Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Abantu BakaJehova ‘Bayakulahla Ukungalungi’
    INqabayokulinda—2014 | Julayi 15
    • 9. “Imibuzo ewubuwula neyokungazi” yalithinta kanjani ibandla lobuKristu lokuqala?

      9 IZwi likaNkulunkulu linikeza iseluleko esiqondile ngokuqondene nezinhlobo zokungalungi amaKristu okumelwe azilahle noma azenqabe. Ngokwesibonelo, emavesini omongo weyesi-2 Thimothewu 2:19, sithola uPawulu etshela uThimothewu ukuthi “angalwi ngamazwi” nokuthi ‘axwaye izinkulumo ezingenangqondo.’ (Funda eyesi-2 Thimothewu 2:14, 16, 23.) Amanye amalungu ebandla ayethuthukisa izimfundiso zezihlubuki. Kubonakala sengathi abanye base beqala ukungenisa imibono edala ukuphikisana. Ngisho noma leyo mibono edala ukuphikisana yayingangqubuzani ngokuqondile nemiBhalo, yayibangela ukwahlukana. Yayibangela ukuxabana nokuphikisana ngamagama, idala isimo esiyingozi ngokomoya. Yingakho uPawulu agcizelela ukuthi kwakudingeka ‘bangayamukeli imibuzo ewubuwula neyokungazi.’

      10. Kufanele sisabele kanjani lapho sichayeka ezimfundisweni zezihlubuki?

      10 Akuvamile namuhla ukuba abantu bakaJehova bachayeke ezimfundisweni zezihlubuki phakathi ebandleni. Noma kunjalo, lapho bechayeka ezimfundisweni ezingqubuzana nemiBhalo, kungakhathaliseki ukuthi zivelaphi, kumelwe bathathe isinyathelo esiwujuqu sokuzenqaba. Kungaba ubuwula ukuphikisana nezihlubuki, kungakhathaliseki ukuthi kwenziwa ngokuxoxa nazo ngokuqondile, ngokuphendula ezikushilo ezingosini zazo noma ngezinye izindlela zokuxhumana. Ngisho noma kwenziwa ngenhloso yokusiza lowo muntu, ukuba nengxoxo enjalo kungaba okuphambene nesiqondiso semiBhalo esisanda kuxoxa ngaso. Kunalokho, njengabantu bakaJehova, sizigwema ngokuphelele, yebo siyazenqaba izimfundiso zezihlubuki.

      Izihlubuki zizama ukuhilela oFakazi BakaJehova empikiswaneni

      Gwema ukuphikisana nezihlubuki (Bheka isigaba 10)

      11. Yini engabangela ‘imibuzo ewubuwula,’ futhi abadala bebandla bangasibekela kanjani isibonelo esihle?

      11 Kunezinye izinto ngaphandle kwezimfundiso zezihlubuki ezingaphazamisa ukuthula kwebandla. Ngokwesibonelo, ukungaboni ngaso linye kwezokuzijabulisa kungaholela ‘emibuzweni ewubuwula neyokungazi.’ Yiqiniso, lapho abathile ebandleni bekhuthaza ukuzijabulisa okwephula izindinganiso zikaJehova, abadala bebandla akufanele bakubekezelele ukuziphatha okunjalo ukuze nje bagweme impikiswano. (IHu. 11:5; Efe. 5:3-5) Noma kunjalo, abadala bayaqikelela ukuba bangafundisi imibono yabo siqu. Banamathela ngobuqotho eselulekweni esingokomBhalo esinikezwe ababonisi abangamaKristu: “Yalusani umhlambi kaNkulunkulu eniwuphathisiwe, . . . kungabi ngokuzenza izingqongqo phezu kwalabo abayifa likaNkulunkulu, kodwa ngokuba yizibonelo emhlambini.”—1 Pet. 5:2, 3; funda eyesi-2 Korinte 1:24.

  • Abantu BakaJehova ‘Bayakulahla Ukungalungi’
    INqabayokulinda—2014 | Julayi 15
    • 13 Izimiso zeBhayibheli okuxoxwe ngazo ngenhla azisebenzi ekukhetheni ezokuzijabulisa kuphela. Imibono ephathelene nokugqoka nokuzilungisa, impilo nezinhlobo zokudla nezinye izindaba zomuntu siqu nayo ingabangela ukuphikisana. Ngakho, uma singekho isimiso esingokomBhalo esephulwayo, abantu bakaJehova babonisa ukuhlakanipha ngokugwema ukuphikisana ngezindaba ezinjalo, ngoba “inceku yeNkosi akufanele ilwe, kunalokho kufanele ibe mnene [ibe nesu lokungacunuli] kubo bonke.”—2 Thim. 2:24.

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela