Thembela Emandleni Avela KuNkulunkulu
Amaphuzu Avelele avela Encwadini YesiBili KuThimothewu
UJEHOVA unikeza izinceku zakhe amandla okukhuthazelela izilingo noshushiso. Futhi yeka ukuthi uThimothewu namanye amaKristu ayewadinga kanjani amandla avela kuNkulunkulu! Umlilo wabhubhisa iRoma ngo-64 C.E., futhi amahemuhemu ayethi wawubangelwe uMbusi uNero. Ukuze azivikele, wasola amaKristu, futhi lokhu ngokusobala kwabhebhezela igagasi loshushiso. Ngokunokwenzeka ngalesosikhathi (cishe ngo-65 C.E.), umphostoli uPawulu waphinde waboshwa eRoma. Nakuba ayebhekene nokufa, wabe esebhala incwadi yakhe yesibili eya kuThimothewu.
Incwadi kaPawulu yalungiselela uThimothewu ukuba amelane nezihlubuki futhi ame eqinile naphezu koshushiso. Yamkhuthaza ukuba aqhubeke enza intuthuko engokomoya futhi yayikhuluma ngezimo zikaPawulu ejele. Lencwadi futhi isiza abafundi bayo ukuba bathembele emandleni avela kuNkulunkulu.
Bekezela Ekuhluphekeni Futhi Ufundise Ngobumnene
UNkulunkulu usinikeza amandla ukuze sikhuthazelele ushushiso njengabamemezeli bezindaba ezinhle. (1:1-18) UPawulu akazange alokothe amlibale uThimothewu emikhulekweni yakhe, futhi wayelukhumbula ukholo lwakhe olungazenzisi. UNkulunkulu akazange anikeze uThimothewu ‘umoya wobugwala, kepha owamandla, nowothando, nowokuzikhuza.’ Ngakho makangabi namahloni ngokufakaza nangokubekezela ekuhluphekeni ngenxa yezindaba ezinhle. Wabuye wanxuswa ukuba “[abambe] isibonelo samazwi aphilayo” awezwa kuPawulu, njengoba ngisho nathi kufanele sibambelele ngokuqinile eqinisweni lobuKristu elingokoqobo nakuba abanye bechezuka kulo.
Izinto uPawulu ayezifundisa kwakumelwe ziphathiswe amadoda athembekile ayezofundisa abanye. (2:1-26) UThimothewu wanxuswa ukuba abe ibutho elihle likaKristu, athembeke lapho ebekezelela ukuhlupheka. UPawulu ngokwakhe wayehlupheka ezibophweni zasejele ngenxa yokushumayela izindaba ezinhle. Wakhuthaza uThimothewu ukuba enze konke okusemandleni akhe ukuba aziveze eyisisebenzi esitusekayo sikaNkulunkulu, agweme izinkulumo eziyize ezingcolisa okungcwele. Futhi watshelwa ukuthi inceku yeNkosi kumelwe ifundise abanye ngobumnene.
Shumayela IZwi!
Amandla avela kuNkulunkulu ayeyodingeka ukuze kubhekwane nezinsuku zokugcina futhi kusekelwe iqiniso elingokomBhalo. (3:1-17) Phakathi kwabangamesabi uNkulunkulu kwakuyovuka abantu ‘abafunda njalo, kepha bengeke bakwazi ukufika ekulazini iqiniso.’ Abanjalo ‘abantu ababi nabakhohlisi babeyoqhubekela phambili ebubini bedukisa, bedukiswa.’ Nokho, uThimothewu kwakumelwe ‘ame kulokho akufundile.’ Kufanele senze njalo nathi, sazi ukuthi “yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.”
UThimothewu kwakumelwe amelane nezihlubuki futhi afeze inkonzo yakhe. (4:1-22) Wayengenza kanjalo ‘ngokushumayela izwi’ futhi aqine kulo. Lokhu kwakubalulekile, njengoba ibandla lalibhekene “nesikhathi esinezinkinga,” (NW), ngoba abanye babefundisa imfundiso yamanga. OFakazi BakaJehova manje nabo banamathela eZwini likaNkulunkulu, belishumayela ngokuphuthumayo ebandleni nakubantu ngaphandle, ngisho nasezimweni ezingezinhle. UPawulu ‘wayekugcinile ukukholwa,’ nakuba abathile babemshiyile. Kodwa ‘iNkosi yamupha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngaye.’ Kwangathi nathi singathembela emandleni avela kuNkulunkulu futhi siqhubeke sishumayela izindaba ezinhle.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 21]
Ibutho Elihle: UPawulu wanxusa uThimothewu: “Hlanganyela nami ukuhlupheka njengebutho elihle likaKristu. Akakho osempini olibala imidingo yalokhukuphila, aze akholeke kulowo abuthwé nguye.” (2 Thimothewu 2:3, 4) Isosha elingumRoma elihamba ngezinyawo ‘lalibekezelela ukuhlupheka’ lapho liphethe izikhali ezisindayo, isizenze, ubhasikidi, ukudla kwezinsuku ezintathu, nezinye izinto. (Wars of the Jews kaJosephus, Book 3, isahluko 5) Lalingaphishekeli izithakazelo zezentengiselwano, ngoba lokho kwakungeke kumjabulise lowo omkhulu kunalo, futhi izindleko zalo zazinakekelwa. Ngokufanayo, umKristu ubhekana nezilingo ezihlobene nokuba ‘ibutho elihle likaKristu.’ Nakuba engase asebenze emsebenzini wokuziphilisa ukuze ahlangabezane nezibopho ezingokomBhalo, akumelwe avumele ukuhileleka okungadingekile ezintweni ezibonakalayo kumvimbele ekulweni impi engokomoya. (1 Thesalonika 2:9) Efakaza endlini ngendlu, uphatha ‘inkemba kaMoya eyizwi likaNkulunkulu,’ futhi usiza abantu bakhululeke emangeni angokwenkolo. (Efesu 6:11-17; Johane 8:31, 32) Njengoba ukuphila kusengozini, wonke amasosha angamaKristu mawaqhubeke ethokozisa uJesu Kristu noJehova uNkulunkulu ngalendlela.