-
Ukulalela Unembeza WakhoINqabayokulinda—2007 | Okthoba 15
-
-
Ukulalela Unembeza Wakho
“Zonke izinto zihlanzekile kubantu abahlanzekile. Kodwa kubantu abangcolile nabangenalukholo akukho lutho oluhlanzekile.”—THITHU 1:15.
1. UPawulu wahileleka kanjani emabandleni aseKrethe?
NGEMVA kokuba umphostoli uPawulu eqede uhambo lwakhe lwesithathu lwezithunywa zevangeli, waboshwa futhi wagcina eyiswe eRoma lapho avalelwa khona iminyaka emibili. Wenzani lapho ededelwa? Ngesinye isikhathi esededelwe, wahambela isiqhingi saseKrethe noThithu ambhalela la mazwi: “Ngakushiya eKrethe, ukuze ulungise izinto eziyiphutha futhi umise amadoda amadala.” (Thithu 1:5) Ukufeza kukaThithu leso sabelo kwakuhilela onembeza.
2. Iyiphi inkinga okwadingeka uThithu ayisingathe esiqhingini saseKrethe?
2 UPawulu weluleka uThithu ngezimfanelo zabadala bebandla wabe eseveza ukuthi ‘kwakunabantu abaningi abangalawuleki, abakhuluma okungasizi ngalutho, nabakhohlisi.’ ‘Babechitha imizi iphelele ngokufundisa izinto ezingafanele.’ UThithu kwakufanele ‘aqhubeke ebasola.’ (Thithu 1:10-14; 1 Thimothewu 4:7) UPawulu wathi izingqondo nonembeza babo ‘kwakungcolile,’ esebenzisa igama elinomqondo wokuba nebala, njengengubo enhle engase ingcoliswe udayi. (Thithu 1:15) Kungenzeka ukuthi abanye balabo bantu babenesizinda sobuJuda ngoba ‘babenamathele ekusokeni.’ Amabandla namuhla awalinyazwa abantu abanaleso simo sengqondo; noma kunjalo singafunda okuningi ngonembeza eselulekweni uPawulu asinikeza uThithu.
Labo Abanonembeza Ongcolile
3. Yini uPawulu ayibhalela uThithu ngonembeza?
3 Phawula ukuthi uPawulu wakhuluma ngonembeza ngaphansi kwaziphi izimo. “Zonke izinto zihlanzekile kubantu abahlanzekile. Kodwa kubantu abangcolile nabangenalukholo akukho lutho oluhlanzekile, kodwa kokubili izingqondo zabo nonembeza babo kungcolile. Bavuma obala ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kodwa bayamphika ngemisebenzi yabo.” Kusobala ukuthi abanye ngaleso sikhathi kwakudingeka benze izinguquko ukuze “babe abaphilile okholweni.” (Thithu 1:13, 15, 16) Babenenkinga yokuhlukanisa phakathi kokwakuhlanzekile nokwakungahlanzekile, futhi lokhu kwakuhilela onembeza babo.
4, 5. Iyiphi inkinga abanye emabandleni ababenayo, futhi yabathinta kanjani?
4 Eminyakeni engaphezu kweshumi ngaphambili, indikimba ebusayo yamaKristu yanquma ukuthi kwakungasadingeki ukuba umuntu asoke ukuze abe umkhulekeli weqiniso, futhi yazisa amabandla leso sinqumo. (IzEnzo 15:1, 2, 19-29) Nokho, kunabathile eKrethe ‘ababesanamathele ekusokeni.’ Bakuzwakalisa obala ukungavumelani kwabo nendikimba ebusayo, ‘befundisa izinto ezingafanele.’ (Thithu 1:10, 11) Njengoba babecabanga ngendlela esontekile, kungenzeka ukuthi babekhuthaza ukugcina iziqondiso ezivela eMthethweni ngokudla nemicikilisho yokuhlanzeka. Kungenzeka ngisho nokuthi babenezela kulokho okwakushiwo uMthetho, njengoba kwenza abangaphambi kwabo osukwini lukaJesu, futhi bekhuthaza izinganekwane zobuJuda nemiyalo yabantu.—Marku 7:2, 3, 5, 15; 1 Thimothewu 4:3.
5 Ukucabanga okunjalo kwaba nethonya elibi endleleni abahlulela ngayo nasemzweni wabo wokulungile nokungalungile, unembeza wabo. UPawulu wabhala: “Kubantu abangcolile nabangenalukholo akukho lutho oluhlanzekile.” Unembeza wabo wasonteka kangangokuthi wawungasesona isiqondiso abangasethemba ezenzweni zabo nasendleleni abahlaziya ngayo izinto. Ngaphezu kwalokho, babehlulela amanye amaKristu ezindabeni zomuntu siqu, izindaba omunye umKristu angase anqume ngendlela ehlukile kweyomunye. Kule ndaba laba bantu baseKrethe babebheka izinto ezihlanzekile njengezingcolile. (Roma 14:17; Kolose 2:16) Nakuba babethi bayamazi uNkulunkulu, bakuphika lokhu ngemisebenzi yabo.—Thithu 1:16.
“Zihlanzekile Kubantu Abahlanzekile”
6. Iziphi izinhlobo ezimbili zabantu uPawulu akhuluma ngazo?
6 Singazuza kanjani kulokho uPawulu akubhalela uThithu? Phawula umahluko okula mazwi: “Zonke izinto zihlanzekile kubantu abahlanzekile. Kodwa kubantu abangcolile nabangenalukholo akukho lutho oluhlanzekile, kodwa kokubili izingqondo zabo nonembeza babo kungcolile.” (Thithu 1:15) Ngokuqinisekile, uPawulu wayengasho ukuthi yonke into ihlanzekile futhi ivumelekile kumKristu onokuziphatha okuhlanzekile. Singaqiniseka ngalokho ngoba uPawulu wayekwenze kwacaca kwenye incwadi ukuthi umuntu ofebayo, okhonza izithombe, osebenzelana nemimoya nowenza nokunye okunjalo ‘ngeke alizuze ifa lombuso kaNkulunkulu.’ (Galathiya 5:19-21) Ngakho, kumelwe siphethe ngokuthi uPawulu wayesho iqiniso elaziwayo ngezinhlobo ezimbili zabantu, labo abahlanzekile ngokokuziphatha nangokomoya, nalabo abangcolile.
-
-
Ukulalela Unembeza WakhoINqabayokulinda—2007 | Okthoba 15
-
-
Onembeza Abangefani, Izinqumo Ezingefani
9. Uma “zonke izinto zihlanzekile,” uyini umsebenzi kanembeza?
9 Kodwa wayesho ukuthini uPawulu lapho ethi “zonke izinto zihlanzekile kubantu abahlanzekile”? UPawulu wayekhuluma ngamaKristu aye enza ukucabanga nomuzwa wawo wokulungile nokungalungile kwavumelana nezimiso zikaNkulunkulu esizithola eZwini lakhe eliphefumulelwe. Lawo maKristu ayaqaphela ukuthi amanye amaKristu angase angenzi ngendlela efanayo ezintweni iBhayibheli elingazilahli ngokuqondile. Kunokwahlulela abanye, abheka izinto uNkulunkulu angazilahli ‘njengezihlanzekile.’ Awalindeli ukuthi bonke abanye bayocabanga ncamashí ngendlela wona acabanga ngayo ngezici zokuphila iBhayibheli elinganiki siqondiso esiqondile kuzo. Ake sixoxe ngendlela okungenzeka ngayo lokhu.
-