Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Ingabe umphostoli uPawulu wayebonisa ubandlululo lohlanga uma evumelana nokugxeka okuhlanganisa bonke abantu baseKrethe?
Cha, uPawulu akavumelananga nomkhuba wokukhuluma amagama ajivazayo ahlanganisa konke ngabantu besinye isizinda sohlanga noma sesizwe.
Lombuzo usukela emazwini encwadi kaPawulu eyayiya kumfundi uThithu. UPawulu wayemshiye esiqhingini esikhulu saseMeditera iKrethe ukuze ‘ahlele okusaseleyo, amise amalungu emizini yonke.’ UPawulu wachaza izimfanelo ezithile zabadala bebandla kodwa waxwayisa uThithu: “Baningi abangalaleliyo abakhuluma ize, nabakhohlisayo, ikakhulu abokusoka, abamelwe ukuthuliswa, abachitha indlu iphela.”—Thithu 1:5, 10, 11.
UPawulu waqhubeka evesini 12: “Omunye kubona, umprofethi wakubo, washo wathi: AbaseKrethe bangabaqambimanga njalo, izilwane ezimbi, iziminzi ezivilaphayo.” Evesini 13, wanezela: “Lobobufakazi buqinisile. Ngalokho-ke ubayalisise, ukuze baphile ekukholweni.”
Abahumushi beBhayibheli abaningi balandelisa lamazwi kaPawulu athi “lobobufakazi buqinisile” ngemva nje kwalokho ayekucaphune emazwini omprofethi ongumKrethe. Abanye baqala isigaba esisha ngevesi 13.a Kuzo zombili lezizimo, yikuphi uPawulu ayevumelana nakho?
Ngokuqinisekile wayengavumelani nanoma yiliphi izwi elijivazayo elihlanganisa konke lohlanga noma lobuzwe ngokumelene nabaseKrethe. Singaqiniseka ngalokho, ngoba uPawulu wayazi ukuthi eKrethe kwakunamaKristu amahle ayemukelwe nguNkulunkulu futhi wawagcoba ngomoya waKhe ongcwele. (IzEnzo 2:5, 11, 33) KwakunamaKristu enele azinikele ayengakha amabandla “emizini yonke.” Nakuba lawomaKristu ayengabantu abangaphelele, singaqiniseka ngokuthi ayengebona abaqambimanga neziminzi ezivilaphayo; uma kwakungenjalo ayengeke amukelwe nguJehova. (Filipi 3:18, 19; IsAmbulo 21:8) Futhi njengoba sikubona ezizweni zonke, ngokunokwenzeka eKrethe babekhona abantu abanhliziyo ziqotho ababedabukiswa izindinganiso zokuziphatha eziphansi ezazibazungezile futhi bekulungele ukusabela esigijimini sobuKristu.—Hezekeli 9:4; qhathanisa nezEnzo 13:48.
Ngakolunye uhlangothi, babekhona futhi abantu eKrethe ababengenazo izindinganiso zokuziphatha eziphakeme. UPawulu wakubona kufanelekile ukuba acaphune amazwi ngokusobala aqanjwa nguEpimenides, imbongi engumKrethe (umprofethi noma umkhulumeli) ekhulwini lesithupha leminyaka B.C.E. Kodwa uPawulu wayevumelana naleyoncazelo njengeyayibhekisele engxenyeni ethile yabantu baseKrethe.
Laba ‘kwakungabakhuluma ize, nabakhohlisayo’ ababejwayelene namaKristu athembekile futhi bezama ‘ukuchitha indlu iphela.’ Ngempela abakhohlisi abanjalo abavukelayo bayafanelwa incazelo ethi “abaqambimanga . . . izilwane ezimbi,” okwakunjalo ngabantu abanjalo kwenye indawo. (2 Thimothewu 3:6, 13) Futhi, noma ubani owayesesemabandleni kakade owayekhohlisekile wathatha lezozindlela kwakudingeka ukuba ‘ayalisiswe.’ Kanjalo labo abazuzayo ekusolweni babengase basizakale ukuba babe yisibonelo emisebenzini emihle ‘nasekukhulumeni okuqondileyo okungasolekiyo.’—Thithu 2:6-8.
Kulokhu sonke kufanele sithole isixwayiso. Ubandlululo lohlanga noma lobuzwe lungase lwande nxazonke. (Qhathanisa noJohane 7:47-52.) Cishe sizwa omakhelwane, esifunda nabo, noma esisebenza nabo bekhuluma amazwi ahlukanisayo ngabanye abantu, njengokuthi, ‘Oh, labobantu basenyakatho abanamusa futhi abanaluzwela’; ‘Nokho, uyazi ukuthi bazikhukhumeza kanjani labobantu baseningizimu’; noma ‘Kuyingozi ukwethemba labobantu abavela ngaphesheya komngcele.’
Kumelwe silwele ukugwema ukuvumelana nokuchaza izici zabanye okujulile cishe okungenasisekelo noma okwenziwe ihaba kakhulu. Abanye bangase babe nobungane kakhulu futhi babe abangagodli, abanye bathule kakhulu noma bathathe isikhathi ukuthakazelela abantu abangabazi. Nokho, kufanele sikhumbule ukuthi abanye abafowethu abangamaKristu ngokungangabazeki baphakathi kwabantu balolohlanga noma balesosizwe, kanye nabaningi abanye abangakabi amaKristu eqiniso kodwa abanezici ezincomekayo futhi abalambele ukulunga.
Umphostoli uPetru wagcizelela iqiniso lokuthi “UNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu, kodwa ezizweni zonke omesabayo nowenza ukulunga uyamukeleka kuye.” (IzEnzo 10:34, 35) Singaqiniseka ngokuphelele ukuthi uPawulu wayevumelana nalokho, ebonisa umbono ofanayo emibhalweni yakhe nasenkulumweni. Nathi kufanele senze kanjalo.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka iNew Berkeley Version kanye nezinguqulo zikaR. F. Weymouth, F. A. Spencer, K. S. Wuest, noAbner Kneeland.