Imibuzo Evela Kubafundi
Kungani uPawulu athi umfazi ongumKristu “uyogcineka ephephile ngokuzala abantwana”?—1 Thimothewu 2:15.
Umongo waleli vesi uveza ukuthi uPawulu wayesho ukuthini? Eqondiswa umoya ongcwele, wayenikeza isiyalo ngendima yowesifazane ongumKristu ebandleni. Wabhala: “Ngifisa ukuba abesifazane bazihlobise ngezingubo ezilungiswe kahle, ngesizotha nangokuhluzeka kwengqondo, hhayi ngezitayela zokwaluka izinwele nangegolide noma amapharele noma ngemvunulo ebiza kakhulu, kodwa ngendlela efanele abesifazane abathi bahlonipha uNkulunkulu, okungukuthi, ngemisebenzi emihle.” (1 Thimothewu 2:9, 10) UPawulu wayenxusa odadewabo abangamaKristu ukuba babe nesizotha, balinganisele lapho bekhetha okokuhloba, futhi ‘bahlobe’ ngemisebenzi emihle.
UPawulu wabe esechaza ilungiselelo lobunhloko ebandleni, wathi: “Angimvumeli owesifazane ukuba afundise, noma ukuba abe negunya phezu kwendoda, kodwa ukuba athule.” (1 Thimothewu 2:12; 1 Korinte 11:3) UPawulu uchaza isisekelo saleli lungiselelo ngokubonisa ukuthi njengoba u-Adamu engakhohliswanga uSathane, u-Eva yena “wakhohliswa ngokuphelele wayeseqa umthetho.” Owesifazane ongumKristu angavikeleka kanjani esonweni esifana nesika-Eva? UPawulu uyaphendula: “Nokho, uyogcineka ephephile ngokuzala abantwana, uma kodwa beqhubeka okholweni nasothandweni nasekungcwelisweni okuhambisana nokuhluzeka kwengqondo.” (1 Thimothewu 2:14, 15) Wayesho ukuthini uPawulu ngala mazwi?
Okushiwo abanye abahumushi kubonakala kusikisela ukuthi insindiso yowesifazane incike ekubeni kwakhe nezingane. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lesiZulu elivamile lithi: “[Owesifazane] uyakusindiswa ngokuzala abantwana.” Nokho, ukuwachaza ngale ndlela amazwi kaPawulu akunembile. ImiBhalo eminingi ibonisa ukuthi ukuze umuntu asindiswe, kumelwe azi uJehova, akholelwe kuJesu, abonise ukholo ngemisebenzi. (Johane 17:3; IzEnzo 16:30, 31; Roma 10:10; Jakobe 2:26) Ngaphezu kwalokho, uPawulu wayengasho ukuthi abesifazane abakholwayo babeyobeletha ngokuphepha. Abesifazane baye babeletha abantwana babo ngokuphepha kungakhathaliseki ukuthi bangamakholwa noma cha. Futhi ngokudabukisayo, abanye baye bafa bebeletha, kungakhathaliseki ukuthi bangamakholwa noma cha.—Genesise 35:16-18.
Esinye iseluleko esiphathelene nabesifazane uPawulu asinikeza kamuva kuyo le ncwadi sisisiza sibone lokho ayekuqondile. Uxwayisa ngabafelokazi abathile abasha ‘ababevilapha, bezulazula emizini; yebo, bengavilaphi nje kuphela, kodwa futhi beyizinhlebi nogaxekile ezindabeni zabanye abantu, bekhuluma ngezinto okungafanele bakhulume ngazo.’ Wabeluleka kanjani uPawulu? Uyaqhubeka: “Ngakho-ke ngifisa ukuba abafelokazi abasebasha bashade, bazale abantwana, baphathe umuzi, bangamniki umphikisi ithuba lokuthuka.”—1 Thimothewu 5:13, 14.
UPawulu uqokomisa indima enhle yowesifazane elungiselelweni lomkhaya. Ematasa ngemisebenzi ‘enjengokuzala abantwana nokuphatha umuzi,’ owesifazane obambelele “okholweni nasothandweni nasekungcwelisweni okuhambisana nokuhluzeka kwengqondo,” wayengeke athambekele ekuziphatheni okungakhi. Ingokomoya lakhe laliyolondeka noma ‘ligcineke liphephile.’ (1 Thimothewu 2:15) Ukulandela le nkambo kwakuyosiza abesifazane abaningi abasebasha ukuba bagweme izihibe zikaSathane.
Amazwi kaPawulu kuThimothewu asikhumbuza sonke, abesilisa nabesifazane, ukuba sisebenzise isikhathi sethu ngendlela ezuzisayo. IZwi likaNkulunkulu leluleka wonke amaKristu: “Qaphelisisani ukuthi indlela enihamba ngayo ayinjengeyabantu abangahlakaniphile kodwa injengeyabahlakaniphileyo.”—Efesu 5:15.