Ufuna Ukuba Umuntu Onjani?
ISIKHULU samaphoyisa edolobheni lasePhilippines sabuza iphayona elithile, “Nimenzeni lo muntu ukuze ashintshe?” Sikhomba inqwaba yamaphepha ayesedeskini laso, sanezela: “Phela wonke la maphepha angamacala akhe angaphambili! Nisisizile ngoba ubengomunye wabantu abawuhlupho kuleli dolobha.” Le ndoda okukhulunywa ngayo kwakuthi njalo lapho idakiwe ibe nobudlova. Yini eyayishukumisela ukuba yenze izinguquko ezinkulu ekuphileni kwayo? Yisigijimi esiphefumulelwe seZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli.
Abantu abaningi baye basisebenzisa iseluleko somphostoli uPawulu sokuba ‘balahle ubuntu obudala obuvumelana nenkambo yabo yokuziphatha yangaphambili futhi bagqoke ubuntu obusha obadalwa ngokwentando kaNkulunkulu.’ (Efe. 4:22-24) Kungakhathaliseki ukuthi izinguquko okudingeka sizenze zinkulu noma zincane, ukugqoka ubuntu obusha kuyingxenye yokuba umKristu.
Nokho, ukwenza izinguquko nokuthuthuka size sifanelekele ukubhapathizwa, kumane nje kuyisiqalo. Lapho siziletha ukuze sicwiliswe emanzini sisuke sifana nokhuni olubaziwe lwaba into ethile. Uyakwazi ukubona ukuthi iyini kodwa kuningi okusadingeka kwenziwe. Umbazi kusadingeka ayicwale ukuze ibe yinhle. Lapho sibhapathizwa, sisuke sinezimfanelo eziyisisekelo okulindeleke ukuba inceku kaNkulunkulu ibe nazo. Nokho, sisuke sisaqala ukuhlakulela ubuntu bethu obusha. Kumelwe siqhubeke sibuthuthukisa ngokwenza izinguquko.
Ngisho noPawulu wasibona isidingo sokuthuthuka. Wavuma: “Lapho ngifisa ukwenza okuhle, kukhona okubi kimi.” (Roma 7:21) Ngokuqinisekile, wayekubona lokho ayeyikho nalokho ayefisa ukuba yikho. Kuthiwani ngathi? Nathi kudingeka sizibuze: ‘Yini ekhona kimi? Ngingumuntu onjani? Ngifuna ukuba umuntu onjani?’
Yini ‘Ekhona Kimi’?
Lapho sivuselela indlu endala, akwanele ukupenda ingaphandle uma izingodo zophahla zibolile. Ukungawunaki umonakalo osesakhiweni ngokwaso kungaba ingozi ngokuhamba kwesikhathi. Ngokufanayo, ukubonakala siqotho akwanele. Kumelwe sihlole ingaphakathi bese sibona izinto okudingeka sizilungise. Uma singenzi kanjalo, izici zobuntu bethu obudala zingaphinde zivele. Ngakho, kumelwe sizihlole. (2 Kor. 13:5) Kudingeka sizibone izici ezingathandeki bese sizilungisa. Ukuze sikwazi ukukwenza lokhu, uJehova usinikeza usizo.
UPawulu wabhala: “Izwi likaNkulunkulu liyaphila, linamandla futhi libukhali kunanoma iyiphi inkemba esika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kuhlukane umphefumulo nomoya, amalunga nomnkantsha wawo, futhi liyakwazi ukuqonda imicabango nezinhloso zenhliziyo.” (Heb. 4:12) Isigijimi seZwi likaNkulunkulu elilotshiwe, iBhayibheli, singaba nethonya elinamandla ekuphileni kwethu. Sihlaba sijule kithi—ngomqondo ongokomfanekiso, sifike emnkantsheni. Sembula imicabango nezisusa zethu, siveze lokho esiyikho ngempela ngaphakathi, okuhlukile kulokho esingase sibonakale siyikho ngaphandle noma lokho esicabanga ukuthi siyikho. Yeka ukuthi iZwi likaNkulunkulu lisisiza kanjani ukuba sibone izici okudingeka sizilungise!
Lapho silungisa indlu egugile, kungase kudingeke okungaphezu nje kokukhipha okonakele sifake okusha. Ukwazi imbangela yomonakalo kusisiza ukuba sithathe izinyathelo zokuvimbela ukuba ungaphinde ube khona. Ngokufanayo, ukuze sikwazi ukulawula ubuthaka bethu, akwanele ukubona izici zethu ezingathandeki, kodwa kudingeka sithole nokuthi zibangelwe yini noma ukuthi yini ebe nomthelela. Ziningi izinto ezilolonga ubuntu bethu. Ezinye zazo zingaba isikhundla emphakathini, izimo zethu ezingokomnotho, indawo esihlala kuyo, amasiko, abazali, abangane nesizinda esingokwenkolo. Ngisho nezinhlelo zethelevishini namabhayisikobho esiwabukayo, nezinye izinhlobo zokuzijabulisa, ziyabuthonya ubuntu bethu. Ukwazi izinto ezinethonya elibi ebuntwini bethu kusenza sibe sesimweni esingcono sokunciphisa ithonya lazo.
Ngemva kokuzihlola, singase sithambekele ekutheni, ‘Umthetho wami nginje.’ Lokhu kucabanga kuyiphutha. Ekhuluma ngalabo ababesebandleni laseKorinte ababekade beyizifebe, ongqingili, izidakwa, njalonjalo, uPawulu wathi: “Yilokho abanye kini ababeyikho. Kodwa seniye nagezwa nahlanzeka . . . ngomoya kaNkulunkulu wethu.” (1 Kor. 6:9-11) Ngosizo lomoya ongcwele kaJehova, nathi singaphumelela ekwenzeni izinguquko ezidingekayo.
Cabanga ngesibonelo sendoda egama layo linguMarcos,a ehlala ePhilippines. Ikhuluma ngendlela eyakhula ngayo, yathi: “Abazali bami babexabana njalo. Yingakho ngaba ihlongandlebe lapho ngineminyaka engu-19.” UMarcos waba nedumela elibi lokugembula, lokweba nelokuphanga ehlomile. Yena nabathile bake bahlosa nokuduna indiza, nakuba lelo su lingazange liphumelele. Waqhubeka nemikhuba yakhe emibi nangemva kokuba eseshadile. Ekugcineni, walahlekelwa yikho konke ngenxa yokugembula. Ngokushesha ngemva kwalokho, wahlanganyela nomkakhe esifundweni seBhayibheli esasiqhutshwa oFakazi BakaJehova. Ekuqaleni, wazizwa engafaneleki ukuba uFakazi. Nokho, ukusebenzisa lokho ayekufunda nokuba khona emihlanganweni kwamsiza ukuba ayeke imikhuba yakhe yangaphambili. Manje usengumKristu obhapathiziwe ohlanganyela njalo ekufundiseni abanye indlela nabo abangashintsha ngayo.
Ufuna Ukuba Umuntu Onjani?
Iziphi izinguquko okungase kudingeka sizenze ukuze sithuthukise izimfanelo zethu zobuKristu? UPawulu weluleka amaKristu: “Kulahleni konke kude nani, ulaka, intukuthelo, ububi, inkulumo eyihlazo, nenkulumo eyichilo ephuma emlonyeni wenu. Ningaqambi amanga omunye komunye. Hlubulani ubuntu obudala nemikhuba yabo.” Lo mphostoli uyaqhubeka: “[Gqokani] ubuntu obusha, obenziwa bube busha ngolwazi olunembile ngokomfanekiso waLowo owabudala.”—Kol. 3:8-10.
Ngakho-ke, umgomo wethu oyinhloko uwukulahla ubuntu obudala sigqoke obusha. Iziphi izimfanelo okufanele sizihlakulele ukuze sifinyelele lo mgomo? UPawulu uthi: “Gqokani uthando lomzwelo, umusa, ukuthobeka, ubumnene, nokubekezela. Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile uma umuntu enesizathu sokukhononda ngomunye. Njengoba nje uJehova anithethelela ngokukhululekile, yenzani kanjalo nani. Kodwa, ngaphezu kwazo zonke lezi zinto, gqokani uthando, ngoba luyisibopho esiphelele sobunye.” (Kol. 3:12-14) Ukuzikhandla ukuze sihlakulele lezi zimfanelo kuyosisiza ukuba ‘sithandeke ngokwengeziwe kuJehova nakubantu.’ (1 Sam. 2:26) Lapho esemhlabeni, uJesu wazibonisa ngendlela evelele izimfanelo zikaNkulunkulu. Ngokutadisha isibonelo sakhe nangokusilingisa, singaba njengoKristu ngokwengeziwe ‘ekulingiseni uNkulunkulu.’—Efe. 5:1, 2.
Enye indlela yokubona izinguquko okungadingeka sizenze iwukutadisha nokuzindla ngezici zobuntu babantu baseBhayibhelini ezithandekayo nezingathandeki. Ngokwesibonelo, cabanga ngoJosefa, indodana yenzalamizi uJakobe. Naphezu kokungaphathwa ngobulungisa, uJosefa wahlala enesimo sengqondo esiqondile nenhliziyo enhle. (Gen. 45:1-15) Ngakolunye uhlangothi, u-Absalomu, indodana yeNkosi uDavide, wayenza sengathi wayebakhathalela kakhulu abantu futhi ubuhle bakhe babubatshazwa. Nokho, empeleni wayeyimbuka nombulali. (2 Sam. 13:28, 29; 14:25; 15:1-12) Ukuzishaya olungile nokubukeka akumenzi umuntu ukuba athandeke ngempela.
Singaphumelela
Ukuze sithuthukise ubuntu bethu futhi sibe bahle emehlweni kaNkulunkulu, kudingeka sinake umuntu esinguye ngaphakathi. (1 Pet. 3:3, 4) Ukuze senze izinguquko ebuntwini bethu kudingeka sizibone izici ezimbi esinazo, sithole nokuthi zibangelwa yini noma lokho okuwumthelela, futhi sihlakulele izimfanelo zikaNkulunkulu. Singaqiniseka yini ngokuthi imizamo yethu yokwenza lezo zinguquko iyophumelela?
Yebo, ngosizo lukaJehova singazenza izinguquko ezidingekayo. Njengomhubi, singathandaza: “O Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekile impela, ufake ngaphakathi kimi umoya omusha, ogxilile.” (IHu. 51:10) Singacela umoya kaNkulunkulu ukuba usebenze kithi futhi ukhulise isifiso sethu sokukuvumelanisa ngokugcwele ukuphila kwethu nentando yakhe. Ngempela, singaphumelela ekubeni bahle ngokwengeziwe emehlweni kaJehova!
[Umbhalo waphansi]
a Akulona igama lakhe langempela.
[Isithombe ekhasini 4]
Ingabe kuyokwanela ukupenda ingaphandle lale ndlu ecekelwe phansi isiphepho?
[Isithombe ekhasini 5]
Ingabe ubuntu bakho sebunjengobukaKristu?