IZwi LikaJehova Liyaphila
Amaphuzu Avelele Encwadi YabaseThesalonika NekaThimothewu
IBANDLA elisha eThesalonika belilokhu liphikiswa selokhu lamiswa ngemva kokulihambela kukamphostoli uPawulu. UThimothewu—mhlawumbe osanda kweva eminyakeni engu-20—ubuyela kuPawulu esuka eThesalonika enombiko omuhle. Ngakho, uPawulu ushukumiseleka ukuba abhalele ibandla laseThesalonika alincome futhi alikhuthaze. Le ncwadi yabhalwa cishe ngasekupheleni kuka-50 C.E., futhi ingeyokuqala yezincwadi zikaPawulu eziphefumulelwe. Ngokushesha ngemva kwalokho, uwabhalela incwadi yesibili la maKristu aseThesalonika. Kulokhu, ulungisa umbono wabanye oyiphutha futhi anxuse abazalwane ukuba bame beqinile okholweni.
Ngemva kweminyaka eyishumi, uPawulu useMakedoniya, uThimothewu yena use-Efesu. UPawulu ubhalela uThimothewu, emkhuthaza ukuba ahlale e-Efesu aqhubeke elwa impi engokomoya ukuze anqobe abafundisi bamanga ababengaphakathi kwebandla. Lapho amaKristu eqala ukushushiswa kanzima ngemva komlilo owaqothula iRoma ngo-64 C.E., uPawulu ubhalela uThimothewu incwadi yesibili. Ingeyokugcina yezincwadi zakhe eziphefumulelwe. Thina namuhla singazuza esikhuthazweni naseselulekweni esanikezwa uPawulu kulezi zincwadi ezine.—Heb. 4:12.
“HLALA UPHAPHEME”
UPawulu uncoma abaseThesalonika ‘ngomsebenzi wabo wokuthembeka nomshikashika wabo wothando nokukhuthazela kwabo.’ Ubatshela ukuthi ‘bayithemba nenjabulo yakhe nomqhele wokwethaba.’—1 Thes. 1:3; 2:19.
Ngemva kokukhuthaza amaKristu eThesalonika ukuba aduduzane ngethemba lovuko, uPawulu uthi: “Usuku lukaJehova luza ngokufana ncamashí nesela ebusuku.” Uweluleka ukuba ‘ahlale ephapheme’ futhi esangulukile.—1 Thes. 4:16-18; 5:2, 6.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
4:15-17—Obani ‘abathathwa ngamafu ukuze bahlangabeze iNkosi emoyeni,’ futhi lokhu kwenzeka kanjani? NgamaKristu agcotshiwe aphila phakathi nokuba khona kukaKristu emandleni oMbuso. ‘Ahlangabeza iNkosi’ uJesu endaweni engabonakali ezulwini. Nokho, ukuze lokhu kwenzeke, kudingeka afe kuqala abese evuswa njengezidalwa zomoya. (Roma 6:3-5; 1 Kor. 15:35, 44) Ukuba khona kukaKristu sekuqalile, ngakho amaKristu agcotshiwe afayo namuhla ‘ayathathwa,’ noma avuswe ngokushesha.—1 Kor. 15:51, 52.
5:23—Wayesho ukuthini uPawulu lapho ethandazela ukuthi ‘umoya nomphefumulo nomzimba wabazalwane ulondolozwe’? UPawulu wayekhuluma ngomoya, ngomphefumulo nangomzimba webandla lobuKristu, elihlanganisa amaKristu aseThesalonika agcotshwe ngomoya. Akagcinanga nje ngokuthandazela ukuba ibandla lilondolozwe, kodwa wathandazela nokuba “umoya,” noma isimo salo sengqondo, silondolozwe. Waphinde wathandazela ‘umphefumulo’ walo, ukuphila kwalo noma ukuba khona kwalo, wathandazela “nomzimba” walo—bonke abagcotshiwe njengeqembu. (1 Kor. 12:12, 13) Ngakho, lo mthandazo uqokomisa ukuthi uPawulu wayelikhathalela ngokujulile ibandla.
Izifundo Esizitholayo:
1:3, 7; 2:13; 4:1-12; 5:15. Indlela ephumelelayo yokunikeza iseluleko iwukuncoma nokukhuthaza umuntu ukuba enze nakangcono.
4:1, 9, 10. Abakhulekeli bakaJehova kufanele baqhubeke bethuthuka ngokomoya.
5:1-3, 8, 20, 21. Njengoba usuku lukaJehova lusondela, kufanele “sihlale sisangulukile futhi sigqoke isivikelo sesifuba sokholo nothando, sifake nethemba lensindiso njengesigqoko sokuzivikela.” Ngaphezu kwalokho, kufanele silinake ngokungathí sina iBhayibheli, iZwi likaNkulunkulu eliyisiprofetho.
“YIMANI NIQINILE”
Besonta izinto ezashiwo uPawulu encwadini yakhe yokuqala, kubonakala sengathi abathile ebandleni baphikisana ngendaba yokuthi ‘ukuba khona kweNkosi’ kuseduze. Ukuze alungise lowo mbono, uPawulu ulandisa lokho okufanele ‘kufike kuqala.’—2 Thes. 2:1-3.
UPawulu uyanxusa: “Yimani niqine futhi nihlale nibambelele ezimfundisweni enazifundiswa.” Ubayala ukuba ‘bahoxe kulowo nalowo mzalwane ohamba ngokungahlelekile.’—2 Thes. 2:15; 3:6.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
2:3, 8—Ubani “umuntu ongenamthetho,” futhi uyobhujiswa kanjani? Uyisigaba sabefundisi beLobukholwa. “ULizwi”—uMkhulumeli kaNkulunkulu oyiNhloko, uJesu Kristu—unikezwe igunya lokumemezela izahlulelo zikaNkulunkulu kwababi nokuyala ukuba babhujiswe. (Joh. 1:1) Ngakho, kungashiwo ukuthi uJesu uyobhubhisa umuntu ongenamthetho ‘ngamandla noma ngomoya womlomo wakhe.’
2:13, 14—Kungayiphi indlela amaKristu agcotshiwe aye akhethwa ‘kusukela ekuqaleni ngenjongo yensindiso’? Njengesigaba, abagcotshiwe bámiselwa kusengaphambili lapho uJehova ehlosa ukuba inzalo yowesifazane ilimaze uSathane ekhanda. (Gen. 3:15) UJehova washo nezimfuneko okumelwe bahlangabezane nazo, umsebenzi ababeyowenza novivinyo ababeyobhekana nalo. Ngakho, wababizela ‘kulokhu kumiselwa.’
Izifundo Esizitholayo:
1:6-9. Izahlulelo zikaJehova ziya kulabo ezibafanele.
3:8-12. Ukuba seduze kosuku lukaJehova akufanele kusetshenziswe njengezaba zokungasebenzi ukuze sinakekele izidingo zethu enkonzweni. Ukungenzi lutho kungasenza amavila ‘nogaxekile ezindabeni zabanye abantu.’—1 Pet. 4:15.
“KUQAPHE OPHATHISWE KONA”
UPawulu uyala uThimothewu ukuba ‘aqhubeke elwa impi enhle; enokholo nonembeza omuhle.’ Lo mphostoli ubala izimfanelo amadoda ebandla amisiwe okufanele abe nazo. Uyala uThimothewu ukuba “ale izindaba ezingamanga ezingcolisa okungcwele.”—1 Thim. 1:18, 19; 3:1-10, 12, 13; 4:7.
UPawulu uyabhala: “Ungayikhaci indoda endala.” Uyala uThimothewu: “Kuqaphe ophathiswe kona, uzifulathele izinkulumo ezingenangqondo ezingcolisa okungcwele, nokuphikisana ngalokho okubizwa ngokungeyikho ngokuthi ‘ulwazi.’”—1 Thim. 5:1; 6:20.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
1:18; 4:14—‘Kwabikezelwani’ ngoThimothewu? Kungenzeka ukuthi lezi zibikezelo kwakuyiziprofetho eziphathelene nendima kaThimothewu ebandleni lobuKristu ezashiwo uPawulu ephefumulelwe lapho eseListra ohambweni lwakhe lwesibili lwezithunywa zevangeli. (IzE. 16:1, 2) Ngokwalezi “zibikezelo,” amadoda amadala ebandla ‘ambeka izandla’ uThimothewu, ammisa ukuba enze inkonzo ethile.
2:15—Owesifazane ‘ugcineka ephephile ngokuzala abantwana’ ngayiphi indlela? Ukuzala abantwana, abakhulise nokunakekela ikhaya kungagcina owesifazane “ephephile” ekubeni ‘inhlebi nogaxekile ezindabeni zabanye abantu.’—1 Thim. 5:11-15.
3:16—Iyini imfihlo engcwele yokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu? Ukuthi abantu babengase bakwazi yini ukumlalela ngokuphelele uJehova noma cha kwahlala kuyimfihlo iminyaka eminingi. UJesu wanikeza impendulo ngokugcina ubuqotho obuphelele kuNkulunkulu kwaze kwaba sekufeni kwakhe.
6:15, 16—Ingabe la mazwi asebenza kuJehova uNkulunkulu noma kuJesu Kristu? La mazwi asebenza kuJesu Kristu. (1 Thim. 6:14) Uma eqhathaniswa nabantu abangamakhosi, nguJesu kuphela ‘onguMbusi Onamandla’ futhi nguye yedwa onokungafi. (Dan. 7:14; Roma 6:9) Kusukela enyukela emazulwini angabonakali, akekho umuntu emhlabeni “ongambona” ngamehlo enyama.
Izifundo Esizitholayo:
4:15. Kungakhathaliseki ukuthi sibe amaKristu muva nje noma kudala, kufanele silwele ukuqhubeka sithuthuka ngokomoya.
6:2. Uma siqashwe esikholwa naye, akufanele sikusebenzise kabi lokho nganoma iyiphi indlela, kunalokho kufanele simsebenzele ngenhliziyo yonke ukudlula ngisho indlela ebesingasebenzela ngayo umuntu ongaphandle kwebandla.
“SHUMAYELA IZWI, UBE KULO UNOMUZWA WOKUPHUTHUMA”
Ukuze ahlomisele uThimothewu izikhathi ezinzima ayezobhekana nazo, uPawulu uyabhala: “UNkulunkulu akasinikanga umoya wobugwala, kodwa owamandla nowothando nowokuhluzeka kwengqondo.” UThimothewu uyayalwa: “Inceku yeNkosi akufanele ilwe, kunalokho kufanele ibe mnene kubo bonke, ifanelekela ukufundisa.”—2 Thim. 1:7; 2:24.
UPawulu weluleka uThimothewu: “Qhubeka ezintweni owazifunda futhi wathonyelwa ukuba uzikholelwe, wazi ukuthi wazifunda kobani.” Ngenxa yokuthi izimfundiso zezihlubuki zazithe chithí saka, lo mphostoli weluleka lo mbonisi osemusha: “Shumayela izwi, ube kulo unomuzwa wokuphuthuma . . . , usole, ukhuze, ukhuthaze.”
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
1:13—Siyini ‘isibonelo samazwi anempilo’? “Amazwi anempilo” angamazwi “eNkosi yethu uJesu Kristu”—izimfundiso zobuKristu eziyiqiniso. (1 Thim. 6:3) Lokho uJesu akufundisa futhi wakwenza kwakuvumelana neZwi likaNkulunkulu, ngakho ngomqondo obanzi, inkulumo ethi “amazwi anempilo,” angase asho zonke izimfundiso zeBhayibheli. Lezi zimfundiso zingasisiza ukuba sibone lokho uJehova akufuna kithi. Siqhubeka sibambelele kulesi sibonelo ngokwenza lokho esikufunda eBhayibhelini.
Izifundo Esizitholayo:
1:5; 3:15. Isizathu esikhulu esenza sithi uThimothewu wayenokholo kuKristu Jesu, okungukuthi, ukholo olwaluthonya yonke into ayeyenza, siwukuthi wafundiswa imiBhalo ekhaya esesemncane. Yeka indlela okubaluleke ngayo ukuba amalungu emikhaya acabangisise ngendlela afeza ngayo imithwalo yemfanelo yokukhonza uNkulunkulu nokunakekela izingane!
1:16-18. Lapho esikholwa nabo bevivinywa, beshushiswa noma beboshwa, kufanele sibathandazele futhi senze konke esingakwenza ukuze sibasize.—IzAga 3:27; 1 Thes. 5:25.
2:22. AmaKristu, ikakhulu intsha, akufanele achithe isikhathi sawo esiningi kwezemidlalo, umculo, ukuzijabulisa, ukwenza imisebenzi yokuzilibazisa, evakashela izindawo, exoxa ngezinto ezingathi shu, ezivocavoca umzimba, nokunye okunjalo, bese eba nesikhathi esincane sokwenza izinto ezingokomoya.
[Isithombe ekhasini 31]
Iziphi izincwadi zomphostoli uPawulu zokugcina?