Izikhathi Zethu Ezinzima—Kungani Zinobudlova Obungaka?
UBUDLOVA obubi, obusongela ukuphila selokhu baba sesintwini kusukela ekuqaleni kokuhlubuka ebukhosini obulungileyo bukaNkulunkulu emuva lé ensimini yase-Edene. Ngenkohliso yalo, imbuka elidala, uSathane, laba “umbulali” ka-Adamu nowawo wonke umkhaya wesintu ongakazalwa kodwa owawusemanyongeni akhe. (Johane 8:44; Roma 5:12) Ngokushesha, kwalandela ukubulawa kuka-Abela ngobudlova ebulawa nguKayini lapho uKayini ‘ethukuthele kakhulu.’ (Genesise 3:1–4:15) Ukuthula kwaphela emhlabeni. Bekulokhu kunobudlova kusukela lapho!
Nokho, abaningi manje banovalo lokuthi ubudlova besikhathi sethu buhlukile ngandlela thile, abusekho ngaphansi kokuqondiswa, nokuthi buyisibonakaliso somphakathi ogula ngokunganqamukiyo. Ingabe lokho kumane nje kuyinkohliso? Ingabe kwake kwayeka ukuba kubi kanjena?
Isazi esithile saseCanada uGeorge Grant uye wabiza lenkathi yethu yomlando enzima ngokuthi “inkathi yobudlova obukhulu izwe elingakaze libubone.” Akusiye yedwa onalombono. Isazi sezengqondo uThomas Radecki uyibiza ngokuthi “umqedazwe wobudlova wezwe lonke,” enezela: “Ibulala abantu abaningi ngamaphesenti angama-300 kunesizukulwane sabazali bethu, . . . ukudlwengula kuningi ngamaphesenti angama-500, nobudlova obuningi ngamaphesenti angama-600.”
Udokotela ohlinzayo omkhulu eU.S. uDr. Everett C. Koop, uchaze ukusongelwa “njengomqedazwe wobudlova” lobo “obusongela umphakathi nokuphila komkhaya.” Ukwanda kobudlova obusezikoleni eziseNyakatho Melika namuhla buyisiboniselo esithusayo. Umnyango wezokusakaza ngeTV eU.S. wabika ezindabeni ukuthi abantwana besikole basesekhondali “abayizigidi ezintathu bayizisulu zobugebengu obusukela ekwebeni buye ekudlwenguleni nokubulala nyanga zonke.”—Omalukeke sizenzele.
Ngenxa yokwanda kobushokobezi “iYurophu isiphenduke inkundla yempi egcwele igazi,” kusho umkhulumeli waseFulansi. Izinga lesimo esibucayi libonakala ekunezeleni kwakhe ngokuthi “umsebenzi wezokulondeka eU.K. mkhulu kunowamaphoyisa, amasosha asolwandle noma asezweni.” (Omalukeke sizenzele.) Akumangalisi ukuthi iminyaka yawo-1980 manje ibizwa ngokuthi “Ishumi Lesibili Leminyaka Yokwesaba.”
Kungani Kunobudlova Obungaka?
Abafundi abanakekelayo abacwaninga ngokwanda okumangalisayo kobudlova ezikhathini zethu eziyingozi babhala uhide lwezici eziyimbangela: amaphephandaba aqokomisa izigigaba zobudlova, ubugebengu nokonakala; indlela abaholi bezwe abaye basebenzisa ngayo ubudlova ngokudabukisayo ukuze baqhubeke nokubusa, umuzwa wokukhungatheka ngokuphelele ngenxa yokungalungi okubonakala kungenakuxazululwa, oholela abanye ukuba babe nomuzwa wokuthi izinhlamvu zingafeza lokho ukuvota okungeke kwakufeza; indlela yonya leyo izigidi zezingane ezingakazalwa ezibulawa ngayo ngobudlova ngokukhishwa kwezisu; indlela abaholi benkolo abasekela ngayo izimpi “ezilungile” nokho abangakukhuthazi ukuziphatha okuhle naphezu kokuxega kwezindinganiso. Umhlaba ngokushesha awunaki, uyabujwayela ubudlova. Futhi kukhona ezinye izizathu.
Ukuyekelela okuthiwa ‘ukucabanga okuthuthukayo’ esikhathini sethu sekuye kwashintsha izimiso nezindinganiso zokuziphatha okuhle, kwasusa imigoqo eyake yavimbela izimo nezenzo ezingaholela ebudloveni. Umphumela odabukisayo ubonakala ikakhulukazi entsheni. Isazi sezifo zengqondo uDr. Thomas Millar ukholelwa ukuthi “izimo zokuyekelela kufanele zisolwe ngenxa yokwanda kobudlova emphakathini waseNyakatho Melika.” Wathi: “Emlandweni wesintu asikaze sibe nababulali abaningi kangaka.”
Imibiko engokomthetho iye yasola ukuwohloka komkhaya ngokwanda okungakaze kube khona kwemicimbi yobudlova yentsha eJapane kusukela ngemva kwempi. Ungqongqoshe wezemfundo eJapane ngo-1983 wathi: “Akukho neyodwa incwadi namuhla efundisa abantwana ukuba bahloniphe abazali babo.” Kuyavunywa futhi ukuthi “esinye isici esishukumisela intsha yaseJapane ebudloveni kuwukufunda kwansuku zonke ngobudlova obudlulele obutholakala ezincwadini ezinemifanekiso nokuboniswa kumabhayisikobho nasezinhlelweni zethelevishini.”
Ngakho, akukhona ukweqisa ukuthi lokho umuntu akufundayo nakubonayo kunomphumela embonweni wakhe. Ubutha buyathuthukiswa, kangangokuthi ngokuvamile “ukubona ubudlova kuholela ebudloveni.” “Ngempela,” njengoba omunye umbiko washo, “inkundla yemidlalo iphuma isibili ngobudlova bayo obukhulu ezimpini zomshoshaphansi.” Ukucwaninga okujulile okwakhishwa kuPsychology Today kufakazela ukuthi amabhayisikobho obudlova angokobulili aqeda uzwela emadodeni ngokudlwengula nangezisulu zokudlwengulwa. Njengoba noDr. Leonard Eron waseYunivesithi yaselllinois efakaza futhi ngokuthi: “Ukubheka njalo ubudlova kuthelevishini kunomphumela ohlala njalo ekuziphatheni—futhi akuwona umphumela omncane.” Nokho, lokho intsha engase ikubone ngeMigqibelo ekuseni kuTV kuye kwenza ingqikithi yezenzo zobudlova ezingama-30 ngehora! Isiphetho esafinyelelwa ekubuyekezeni izifundo zokucwaninga ezingaphezu kwezi-2 500 ezenziwa eminyakeni eyishumi edlule yilesi: “Ubudlova obukuthelevishini buholela ekuziphatheni kobudlwangudlwangu.”
Ukusetshenziswa kabi kobulili nokonakala kwandisa futhi ubudlova ngokuqeda umuzwa wenhlonipho. (Roma 1:26, 27) Phakathi kwezinto “ezonakalisa isimiso” inhlamba, izincwadi ezivusa inkanuko yobulili, nokuziphatha okubi kobulili. Ngokuthakazelisayo, iBhayibheli libonisa ukuthi ezinsukwini zokugcina zezwe langaphambi kukaZamcolo ukufika kwezidalwa zomoya eziyizihlubuki emhlabeni ukuze zihlanganyele ekuziphatheni kobulili okungemthetho kwaletha futhi inkinga efanayo. UNkulunkulu ngokwakhe wathi kuNowa: “Umhlaba ugcwele ubudlwangudlwangu ngenxa yabantu.” (Genesise 6:1-5, 13) Ithonya lazo elingokobulili lobudlova laphela ngesikhathi uNkulunkulu eletha isiphelo ngamanzi kulelozwe lesiphithiphithi.—Genesise 6:7; 7:11-24.
“Izinsuku Zokugcina”
UJesu wabikezela ngesiphelo salesisimiso samanje esinobudlova, wathi: “Njengokuba kwenzeka emihleni kaNowa, kuyakuba-njalo nasemihleni yeNdodana yomuntu.” (Luka 17:26) Ingabe nazo zaziyohlanganisa futhi ubudlova obusezingeni elikhulu obubangelwa yithonya lezingelosi ezimbi? Yebo, ngoba uJesu akabikezelanga kuphela ngokwanda kokungabi namthetho kwaleso sikhathi esizayo, kodwa kusAmbulo wabonisa umthombo wakho. Ulandisa ngokuxoshwa kwesihlubuki sokuqala, uSathane uqobo, ezulwini futhi uthi “nezingelosi zakhe zaphonswa kanye naye.” Kuphi? Umbono ophefumlelwe uyaphendula: “Maye kuwe-mhlaba . . . , ngokuba uSathane [isidlova esidala] wehlele kini enolaka olukhulu.” Ngakho, futhi, esikhathini sokuphela kohlelo oludlulayo, ubudlova—obubangelwa futhi amandla emimoya emibi—buhaqa isintu!—IsAmbulo 12:7-12; 6:4; Mathewu 24:12.
Ngakho, okungafanele ukukhohlwe njengesinye sezizathu zokwanda kobudlova ezikhathini zethu ezinzima siwukwanda kwethonya lobudemoni. Enye indlela elibonakala ngayo iyisithakazelo esikhulayo nokuzihilela emlingweni nokusetshenziswa kwemimoya okuhlukahlukene. Uma ufunda ngabantu ababulala ngokungenangqondo amalungu omkhaya athandekayo noma abangane ngenxa yokuthi bezwe “amazwi” ebayaleza ukuba bababulale, noma lapho abaholi benkolo beyaleza ukubulawa okwesabekayo kwezisulu ezingenacala, akufanele futhi kumangalise ukufunda ngokuthi abahlaseli babenza imisebenzi emibi noma ngokuqondile bebenza imilingo.—Duteronomi 18:10-13; Galathiya 5:19-21.
Ngakho kunezizathu eziningi ezibalulekile zokuthi kungani lezizinto ezimbi zenzeka ezikhathini zethu ezinzima. Imbangela ngayinye ephawuliwe ngandlela thile iwukwaphulwa kwemithetho kaNkulunkulu yokulunga. Ukuhlubuka kokuqala manje kufana nembewu etshaliwe. Imiphumela edabukisayo ingukuvuna lokho okutshaliweyo. UNkulunkulu akahlekwa. (Galathiya 6:7) Empeleni, lesisizukulwane esinobudlova obungenakulinganiswa siyileso ngempela esabikezelwa umphostoli uPawulu ku-2 Thimothewu 3:1-5. Unikeza futhi izimbangela, ethi: “Ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima; [Ngani?] ngokuba abantu bazakuba abazithandayo, nabathandimali, . . . nabangazithibi [noma, “abanobudlova,” Today’s English Version], nabangenabumnene, . . . nabanamawala.” Ingabe lokho asikuboni yini ngempela endaweni esikuyo? Yebo, siphila “ezinsukwini zokugcina”!
Ngokushesha, sonke isizukulwane siye saba “ngesinobugovu ngokuphelele” (Phillips), ngokuvamile “sikhonze imali” (The Bible in Living English), “sithanda izinkanuko zenyama nokuzijabulisa okuyize kunokuthanda uNkulunkulu.” (The Amplified Bible) Ukuzithanda kakhulu ngokuqondile kungukwenqaba kwanamuhla ubukhosi bukaJehova. Nokho, ngesikhathi esifanayo, lomqondo wesizukulwane esinobudlova usiphawula njengesizosuswa futhi kube nesinye endaweni yaso.—1 Johane 2:15-17.
Izwe Lethu Lobudlova Liyaphela!
Uma unombono weBhayibheli, owukuthi, ubudlova baqala ngokuhlubuka ebukhosini bukaNkulunkulu, ngakho akunzima ukubona ukuthi ubudlova ngeke buphele nokuthula ngeke kubuyiselwe kuze kube yilapho uNkulunkulu esuse ngokomthetho izihlubuki zanamuhla phakade. Futhi yilokho kanye ahlose ukukwenza. “UNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane phansi kwezinyawo zenu.” (Roma 16:20) Yonke “inzalo” kaSathane enobudlova kumelwe ibhujiswe. Ngokufanayo nangoSathane.—Genesise 3:15; Mathewu 25:41.
Yeka injabulo okuyoba yiyo ukuphila lapho uSathane esesusiwe! “INkosi yokuthula,” uJesu, ngalesosikhathi uyoqinisekisa, ukuthi ‘ukuthula kungabi-nakuphela.’ (Isaya 2:2-4; 9:6, 7) Kuyoba uhlelo olusha ngokuphelele, “ikhaya lokuthula.” (2 Petru 3:13, The New English Bible) UMbusi omusha womhlaba uyoziqeda kuze kube phakade zonke izinhlobo zobudlova kuhlanganise ubuhlungu nokufa. Uthi: “Ukufa kuyoqedwa, nokudabuka nokukhala nobuhlungu; ngokuba uhlelo oludala seludlulile!”—IsAmbulo 21:1-4, NE.
Njengasemihleni kaNowa, uJehova wenze ilungiselelo lothando lokukhululwa ezweni elinobudlova. (Zefaniya 2:2, 3) Ngaphambi kokufika kwalokho kukhululwa, kumelwe siqhubeke sizondla ngeZwi likaNkulunkulu ukuze sakhe ukholo olunokuqonda. “Futhi luyini ukholo? Ukholo luyinto eqinisa ithemba lethu, futhi lusenza siqiniseke ngezinto esingaziboni. . . . Ngokuba yilowo nalowo oza kuNkulunkulu kumelwe akholwe ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.”—Heberu 11:1, 6, NE.
Ngokuba nokholo oluqinile, ungabenqaba bonke ubudlova. (Mathewu 26:52) Ungaqiniseka ukuthi ukulunga kuyakuchuma futhi. (Duteronomi 32:4) Ungalwisana nokuyekelela okukubantwana bakho ‘ngokubondla ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.’ Khumbula, iBhayibheli liyincwadi efundisa abantwana ukuba bahloniphe abazali babo. (Efesu 6:1-4) Njengomkhaya, ningazigwema izincwadi ezivusa inkanuko yobulili futhi nigcine izingqondo zenu ezintweni ezinenzuzo. (Filipi 4:8) Lokho futhi kuyosebenza njengesivikelo ‘emimoyeni yobubi esemkhathini.’—Efesu 6:10-18.
Ngokujabulisayo, ukwazi kwethu ukuthi okukhona manje kuyisimo sesikhashana, esizophela masinyane, nokuthi ikhona indlela yokukhululeka, kungasinika amandla okuba sibekezele. Abaningi abangoFakazi BakaJehova bayakufakazela lokhu. Nawe, futhi, ‘ungasinda kukho konke lokhu okuyokwenzeka.’ Ngomaye abafanayo balesikhathi sokuphela, uJesu wathi: “Kepha nxa kuqala ukuvela lokho, lulamani, niphakamise amakhanda enu, ngokuba kusondele ukukhululwa kwenu.” Ngakho, yima isibindi! UJesu uzokhulula isintu masinyane kukho konke ukuhlupheka nobudlova.—Luka 21:28, 36; IHubo 72:1, 2, 12, 14.