Ingabe Abafileyo Bayaphila? Lokho UNkulunkulu Akushoyo
INDIZA encane yasuka edolobheni eliseNingizimu Afrika iya edolobheni cishe eliqhele ngamakhilomitha angama-400. Phakathi kwakunomshayeli wayo lendodakazi yakhe encane, eneminyaka eyi-12. Lapho bezama ukuyehlisa ngenxa yesimo esiphuthumayo, indiza yawa, yababulala bobabili.
“UJehova uNkulunkulu kuphela owayazi ubuhlungu nokulahlekelwa kwami, kanye nobunzima okwakumelwe ngibhekane nabo,” kukhumbula uBetty, eyinkosikazi nongumama. Wakwazi kanjani? “Ngathandazela ngokuphikelelayo nangokuqhubekayo isibindi namandla okubhekana nakho mina ngokwami ukuze ngikwazi ukusiza nabanye nabo bakwazi ukubhekana nakho.” UBetty futhi wathola induduzo enkulu kulokho uNkulunkulu akushoyo ngesimo sabafileyo nangethemba lovuko.
Uthini uNkulunkulu ngabafileyo? IBhayibheli liyaphendula: “Abafileyo abazi-lutho.” (UmShumayeli 9:5) Ngakho-ke abafileyo abezwa lutho. Kunjalo nje. Pho-ke kungani abantu abaningi bekholelwa kokuphambene? Ngoba baye bakhohliswa amanga amakhulu asendulo agcwele umhlaba wonke!
Ukukhohliswa Komhlaba Wonke
Kwaqala emangeni okuqala aqanjwa. Indaba engokomlando encwadini yeBhayibheli kaGenesise inikeza imininingwane. Ithi: “Ungadli kuwo umuthi wokwazi okuhle nokubi, ngokuba mhla udla kuwo uyakufa nokufa.” (Genesise 2:17) Lowo kwakunguJehova uNkulunkulu ekhuluma nomuntu wokuqala, uAdamu. Manje, qhathanisa lokhu noGenesise 3:1-4, lapho uSathane, ebangela khona uEva ekungamlalelini uNkulunkulu ngokukhuluma ngenyoka, ethi: “Aniyikufa nokufa.” Ngakho uSathane waphikisa lokho uNkulunkulu ayekushilo. Ngalokho waqamba amanga okuqala, eba “uyise wawo.”—Johane 8:44; IsAmbulo 12:9.
Kodwa uAdamu noEva bafa, ngokufanayo nezigidi ezingenakubalwa zabanye. Umqambimanga uSathane wakwenza kanjani lokho? Ngokuba kamuva ahlwanyele umqondo wokuthi, nakuba umzimba ufa, okuthile kuqhubeka kuphila. Lokhu ngokulandelayo kwaba yimfundiso yezinkolo zasendulo futhi kwahlanganiswa nefilosofi yamaGreki. Ngakho-ke, inkolelo yokungafi komphefumulo cishe ingeyendawo yonke. Futhi kwabaningi, abakholelwa ukuthi abathandekayo babo abafile bayaphila kwenye indawo, mhlawumbe lona umqondo oduduzayo. Nokho, nanku umbuzo ebalulekile: Ingabe lokho kuyiqiniso?
Ingabe Umphefumulo Wakho Awufi?
Igama elithi “ukungafi” litholakala izikhathi ezintathu eBhayibhelini, zonke lezindawo zisemiBhalweni yamaKristu yesiGreki. Ukuhlolwa kokusetshenziswa kwalo kwenza kube sobala ukuthi: Umuntu akakuzuzanga njengefa ukungafi.
Ngokwesibonelo, cabangela amazwi omphostoli uPawulu kweyoku-1 Thimothewu 6:15, 16 lapho echaza khona uJesu Kristu ngokuthi “iNkosi yamakhosi, uMbusi wababusi, yena yedwa onokungafi.” Ngakho uJesu uhluke kanjani kuwo wonke amanye “amakhosi” ‘nababusi’? Akanakufa; wona ayafa.
Kuyiqiniso, ukungafi kuthenjiswe labo abangabalandeli bakaKristu ababizelwa ukubusa naye emazulwini. (1 Petru 1:3, 4) Ngakho, kweyoku-1 Korinte 15:53, 54 siyafunda: “Lokhu okufayo kumelwe ukwembatha ukungafi. Kepha nxa . . . nalokhu okufayo sekwembethe ukungafi, kuzakugcwaliseka izwi elilotshiweyo lokuthi: Ukufa kugingiwe kwaba-ngukunqoba.” Kodwa phawula ukuthi ukungafi ‘kuyembathwa.’ Kungumvuzo wamaKristu athembekile, akhethiwe. Akukhona okuthile bonke abantu abakuzuza njengefa.
Ngokuqhubekayo, iBhayibheli alisho ukuthi umuntu unomphefumulo noma wanikezwa umphefumulo. Kunalokho, lithi: “UJehova uNkulunkulu wambumba umuntu ngomhlabathi, waphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; umuntu waba-kanjalo umphefumulo ophilayo.” (Genesise 2:7; qhathanisa neyoku-1 Korinte 15:45.) Ukuba ngokuthile kuhluke ngokuphelele ekubeni nokuthile. Akekho ongaphika iqiniso lokuthi ukuba yinja kuhlukile ekubeni nenja! Ngokufanayo ukuba umphefumulo akufani nokuba nomphefumulo.
Ukuthi akubona bonke abantu abathola isipho sokungafi kusobala ekubhekiseleni okuningi kweBhayibheli ekufeni komphefumulo. Ngokwesibonelo: “Umphefumulo owonayo uyakufa.” (Hezekeli 18:4, 20) “Kuyakuthi wonke umuntu [“yonke imiphefumulo,” NW] ongayikumlalela lowomprofethi uyakuchithwa kubantu.”—IzEnzo 3:23.
Njengoba singenayo imiphefumulo engafi, kwenzekani lapho sifa? ‘Siyalala,’ ngoba ngenxa yomhlatshelo wesihlengo kaKristu kunethemba lovuko. (1 Korinte 15:22) Lapho uLazaru efa uJesu wathi: “Ngiyahamba ukuba ngimvuse ebuthongweni.” Khona-ke wachaza: “ULazaru ufile.” (Johane 11:11-14) UPawulu wakhuluma futhi ngalabo “abalalayo [“ekufeni,” NW].” (1 Thesalonika 4:13, 14; 1 Korinte 15:20) Khona-ke, uma abafileyo belele . . .
Ingabe Bayovuka?
Cabangela lesenzakalo esimangalisayo: Isixuku sibuthene ngaphambi komhume eBethaniya, ngaseJerusalema. UJesu ukhona noMariya noMarta, odadewabo kaLazaru osanda kufa futhi omzimba wakhe usemhumeni ovalwe ngetshe. “Susani itshe,” kusho uJesu. UMarta uthi: “Nkosi, usenuka; ngokuba sezizine.” Kodwa ngemva komthandazo omfushane uJesu uyakhamuluka: “Lazaru, phuma.” Futhi indoda uLazaru iyaphuma! (Johane 11:38-44) Ungacabanga yini ngokumangala nenjabulo yesixuku—ikakhulukazi kukaMariya noMarta?
Ukuba uLazaru wayephila phakathi nalezinsuku ezine, wayengeke yini akwembulele wonke umuntu? Kodwa awukho umlando wokuthi wakhuluma nganoma ikuphi okuhlangenwe nakho akuthola lapho efile, futhi liqinisekisa lokho ngokwengeziwe, iBhayibheli lithi, “Abafileyo abazi-lutho.”—UmShumayeli 9:5.
Indaba kaLazaru yayingeyona evelele. Endaweni ebizwa ngokuthi iNayini, uJesu wahlangana nomngcwabo wensizwa eyase izombelwa. UJesu wathi: “Nsizwa, ngithi kuwe: Vuka!” Futhi kwenzekani? “Ofileyo wavuka, waqala ukukhuluma.” (Luka 7:11-17) Kodwa, nalapha futhi, ingabe lensizwa yasho okuthile ngendawo abantu abaya kuyo ekufeni? Cha, ngoba ngokusobala yayimane ifile.
UJesu, uPawulu, uPetru, uEliya, noElisha bavusa abantu abafile. Akukho noyedwa kulabo ababefile owasho okuthile ngokuphila ngemva kokufa.
Lezimangaliso ezimangalisayo zinikeza umbono wewukuphela kwendlela abantu abaningi abafile abangaphila ngayo futhi—ngokuvuselwa ekuphileni emhlabeni ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu. UJesu wathi: “Ningamangali ngalokho, ngokuba isikhathi siyeza, lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa izwi [lami baphume].” (Johane 5:28, 29) Lokho kuyoba okuhlangenwe nakho okujabulisa kakhulu ngalabo abayoba nelungelo lokuphila ngaphansi kokubusa koMbuso kaKristu kweminyaka eyinkulungwane, manje osekuseduze kakhulu. (IsAmbulo 20:4, 6) Lona kanye ithemba lovuko lifakazela ukuthi akunakwenzeka ukuthi abafileyo bayaphila. Ukuze abantu bavuswe, kumelwe okokuqala babe abangaphili.
Abanye Bangase Babuze . . .
Kuthiwani ngalokho okushiwo abantu abasebenzisa imimoya kanye nabanye ukuthi bathola izigijimi ezivela kwabafileyo? Ingabe lokhu akufakazeli yini ukuthi abafileyo bayaphila? Cha. USathane uhlakaniphe kakhulu, ungumkhohlisi omkhulu ngokuvamile ‘oziguqula ingelosi yokukhanya.’ (2 Korinte 11:14) Yena namademoni akhe bangaziguqula, futhi ngokuvamile baziguqula imimoya yabantu asebafa! Ngakho-ke, umthetho kaJehova kuIsrayeli ngokukhanyayo wawuthi: “Noma obhula emadlozini . . . noma umlozikazana . . . uyisinengiso kuJehova.” (Duteronomi 18:10-12) UJehova uthi futhi labo abasebenzisa imimoya “abayikulidla ifa loMbuso kaNkulunkulu” kodwa bayobhujiswa.—Galathiya 5:19-21; IsAmbulo 21:8.a
Kuthiwani ngalabo abathi baye baba nokuhlangenwe nakho kokusinda ekufeni? Ingabe lokho akufakazeli yini ukuthi umoya noma umphefumulo uyawushiya umzimba ekufeni? Intatheli yaseU.S. yemibono yomphakathi uGeorge Gallup, Jr., yahlola lendaba futhi yakhipha imiphumela kwethi Adventures in Immortality. Odokotela nososayensi ababuzwa babekungabaza ukuba yiqiniso kwezindaba zokusinda ekufeni. Isazi sesayensi yokuziphatha komuntu saseMaryland sathi: “Lokhu kungokuhlangenwe nakho kwengqondo lapho isesimweni esingajwayelekile ngokwempilo . . . Ubuchopho buyisitho esiyinkimbinkimbi kakhulu futhi bungenza izimanga uma ungabuphathi kahle—bheka kwabanokuhlangenwe nakho ngemilaliso enezithako ezizulisa ingqondo.” Isazi sengqondo saseOhio sathi: “Lemibiko iyizenzakalo ezizulisa ingqondo.” Usosayensi waseMichigan wathi: “Lokhu ukuzula kwengqondo okubangelwa yiminjunju.”
UGallup wafika esiphethweni sokuthi izindaba zokusinda ekufeni azilethi “lutho olungacatshangelwa njengobufakazi bokungafi noma ukuphila kwangemva kokufa.” Uyanezela: “Kungaba nje imibono eba sezingqondweni zalabo abezwa iminjunju engokomzimba.” Usikisela futhi ukuthi abanye abacabangayo abangokwenkolo bangachaza okuhlangenwe nakho okunjalo ngokuthi “ingxenye yecebo lobudemoni lokuphamba abantu.” Lokho uJehova uNkulunkulu akusho esikhathini eside esidlule kusasebenza: “Abafileyo abazi-lutho.”—UmShumayeli 9:5.
Yini Okumelwe Uyenze?
Qaphela imiqondo noma izimfundiso ezisekelwe emangeni kaSathane okuqala—“aniyikufa nokufa.” (Genesise 3:1-5) Yamukela lokho iZwi likaNkulunkulu elikufundisayo, ukuthi lapho umuntu efa “amacebo akhe ayaphela.” (IHubo 146:4) Yamukela, futhi, ukuthi abafileyo abalele bayovuka phakathi nokubusa okukhazimulayo koMbuso kaNkulunkulu, abaningi abawuthandazelayo, lapho “kuyakuba-khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungile nokwabangalungile.”—IzEnzo 24:15; Mathewu 6:9, 10.
Owesifazane ogulayo okukhulunywe ngaye esihlokweni sethu sokuqala wajabula lapho etshelwa lokho uNkulunkulu akushoyo ngabafileyo nangemimoya engamademoni ekhohlisayo. Wehlukana neziphandla zakhe nezinye izinto zobudemoni futhi ezinsukwini ezimbalwa wazizwa engcono. Manje usiza abanye ukuba bakhululeke ekukhulekeleni amademoni.
Umfelokazi owalahlekelwa abathandekayo bakhe ekuweni kwendiza waduduzwa yilomqondo: Njengoba abafileyo bengazi-lutho, asisekho isikhathi ngabo. Ngakho ngokwabo okulandelayo kuwukuvukela epharadesi lasemhlabeni ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu! Ujabulela ukusiza abanye bazi ukuthi ngokushesha “iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke.” (Isaya 25:8) Ilangazelela usuku lapho, ngovuko, abathandekayo bakhe abafile beyophuma bephila.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka futhi incwajana ethi Imimoya Engabonakali—Ingabe Iyasisiza? Noma Ingabe Iyasilimaza? eyakhishwa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.