-
Bazali—Sizani Izingane Zenu ‘Nizihlakaniphisele Insindiso’INqabayokulinda (Efundwayo)—2017 | Disemba
-
-
3. (a) UThimothewu waba kanjani umKristu futhi wasabela kanjani ezimfundisweni zobuKristu? (b) Yiziphi izinto ezintathu uPawulu akhuthaza uThimothewu kuzo?
3 Cishe uThimothewu wezwa okokuqala ngqa ngobuKristu ngo-47 C.E., ngesikhathi umphostoli uPawulu efika okokuqala eListra. Nakuba kungenzeka ngaleso sikhathi uThimothewu wayengakevi eminyakeni engu-18, kumelwe ukuba wayezikhandla ebandleni. Ngemva kweminyaka emibili wahamba noPawulu njengoba evakashela amabandla. Ngemva kweminyaka engu-16, uPawulu wabhalela uThimothewu wathi: “Qhubeka ezintweni owazifunda futhi wathonyelwa ukuba uzikholelwe, wazi ukuthi wazifunda kobani nokuthi kusukela usewusana uye wazi imibhalo engcwele [imiBhalo YesiHebheru], ekwazi ukukuhlakaniphisela insindiso ngokholo olumayelana noKristu Jesu.” (2 Thim. 3:14, 15) Phawula ukuthi uPawulu ukhuluma (1) ngokwazi imiBhalo engcwele, (2) ukuthonyelwa ukuba ukholelwe izinto ozifundile, (3) nokuhlakaniphisela insindiso ngokuba nokholo kuKristu uJesu.
-
-
Bazali—Sizani Izingane Zenu ‘Nizihlakaniphisele Insindiso’INqabayokulinda (Efundwayo)—2017 | Disemba
-
-
“WATHONYELWA UKUBA UZIKHOLELWE”
5. (a) Kusho ukuthini ‘ukuthonyelwa ukuba ukholelwe’? (b) Sazi kanjani ukuthi uThimothewu wathonyelwa ukuba akholelwe izindaba ezinhle ngoJesu?
5 Ukwazi imiBhalo engcwele kubalulekile. Nokho, kuningi okuhilelekile ekufundiseni izingane zakho ngoNkulunkulu, akugcini nje ngokuzitshela ngabantu nangezenzakalo eziseBhayibhelini. UThimothewu ‘wathonyelwa ukuba azikholelwe.’ NgesiGreki, le nkulumo isho “ukuqinisekiswa ngento ethile” noma “ukwenziwa ukholelwe futhi uqiniseke ngokuba yiqiniso kwento ethile.” UThimothewu wayeyazi imiBhalo YesiHebheru kusukela ewusana. Nokho, kwafika isikhathi lapho ubufakazi obunamandla bumenza aqiniseke ngokuthi uJesu unguMesiya. Ngamanye amazwi, ulwazi lwakhe lwaqiniswa ukholo. Empeleni, ukholo lukaThimothewu ngezindaba ezinhle lwaluqine kangangokuba waze wabhapathizwa wabe esehamba noPawulu baba yizithunywa zevangeli.
6. Ungayisiza kanjani ingane yakho ibe nokholo kulokho ekufunda eZwini likaNkulunkulu?
6 Ungakwakha kanjani ukuqiniseka ezinganeni zakho ukuze zibe nokholo njengoThimothewu? Okokuqala, yiba nesineke. Ingane ayivuki inokholo, noma iluncele kubazali bayo. Ingane ngayinye kudingeka isebenzise ‘amandla ayo okucabanga’ ukuze ikukholelwe lokho okufundiswa yiBhayibheli. (Funda eyabaseRoma 12:1.) Wena njengomzali udlala indima ebalulekile kulokho, ikakhulukazi uma ingane ibuza imibuzo. Cabanga ngalesi sibonelo.
7, 8. (a) Ubaba ongumKristu usibonisa kanjani isineke lapho efundisa indodakazi yakhe? (b) Isineke siye sakusiza kanjani lapho ufundisa ingane yakho?
7 UThomas, ubaba wentombazane eneminyaka engu-11 uthi: “Indodakazi yami iye ibuze, ‘Ingabe uJehova wayengasebenzisa ukuziphendukela kwemvelo ukuze enze ukuphila lana emhlabeni?’ noma ‘Kungani singazibandakanyi ezintweni zomphakathi—ngokwesibonelo, sivote—ukuze senze izinto zibe ngcono?’ Ngezinye izikhathi kuye kudingeke ngicabangisise kahle ukuze ngiyiphendule ngendlela ezoyenza icabange. Phela ukholo alubangelwa ukuvele uyigixabeze ngesigaxa seqiniso. Kunalokho kumelwe uyinike ubufakazi kancane kancane.”
8 UThomas angakutshela, ukufundisa kudinga isineke. Empeleni isineke sibalulekile kuwo wonke amaKristu. (Kol. 3:12) UThomas uyaqaphela ukuthi kungase kube nesidingo sokuba nezingxoxo eziningi. Kumelwe abonisane nendodakazi yakhe ngemiBhalo ukuze lokho ekufundayo kwakhe ukholo kuyo. Uthi, “Ikakhulukazi emaphuzwini abalulekile, mina nomkami sifuna ukwazi ukuthi indodakazi yethu iyakukholelwa ngempela yini lokho ekufundayo nokuthi ikuqonda kahle. Uma inemibuzo, kuhle kakhulu lokho. Empeleni ngingakhathazeka uma yamukela okuthile ngaphandle kokubuza imibuzo.”
9. Ungaligxilisa kanjani iZwi likaNkulunkulu ezinganeni zakho?
9 Lapho abazali befundisa ngesineke, izingane zigcina seziqonda “ububanzi nobude nokuphakama nokujula” kokholo. (Efe. 3:18) Singafuna lokho okuzovumelana neminyaka nokuhlakanipha kwazo. Njengoba ziya ziqiniseka ngalokho ezikufundayo, zizokwazi ukumelela izinkolelo zazo phambi kwabanye kuhlanganise nezingane ezifunda nazo esikoleni. (1 Pet. 3:15) Ngokwesibonelo, ingabe izingane zakho ziyakwazi ukuchaza ukuthi kwenzekani lapho umuntu efa zisebenzisa iBhayibheli? Ingabe zona ziyayiqonda incazelo yeBhayibheli?a Ukugxilisa iZwi likaNkulunkulu enganeni yakho kudinga isineke kodwa ekugcineni kuyazuzisa.—Dut. 6:6, 7.
10. Yini ebalulekile ekufundiseni izingane zakho?
10 Isibonelo sakho naso sibalulekile ekwakheni ukholo lwezingane. UStephanie, umama onamadodakazi amathathu, uthi: “Kusukela izingane zami zisencane, kwadingeka ngizibuze, ‘Ingabe ngiyakhuluma nezingane zami ngokuthi kungani ngiqiniseka ngokuthi uJehova ukhona, ukuthi uyasithanda nokuthi izindlela zakhe zilungile? Ingabe izingane zami zikubona ngokucacile ukuthi ngiyamthanda ngempela uJehova?’ Ngeke ngilindele ukuba izingane zami zibe nokholo uma mina ngingenalo.”
-