Ukunakekela Asebekhulile—Umthwalo Wemfanelo WamaKristu
“Ngisho nasekugugeni komuntu ngingofanayo; nasebumpungeni bakhe mina ngiyoqhubeka ngiphasile.”—ISAYA 46:4.
1, 2. Ukukhathalela kukaBaba wethu osezulwini kuhluke kanjani kokwabazali abangabantu?
ABAZALI abazinikele banakekela umntanabo ewusana, eyingane, nalapho esengomusha. Ngisho nalapho intsha ifika ekubeni abantu abadala, ize ibe nemikhaya yayo, oyise nonina bayaqhubeka beyinake ngothando futhi beyisekela.
2 Nakuba kulinganiselwe lokho abantu abangase bakwenzele izingane zabo, uBaba wethu osezulwini uyakwazi njalo ukuzinaka ngothando izinceku zakhe ezithembekile futhi azisekele. Ekhuluma nabantu bakhe abakhethiwe basendulo, uJehova wathi: “Ngisho nasekugugeni komuntu ngingofanayo; nasebumpungeni bakhe mina ngiyoqhubeka ngiphasile.” (Isaya 46:4) Yeka ukuthi aqinisekisa kanjani la mazwi kumaKristu asekhulile! UJehova akabalahli labo abahlala beqotho kuye. Kunalokho, uthembisa ukubagcina, abasekele, futhi abaqondise kukho konke ukuphila kwabo, ngisho nasekugugeni.—IHubo 48:14.
3. Kuzoxoxwa ngani kulesi sihloko?
3 Singakulingisa kanjani ukubakhathalela kukaJehova ngothando asebekhulile? (Efesu 5:1, 2) Ake sihlole izindlela izingane, ababonisi bebandla, namaKristu ngamanye, abanganakekela ngazo izidingo zamalungu asekhulile obuzalwane bethu bomhlaba wonke.
Umthwalo Wethu Wemfanelo Njengezingane
4. Izingane ezingamaKristu zinamuphi umthwalo wemfanelo ngokuqondene nabazali bazo?
4 “Hlonipha uyihlo nonyoko.” (Efesu 6:2; Eksodusi 20:12) Ngala mazwi alula kodwa ajulile acashunwe emiBhalweni YesiHebheru, umphostoli uPawulu wakhumbuza izingane ngomthwalo wazo wemfanelo ngokuqondene nabazali bazo. Kodwa la mazwi asebenza kanjani ekunakekeleni asebekhulile? Isibonelo esithinta inhliziyo sezikhathi zangaphambi kobuKristu sizosisiza ukuba siphendule lo mbuzo.
5. (a) Yini ebonisa ukuthi uJosefa wayengazikhohliwe izibopho zakhe kuyise? (b) Kusho ukuthini ukuhlonipha abazali bethu, futhi isiphi isibonelo esihle uJosefa asibeka kulokhu?
5 Iminyaka engaphezu kwengu-20, uJosefa wayengabonani noyise owayesekhulile, inzalamizi uJakobe. Nokho, kusobala ukuthi uthando lukaJosefa ngoyise uJakobe lwalungapholile. Empeleni, lapho uJosefa eziveza kubafowabo ukuthi ungubani ngempela, wabuza: “Ingabe ubaba usaphila?” (Genesise 43:7, 27; 45:3) Ngaleso sikhathi, izwe laseKhanani lalikhungethwe indlala. Ngakho, uJosefa wathumela kuyise, wathi: “Yehlela kimi. Ungalibali. Uzohlala ezweni laseGosheni, futhi uzoqhubeka useduze kwami . . . Ngizokunika ukudla lapho.” (Genesise 45:9-11; 47:12) Yebo, ukuhlonipha abazali asebekhulile kuhlanganisa nokubavikela nokubondla ngokwenyama lapho bengenakuzinakekela bona. (1 Samuweli 22:1-4; Johane 19:25-27) UJosefa wawamukela ngenjabulo lo mthwalo wemfanelo.
6. UJosefa walubonisa kanjani uthando oluqotho ngoyise, futhi singasilingisa kanjani isibonelo sakhe?
6 Ngesibusiso sikaJehova, uJosefa wayesengomunye wabantu abacebe kakhulu nabanethonya kakhulu eGibhithe. (Genesise 41:40) Kodwa wayengazibheki njengobaluleke kakhulu noma omatasa kakhulu ukuba angahlonipha uyise oneminyaka engu-130 ubudala. Lapho ezwa ukuthi uyeza uJakobe (noma u-Israyeli), “uJosefa wayala ukuba kulungiswe inqola yakhe wayesekhuphuka eyohlangabeza u-Israyeli uyise eGosheni. Lapho eqhamukela kuye wawela entanyeni yakhe ngaso leso sikhathi wakhala izinyembezi entanyeni yakhe ngokuphindaphindiwe.” (Genesise 46:28, 29) Ukwamukela kwakhe uyise ngale ndlela kwakungaphezu nje kokubonisa inhlonipho ngokulandela inkambiso. UJosefa wayemthanda kakhulu uyise owayesekhulile futhi wayengenamahloni okumbonisa ukuthi uyamthanda. Uma sinabazali asebekhulile, ingabe nathi sibabonisa ngokungagodli ukuthi siyabathanda?
7. Kungani uJakobe athanda ukuyongcwatshwa eKhanani?
7 UJakobe wahlala ezinikele ngokuphelele kuJehova kwaze kwaba sekufeni kwakhe. (Hebheru 11:21) Ngenxa yokholo lwakhe ezithembisweni zikaNkulunkulu, uJakobe wacela ukuba isidumbu sakhe siyongcwatshwa eKhanani. UJosefa wamhlonipha uyise ngokwenza njengokwesicelo sakhe, naphezu kwezindleko nomsebenzi omkhulu owawuhilelekile.—Genesise 47:29-31; 50:7-14.
8. (a) Isiphi isisusa sethu esiyinhloko sokunakekela abazali asebekhulile? (b) Enye inceku yesikhathi esigcwele yenzani ukuze inakekele abazali bayo asebekhulile? (Bheka ibhokisi ekhasini 17.)
8 Yini eyashukumisela uJosefa ukuba anakekele uyise? Nakuba uthando nomuzwa wokumkweleta umuntu owayemnike ukuphila futhi wamkhulisa kwakuyimithelela, akungabazeki ukuthi uJosefa wayenanesifiso esijulile sokujabulisa uJehova. Kufanele sibe naso nathi. UPawulu wabhala: “Uma umfelokazi enabantwana noma abazukulu, mabafunde ukuqhuba ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu endlini yakwabo kuqala nokuqhubeka bekhokha imbuyiselo abayikweleta abazali babo nabazali babazali babo, ngoba lokhu kuyamukeleka emehlweni kaNkulunkulu.” (1 Thimothewu 5:4) Ngempela, uthando ngoJehova nokumesaba okunenhlonipho kuyosishukumisela ukuba sibanakekele abazali bethu asebekhulile, kungakhathaliseki ukuthi ukwenza kanjalo kungase kuhilele ziphi izinselele.a
Indlela Abadala Ababonisa Ngayo Ukuthi Bayakhathalela
9. UJehova umise obani ukuba beluse umhlambi, kuhlanganise namaKristu asekhulile?
9 Lapho esezokufa esemdala, uJakobe wabiza uJehova ngokuthi “uNkulunkulu weqiniso obengalusa sonke isikhathi sokuba khona kwami kuze kube yilolu suku.” (Genesise 48:15) Namuhla, uJehova welusa izinceku zakhe zasemhlabeni ngababonisi abangamaKristu, noma abadala, abaqondiswa iNdodana yakhe, uJesu Kristu, “umalusi omkhulu.” (1 Petru 5:2-4) Ababonisi bangamlingisa kanjani uJehova njengoba benakekela amalungu asekhulile omhlambi?
10. Yini eye yenziwa ukuze amaKristu asekhulile asizwe ngokwenyama? (Bheka ibhokisi elisekhasini 19.)
10 Ngemva nje kokuqalwa kwebandla lobuKristu, abaphostoli bamisa “amadoda ayisikhombisa afakazelwa kahle . . . agcwele umoya nokuhlakanipha” ukuba engamele ‘ukwabiwa kwansuku zonke’ kokudla kubafelokazi abaswele abangamaKristu. (IzEnzo 6:1-6) Kamuva, uPawulu wayala umbonisi uThimothewu ukuba abafelokazi asebekhulile abayisibonelo abafake ohlwini lwalabo abafanelekela ukuthola usizo olungokwenyama. (1 Thimothewu 5:3, 9, 10) Ngokufanayo, ngomoya ovumayo abadala bebandla namuhla bahlela ukuba amaKristu asekhulile asizwe ngezindlela ezingokoqobo lapho kudingeka. Nokho, kuhileleke okwengeziwe ekunakekeleni asebekhulile abathembekile.
11. UJesu wathini ngomfelokazi ompofu owafaka umnikelo omncane ebhokisini?
11 Ngasekupheleni kwenkonzo yakhe yasemhlabeni, uJesu wahlala phansi ethempelini “waqaphela indlela isixuku esasikhalakathisela ngayo imali emabhokisini omnikelo.” Iso lakhe labe selithathwa othile. Ukulandisa kuthi: “Umfelokazi ompofu wakhalakathisela izinhlamvu zemali ezimbili ezincane, zenani elincane kakhulu.” UJesu wabiza abafundi bakhe wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini lo mfelokazi ompofu ukhalakathisele okungaphezu kokwabo bonke abakhalakathisela imali emabhokisini omnikelo; ngoba bonke bakhalakathisele abakucaphune enaleni yabo, kodwa yena, ekusweleni kwakhe, ukhalakathisele konke abenakho, konke abeziphilisa ngakho.” (Marku 12:41-44) Ngokwamanani emali, umnikelo womfelokazi wawumncane, kodwa uJesu wayazi ukuthi uYise wasezulwini ukwazisa kakhulu kangakanani ukubonakaliswa okunjalo kokuzinikela komphefumulo wonke. Kungakhathaliseki ubudala bomfelokazi ompofu, uJesu akakushayanga indiva lokho ayekwenzile.
12. Abadala bangakubonisa kanjani ukwazisa kwabo indima efezwa amaKristu asekhulile?
12 NjengoJesu, ababonisi abangamaKristu abakushayi indiva lokho asebekhulile abakwenzayo ukuze bathuthukise ukukhulekela kweqiniso. Abadala banesizathu sokubancoma asebekhulile ngengxenye yabo enkonzweni, ngokuhlanganyela kwabo emihlanganweni, ngethonya labo elihle ebandleni nangokukhuthazela kwabo. Amazwi aqotho okubakhuthaza angabasiza asebekhulile bathole ‘isizathu sokwethaba’ enkonzweni yabo engcwele, kanjalo bagweme ukuzikhungathekisa ngokuqhathanisa abakwenzayo nalokho okwenziwa amanye amaKristu noma nalokho bona ngokwabo ababekwenza kudala.—Galathiya 6:4.
13. Abadala bangawasebenzisa kanjani amakhono nokuhlangenwe nakho kwasebekhulile?
13 Abadala bangabonisa ukuthi bayaluqaphela usizo oluyigugu lwamaKristu asekhulile ngokusebenzisa okuhlangenwe nakho kwawo namakhono awo. Asebekhulile abayisibonelo bangase basetshenziswe ngezinye izikhathi emibonisweni noma ezingxoxweni (interviews). Omunye umdala uthi: “Izethameli ziyalalelisisa ngempela lapho ngixoxa nomzalwane noma udade osekhulile okhulise izingane eqinisweni.” Kwelinye ibandla abadala babika ukuthi udade oyiphayona oneminyaka engu-71 ubudala uye waphumelela ukusiza abamemezeli boMbuso ukuba baphume njalo enkonzweni yasensimini. Ubakhuthaza nokuba benze “izinto eziyisisekelo,” njengokufunda iBhayibheli netekisi losuku bese bezindla ngalokho abakufundile.
14. Enye indikimba yabadala yakubonisa kanjani ukwazisa umbonisi osekhulile oyilungu layo?
14 Abadala futhi bayalwazisa usizo lwababonisi asebekhulile abakanye nabo. UJosé oseminyakeni yawo-70 futhi osenamashumi eminyaka ekhonza njengomdala, muva nje uye wenziwa ukuhlinza okukhulu. Ebona ukuthi kuzomthatha isikhathi eside ukululama, wacabanga ukuhoxa ekukhonzeni njengombonisi owengamele. “Indlela abanye abadala abasabela ngayo yangimangaza,” kusho uJosé. “Kunokuba bamukele ukusikisela kwami, babuza ukuthi iluphi usizo olungokoqobo engiludingayo ukuze ngikwazi ukuqhubeka nginakekela imithwalo yami yemfanelo.” Ngosizo lomdala osemusha ngeminyaka, uJosé wakwazi ukuqhubeka ekhonza ngenjabulo njengombonisi owengamele, futhi lokhu kuye kwaba isibusiso ebandleni. Omunye umdala uthi: “Abazalwane bawazisa kakhulu umsebenzi kaJosé njengomdala. Bayamthanda futhi bayamhlonipha ngenxa yokuhlangenwe nakho kwakhe nesibonelo sakhe sokholo. Uyalicebisa ibandla lethu.”
Ukunakekelana
15. Kungani wonke amaKristu kufanele abe nesithakazelo ehlalakahleni yasebekhulile abaphakathi kwawo?
15 Akuzona kuphela izingane ezinabazali asebekhulile nezinceku ezimisiwe okufanele zikhathalele asebekhulile. Efanisa ibandla lobuKristu nomzimba womuntu, uPawulu wabhala: “UNkulunkulu wawuhlanganisa umzimba, eyinika udumo olukhulu ngokwengeziwe leyo ngxenye eyayintula, ukuze kungabikho ukuhlukana emzimbeni, kodwa ukuze amalungu awo anakekelane ngokufanayo.” (1 Korinte 12:24, 25) Enye inguqulo ithi: “Zonke izitho ezihlukahlukene [zomzimba kufanele] zikhathalele inhlalakahle yesinye nesinye.” (Knox) Ukuze ibandla lobuKristu lisebenze ngokuvumelana, ilungu ngalinye kumelwe likhathalele inhlalakahle yamanye amakholwa, kuhlanganise nasebekhulile.—Galathiya 6:2.
16. Singasibonisa kanjani isithakazelo kwasebekhulile lapho sisemihlanganweni yobuKristu?
16 Imihlangano yobuKristu isinika ithuba elihle lokubonisa isithakazelo kwasebekhulile. (Filipi 2:4; Hebheru 10:24, 25) Lapho sikuyo, siyazinika yini isikhathi sokuxoxa nasebekhulile? Nakuba kungase kufaneleke ukubabuza ukuthi impilo injani, ingabe ‘singadlulisela kubo isipho esithile esingokomoya,’ mhlawumbe ngokuxoxa nabo ngokuhlangenwe nakho okukhuthazayo noma ngephuzu elithile elingokomBhalo? Njengoba kwabanye asebekhulile kunzima ukuhamba, kungaba umusa ukuya kubo kunokulindela ukuba kube yibo abeza kithi. Uma benenkinga yokuzwa, kungase kudingeke sikhulume sinense futhi siphimisele kahle. Futhi ukuze kube khona “ukukhuthazana” kwangempela, kumelwe sikulalelisise lokho umuntu osekhulile akushoyo.—Roma 1:11, 12.
17. Singakubonisa kanjani ukukhathalela amaKristu asekhulile avaleleke endlini?
17 Kuthiwani uma abathile asebekhulile bengenakuya emihlanganweni yobuKristu? UJakobe 1:27 ubonisa ukuthi kuyisibopho sethu “ukunakekela izintandane nabafelokazi osizini lwabo.” Enye yezincazelo zesenzo sesiGreki esihunyushwe ngokuthi “ukunakekela” ithi “ukuhambela.” (IzEnzo 15:36) Yeka indlela asebekhulile abakwazisa ngayo ukuvakashelwa yithi! Lapho iboshwe eRoma ngawo-65 C.E., “indoda esikhulile” enguPawulu yazithola ifana nesele yodwa. Yayilangazelela ukubona isisebenzi esikanye nayo uThimothewu, futhi yabhala: “Yenza konke okusemandleni akho ukuba uze kimi ngokushesha.” (Filemoni 9; 2 Thimothewu 1:3, 4; 4:9) Nakuba bengezona iziboshwa ngempela, abanye asebekhulile bavaleleke endlini ngenxa yezinkinga zempilo. Kungase kube njengokungathi bathi, ‘Ngicela nenze okusemandleni enu ukuba nizongivakashela ngokushesha.’ Ingabe siyasabela ekunxuseni okunjalo?
18. Iziphi izinzuzo ezingalethwa ukuvakashela kwethu asebekhulile?
18 Ungalokothi uzithathe kalula izinzuzo zokuvakashela umzalwane noma udade osekhulile. Lapho umKristu okuthiwa ngu-Onesiforu eseRoma, wamfuna ngenkuthalo uPawulu, wamthola, ngemva kwalokho ‘wamlethela ukuqabuleka kaningi.’ (2 Thimothewu 1:16, 17) Omunye udade osekhulile uthi: “Ngiyakuthanda ukuba kanye nabasha. Into engiyithanda kakhulu ukuthi bangiphathisa okwelungu lomkhaya wabo. Kungikhuthaza kakhulu lokhu.” Omunye umKristu osekhulile uthi: “Ngiyakwazisa ngempela lapho othile engithumelela ikhadi, engishayela ucingo akhulume nami imizuzwana embalwa, noma engivakashela isikhashana. Kuyaqabula.”
UJehova Uyabavuza Labo Abakhathalelayo
19. Iziphi izibusiso ezilethwa ukunakekela asebekhulile?
19 Ukunakekela asebekhulile kuphumela ezibusisweni eziningi. Ukuzihlanganisa nasebekhulile futhi uzuze olwazini nakokuhlangenwe nakho kwabo kuyilungelo kukodwa nje. Abanakekela asebekhulile bathola injabulo eyengeziwe elethwa ukupha, kanye nomuzwa wokufeza okuthile nokuthula kwangaphakathi ngenxa yokuthi baye bafeza umthwalo wabo wemfanelo ongokomBhalo. (IzEnzo 20:35) Ngaphezu kwalokho, labo abanakekela asebekhulile akudingeki besabe ukuthi bona bayoshiywa dengwane lapho sebekhulile. IZwi likaNkulunkulu liyasiqinisekisa: “Umphefumulo ophanayo uyokhuluphaliswa; nophuzisa abanye ngokungagodli naye uyophuziswa ngokungagodli.”—IzAga 11:25.
20, 21. UJehova ubabheka kanjani labo abanakekela asebekhulile, futhi yini okufanele sizimisele ukuyenza?
20 UJehova uyazivuza izingane, ababonisi, namanye amaKristu akhathalelayo, bonke abesaba uNkulunkulu, ngokunakekela kwabo ngokungenabugovu izidingo zamakholwa asekhulile. Umoya onjalo uvumelana nalesi saga: “Ombonisa umusa ophansi uboleka uJehova, futhi Yena uyombuyisela ngempatho yakhe.” (IzAga 19:17) Uma uthando lusishukumisela ukuba sibonise umusa kwabahluphekile nabampofu, uNkulunkulu ubheka ukupha okunjalo njengokuboleka Yena, okuyisenzo asibuyisela ngezibusiso. Uyasibuyisela futhi ngokunakekela kwethu ngothando abakhulekeli asebekhulile esikanye nabo, abaningi babo ‘abampofu ngokwezwe kodwa abacebile okholweni.’—Jakobe 2:5.
21 Yeka ukuthi imbuyiselo kaNkulunkulu inkulu kangakanani! Ihlanganisa ukuphila okuphakade. Eningini lezinceku zikaJehova, lokho kuyoba ukuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi, lapho imiphumela yesono esazuzwa njengefa iyosuswa khona futhi asebekhulile abathembekile bajabulele ukubuyiselwa ebungqabavwini bobusha. (IsAmbulo 21:3-5) Njengoba sisalinde leso sikhathi esibusisekile, kwangathi singaqhubeka sifeza umthwalo wethu wemfanelo wobuKristu wokunakekela asebekhulile.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukusikisela okuwusizo mayelana nokunakekela abazali asebekhulile, bheka i-Phaphama! ka-February 8, 1994, amakhasi 3-10.
Zithini Izimpendulo Zakho?
• Izingane zingabahlonipha kanjani abazali asebekhulile?
• Abadala babonisa kanjani ukuthi bayawazisa amalungu omhlambi asekhulile?
• Yini amaKristu ngamanye angayenza ukuze abonise isithakazelo esiqotho kwasebekhulile?
• Iziphi izibusiso ezilethwa ukunakekela amaKristu asekhulile?
[Ibhokisi ekhasini 17]
Lapho Abazali Bakhe Bedinga Usizo
UPhilip wayekhonza njengesisebenzi sokwakha sokuzithandela eLiberia ngo-1999 lapho ezwa ukuthi uyise ugula ubangwa nezibi. Eqiniseka ukuthi unina uzodinga usizo, wanquma ukubuyela ekhaya ayohlela ukuba impilo kayise inakekelwe kahle.
UPhilip uyakhumbula: “Kwakungelula ukuphindela emuva, kodwa ngaba nomuzwa wokuthi isibopho sami esiyinhloko esokunakekela abazali bami.” Phakathi neminyaka emithathu eyalandela, wathatha abazali bakhe wabatholela ikhaya elifaneleka kangcono futhi, esizwa amanye amaKristu endawo, wenza ushintsho kuleyo ndlu ukuze ifanelane nezidingo ezikhethekile zikayise.
Unina kaPhilip manje usekulungele kangcono ukubhekana nezinkinga zempilo ezinzima zikayise kaPhilip. Muva nje, uPhilip uye wamukela isimemo sokuba akhonze njengesisebenzi sokuzithandela ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eMacedonia.
[Ibhokisi ekhasini 19]
Abazishalazelanga Izidingo Zakhe
Lapho u-Ada, umKristu oneminyaka engu-85 ubudala e-Australia, evaleleka ekhaya ngenxa yempilo engeyinhle, abadala bebandla bahlela ukumsiza. Bahlela iqembu labanye akholwa nabo elalingamsiza. Laba bazalwane nodade bakujabulela ukwenza imisebenzi enjengokuhlanza indlu, ukuwasha izingubo, ukupheka nokumyela ezindaweni ezithile.
Sekudlule iminyaka ecishe ibe yishumi kwaqalwa lolo sizo. Kuze kube manje, bangaphezu kuka-30 oFakazi BakaJehova abaye basiza ekunakekeleni u-Ada. Bayaqhubeka bemvakashela, bemfundela izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini, bemxoxela ngentuthuko engokomoya yalabo abasebandleni, futhi bethandaza njalo naye.
Umdala ongumKristu kuleli bandla wathi: “Labo abanakekela u-Ada bakubheka njengelungelo ukumsiza. Abaningi kuye kwabakhuthaza ukukhonza kwakhe ngokwethembeka isikhathi esingamashumi eminyaka, futhi ababoni ukuthi bebengazishalazela kanjani nje izidingo zakhe.”
[Isithombe ekhasini 16]
Ingabe abazali asebekhulile sibabonisa ngokungagodli ukuthi siyabathanda?
[Izithombe ekhasini 18]
Bonke ebandleni bangabonisa ukuthi bayabathanda abakholwa nabo asebekhulile