Mikhaya YamaKristu—‘Hlalani Niphapheme’
“Masihlale siphapheme futhi sihlale sisangulukile.”—1 THES. 5:6.
1, 2. Yini edingekayo ukuze umkhaya uhlale uphapheme ngokomoya?
EKHULUMA ‘ngosuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo,’ umphostoli uPawulu wabhalela amaKristu aseThesalonika: “Bazalwane, anikho ebumnyameni, ukuba lolo suku lunifice njengoba belungafica amasela, ngoba nonke ningamadodana okukhanya namadodana emini. Asibona abobusuku noma abobumnyama.” Wanezela: “Ngakho-ke, masingalali njengoba kwenza bonke abanye, kodwa masihlale siphapheme futhi sihlale sisangulukile.”—Joweli 2:31; 1 Thes. 5:4-6.
2 Iseluleko uPawulu asinikeza abaseThesalonika sifaneleka ngokukhethekile kumaKristu aphila ‘esikhathini sokuphela.’ (Dan. 12:4) Njengoba ukuphela kwesimiso sakhe sezinto esibi kusondela, uSathane uzimisele ukuphambukisa abakhulekeli beqiniso abaningi ngangokunokwenzeka ekukhonzeni uNkulunkulu. Ngakho-ke, siyobe sihlakaniphile ngokulalelisisa iseluleko sikaPawulu sokuhlale siphapheme ngokomoya. Ukuze umkhaya wamaKristu uhlale uphapheme, kubalulekile ukuba ilungu ngalinye lithwale umthwalo walo wemfanelo ongokomBhalo. Khona-ke, iyiphi indima amadoda, amakhosikazi nezingane abanayo ekusizeni umkhaya ukuba ‘uhlale uphapheme’?
Madoda—Lingisani “Umalusi Omuhle”
3. Ngokweyoku-1 Thimothewu 5:8, uhlanganisani umthwalo wemfanelo wendoda njengenhloko yomkhaya?
3 IBhayibheli lithi: ‘Inhloko yowesifazane yindoda.’ (1 Kor. 11:3) Uhilelani umthwalo wemfanelo wendoda njengenhloko yomkhaya? Iqokomisa esinye sezici zobunhloko, imiBhalo ithi: “Uma umuntu engabondli abakubo, ikakhulukazi labo abangamalungu endlu yakhe, uluphikile ukholo futhi mubi kakhulu kunomuntu ongenalo ukholo.” (1 Thim. 5:8) Ngempela, indoda kufanele yondle umkhaya wayo. Nokho, ukuze isize umkhaya wayo ukuba uhlale uphapheme ngokomoya, kumelwe ingagcini ngokuba umondli. Kudingeka yakhe umkhaya wayo ngokomoya, isize wonke amalungu omkhaya ukuba aqinise ubuhlobo bawo noNkulunkulu. (IzAga 24:3, 4) Ingakwenza kanjani lokhu?
4. Yini engasiza indoda ukuba iphumelele ekwakheni umkhaya wayo ngokomoya?
4 Ngenxa yokuthi “indoda iyinhloko yomkayo njengoba noKristu eyinhloko yebandla,” indoda eshadile kufanele ihlole indlela uJesu abonisa ngayo ubunhloko ebandleni futhi imlingise. (Efe. 5:23) Bona indlela uJesu abuchaza ngayo ubuhlobo bakhe nabalandeli bakhe. (Funda uJohane 10:14, 15.) Isiphi isihluthulelo sempumelelo indoda efuna ukwakha umkhaya wayo ngokomoya engasisebenzisa? Yilesi: Tadisha lokho uJesu akusho nakwenza ‘njengomalusi omuhle’ futhi ‘ulandele izinyathelo zakhe eduze.’—1 Pet. 2:21.
5. Iluphi ulwazi uMalusi Omuhle analo ngebandla?
5 Ngokomfanekiso, ubuhlobo bomalusi nezimvu zakhe busekelwe olwazini nasekwethembaneni. Umalusi wazi konke ngezimvu zakhe futhi nazo ziyamazi futhi ziyamethemba. Ziyalazi izwi lakhe futhi ziyalilalela. UJesu wathi: “Ngiyazazi izimvu zami nezimvu zami ziyangazi.” Ulazi kahle ibandla. Igama lesiGreki lapha elihunyushwe ngokuthi “azi” lisho “ukwazi umuntu noma into mathupha futhi uyazele eduze.” Yebo, uMalusi Omuhle uzazi mathupha izimvu zakhe. Wazi izidingo zemvu ngayinye, ubuthakathaka nobuhle bayo. Akukho nokukodwa okuphathelene nezimvu okumphunyukayo uJesu, iSibonelo sethu. Nezimvu zimazi kahle umalusi futhi ziyakwethemba ukuhola kwakhe.
6. Amadoda ashadile angamlingisa kanjani uMalusi Omuhle?
6 Ukuze isebenzise ubunhloko bayo ngendlela kaKristu, indoda kumelwe ifunde ukuzibheka njengomalusi futhi ibheke nalabo ebanakekelayo njengezimvu. Kufanele ilwele ukuba iwazi kahle umkhaya wayo. Ingabe ngempela indoda ingaba nalo ulwazi olunjalo? Yebo, kuphela uma ixoxa kahle nawo wonke amalungu omkhaya wayo, ilalela izinkinga zawo, ihola emisebenzini yasekhaya futhi iqikelela ukuba yenze izinqumo ezinhle ezihilela izinto ezinjengokukhulekela komkhaya, ukuya emihlanganweni yebandla nasenkonzweni yasensimini, ukuzilibazisa nokuzijabulisa. Lapho indoda engumKristu ihola ingasebenzisi ulwazi lwayo lweZwi likaNkulunkulu kuphela kodwa nolwazi lwayo ngalabo ephathiswe bona, cishe amalungu omkhaya wayo ayobethemba ubunhloko bayo futhi nayo iyothola ukwaneliseka ngokuwabona ehlale emunye ekukhulekeleni kweqiniso.
7, 8. Indoda ingamlingisa kanjani uMalusi Omuhle ekuboniseni uthando kulabo ebaphathisiwe?
7 Umalusi omuhle uyazithanda futhi izimvu zakhe. Lapho sifunda ukulandisa kwamaVangeli ngokuphila nenkonzo kaJesu, izinhliziyo zethu zigcwala ukwazisa ngothando alubonisa abafundi bakhe. Waze ‘wanikela umphefumulo wakhe ngenxa yezimvu.’ Amadoda kufanele alingise uJesu ngokuthanda labo aphathiswe bona. Kunokuphatha umkayo ngokhahlo, indoda efisa ukwamukelwa uNkulunkulu iyaqhubeka ithanda umkayo “njengoba nje noKristu alithanda ibandla.” (Efe. 5:25) Amazwi ayo kufanele abe nomusa futhi abe nokucabangela, ngoba umkayo uyakufanelekela ukudunyiswa.—1 Pet. 3:7.
8 Lapho iqeqesha izingane, inhloko yomkhaya kufanele ibambelele ngokuqinile ezimisweni zikaNkulunkulu. Nokho, akumelwe yehluleke ukubonisa izingane zayo uthando. Uma kudingeka isiyalo kufanele sinikezwe ngothando. Ezinye izingane zingase zithathe isikhathi eside kunezinye ukuqonda lokho okulindeleke kuzo. Ubaba kufanele abe nesineke ngokwengeziwe lapho esebenzelana nezingane ezinjalo. Lapho amadoda elingisa njalo isibonelo sikaJesu, enza ikhaya libe indawo ephephile nelondekile. Imikhaya yawo iba nokulondeka okungokomoya umhubi ahlabelela ngakho.—Funda amaHubo 23:1-6.
9. Njengenzalamizi uNowa, amadoda angamaKristu anamuphi umthwalo wemfanelo, futhi yini eyowasiza ukuba awufeze?
9 UNowa, inzalamizi, wayephila esikhathini sokuphela kwezwe losuku lwakhe. Kodwa uJehova wamgcina “ephephile nabanye abayisikhombisa lapho eletha uzamcolo phezu kwezwe labantu abangamhloniphi uNkulunkulu.” (2 Pet. 2:5) UNowa wayenomthwalo wemfanelo wokusiza umkhaya wakhe ukuba usinde kuZamcolo. Izinhloko zemikhaya yamaKristu zisesimweni esifanayo kulezi zinsuku zokugcina. (Math. 24:37) Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba zifunde esibonelweni ‘somalusi omuhle’ futhi zilwele ukumlingisa!
Makhosikazi—‘Yakhani Izindlu Zenu’
10. Kusho ukuthini ukuzithoba kwenkosikazi kumyeni wayo?
10 Umphostoli uPawulu wabhala: “Abafazi mabazithobe kubayeni babo njengokungathi bazithoba eNkosini.” (Efe. 5:22) La mazwi awasikiseli neze ukuthi isikhundla sabo asihloniphekile. Ngaphambi kokuba adale owesifazane wokuqala, u-Eva, uNkulunkulu weqiniso wathi: “Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa. Ngizomenzela umsizi, abe umphelelisi wakhe.” (Gen. 2:18) Indima ‘yomsizi’ ‘nomphelelisi’—yokusekela umyeni wakhe njengoba enakekela imithwalo yakhe yemfanelo yomkhaya—iyindima ehlonipheke ngempela.
11. Inkosikazi eyisibonelo ‘iyakha kanjani indlu yayo’?
11 Inkosikazi eyisibonelo isebenzela ukuzuzisa umkhaya wayo. (Funda izAga 14:1.) Ngokungafani nowesifazane oyisiwula, ongalihloniphi ilungiselelo lobunhloko, owesifazane ohlakaniphile ulihlonipha ngokujulile leli lungiselelo. Kunokubonisa umoya wokungalaleli nowokuzibusa ovamile ezweni, uthobela umyeni wakhe. (Efe. 2:2) Inkosikazi eyisiwula ayinqikazi ukukhuluma kabi ngomyeni wayo, kanti ehlakaniphile ilwela ukuba abantwana nabanye bamhloniphe kakhudlwana. Inkosikazi enjalo iyaqaphela ukuba ingabubukeli phansi ubunhloko bomyeni wayo ngokumbelesela noma ngokuqophisana naye. Elinye iphuzu okufanele ilinake ukonga. Cishe inkosikazi eyisiwula iyayisaphaza imali yomkhaya esetshenzelwa kanzima. Inkosikazi esekela umyeni wayo ayinjalo. Iyabambisana nomyeni wayo ezindabeni zemali. Yenza izinto ngokuhlakanipha futhi iyonga. Ayimcindezeli umyeni wayo ukuba asebenze isikhathi esengeziwe emsebenzini.
12. Yini inkosikazi engayenza ukuze isize umkhaya ukuba ‘uhlale uphapheme’?
12 Inkosikazi eyisibonelo isiza umkhaya ukuba ‘uhlale uphapheme’ ngokusiza umyeni wayo ekufundiseni izingane izinto ezingokomoya. (IzAga 1:8) Isisekela ngentshiseko isimiso sokuKhulekela Komkhaya. Ngaphezu kwalokho, iyamsekela umyeni wayo lapho eluleka futhi eyala izingane zabo. Yeka ukuthi ihluke kanjani enkosikazini engabambisani nomyeni wayo, izingane zayo ezilimalayo ngokomzimba nangokomoya!
13. Kungani kubalulekile ngenkosikazi ukuba isekele umyeni wayo okhuthalela imisebenzi engokwasezulwini?
13 Inkosikazi esekela umyeni wayo izizwa kanjani lapho ibona umyeni wayo ekhuthele ebandleni lobuKristu? Ayive ijabula! Kungakhathaliseki ukuthi umyeni wayo uyinceku ekhonzayo, umdala noma mhlawumbe uyilungu leKomiti Yokubonisana Nezibhedlela noma leKomiti Yokwakha Yesifunda, iyajabula ngamalungelo akhe. Ngokuqinisekile, kuyodingeka izidele ezintweni eziningi ukuze imsekele ngempela umyeni wayo ngamazwi nangezenzo. Kodwa iyaqaphela ukuthi ukuhileleka komyeni wayo emisebenzini engokwasezulwini kusiza umkhaya wonke ukuba uhlale uphapheme ngokomoya.
14. (a) Yini engase ibe inselele enkosikazini emsekelayo umyeni wayo, futhi ingabhekana kanjani nale nselele? (b) Inkosikazi inikela kanjani enhlalakahleni yawo wonke umkhaya?
14 Kungase kube inselele ngenkosikazi efisa ukubeka isibonelo sokusekela umyeni wayo lapho enza isinqumo engavumelani naso. Ngisho nangaleso sikhathi, ibonisa ‘umoya onokuthula nobumnene’ futhi ibambisane naye ekwenzeni isinqumo sakhe siphumelele. (1 Pet. 3:4) Inkosikazi enhle izama ukulingisa izibonelo ezinhle zabesifazane basendulo abesaba uNkulunkulu, njengoSara, uRuthe, u-Abhigayili nonina kaJesu, uMariya. (1 Pet. 3:5, 6) Ilingisa nabesifazane abadala kunayo bezikhathi zanamuhla ‘abaziphethe ngenhlonipho.’ (Thithu 2:3, 4) Ngokuthanda nangokuhlonipha umyeni wayo, inkosikazi eyisibonelo inikela lukhulu esibophweni somshado nasenhlalakahleni yawo wonke umkhaya. Umuzi wayo uyindawo ethokomele nephephile. Indoda engokomoya iyazisa kakhulu inkosikazi eyisekelayo!—IzAga 18:22.
Basha—‘Gcinani Amehlo Enu Esezintweni Ezingabonwayo’
15. Intsha ingabambisana kanjani nabazali bayo ukuze umkhaya ‘uhlale uphapheme’?
15 Nina basha, ningabambisana kanjani nabazali benu ukuze umkhaya wakini ‘uhlale uphapheme’ ngokomoya? Cabangani ngomklomelo uJehova awubeke phambi kwenu. Mhlawumbe abazali benu babenibonisa izithombe zePharadesi kusukela nisebancane. Njengoba nikhula, cishe basebenzisa iBhayibheli nezincwadi zethu zobuKristu ukuze banisize nikubone ngeso lengqondo ukuthi ukuphila phakade ezweni elisha kuyoba njani. Ukugcina amehlo enu egxile ekukhonzeni uJehova nokuhlela ukuphila kwenu ngendlela enivumela ukuba nimkhonze, kuyonisiza ukuba ‘nihlale niphapheme.’
16, 17. Yini intsha engayenza ukuze iwugijime ngempumelelo umncintiswano wokuphila?
16 Cabangisisani ngamazwi omphostoli uPawulu akweyoku-1 Korinte 9:24. (Funda.) Gijimani umncintiswano wokuphila ninomgomo wokuphumelela. Khethani inkambo ezoholela ekutholeni umklomelo wokuphila okuphakade. Abaningi baye bavumela izinto ezibonakalayo ukuba zibaphazamise basuse amehlo abo emklomelweni. Yeka ukuthi lokho kubuwula kanjani! Ukuhlela ukuphila kwenu ukuba kugxile ekutholeni ingcebo akuholeli enjabulweni yangempela. Izinto ezithengwa ngemali zingezesikhashana. Nokho, nina gcinani amehlo enu ‘esezintweni ezingabonwayo.’ Kungani? Ngoba “izinto ezingabonwayo zihlala phakade.”—2 Kor. 4:18.
17 “Izinto ezingabonwayo” zihlanganisa nezibusiso zoMbuso. Hlelani ukuphila kwenu ngendlela ezonenza nikwazi ukuzithola. Injabulo yangempela itholakala ngokusebenzisa ukuphila kwenu enkonzweni kaJehova. Ukukhonza uNkulunkulu weqiniso kunivulela amathuba okufinyelela imigomo yesikhashana neyesikhathi eside.a Ukuzibekela imigomo engokomoya enengqondo kunganisiza ukuba nihlale nigxile ekukhonzeni uNkulunkulu ninombono wokuthola umklomelo wokuphila okuphakade.—1 Joh. 2:17.
18, 19. Umuntu omusha angabona kanjani ukuthi uselenzile yini iqiniso laba elakhe?
18 Basha, isinyathelo sokuqala sendlela eya ekuphileni siwukwenza iqiniso libe elenu. Ingabe senisithathile leso sinyathelo? Ngamunye kini kumelwe azibuze: ‘Ingabe ngingumuntu ongokomoya, noma ingabe ukuhlanganyela kwami emsebenzini engokomoya kuncike kubazali bami? Ngiyazihlakulela yini izimfanelo ezenza ngijabulise uNkulunkulu? Ingabe ngenza umzamo wokuba nesimiso esingaguquguquki sokuhlanganyela emisebenzini ehlobene nokukhulekela kweqiniso, enjengokuthandaza njalo, ukutadisha, ukuya emihlanganweni nasenkonzweni yasensimini? Ingabe ngisondela kuNkulunkulu ngokuhlakulela ubuhlobo bomuntu siqu naye?’—Jak. 4:8.
19 Cabanga ngesibonelo sikaMose. Nakuba aphoqeleka ukuba aphile nabantu ababephila ngendlela ehlukile kweyakubo, wakhetha ukwaziwa njengomkhulekeli kaJehova kunokuba aziwe njengendodana yendodakazi kaFaro. (Funda amaHebheru 11:24-27.) Basha abangamaKristu, nani kudingeka nizimisele ukukhonza uJehova ngokwethembeka. Ngokwenza lokho, niyothola injabulo yangempela, ukuphila okungcono kakhulu manje futhi niyoba nethemba ‘lokubambisisa ukuphila kwangempela.’—1 Thim. 6:19.
20. Emncintiswaneni wokuphila, ubani othola umklomelo?
20 Emidlalweni yasendulo, umgijimi oyedwa kuphela owayethola umklomelo. Akunjalo ngomncintiswano wokuphila. Intando kaNkulunkulu “iwukuba zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.” (1 Thim. 2:3, 4) Baningi asebewugijime ngempumelelo ngaphambi kwakho futhi baningi abasawugijima nawe. (Heb. 12:1, 2) Umklomelo uyotholwa yibo bonke abangaphonsi ithawula. Ngakho, zimisele ukuwuthola!
21. Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?
21 Ngeke sikugweme ‘ukuza kosuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo.’ (Mal. 4:5) Lolo suku akufanele luyizume imikhaya yamaKristu. Kubalulekile ukuba bonke emkhayeni bathwale umthwalo wabo wemfanelo ongokomBhalo. Yini enye eningayenza ukuze nihlale niphapheme ngokomoya futhi niqinise ubuhlobo benu noNkulunkulu? Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngezici ezintathu ezithinta inhlalakahle engokomoya yawo wonke umkhaya.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka INqabayokulinda ka-November 15, 2010, amakhasi 12-16 neka-July 15, 2004, amakhasi 21-23.
Ufundeni?
• Kungani kubalulekile ngemikhaya engamaKristu ukuba ‘ihlale iphapheme’?
• Indoda ingamlingisa kanjani uMalusi Omuhle?
• Yini inkosikazi eyisibonelo engayenza ukuze isekele umyeni wayo?
• Abasha bangayisiza kanjani imikhaya yakubo ukuba ihlale iphapheme ngokomoya?
[Isithombe ekhasini 9]
Indoda engokomoya iyazisa kakhulu inkosikazi eyisekelayo