokuvumelana nalo. Abantu abanjalo balahla unembeza omuhle futhi ‘bafelwe umkhumbi wokukholwa.’—1 Thimothewu 1:19.
Yebo, umuntu angase ashiye iqiniso ngesinye isizathu esithile. Kodwa kungakhathaliseki ukuthi siyini, cishe zonke zihilela inhliziyo. Ngenxa yalokhu, leseluleko siyafaneleka ngempela: “Phezu kwakho konke okugcinayo, gcina inhliziyo yakho, ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila.”—IzAga 4:23.
Ukululama Kungenzeka
Ukuvuma ukuthi ukuthambekela okungalungile kwethu siqu kube umsuka wokulahlekelwa kwethu ukholo kudinga isibindi. Kodwa ukwenza kanjalo kuyisinyathelo sokuqala sokusebenzela ukubuyela ebuhlotsheni obuqinile noJehova. Okuhlangenwe nakho kukaSteve, iphayona laseNgilandi, kulibonisa kahle leliphuzu.
Nakuba uSteve engazange alishiye iqiniso, ngesinye isikhathi waqala ukuzizwa ephola futhi entula ukholo. Lapho eshumayela kwabanye, amazwi akhe ayengazwakali nasezindlebeni zakhe. Lapho uSteve ephakathi kwabazalwane bakhe nodade abangokomoya, wayezizwa engenandawo, kunjengokungathi wayengeyena omunye wabo.
Ngokujabulisayo uSteve, waqaphela ukuthi inkinga yayikuye. “Angizange ngilenze iphutha lokuzehlukanisa ukuze ngizicabangele izinto ngokwami, njengokungathi kwakunomthombo othile wethonya phakathi kwenyama engaphelele owawuyonikeza izimpendulo eziqondile,” kukhumbula uSteve. (Qhathanisa namaRoma 7:18.) Kunalokho, waqaphela ukuthi kumelwe ahlole inhliziyo yakhe futhi asiphule izifiso ezidukisayo ezimqhelisa eqinisweni. Kusukela khona kanye esisekelweni, wasebenzela ukuqinisa kabusha uthando lwakhe ngoNkulunkulu nokholo eZwini laKhe. Namuhla, uSteve ukhonza ngenjabulo njengesithunywa sevangeli.
Indlela Abanye Abangasiza Ngayo
Akubona bonke abaye balahlekelwa noma abalahlekelwa ukubambelela kwabo eqinisweni ababona izinto ngokucacile njengoba kwenza uSteve. Eqinisweni, ngokuvamile yilokhu kulahlekelwa umbono ocacile ongokomoya okuholela ekuwohlokeni kokugcina. Lapha kulapho amaKristu engasiza khona. (Roma 15:1; Galathiya 6:1) Kodwa lokhu kungenziwa kanjani ngendlela engcono kakhulu?
Ngokusobala, akwanele ukumema noma ukukhuthaza umuntu onjalo ukuba abuye. Kudingeka kutholwe izithiyo futhi zisuswe. Kumelwe kwenziwe imizamo yokuba kukhangwe inhliziyo yomuntu obuthakathaka noma opholile. Izingxoxo zokuthululelana izifuba ezingagwegwesi, kodwa ezinomusa zingase zimsize lowomuntu. Ukusebenzisa imibhalo enjengeyoku-1 Thimothewu 1:19, Heberu 3:12, noJeremiya 17:9, 10 kungase kumsize ukuba ahlole ekujuleni kwenhliziyo yakhe futhi abone ukuthi yini embangela ukuba ‘ahlubuke kuNkulunkulu ophilayo.’
Lapho izimbangela zitholakala, imizamo kumelwe iqondiswe ekubhekaneni nazo. Inhliziyo engokoqobo egulayo idinga ukunakekelwa futhi mhlawumbe ukuhlinzwa okubuhlungu uma isiguli sifuna ukusinda. Kungokufanayo nangenhliziyo egulayo engokomfanekiso. Izifiso ezimbi, ukuthambekela ekuzibuseni, noma ezinye izici ezibangela inhliziyo ukuba iphambuke kumelwe zisuswe uma kufunwa ukuba isebenze futhi. AmaKristu akhuthele angenza kahle ukuthandaza nomuntu opholile, ngisho nokutadisha iBhayibheli naye uma abadala bekubheka njengokutusekayo. Kungezindlela ezinjalo kuphela inhliziyo engavuselelwa ngazo futhi umuntu aphinde athande uJehova.—IzAga 2:1-5.
Lokhu kwakuyiqiniso endabeni kaDiane. Ukuxoxa namaKristu avuthiwe kwamsiza ukuba aqaphele ukuthi yini okwakudingeka ayenze ukuze avuselele uthando lwakhe ngoJehova. Eqaphela ukuthi kwakudingeka amazi kabusha uJehova ngokuseduze, uDiane wamukela usizo alunikezwa. Ngemva kokutadisha iBhayibheli cishe unyaka, yena nomyeni wakhe baphinde baba abadumisi abakhuthele bakaJehova.
Njengoba uthando luhilela isenzo, ngokuvamile kuwukwenza lokho uJehova akushoyo nokuba nokuhlangenwe nakho kosizo lwakhe lothando okubonakala kuphumelela kakhulu. Yebo, umsebenzi usiza umuntu ukuba athole uthando olwake lwashukumisa inhliziyo yakhe. (IHubo 34:8) Lokhu kungase kuqale ngokuthatha izinyathelo zenkuthalo ukuba kulwiswane nezifiso ezimbi noma ukulungisa ukuthambekela okungekuhle kwenhliziyo. Konke ukunqoba kulempi kuyisinyathelo sokusondela ekubuyiseleni inhliziyo kuJehova. (IzAga 23:26; 1 Petru 2:1-3) Njengoba inhliziyo izuzwa, isifiso sokuhlanganyela lokho okukuyo nabanye siyakhula. Ngenxa yalokho, ngokushesha lapho abamemezeli boMbuso ababekade bepholile befaneleka, kumelwe basizwe ukuba bahlanganyele emsebenzini wokushumayela, ngoba “umuntu ukholwa ngenhliziyo kube-ngukulunga, ngomlomo uyavuma kube-ngukusindiswa.”—Roma 10:10.
Kunoma ubani onomuzwa wokuthi akasamthandi uJehova, indlela ebuyela ekuphileni kokwesaba uNkulunkulu kungaba indlela ende nenzima. Nokho, ukululama ngokomoya kukaSteve noDiane kuwubufakazi bokuthi inhliziyo ingaguquka. Yebo, ukululama kungenzeka ngokusebenza komoya kaJehova, ngokusebenzisa iZwi lakhe, nangokubambisana okuvuselelwe nenhlangano yakhe. Kuyithemba lethu eliqotho nomthandazo ukuthi abantu abanjalo basizwe ukuba bajabule futhi ekukhulekeleni nasenkonzweni engcwele kaJehova njengalabo abamthanda ngenhliziyo ephelele uJehova.—Marku 12:30; 1 Korinte 13:8; 3 Johane 1-4.