Isahluko 19
Ukukhula Othandweni Ndawonye
LAPHO bebhalela amaKristu akanye nabo, abaphostoli bakaJesu Kristu baveza isidingo sokuba abantu bangakhuli olwazini oluqondile kuphela kodwa bakhule nasothandweni. Isisekelo salokhu kwakuwuthando olwaluboniswe uNkulunkulu uqobo kanye nothando lokuzidela lukaKristu, ababezama ukuhamba ezinyathelweni zabo. (Joh. 13:34, 35; Efe. 4:15, 16, NW; 5:1, 2; Fil. 1:9; 1 Joh. 4:7-10) Babewubuzalwane, futhi lapho besizana, izibopho zothando zaziqina ngisho nangokwengeziwe.
Lapho indlala ibalethela ubunzima bezomnotho abazalwane baseJudiya, amaKristu aseSiriya nawaseGreece ababela izinto ayenazo ukuze abasize. (IzE. 11:27-30; Roma 15:26) Lapho abanye beshushiswa, ukuhlupheka ababebhekana nakho kwakuzwiwa ngokujulile amanye amaKristu, futhi lawa ayefuna ukubasiza.—1 Kor. 12:26; Heb. 13:3.
Yebo, bonke abantu banekhono lokuthanda, futhi abanye ngaphandle kwamaKristu bahlanganyela ezenzweni zomusa zokukhathalela inhlala-kahle yabantu. Kodwa abantu ezweni laseRoma baqaphela ukuthi uthando amaKristu ayelubonisa lwaluhlukile. UTertullian, owayeyisazi-mthetho eRoma, wacaphuna okwashiwo abantu basezweni laseRoma ngamaKristu, ethi: “Bathi, ‘Bheka indlela abathandana ngayo . . . futhi yeka indlela abazimisele ngayo ukufelana.’” (Apology, XXXIX, 7) UJohn Hurst, kweyakhe ethi History of the Christian Church (Umqulu I, ikhasi 146), ulandisa ukuthi eCarthage yasendulo nase-Alexandria, phakathi nezinkathi zezifo ezingomashayabhuqe, abantu babebaxosha phakathi kwabo abagulayo futhi bahlubule labo ababefa noma yini eyayingaba usizo kubo. Ngokuphambene, uyabika, amaKristu kulezindawo ayabelana lokho anakho, enakekela ababegula, futhi engcwaba abafileyo.
Ingabe oFakazi BakaJehova ezikhathini zanamuhla bayahlanganyela emisebenzini ebonisa ukuyikhathalela okunjalo inhlala-kahle yabanye? Uma kunjalo, ingabe lemisebenzi yenziwa abantu abambalwa nje abasezindaweni eziqhelelene, noma ingabe inhlangano iyonke ikhuthaza futhi isekele imizamo enjalo?
Usizo Lothando Emabandleni
Phakathi koFakazi BakaJehova, ukunakekelwa kwezintandane nabafelokazi ebandleni, kanye nanoma yibaphi abantu abathembekile ababhekana nokuhlupheka okunzima, kubhekwa njengengxenye yokukhulekela kwabo. (Jak. 1:27; 2:15-17; 1 Joh. 3:17, 18) Ohulumeni bezwe ngokuvamile balungiselela izibhedlela, amakhaya asebekhulile, benzele nabantu abangenamisebenzi emphakathini uwonke amalungiselelo ezenhlala-kahle, futhi oFakazi BakaJehova basekela lawomalungiselelo ngokuzikhokha ngobuqotho izintela zabo. Nokho, beqaphela ukuthi uMbuso kaNkulunkulu yiwona kuphela ongazixazulula phakade izinkinga zesintu, oFakazi BakaJehova ngokuyinhloko bayazinikela banikele nangalokho abanakho ekufundiseni abanye ngalokho. Lena inkonzo ebalulekile okungekho hulumeni wabantu oyilungiselelayo.
Emabandleni oFakazi BakaJehova angaphezu kwangu-69 000 emhlabeni wonke, izidingo ezikhethekile eziphakama ngenxa yokukhula nokugula kwabantu ngokuvamile zinakekelwa ngokwabantu ngabanye. Njengoba kuboniswe kweyoku-1 Thimothewu 5:4, 8, umthwalo wemfanelo ngokuyinhloko uphezu komKristu ngamunye ukuba anakekele abendlu yakhe. Abantwana, abazukulu, noma ezinye izihlobo eziseduze zibonisa uthando lobuKristu ngokubanikeza usizo asebekhulile nabagulayo ngokwezidingo zabo. Amabandla oFakazi BakaJehova awawululazi lomuzwa wokuba nomthwalo wemfanelo ngokuthwala izibopho zomkhaya. Nokho, uma engekho amalungu aseduze omkhaya, noma uma labo abanomthwalo wemfanelo bengenakuzithwalela lomthwalo, ngothando, abanye ebandleni bayasiza. Uma kudingeka, ibandla lonke lingase lenze ilungiselelo lokusiza umzalwane noma udade oswelayo osenesikhathi eside esenkonzweni yokwethembeka.—1 Thim. 5:3-10.
Ukunakekela lezizidingo kumelwe kuhlelelwe. Ezimisweni zeSikole Senkonzo SoMbuso, abadala abaye baya kuso ngokuphindaphindiwe kusukela ngo-1959, isibopho abanaso phambi kukaNkulunkulu ngokuqondene nalokhu njengabelusi bomhlambi siye sacatshangelwa ngokukhethekile ngaso sonke isikhathi. (Heb. 13:1, 16) Akukhona ukuthi babengasiqapheli lesisidingo ngaphambi kwalesosikhathi. Ngokwesibonelo, ngo-1911 iBandla lase-Oldham eLancashire, eNgilandi, labanikeza usizo lwezinto ezibonakalayo labo ababebhekene nezinkinga ezinkulu zezomnotho. Nokho, kusukela ngalesosikhathi inhlangano yembulunga yonke iye yakhula, inani lababhekana nezinkinga ezinkulu liye landa, futhi oFakazi BakaJehova baye bakuqaphela ngokuqhubekayo lokho iBhayibheli elibonisa ukuthi kufanele bakwenze ezimweni ezinjalo. Ikakhulukazi eminyakeni yamuva, imithwalo yemfanelo yomKristu ngamunye ngalabo abaphakathi kwawo abanezidingo ezikhethekile—asebekhulile, abagulayo, imikhaya enomzali oyedwa, nalabo abasebunzimeni bezomnotho—kuye kwakhulunywa ngayo kuwo wonke amabandla emihlanganweni yawo.a
Ukukhathalela oFakazi ngabanye abakubonisa abanye kungaphezu kokuthi, “Nifudumale, nisuthe.” Babonisa isithakazelo sothando somuntu siqu. (Jak. 2:15, 16) Cabangela izibonelo ezimbalwa.
Lapho owesifazane osemusha waseSweden, ongomunye woFakazi BakaJehova, eba nesifo sokumila kolwelwesi ebuchosheni lapho evakashele eGreece ngo-1986, naye wakubona okushiwo ukuba nabafowabo nodadewabo abangamaKristu emazweni amaningi. Kwaziswa uyise eSweden. Ngokushesha wathintana nomdala ebandleni lendawo loFakazi BakaJehova eSweden, futhi esizwa yilowomdala, waxhumana noFakazi othile eGreece. Abangane abasha baloFakazi osemusha eGreece abazange bamshiye enganakiwe, kwaze kwaba yilapho esekwazi ukuphindela eSweden emasontweni amathathu kamuva.
Ngokufanayo, lapho uFakazi othile osekhulile, ongumfelwa, eWallaceburg, e-Ontario, eCanada, edinga usizo, umkhaya ayewusizile ngokomoya wabonisa ukwazisa owawunakho ngokumenza abe ingxenye yomkhaya. Eminyakeni embalwa kamuva lapho uthuthela eBarry’s Bay, wahamba nawo. Wahlala nawo futhi wamnakekela ngothando iminyaka engu-19, kwaze kwaba sekufeni kwakhe ngo-1990.
EDolobheni laseNew York, umbhangqwana ongoFakazi wanakekela ikhehla elithile elaliba khona emihlanganweni eHholo lawo loMbuso, wenza lokhu iminyaka engaba ngu-15, laze lashona ngo-1986. Lapho selife uhlangothi, babelithengela elikudingayo, behlanza indlu, bepheka, futhi beliwashela. Babeliphatha njengokungathi linguyise.
Izidingo zolunye uhlobo nazo zinakekelwa ngothando. Umbhangqwana ongoFakazi e-United States wawuthengise ikhaya lawo wawusuthuthela eMontana uyosiza ibandla elalilapho. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi kwaba nezinkinga ezingokwempilo ezingathi sína, umzalwane wadilizwa emsebenzini, futhi imali yabo yancipha. Babezokwenzenjani? Umzalwane wathandazela usizo kuJehova. Lapho eqeda ukuthandaza, kwangqongqoza uFakazi othile ababekanye naye. Bahamba naye bayophuza ikhofi. Lapho lomzalwane ebuya, wathola itafula lasekhishini ligcwele ukudla. Lokhu kudla kwakuhambisana nemvilophu eyayinemali nencwadi eyayifundeka kanje: “Kuvela kubafowenu nodadewenu, abanithanda kakhulu.” Ibandla lalisiqaphele isidingo sabo, futhi lonke ibandla lahlanganyela ekusaneliseni. Beshukunyiswe ngokujulile uthando lwabo, yena nomkakhe bavele bakhala, futhi babonga uJehova, osibonelo sakhe sothando sishukumisa izinceku zakhe.
Ukukhathalela komusa oFakazi BakaJehova abakubonisa labo abaphakathi kwabo ababhekana nokuswela kuye kwaziwa kabanzi. Ngezinye izikhathi, abakhohlisi baye bakusebenzisa kabi. Ngakho oFakazi baye bafunda ukuqapha, kuyilapho bengacindezeli isifiso sabo sokusiza abafanelekayo.
Lapho Impi Ishiya Abantu Bedengwane
Ezingxenyeni eziningi zomhlaba, abantu baye basala dengwane ngenxa yempi. Izinhlangano ezisizayo ziyazama ukunikeza usizo, kodwa lesisimiso ngokuvamile siyephuza ukusebenza. OFakazi BakaJehova abanawo umbono wokuthi umsebenzi owenziwa izinhlangano ezinjalo uyabakhulula emthwalweni wemfanelo abanawo ngabafowabo abangamaKristu kulezizindawo. Uma bazi ukuthi abafowabo baswele, ‘ababavaleli isihawu sabo’ abanjalo kodwa ngokushesha benza abangakwenza ukuze babasize.—1 Joh. 3:17, 18.
Phakathi neMpi Yezwe II, ngisho nasemazweni acindezelwe ukuntuleka kwezinto, oFakazi abasemaphandleni ababesenokudla bakuhlanganyela nabazalwane ababehlupheka emadolobheni. ENetherlands lokho babekwenza bezifaka engozini enkulu ngenxa yemithetho enzima evimbelayo eyayibekwe amaNazi. Lapho esemsebenzini onjalo wokusiza ngesinye isikhathi, uGerrit Böhmermann wayehola iqembu labazalwane ababegibele amabhayisikili okuthutha ayegcwele ukudla embozwe ngawoseyili. Ngokungazelele bafika endaweni okuhlolwa kuyo edolobheni lase-Alkmaar. “Akukho esasingakwenza ngaphandle kokuthembela ngokugcwele kuJehova,” kusho uGerrit. Ngaphandle kokunciphisa ijubane kakhulu, wamemeza ekhuluma nesikhulu esithile: “Wo ist Amsterdam?” (Iyiphi indlela eya e-Amsterdam?) Lesisikhulu samela eceleni sase sikhomba phambili njengoba simemeza: “Geradeaus!” (Qonda phambili!) “Danke schön!” (Ngiyabonga!) kuphendula uGerrit njengoba uhide lwamabhayisikili ludlula ngesivinini esikhulu kuyilapho izixuku zibuka zimangele. Kwesinye isenzakalo, oFakazi baphumelela ukulethela abafowabo e-Amsterdam amazambane egcwele isikebhe.
Khona kanye emakamu okuhlushwa eYurophu, oFakazi BakaJehova bawubonisa lomoya. Lapho evalelwe ekamu elingase-Amersfoort, eNetherlands, umfanyana oneminyaka engu-17 ubudala wazaca waze waba amathambo. Kodwa eminyakeni yakamuva, akazange nanini akhohlwe ukuthi ngemva kokuba bephoqwe ukuba bavivinye umzimba emvuleni kuze kube phakathi kwamabili base bencishwa ukudla, uFakazi owayekwenye ingxenye yekamu wakwazi ukuba afinyelele kuye amnike ucezu lwesinkwa. Futhi ekamu lokuhlushwa laseMauthausen e-Austria, uFakazi osabelo sakhe sasidinga ukuba asuke kwenye ingxenye yekamu aye kwenye ngokuvamile wayefaka ukuphila kwakhe engozini ngokuthatha ukudla oFakazi ababekugcine kulokho okuncane ababekunikwa akuyise kwabanye oFakazi ababencishwa kakhulu.
Ngemva kwempi oFakazi BakaJehova abaphuma emajele aseJalimane nasemakamu okuhlushwa babengenalutho ngaphandle kwezambatho zasejele abebezigqokile. Impahla yabaningi ababengaboshiwe yayicekelwe phansi. Ukudla, izingubo zokugqoka, nokokubasa kwakunganele engxenyeni enkulu yaseYurophu. OFakazi BakaJehova kulamazwe ngokushesha bahlela imihlangano yebandla futhi baqala ukusiza abanye ngokomoya ngokuhlanganyela nabo izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Kodwa bona ngokwabo babedinga usizo ngezinye izindlela. Abaningi babo babebuthaka ngenxa yendlala kangangokuba babequleka phakathi nemihlangano.
Lesi kwakuyisimo oFakazi ababengakaze babhekane naso ngaphambili ngezinga elikhulu kangako. Nokho, ngayo kanye inyanga impi eyaphela ngayo ngokomthetho engxenyeni yasePacific, oFakazi BakaJehova baba nomhlangano okhethekile eCleveland, e-Ohio, abaxoxa kuwo ngalokho okwakudingeka kwenziwe ukuze banikeze usizo kubafowabo abangamaKristu emazweni adwengulwe yimpi nokuthi kuzokwenziwa kanjani. Inkulumo eqabulayo ethi “Isipho Sakhe Esimangalisayo,” eyabekwa uF. W. Franz, yanikeza iseluleko esingokomBhalo esahlangabezana ngokugcwele nezidingo zalesosimo.b
Emasontweni ambalwa, ngemva nje kokuba noma yikuphi ukuhamba sekuvunyelwe kuleyondawo, uN. H. Knorr, umongameli we-Watch Tower Society, noM. G. Henschel baya eYurophu ukuze bayozibonela ngokwabo izimo. Ngisho nangaphambi kokuqalisa lolohambo, amalungiselelo okusiza ayesesebenza.
Okwathunyelwa kuqala kwakuvela eSwitzerland naseSweden. Kwalandela okunye okwengeziwe okwakuvela eCanada, e-United States, nakwamanye amazwe. Nakuba inani loFakazi emazweni ayengase akwazi ukunikeza usizo olunjalo lalicishe libe ngu-85 000 kuphela, baqala ukuthumela izingubo zokugqoka nokudla koFakazi abakanye nabo e-Austria, eBelgium, eBulgaria, eChina, eCzechoslovakia, eDenmark, eFinland, eFrance, eGreece, eHungary, e-Italy, eJalimane, eNetherlands, eNgilandi, eNorway, ePhilippines, ePoland, naseRomania. Lokho kwakungewona umzamo owenziwa kanye kuphela. Ukuthunyelwa kwamalungiselelo osizo kwaqhubeka iminyaka emibili nengxenye. Phakathi no-January 1946 no-August 1948, amakhilogremu angu-479 114 ezingubo zokugqoka, amapheya ezicathulo angu-124 110, namakhilogremu angu-326 081 okudla athunyelwa njengezipho ezaziya koFakazi abakanye nabo. Ayikho kulemali eyasetshenziselwa izindleko zokuphatha. Ukuhlela nokupakisha kwakwenziwa izisebenzi zokuzithandela ezingakhokhelwa lutho. Yonke imali eyayinikelwe yasetshenziselwa ukusiza abantu okwakuhloswe ukuba ibasize.
Yiqiniso, isidingo sokusiza ababaleki nabanye impi eyayibashiye dengwane asizange siphele emuva ngawo-1940. Kuye kwaba nezimpi eziningi kusukela ngo-1945. Futhi ukukhathalela okufanayo kothando kuye kwaqhubeka kuboniswa ngoFakazi BakaJehova. Lokhu kwenziwa phakathi nangemva kwempi yaseBiafra, eNigeria, kusukela ngo-1967 kuya ku-1970. Usizo olufanayo lwanikezwa eMozambique phakathi nawo-1980.
ELiberia, nakhona kwaba nendlala ngenxa yempi eyayiqale ngo-1989. Njengoba abantu babebaleka, indawo yokuhlala ye-Watch Tower eMonrovia yagcwala ababaleki abaningi. Noma yikuphi ukudla okwakukhona lapho, kanye namanzi avela emthonjeni, kwakuhlanganyelwa oFakazi kanye nomakhelwane abangebona oFakazi. Khona-ke, ngokushesha lapho izimo sezivuma, amanye amalungiselelo osizo afika evela koFakazi baseSierra Leone naseCôte d’Ivoire eNtshonalanga Afrika, eNetherlands nase-Italy eYurophu, nase-United States.
Futhi, ngo-1990, ngemva kokuba impi yaseLebanon ishiye izingxenye ezithile zeBeirut zibukeka sengathi kwakukade kunokuzamazama komhlaba, abadala phakathi koFakazi BakaJehova bahlela ukuba kube nekomiti yosizo oluphuthumayo ukuze inikeze abazalwane usizo. Akuzange kudingeke bacele izisebenzi zokuzithandela; usuku ngalunye abaningi basiza ngokuzithandela.
Phakathi nenkathi yesiphithiphithi esikhulu sezombangazwe nesezomnotho eYurophu, oFakazi BakaJehova e-Austria, eCzechoslovakia, eHungary, naseYugoslavia bathumela amathani angaphezu kwangu-70 ezinto ezazidingeka kubafowabo abangamaKristu eRomania ngo-1990.
Lokhu kwalandelwa eminye imisebenzi yokusiza eMpumalanga Yurophu. INdikimba Ebusayo yacela ihhovisi legatsha le-Watch Tower Society eDenmark ukuba libahlelele usizo oFakazi ababeswele e-Ukraine. Amabandla aziswa futhi ayemagange ekupheni. Ngo-December 18, 1991, amaloli amahlanu namaveni amabili ayeshayelwa izisebenzi zokuzithandela ezingoFakazi afika eLviv namathani angu-22 ezimpahla—okubonakalisa ukukhathalela kothando ngabafowabo abangamaKristu. Kuze kube ngo-1992, izimpahla zazifika zivela nakoFakazi base-Austria—amathani angaphezu kwayikhulu okudla nezingubo zokugqoka. Ezinye izimpahla ezengeziwe zathunyelwa zivela koFakazi eNetherlands—okokuqala amathani angu-26 okudla, kwalandela uhide lwamaloli angu-11 enezingubo zokugqoka, kwase kuba ukudla okwengeziwe ukuze kuhlangatshezwane nesidingo esiqhubekayo. Abamukela lokhu babebonga kakhulu kuNkulunkulu futhi babheka kuye ukuze bathole ukuhlakanipha ekusebenziseni lokho okwakulungiselelwe. Babehlangana ukuze bathandaze ngaphambi kokuba kwehliswe izimpahla emalolini nalapho umsebenzi usuphelile. Ezinye izimpahla ezinkulu ezathunyelwa zazivela koFakazi base-Italy, eFinland, eSweden, naseSwitzerland. Ngesikhathi kuqhubeka konke lokhu, izinxushunxushu ezaziphakathi kwamaripabhuliki ayekade akha iYugoslavia zabangela ukuba kube nesidingo lapho. Ukudla, izingubo zokugqoka, kanye nemithi kwathunyelwa nakuleyondawo. Phakathi nalesosikhathi, oFakazi emadolobheni alapho bavula amakhaya abo ukuze banakekele labo abamakhaya abo ayecekelwe phansi.
Ngezinye izikhathi labo abaludinga kakhulu usizo baba sezindaweni ezikude, futhi isimo sabo siye singaziwa yonke indawo. Kwaba njalo ngemikhaya engu-35 yoFakazi BakaJehova eGuatemala. Amadolobhana eyayikuwo ayehlaselwe amaqembu alwayo. Lapho ekugcineni bekwazi ukuphindela ngo-1989, babedinga usizo lokwakha kabusha. Ukuze linezele osizweni uhulumeni ayelulungiselela ababuyayo, ihhovisi legatsha le-Watch Tower Society lakha ikomiti yesimo esiphuthumayo ukuze isize lemikhaya yoFakazi, futhi abanye oFakazi abangaba ngu-500 basemabandleni angu-50 basiza ngokuzithandela ngokwakha kabusha.
Kunezinye izimo ezibangela abantu baswele kakhulu kungengaphutha labo. Ukuzamazama komhlaba, iziphepho, nezikhukhula kuyizenzakalo ezivamile. Ngokwesilinganiso, kuthiwa umhlaba uhlaselwa izinhlekelele ezinkulu ezingaphezu kwezingu-25 unyaka ngamunye.
Lapho Amandla Emvelo Ebangela Umonakalo
Lapho kuba nezimo eziphuthumayo ezinkulu ezithinta oFakazi BakaJehova ngenxa yezinhlekelele, kuthathwa izinyathelo eziphuthumayo zokunikeza usizo oludingekayo. Abadala bendawo baye bathola ukuthi lapho bebhekene nezimo ezinjalo, kufanele benze umzamo oqotho wokuthintana nomuntu ngamunye ebandleni. Ihhovisi legatsha le-Watch Tower Society eliqondisa umsebenzi woMbuso kuleyondawo ngokushesha lihlola isimo bese libikela indlunkulu yomhlaba wonke. Lapho kudingeka usizo olungaphezu kolungase lunikezwe kuleyondawo, kwenziwa amalungiselelo ahlelwe ngokucophelela, ngezinye izikhathi ngisho nangezinga lomhlaba wonke. Umgomo awukhona ukuthuthukisa izinga lokuphila lalabo abathintekile kodwa uwukubasiza babe nezidingo zokuphila okuyinto ababeyijwayele.
Umbiko okhishwa kuthelevishini wanele ukuba ushukumisele oFakazi abaningi ukuba bathinte ngocingo abadala abanomthwalo wemfanelo kuleyondawo ukuze bakwazi ukunikela ngezinkonzo zabo noma banikele ngemali noma izinto ezibonakalayo. Abanye bangase bathumele imali ehhovisi legatsha noma endlunkulu yomhlaba wonke ukuze isetshenziselwe ukusiza. Bayazi ukuthi kudingeka usizo, futhi bafuna ukuba nengxenye. Lapho isidingo sisikhulu khona, i-Watch Tower Society ingase yazise abazalwane endaweni ethile ukuze bakwazi ukusiza ngezinga abangase bakwazi ngalo. Ikomiti yokusiza iyakhiwa ukuze kuhlelwe ukusingathwa kwezimo endaweni yenhlekelele.
Ngakho, lapho ingxenye enkulu eManagua, eNicaragua, icekelwa phansi ukuzamazama komhlaba okunamandla ngo-December 1972, ababonisi emabandleni oFakazi BakaJehova kuleyondawo bahlangana ngokushesha ukuze kube nokuvumelana emizamweni yabo. Kwenziwa ukuhlola okuphuthumayo ngokuqondene nenhlala-kahle kaFakazi ngamunye kulelidolobha. Ngalo kanye lolosuku izimpahla zosizo zaqala ukufika zivela emabandleni aseduze; ngokushesha zafika zivela eCosta Rica, eHonduras, nase-El Salvador. Izikhungo eziyishumi nane zokwaba izimpahla zosizo zamiswa emaphethelweni eManagua. Imali kanye nezimpahla ezazivela koFakazi ezingxenyeni eziningi zezwe zathunyelwa eNicaragua zisukela endlunkulu yomhlaba wonke ye-Watch Tower Society. Ukudla nezinye izinto (kuhlanganise namakhandlela, umentshisi, nensipho) kwakwabiwa ngokwenani labantu ekhaya, umkhaya ngamunye wawunikezwa izimpahla ezazizowuqhuba izinsuku eziyisikhombisa. Lapho lomsebenzi ufinyelela umvuthwandaba, abantu abangaba ngu-5 000—oFakazi, imikhaya yabo, nezihlobo ababehlala nazo—babondliwa. Lemisebenzi yosizo yaqhubeka izinyanga eziyishumi. Lapho zibona lokho okwakwenziwa, izinhlangano zikahulumeni ne-Red Cross zanikela ngokudla, amatende, nangezinye izimpahla.
Ngo-1986, lapho ukuqhuma kwentaba-mlilo kuphoqelela abantu abangu-10 000 ukuba bathuthe esiqhingini sase-Izu-Oshima, ngasogwini lwaseJapane, izikebhe ezazinababaleki zahlangatshezwa oFakazi BakaJehova ababecinga ngenkuthalo ukuze bathole abafowabo abangokomoya. Omunye wababethutha wathi: “Lapho sisuka e-Oshima, nathi sasingazi ukuthi siyaphi.” Konke kwakwenzeke ngokushesha. “Nokho, njengoba sehla emkhunjini sabona uphawu oluthi, ‘OFakazi BakaJehova.’ . . . Amehlo omkami agcwala izinyembezi njengoba ayeba nomuzwa wokukhululeka ngenxa yokuthola abafowethu besihlangabezile endaweni eyitheku.” Ngemva kokubona indlela oFakazi ababethuthile ababenakekelwa ngayo, hhayi lapho befika kuphela kodwa nakamuva, ngisho nabantu ngaphambili ababebabandlulula bathi kubo: “Nenza kahle nabambelela kuleyonkolo.”
OFakazi benza konke abangakwenza ukuze bathumele usizo ezindaweni ezinezinhlekelele ngokushesha ngangokunokwenzeka. Ngo-1970, lapho iPeru ihlaselwa okunye kokuzamazama komhlaba okwakonakalisa kakhulu emlandweni wayo, imali yosizo yesimo esiphuthumayo yathunyelwa ngokushesha isuka endlunkulu yomhlaba wonke eNew York, kwase kulandela amathani angu-15 ezingubo zokugqoka. Nokho, ngisho nangaphambi kokuba kufike lokho okwakuthunyelwe, oFakazi babengene ngohide lwezimoto zithwele izimpahla zokusiza ezindaweni lapho amadolobha namadolobhana ayecekelwe phansi khona, benza lokho emahoreni ambalwa ngemva kokuvulwa kwemigwaqo. Ngokuqhubekayo ezinsukwini nasemasontweni alandela, banikeza usizo olwaludingeka, olungokwenyama nolungokomoya, emaqenjini ahlukahlukene phezulu e-Andes. Futhi, ngo-1980, lapho izingxenye ze-Italy zihlukunyezwa ukuzamazama okukhulu komhlaba phakathi nobusuku buka-November 23, iloli lokuqala elaligcwele izimpahla zosizo zithunyelwe oFakazi lafika endaweni eyayithintekile ngosuku olulandelayo. Ngokushesha bamisa elabo ikhishi, lapho ukudla okwakuphekwe odade kwakwabiwa khona usuku ngalunye. Umuntu owabona imizamo yokusiza kwesinye isiqhingi saseCaribbean wathi: “OFakazi basebenza ngokushesha kunohulumeni.” Mhlawumbe lokhu kunjalo ngezinye izikhathi, kodwa oFakazi BakaJehova balwazisa ngempela usizo lwezikhulu ezenza kube lula ukufinyelela ngokushesha ezindaweni ezinezinhlekelele.
Phakathi nenkathi yendlala e-Angola ngo-1990, kwezwakala ukuthi oFakazi lapho babenesidingo esikhulu sokudla nezingubo zokugqoka. Nokho, ukufinyelela kubo kwakungaba inkinga ngoba oFakazi BakaJehova babevinjelwe kulelozwe iminyaka eminingi. Nokho, abafowabo abangamaKristu eNingizimu Afrika bagcwalisa iloli ngamathani angu-25 ezimpahla zosizo. Endleleni, bahambela inxusa lase-Angola futhi banikezwa imvume yokuwela umngcele. Ukuze bafinyelele kubazalwane, kwadingeka badlule ezindaweni ezingu-30 okwakuvimbe kuzo amasosha, nalapho ibhuloho lalibhidlizwe khona, kwakumelwe bawele umfula owawudla izindwani ngebhuloho lesikhashana elalakhiwe endaweni yalo. Naphezu kwakho konke lokhu, izimpahla zafika zonke ngokuphepha.
Ngezikhathi zezinhlekelele, kwenziwa okungaphezu kokuthumela izimpahla zosizo endaweni ethile. Lapho ukuqhuma nomlilo kucekela phansi indawo esemaphethelweni eDolobha laseMexico ngo-1984, oFakazi bafika ngokushesha bezosiza. Kodwa abaningi boFakazi bendawo abazange batholakale, ngakho abadala bahlelela ukufuna okuhleliwe kokuzama ukubathola. Abanye babesakazeke baya kwezinye izindawo. Nokho, abadala baphikelela baze babathola bonke. Usizo lwanikezwa ngokwalokho okwakudingeka. Endabeni kadade owashonelwa umyeni wakhe nendodana, lokho kusiza kwahilela ukunakekela amalungiselelo omngcwabo nokunikeza ukusekela okugcwele, ngokwenyama nangokomoya, kudade nabantwana bakhe ababesasele.
Ngokuvamile, kudingeka okungaphezu kwezinto zokwelapha, ukudla, nezingubo zokugqoka. Ngo-1989 isiphepho sadiliza amakhaya oFakazi abangu-117 eGuadeloupe futhi salimaza kabi amakhaya abanye abangu-300. OFakazi BakaJehova eMartinique ngokushesha babasiza; oFakazi baseFrance bathumela amathani angaphezu kwayikhulu ezinto zokwakha njengesipho sokubasiza. Esiqhingini saseSt. Croix, lapho uFakazi owayelahlekelwe umuzi wakhe etshela abantu ayesebenza nabo ukuthi oFakazi akanye nabo babezofika bevela ePuerto Rico bezosiza, bathi: “Ngeke bakwenzele lutho. Wena unsundu, awuyena owaseSpain njengabo.” Yeka indlela abamangala ngayo labo ayesebenza nabo lapho ngokushesha esenendlu entsha shá! Ngemva kokuzamazama komhlaba eCosta Rica ngo-1991, oFakazi bendawo kanye nezisebenzi zokuzithandela zomhlaba wonke zahlangana ukuze zisize oFakazi abakanye nabo endaweni eyayinenhlekelele. Bengabheke lutho, bakha kabusha amakhaya angu-31 namaHholo OMbuso amahlanu futhi balungisa amanye. Ababebukele bathi: ‘Amanye amaqembu akhuluma ngothando; nina niyalubonisa.’
Ukuphumelela kwemizamo yokusiza yoFakazi BakaJehova ngokuvamile kuye kwabamangaza ababukelayo. ECalifornia, e-U.S.A., ngo-1986, udonga olwaluvimbela amanzi eMfuleni iYuba lwadilika futhi amanzi ayizikhukhula aphoqa amashumi ezinkulungwane zabantu ukuba bashiye amakhaya abo. Abadala abangamaKristu kuleyondawo bathintana nendlunkulu eNew York, futhi kwakhiwa ikomiti yokusiza. Lapho nje amanzi eseqala ukuncipha, amakhulu ezisebenzi zokuzithandela ayesekulungele ukusebenza. Ngaphambi kokuba izinhlangano ezinikeza usizo zezwe zikwazi ukuqala, amakhaya oFakazi kakade ayeselungiswa. Kungani bakwazi ukushesha kangaka?
Isici esiyinhloko sasiwukuzimisela koFakazi ukusiza ngokuzithandela ngokushesha bengakhokhelwa lutho, kanye nokunikela kwabo ngezinto ezazidingeka. Esinye isici saba ukuthi babenokuhlangenwe nakho ekuhleleni nasekusebenzeni ndawonye, njengoba bekwenza njalo lokhu ukuze baqhube imihlangano futhi bakhe namaHholo OMbuso amasha. Nokho esinye isici esibalulekile siwukuthi baye bakucabangela kakhulu lokho iBhayibheli elikushoyo uma lithi, “Yibani-nokuthandana okunganqamukiyo.”—1 Pet. 4:8.
Iminikelo eyenziwayo yokuhlangabezana nezidingo ezinjalo kuvamile ukuba ivele kubantu nabo abangenakho okuningi. Njengoba izincwadi ezihambisana nayo ngokuvamile zisho: ‘Isipho sincane, kodwa siyazwelana kakhulu nodadewethu nabafowethu.’ ‘Ngifisa ukuthumela okwengeziwe, kodwa lokho uJehova angivumele ukuba ngibe nakho ngifisa ukukuhlanganyela nabanye.’ NjengamaKristu ekhulu lokuqala eMakedoniya, bazicelela ngobuqotho ilungelo lokuhlanganyela ekubalungiseleleni izidingo eziyisisekelo zokuphila labo abaye baswela. (2 Kor. 8:1-4) Lapho abaseKorea abangaphezu kwabangu-200 000 besala dengwane ngenxa yezikhukhula ngo-1984, oFakazi BakaJehova eRepublic of Korea basabela ngokuphana kangangokuba ihhovisi legatsha kwadingeka lazise ukuthi alusadingeki olunye usizo.
Izingqapheli zingabona kalula ukuthi kunokuthile okungaphezu komuzwa wokuba nomthwalo wemfanelo noma ukukhathalela inhlala-kahle yabantu okuvamile okushukumisa oFakazi. Babathanda ngempela abafowabo nodadewabo abangamaKristu.
Ngaphezu kokunakekela izidingo ezingokwenyama, oFakazi BakaJehova bazinakekela ngokukhethekile izidingo ezingokomoya zabafowabo ezindaweni ezinezinhlekelele. Amalungiselelo okuqalisa kabusha imihlangano yebandla enziwa ngokushesha ngangokunokwenzeka. EGreece, ngo-1986, lokhu kwadinga ukuba kumiswe itende elikhulu ngaphandle kwedolobha laseKalamata ukuze lisetshenziswe njengeHholo LoMbuso, kanye namancane ezindaweni ezihlukahlukene ukuze babe neziFundo Zencwadi Zebandla zaphakathi nesonto. Ngokufanayo, ngemva kokuba sezinakekelwe izidingo ezingokwenyama zabasinda esikhukhuleni sodaka esiyinhlekelele e-Armero, eColombia, ngo-1985, imali esele yasetshenziselwa ukwakha amaHholo OMbuso amasha amabandla amathathu kuleyondawo.
Ngisho nalapho umsebenzi wokwakha kabusha usaqhubeka, oFakazi BakaJehova bayaqhubeka beduduza abanye ngezimpendulo ezanelisayo iZwi likaNkulunkulu elizinikezayo emibuzweni yabo ephathelene nenjongo yokuphila, isizathu sezinhlekelele nokufa, kanye nethemba lesikhathi esizayo.
Imizamo yokusiza yoFakazi ayihloselwe ukunakekela izidingo ezingokwenyama zawo wonke umuntu endaweni enenhlekelele. Ngokuvumelana nabaseGalathiya 6:10, lemizamo ngokuyinhloko ihloselwe “abendlu yokukholwa.” Ngesikhathi esifanayo, babasiza ngenjabulo abanye ngezinga abangase bakwazi ngalo. Ngokwesibonelo, baye benza lokhu lapho bezinikeza ukudla izisulu zokuzamazama komhlaba e-Italy. E-United States, lapho besiza izisulu zezikhukhula neziphepho, baye bahlanza futhi balungisa namakhaya omakhelwane abadidekile boFakazi. Lapho bebuzwa isizathu sokwenzela kwabo abantu abangabazi izenzo ezinjalo zomusa, bamane baphendule ngokuthi bayabathanda omakhelwane babo. (Math. 22:39) Ngemva kwesiphepho esiyinhlekelele eningizimu Florida, e-U.S.A., ngo-1992, isimiso esihlelwe kahle sokusiza soFakazi sasaziwa kakhulu kangangokuba ezinye izinhlangano zezamabhizinisi nabantu ababengebona oFakazi futhi ababefuna ukwenza iminikelo emikhulu emalungiselelweni osizo bayinika oFakazi. Babazi ukuthi izipho zabo zazingeke zigcinwe ezinqolobaneni, futhi kwakungeke kwenziwe inzuzo ngazo, kodwa zaziyozizuzisa ngempela izisulu zesiphepho, ezingoFakazi nezingebona oFakazi. Ukuzimisela kwabo ukusiza abantu abangebona oFakazi ngesikhathi senhlekelele kwaziswa kakhulu eDavao del Norte, ePhilippines, kangangokuba izikhulu zedolobha zakhipha izwi lesinqumo elalisho kanjalo.
Nokho, akubona bonke abantu abawathandayo amaKristu eqiniso. Ngokuvamile, aba yizisulu zokushushiswa konya. Lesisimo naso sibangela amaKristu akanye nawo ukuba asekele ngothando ngokungazigodli.
Lapho Bebhekene Nokushushiswa Konya
Umphostoli uPawulu wafanisa ibandla lobuKristu nomzimba womuntu, wathi: “Izitho zonke zinakekelane ngokufanayo. Uma kuhlupheka isitho sinye, kuhlupheka izitho zonke kanye naso.” (1 Kor. 12:25, 26) Yileyondlela oFakazi BakaJehova abasabela ngayo lapho bezwa imibiko ngokushushiswa kwabafowabo abangamaKristu.
EJalimane phakathi nenkathi yobuNazi, uhulumeni wathatha izinyathelo eziqinile ezicindezela oFakazi BakaJehova. KwakunoFakazi abangaba ngu-20 000 kuphela eJalimane ngalesosikhathi, iqembu elincane ngokuqhathaniswa elalidelelwa uHitler. Kwakudingeka isinyathelo sobunye. Ngo-October 7, 1934, wonke amabandla oFakazi BakaJehova kulo lonke elaseJalimane ahlangana ngasese, athandaza ndawonye, ayesethumela incwadi kuhulumeni ephawula ngokuzimisela kwawo ukuqhubeka ekhonza uJehova. Khona-ke iningi lalabo ababekhona laphuma ngesibindi layofakaza komakhelwane balo ngegama likaJehova noMbuso. Ngalo lolosuku, oFakazi BakaJehova kuwo wonke umhlaba nabo bahlangana emabandleni abo, futhi ngemva komthandazo wobunye, bathumela izincwadi ezihamba ngocingo kuhulumeni kaHitler besekela abafowabo abangamaKristu.
Ngo-1948, ngemva kokudalulwa kokushushiswa koFakazi BakaJehova okwakugqugquzelwa abefundisi eGreece, umongameli waseGreece nongqongqoshe abahlukahlukene bakahulumeni bathola izinkulungwane zezincwadi zivela koFakazi BakaJehova ezazikhulumela abafowabo abangamaKristu. Lezizincwadi zazivela ePhilippines, e-Australia, eNyakatho naseNingizimu Melika, nakwezinye izindawo.
Lapho umagazini i-Phaphama! udalula izindlela zokuquliswa amacala ezazisetshenziswa koFakazi eSpain ngo-1961, izincwadi ezazimelene nalokho zafika zitheleka ezikhulwini zalapho. Izikhulu zashaqeka lapho zithola ukuthi abantu emhlabeni wonke bakwazi kahle ezazikwenza, futhi ngenxa yalokho, ngisho nakuba ushushiso lwaqhubeka, amanye amaphoyisa aqala ukuzithiba kakhulu lapho esebenzelana noFakazi. Nasemazweni ahlukahlukene ase-Afrika, izikhulu ziye zathola izincwadi ezivela koFakazi abakwezinye izingxenye eziningi zomhlaba lapho bezwa ngempatho yonya etholwa abafowabo nodadewabo abangamaKristu lapho.
Uma kungekho kusabela okuhle okuvela kuhulumeni, oFakazi abashushiswayo abalitshalwa. Ngenxa yokuphikelela oshushisweni olungokwenkolo iminyaka eminingi, abanye ohulumeni baye bazithola ngokuphindaphindiwe izincwadi zokunxusa nezimelene nabakwenzayo. Kwenzeka lokho e-Argentina. Esehlakalweni esithile ngo-1959, unobhala kaNgqongqoshe Wezindaba Zangaphandle Nezenkolo wayisa omunye wabafowethu egumbini elalinamabhokisi amaningi ezincwadi egcwele inqwaba yezincwadi ezazivela emhlabeni wonke. Wamangazwa ukuba kubhale umuntu okude lé eFiji enxusa ukuba kube nenkululeko yokukhulekela e-Argentina.
Ezimweni ezithile inkululeko eyandisiwe iye yanikezwa lapho ababusi beqaphela ukuthi abantu emhlabeni wonke babekwazi ababekwenza nokuthi baningi ababekhathalela ngempela. Yilokho okwenzeka eLiberia ngo-1963. Amasosha kahulumeni ayeziphathe ngobudlova izihambeli zomhlangano eGbarnga. Umongameli waseLiberia wathola izincwadi eziningi ezimelene nalokhu ezazivela emhlabeni wonke, noMnyango Wombuso wase-U.S. wangenela ngoba kwakunesakhamuzi sase-U.S. esasihilelekile. Ekugcineni, uMongameli uTubman wathumela umyalezo ngocingo endlunkulu ye-Watch Tower Society ethi uzimisele ukubonana nabameleli boFakazi BakaJehova ayezoxoxa nabo. Ababili bezihambeli zomhlangano—uMilton Henschel noJohn Charuk—babeseGbarnga. UMnu. Tubman wavuma ukuthi okwakwenzekile ‘kwakuyihlazo’ wayesethi: “Ngiyaxolisa ngokuthi kuye kwenzeka into enjena.”
Ngemva kwaleyongxoxo, kwakhishwa uMthetho owawazisa “bonke abantu ezweni lonke, ukuthi oFakazi BakaJehova bazoba negunya nelungelo lokungena ngokukhululekile kunoma iyiphi ingxenye yezwe ukuze benze umsebenzi wabo wezithunywa zevangeli kanye nokukhulekela okungokwenkolo bengaphazanyiswa muntu. Bazovikelwa umthetho bona uqobo kanye nempahla yabo kuvikelwe nelungelo lokukhulekela uNkulunkulu ngokukhululeka ngokuvumelana nokushiwo onembeza babo, ngesikhathi esifanayo begcina imithetho yeRipabhuliki ngokuhlonipha ifulege lesizwe ngokuthi bame lapho liphakanyiswa noma lehliswa emikhosini.” Kodwa kwakungadingekile ukuba balikhothamele, benze ngokuphambene nonembeza wabo wobuKristu.
Nokho, kuze kube ngo-1992, asikho isimemezelo esinjalo esingokomthetho esenziwa eMalawi, nakuba ubudlova obenziwa koFakazi balapho buye bancipha kakhulu. OFakazi BakaJehova lapho bebelokhu beyizisulu zokunye kokushushiswa okungokwenkolo okunonya ukwedlula konke emlandweni wase-Afrika. Elinye igagasi loshushiso olunjalo lagadla kulelizwe ngo-1967; elinye laqala ngasekuqaleni kwawo-1970. Kwabhalwa amashumi ezinkulungwane ezincwadi zokubanxusela zivela kuzo zonke izingxenye zomhlaba. Kwashaywa izingcingo. Kwathunyelwa izincwadi ezithunyelwa ngocingo. Ngenxa yokukhathalela inhlala-kahle yabantu abantu bezwe abavelele bashukunyiselwa ukuba bakhulume.
Unya lwalulukhulu kangangokuba oFakazi BakaJehova abangaba ngu-19-000 nabantwana babo babaleka bawela umngcele baya eZambia ngo-1972. Amabandla oFakazi aseduze eZambia ngokushesha aqoqela abafowabo ukudla nezingubo zokulala. Imali nezinye izinto oFakazi BakaJehova ezweni lonke ababenikela ngakho kwatheleka emahhovisi egatsha e-Watch Tower kwase kudluliselwa kubabaleki yihhovisi lendlunkulu eNew York. Kwafika okungaphezu kokwakudingeka ukuze kunakekelwe zonke izidingo zababaleki ekamu laseSinda Misale. Njengoba izindaba zazisakazeka kulo lonke ikamu ngokufika kwamaloli ayenokudla, izingubo zokugqoka, nawoseyili ukuze bakhosele, abazalwane baseMalawi abakwazanga ukubamba izinyembezi zenjabulo ngenxa yalokhu kubonakaliswa kothando lwabafowabo abangamaKristu.
Lapho noma yibaphi phakathi kwabo beboshiwe, oFakazi abakanye nabo ababashiyi, ngisho nalapho kuhileleke ukuzifaka komuntu engozini. Phakathi nokuvinjelwa e-Argentina, lapho iqembu loFakazi liboshwa amahora angu-45, abanye oFakazi abane balilethela ukudla nezingubo zokugqoka, kwase kuba ukuboshwa kwabo nabo. Ngo-1989 umkambonisi wesifunda eBurundi, lapho ezwa ngokuhlupheka kwabafowabo abangamaKristu, wazama ukubayisela ukudla ejele. Kodwa naye waboshwa wagcinwa njengesithunjwa amasonto amabili, ngoba amaphoyisa ayezama ukuthola umyeni wakhe.
Kanye nanoma yikuphi abangakwenza ngazo zonke lezindlela, uthando ngabafowabo abangamaKristu lushukumisela oFakazi BakaJehova ukuba bamemeze bebathandazela kuNkulunkulu. Abathandazeli ukuba uNkulunkulu aziqede ngokushesha izimpi nokuntuleka kokudla, ngoba izinto ezinjalo uJesu Kristu wazibikezelela isikhathi sethu. (Math. 24:7) Futhi abathandazeli ukuba uNkulunkulu avimbele lonke ushushiso, ngoba iBhayibheli libonisa ngokucacile ukuthi amaKristu eqiniso azoshushiswa nakanjani. (Joh. 15:20; 2 Thim. 3:12) Kodwa banxusa ngobuqotho ukuba abafowabo nodadewabo abangamaKristu baqiniswe ukuze bame beqinile okholweni lapho bebhekana nanoma yibuphi ubunzima. (Qhathanisa neyabaseKolose 4:12.) Umlando ofakazela amandla abo angokomoya unikeza ubufakazi obuningi bokuthi imithandazo enjalo iye yaphendulwa.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka INqabayokulinda ka-March 15, 1981, amakhasi 26-32 (September 15, 1980, ngesiNgisi); October 15, 1986, amakhasi 10-21; June 1, 1987, amakhasi 4-18; July 15, 1988, amakhasi 21-3; March 1, 1990, amakhasi 20-2.
b Bheka INqabayokulinda (yesiNgisi), December 1, 1945, amakhasi 355-63.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 305]
Ukunakekela izimo zezidingo ezikhethekile kumelwe kuhlelelwe
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 307]
Usizo oluwumphumela wokukhathalela kothando komuntu siqu
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 308]
Ukuhlangabezana nezidingo ezinkulu zosizo
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 312]
Ukufuna okuhleliwe kokuzama ukuthola uFakazi ngamunye endaweni enenhlekelele
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 315]
Benzela nabangebona oFakazi okuhle
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 317]
Izinyembezi zenjabulo ngenxa yothando abafowabo abangamaKristu abalubonisa
[Ibhokisi ekhasini 309]
“Nithandana Ngempela”
Ngemva kokubona izisebenzi zokuzithandela ezingoFakazi eLebanon edwengulwe yimpi zivuselela ikhaya elalonakele kakhulu lomunye wodadewabo ongumKristu, omakhelwane bakhe bazizwa bephoqelekile ukuba babuze: “Luvelaphi loluthando? Niluhlobo luni lwabantu?” Futhi owesifazane othile ongumMuslim, owayebuka njengoba ikhaya likaFakazi othile lalihlanzwa futhi lilungiswa, wathi: “Nithandana ngempela. Inkolo yenu eyeqiniso.”
[Ibhokisi ekhasini 316]
Abafowabo NoDade Beqiniso
Ikhuluma ngoFakazi abangababaleki baseCuba eFort Chaffee, e-Arkansas, i-“Arkansas Gazette” yathi: “Babengabokuqala ababuyiselwa emakhayeni amasha ngoba ‘abafowabo nodadewabo’ baseMelika—oFakazi BakaJehova abakanye nabo—babasiza. . . . Lapho oFakazi bebiza abangane babo abangokomoya kunoma yiliphi izwe ngokuthi ‘abafowethu nodadewethu,’ bakusho beqinisile.”—Eka-April 19, 1981.
[Isithombe ekhasini 306]
Ngemva kweMpi Yezwe II, bathumela ukudla nezingubo zokugqoka koFakazi abakanye nabo ababeswela emazweni angu-18
E-United States
ESwitzerland
[Izithombe ekhasini 310]
Ngo-1990, oFakazi abasemazweni aseduze bahlangana ukuze basize abakholwa nabo eRomania
[Izithombe ekhasini 311]
OFakazi abasinda ekuzamazameni komhlaba ePeru bazakhela elabo idolobha lababaleki futhi basizana
Amalungiselelo osizo alethwa abanye oFakazi (ngezansi) ayephakathi kwawokuqala afika kulendawo
[Izithombe ekhasini 313]
Imizamo yokusiza ngokuvamile ihlanganisa ukulungiselela izinto zokwakha kanye nezisebenzi zokuzithandela ezizosiza oFakazi abakanye nabo bakhe kabusha amakhaya abo
EGuatemala
EPanama
EMexico
[Isithombe ekhasini 314]
Imizamo yokusiza yoFakazi ihlanganisa nokwakha ngokomoya. EKalamata, eGreece, nangaphandle kwedolobha, ngokushesha kwamiswa amatende emihlangano