-
Bona Umehluko Phakathi Kwabantu Abakhonza UJehova Nalabo AbangamkhonziINqabayokulinda (Efundwayo)—2018 | Januwari
-
-
9. Yini eyosiza abasebasha ukuba balalele abazali babo?
9 Into engasiza izingane zizivikele ethonyeni lokungabalaleli abazali, ukucabanga ngalokho abazali bazo abazenzele kona. Umoya wokwazisa uyokhula lapho ziqonda ukuthi nguNkulunkulu, uBaba wethu sonke, ofuna zilalele. Ngokukhuluma kahle ngabazali babo, abasebasha bangasiza enye intsha ibheke abazali bayo ngendlela efanele. Kuyiqiniso ukuthi, uma abazali bengazibonisi ukuthi bayazithanda izingane zabo, kuyoba nzima ngalezo zingane ukulalela ngokusuka enhliziyweni. Ngakolunye uhlangothi, lapho osemusha ebona ukuthi abazali bakhe bamthanda ngempela, uyolwela ukubajabulisa ngisho nalapho elingeka ukuba angalaleli. U-Austin uthi: “Ngisho noma ngokuvamile ngiye ngifise ukwenza izinto ngendlela yami, abazali bami baye babeka imithetho ezwakalayo, bachaza nezizathu zaleyo mithetho futhi ngiyakwazi ukukhuluma nabo noma nini. Lokhu kuye kwangisiza ngalalela. Ngiyabona ukuthi bayangikhathalela futhi lokho kuye kwangenza ngafuna ukubajabulisa.”
10, 11. (a) Yiziphi izici ezibonisa ukuthi abantu abathandani? (b) AmaKristu eqiniso abathanda kangakanani abantu?
10 UPawulu uchaza nezinye izici ezibonisa ukuthi abantu abathandani. Ngemva kokukhuluma ‘ngokungalaleli abazali,’ ube esekhuluma ‘ngabangabongiyo’ okuyindlela yokucabanga ebonakala kulabo abangenakho ukwazisa ngezenzo zomusa ababoniswe zona. Abantu babeyoba abangathembeki. Ngeke bafune isivumelwano, bebonisa ukungafisi ukwenza ukuthula nabanye abantu. Bayoba abahlambalazi nabakhapheli, basho izinto ezibuhlungu nezilimazayo ngabanye abantu ngisho nangoNkulunkulu. Kuyoba khona abanyundeli, labo abasho izinto ezihloselwe ukonakalisa idumela labanye abantu.a
-
-
Bona Umehluko Phakathi Kwabantu Abakhonza UJehova Nalabo AbangamkhonziINqabayokulinda (Efundwayo)—2018 | Januwari
-
-
a Igama lesiGreki elisho “umyundeli” noma “umsoli” lithi di·aʹbo·los, okuyigama elisetshenziswe eBhayibhelini njengesiqu sikaSathane, umnyundeli kaNkulunkulu okhohlakele.
-