Bambelela Ethembeni Olimiselweyo
1, 2. Kungani kufanele uyibheke ngokungathi sína indaba yokubambelela ethembeni lakho?
UMPHOSTOLI uPawulu wabhala ukuthi “sesingabahlanganyela kuKristu, uma sibambisisa ithemba lethu lokuqala kuze kube-sekupheleni.” (Heberu 3:14) Wakhuluma futhi ngesidingo sokuba sibambe “ithemba esilimiselweyo.”—Heberu 6:18.
2 Kungenzeka muva nje uye waba ngomunye woFakazi BakaJehova futhi uqiniseke ngentshiseko ngezinkolelo zakho. Noma kungenzeka uye waba ufakazi ongumKristu amashumi eminyaka futhi uzizwa uqinile endleleni yeqiniso. Kunoma yikuphi, kungenzeka ngamunye wethu angakhumbula abantu abathile esibaziyo abaye bayeka ukuhamba ngendlela yeqiniso, njengoba kwenzeka nasekhulwini lokuqala. (Filipi 3:18; IzEnzo 20:30) Abanye kungenzeka baye balahlekelwa ukholo lwabo kancane kancane, baba matasatasa ngezithakazelo zezinto ezibonakalayo noma bangena esilingweni futhi bona.
3-5. Incwadi yamaHeberu ingaba usizo kanjani maqondana nethemba lethu?
3 Singakuvimbela kanjani lokho ukuze kungenzeki kithi? Ake sicabange ngeseluleko esisencwadini yamaHeberu. Sizobona ukuthi lesi sifaneleke kanjani esikhathini sethu, ngokubekezela ngokwethembeka kwabaningi ofakazi bakaJehova bosuku lwanamuhla abaye baqiniswa iseluleko esinjalo.
4 AmaHeberu abhalelwa amaKristu ayengaba‘hlanganyeli bobizo lwasezulwini.’ Agcotshwa ngomoya kaNkulunkulu futhi ayenethemba eliqinile lokulandela uKristu umanduleli wokuya ezulwini. Njengoba ungase ucabange, ‘lelithemba lalinjengehange lomphefumulo, liqinile, ligxilile.’ Noma kunjalo, uPawulu wadonsela ukunakekela esidingweni sokubamba “ithemba esilimiselweyo.” (Heberu 3:1; 6:18-20) Uma ayenesidingo esinjalo, sikhulu kangakanani manje ngensali egcotshiwe ne“sixuku esikhulu” esilindele ukusinda “osizini olukhulu” oluzayo.—IsAmbulo 7:9, 15.
5 KumaHeberu uJehova usixwayisa ngezingozi ezinjengoku‘khukhulwa,’ uku‘hlubuka,’ ‘ukuba buthuntu,’ ‘ukuhlehlela ekubhujisweni’ noma ‘ukwenqaba.’ (Heberu 2:1; 6:12; 10:39; 12:25) Lencwadi inikeza iseluleko esihle sokusisiza ukuba sibonise ‘lokho kukhuthala, lize liphelele ithemba kuze kube-sekupheleni’ nokuba sibe “ngabokukholwa, kuze kube-ngukusindiswa kwemiphefumulo.”—Heberu 6:11; 10:39.
‘Asisibo Abokuhlehlela Emuva’
6. Yini amaKristu angamaHeberu ayebhekene nayo, kodwa ayenasiphi isidingo?
6 Ngokusobala amaKristu amaningi angamaHeberu ahlangabezana nokushushiswa. ‘Akhuthazela empini enkulu yezinhlupheko,’ njengokubukisa ngawo enkundleni yaseRoma noma ngokuzifaka engozini ngokusiza labo abasetilongweni. (Heberu 10:32-34) Nokho, kwakumelwe asebenzele ukuba angabi “abokuhlehlela ekubhujisweni, kodwa [abe] ngabokukholwa, kuze kube-ngukusindisa komphefumulo.”—Heberu 10:39.
7. (a) Ukulindela ushushiso kungamthinta kanjani umKristu? (b) Yini okumelwe uzibuze yona?
7 Ngakho kukhona ingozi yokuba umKristu abe nesimo sokwesaba ukuphikiswa, simbangele ukuba ‘ahlehlele emuva’ noma avumelane nesenzo esiphambene. Kuthiwani ngathi? Kungenzeka siye saba nokuphikiswa okuncane, njengokuvela kubangane esikoleni noma esisebenza nabo. Ngisho nokuphathwa ngesihluku komzimba, njengokuvela kumlingani ongakholwa noma umzali, kuye kwenzeka kwabanye. Kodwa emazweni amaningi akuvamile ukuba uFakazi ashushiswe kanzima ngenxa yokholo lwakhe. Lokhu kungamenza ukuba angazilungiseleleli ushushiso olukhulu futhi kungenzeka ‘ahlehlele emuva’ uma lufika. Ake sibuze, ‘Ingabe, ngemva kokuba ngiphile ukuphila kokunethezeka, bengingalingekela ekubeni ngihlehlele emuva uma ngisongelwa ngokungathi sína, njengokulahlekelwa ikhaya lami, umsebenzi noma ukubonana nomkhaya wami, noma ngokuboshwa nokuphathwa kabi ngesihluku?’
8. Isiphi iseluleko sokubhekana noshushiso amaHeberu asinikeza sona?
8 Lapho ekhuluma ngokubonakalisa ukholo ngaphansi kokuhlupheka, uPawulu wakhuthaza ukuba sicabangele ukuthi uJesu wabekezela kanjani. (Heberu 12:2, 3) Khona uPawulu wasikhumbuza ukuthi uma ushushiso olukhulu lufika, kufanele silubheke njengendlela yesifundo esiyinzuzo. Yiqiniso, uNkulunkulu akalubangeli ushushiso; umane aluvumele. Kodwa, ushushiso lungasiqeqesha noma lusisize ukuba sithuthuke ezimfunekweni ezidingekayo zobuKristu, ezinjengokukhuthazela, ukubekezela, nokuthembela kuJehova.—Heberu 12:4-11; Jakobe 1:2-4.
9. (a) Sazi kanjani ukuthi abantu abangaphelele bangakubekezelela ukushushiswa? (b) Yini eyenzeka kwabanye odade ezweni lobukhomanisi phakathi nawo-1960?
9 Ngenxa yokuthi singaba nomuzwa wokuthi umuntu ophelele kuphela obengakhuthazela, njengoba kwenza uJesu, amaHeberu adonsela ukunakekela kwabesilisa nabesifazane abangaphelele njengathi abakhuthazela ngokholo. (Heberu 11:35-40; 12:1) “Ifu lofakazi” abaye babekezela ngokholo baye banezelwa ezikhathini zanamuhla. NgoAugust 1982 umlobi wephephandaba laseSwiss wabhala indaba ekhuluma ngokuhlangenwe nakho komunye wesifazane noFakazi BakaJehova ababeboshwe ekamu labesifazane ezweni lobukhomanisi eminyakeni engamashumi ambalwa ngaphambili. Nanku umqondo wokunye kokukhulumela kwakhe:
Amasonto amakhulu kuphela anenkululeko ethile ngoba ashumayela lokho uMbuso okuvumelayo. Akunjalo ngezinkolo ezincane ezihlanganyela emakhaya. Abashushiswa kakhulu ngoFakazi BakaJehova. OFakazi abaningi okuye kwatholakala iziboniselo zeNqabayokulinda emakhaya abo baye bagwetshwa iminyaka eyi-10 etilongweni. Kungaqondakala-ke ukuthi kungani iziphathimandla zekamu zazithukuthela uma oFakazi ngandlela-thile belokhu bethola izincwadi ngobuningi. Zonke iziboshwa zazikhunyulwa zibe nqunu futhi zipheqululwe, izimpahla zazo zazipheqululisiswa impela. Futhi, noma isiphi isiboshwa esisebenza emasimini sasiqashelwa abalindi abahlomile futhi ngemva kwalokho zihlolwa uma zibuya esangweni. Noma kunjalo izincwadi zavela. Kwakungathi izingelosi zazindiza ebusuku zizehlise. Abaningi boFakazi babengabesifazane abasebasha. Ukuboshwa kokuqala kwakuba iminyaka eyi-5 kuya kweyi-7, ukuboshwa kwesibili kwakungengaphansi kweminyaka eyi-10. OFakazi babephathwa kabi kakhulu ekamu. Lapho abangaphezu kwabathathu babo behlangana, babetshelwa ukuba bahlakazeke.
10. AmaHeberu asisiza ukuba sifinyelele siphi isinqumo maqondana noshushiso?
10 Maqondana nezibonelo zokholo ngaphansi kokushushiswa, amaHeberu athi “izwe elingabafanele bona,” kodwa uJehova uyokwenza ukuba ‘bapheleliswe’ emhlabeni oyiPharadesi. Ngubani owayengacela okuningi? Ngakho masikugcine enhliziyweni kokubili izibonelo zokholo zakudala nezanamuhla. Esikhundleni so‘kuhlehlela ekubhujisweni,’ kumelwe sizimisele ukuba “ngabokukholwa, kuze kube-ngukusindiswa komphefumulo.”—Heberu 11:38, 40; 10:39.
Masinga“khukhulwa”
11. Uku‘khukhulwa’ kungaba kanjani yingozi ngothile oye waba umKristu isikhathi eside?
11 Njengoba amaHeberu ebonisa, enye ingozi iwuku‘khukhulwa.’ (Heberu 2:1) Cabangela ukuthi lokhu kungenzeka kanjani. Umuntu—kungaba yinoma imuphi wethu—waba umKristu futhi ngokuncomekayo washiseka. Ngokushesha wahlanganyela enkonzweni ephakeme yasensimini ngisho noma ayenolwazi oluncane lweBhayibheli. (IzEnzo 3:1-9; 8:39; 13:48, 49) Ngemva kweminyaka ethile injabulo yakhe kumelwe ukuba yavuthwela ekubeni nentshiseko enamandla nokuzinikela okujulile. Ingabe kwaba njalo? Ingabe ubheka inkonzo ephakeme yobuKristu njengendlela yokubonakalisa uthando lwakhe ngoNkulunkulu nokusiza abanye, njengoba naye asizwa? Noma ingabe iye yaba umkhuba nje, umsebenzana olula? Uma enabantwana, ingabe ubakhuthaza njalo nangentshiseko ukuba babe izikhonzi zesikhathi esigcwele? Noma ingabe ukhuluma ngayo ngezikhathi ezithile kuphela futhi ngentshiseko encane kunalapho ekhuluma ngokuthola kwabo imfundo ephakeme, ukuba nomsebenzi oholela kakhulu noma ukuthola ikhaya elihle?—IsAmbulo 2:4.
12. (a) AmaHeberu asinikeza kuphi ukutusa ukuze sigweme uku‘khukhulwa’? (b) Yimiphi imibuzo esingayicabangela maqondana nokulalelisisa iZwi?
12 Isinyathelo sokugwema ‘ukukhukhulwa’ siwukuba ‘siqaphelisise esikuzwileyo.’ (Heberu 2:1) Amanye amaKristu angamaHeberu ahluleka kulokhu. Ngemva kokufunda “esifundisweni sokuqala ngoKristu,’ awazange “aqhubekele kokupheleleyo.” Lapho ‘ayefanele ukuba abe ngabafundisi,’ ayelokhu esezintweni ezilula. (Heberu 5:12–6:2) Kuthiwani ngathi? Ingabe simane siyalandela nje noma siyathuthuka ngokunakekela isifundo somuntu siqu? Ingabe sizama ukufunda ingxenye yeBhayibheli nsuku zonke? Ingabe sitadisha izincwadi zobuKristu ngesithakazelo esiqotho, sixoxe ngisho nanabanye ngezinto ezintsha esizifundayo? Ingabe sisiza abantwana bethu ukuba bathuthukele ngalé ‘kobisi lweZwi’? Ingabe bangachaza ngeBhayibheli iqiniso ngomphefumulo, ngovuko, ngoZiqu-zintathu, ngomhlaba oyiPharadesi, nokunye? Ingabe bayakwenza lokho enkonzweni yasensimini, bangahlali besezingeni lonyaka odlule?—1 Petru 3:15.
13. Isiphi isibonelo esabekwa odadewethu ababeboshiwe maqondana nokutadisha, okusikiselani ngathi?
13 Maqondana noFakazi ababoshwa, isihloko salandisa:
Ngesikhathi sabo esincane esikhululekile babezinikela ekufundeni ngekhanda izingxenye zeBhayibheli. Futhi, basebenzela ekufundeni izilimi zezinye izizwe, ngokukhethekile isiNgisi, isiFulentshi nesiJalimane. Ngezinye izikhathi izincwadi ababezithola zazingalezi zilimi, khona-ke labo ababezifunda babengahumushela abanye odade abakufundile.
Nakuba bembalwa bethu abaphoqelelekile njengoba babenjalo ukuba basebenze amahora amade bethola ukudla okuncane, ingabe sisebenzisa isikhathi sethu esikhululekile ngenkuthalo enjalo “siqaphelisisise esikuzwileyo”?
Ninga‘hlubuki’
14. Yini engehlela ngisho nabantu abanesikhathi eside bengamaKristu?
14 Ngemva kokusikhuthaza ukuba siqhubeke sithuthuka, amaHeberu axwayisa ngokuthi “labo asebake bakhanyiswa” banga‘hlubuka,’ mhlawumbe kuze kube sezingeni lokuba bangabe besaphenduka. (Heberu 6:4-8) Yebo, amaKristu aye akhonza uNkulunkulu isikhathi eside, ngisho nabagcotshiwe abaye “benziwa abahlanganyeli kuMoya oNgcwele,” bangadonselwa kokuthile okulingayo kulesimiso sanamuhla.
15. Abanye baye bawa kanjani maqondana nobulili nemisebenzi yamabhizinisi?
15 Abaningi baye bahlubuka ngenxa yesifiso senyama noma isifiso sokuceba. (1 Johane 2:16) Kuyiqiniso, isifiso sobulili sihilelekile uma abasha behlanganyela ubulili ngaphambi komshado. Kodwa cabangela esinye isici. Abanye abantu abashadile baye bakhathala abangane babo bomshado futhi bahlangana nomunye umuntu obonakala ekhanga kakhudlwana onezingxoxo ezithakazelisa kakhulu, noma ophumelela kakhulu kulelizwe. Ngokudabukisayo, lokhu kuye kwaholela emadivosini nasemishadweni yesibili engacocekile. Abanye baye “bahlubuka” ngokulandelela izinto ezibonakalayo, badonselwa emikhubeni yamabhizinisi lawo ngokusobala angathembekile noma lawo angazinaki izimfuneko zombuso zamalayisense nentela. (Mathewu 22:21) Noma baye bathuthukisa izindlela zokwenza imali ngokujoyina abantu nabo abajoyinisa abanye noma izinhlelo zokuceba masinya ezilinga abantu ukuba basizakale ngokobugovu ngabazalwane babo. (Qhathanisa nezEnzo 20:33; 2 Thesalonika 3:10, 11.) Lemizamo, ngaphandle kokucinanisa kwayo njalo izithakazelo zoMbuso, ngezinye izikhathi iye yaphumela emizweni ebuhlungu nemibango, uma kungesiwo amacala enkohliso. IBhayibheli liye labonakala liqinisile: “Kepha abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasesihibeni.”—1 Thimothewu 6:9.
16. Isiphi isibonelo esihle esabekwa odade ababeboshiwe sokuvimbela izilingo?
16 Uma ngokuzithoba siqaphela ukuthi asinamandla kangako ukuba singawi, khona-ke kufanele sizimisele ukuba singaziyekeleli ezilingweni nesono. (Roma 12:3; 1 Korinte 10:12) Odade ekamu lokuhlushwa basinikeza isibonelo esihle:
Abanye babo bathathwa, ngabanye ngabanye, bayiswa edolobheni elikhulu lapho kwakunezitolo, amahholo amabhayisikobho nezinye izinto zokuzijabulisa. Ngokwesibonelo, amaphoyisa amabili ayisa udade esitolo esinokudla okuningi okukhangisayo. Athi kuye, ‘Khetha okufunayo.’ Wathi akadingi lutho. Kwakudabukisa ukubonisa umuntu olambile oye waba nokudla okuncane iminyaka amashalofu esinkwa esisha nawophayi. Izilingo ezifanayo ziye zazanywa ezitolo ezithengisa izinhlobo nhlobo zezinto zasemahholo emidlalo. Nakuba amgcina lapho amasonto ambalwa futhi amthembisa inkululeko uma engalahla ukholo, awaphumelelanga. Bakwazi ukuhlubula udade oyedwa kuphela. Ngezinyanga ezithile kamuva wabuya ekamu, esekhuluphele futhi manje egqoke izimpahla ezinhle. Wanikela kwababengodadewabo inkulumo yamahora amabili, abangazange ngisho bambingelele. Ngokusobala amaphoyisa acabanga ukuthi lokhu kwakuwumzamo ohlakaniphile nokuthi odade ngokulandelana babezodela ukholo lwabo. Bathola umphumela ohlukile.
17. Kufanele sizizwe kanjani ngezilingo esibhekana nazo?
17 Ingabe uzizwa ukuthi wawuzoba nesibindi ekubhekaneni nalezo zilingo? Kodwa kuthiwani ngezilingo obhekana nazo? UPawulu wabhala: “Xwayani, bazalwane, ukuba nakoyedwa kini kungabikho-nhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa [emwisa] kuNkulunkulu ophilayo; kepha yalanani imihla ngemihla kusathiwa namuhla, ukuze kungabikho kini owenziwa-lukhuni ngokukhohlisa kwesono.” (Heberu 3:12, 13) Ukuze sigweme ukuwa noma ukukhukhulwa sidinga ukunaka olwa“namuhla.”
Ukubonakalisa Ukholo “Namuhla”
18. Kungani amaIsrayeli ahluleka ukungena ekuphumuleni kukaNkulunkulu?
18 UPawulu wasekela ukukhulumela kwakhe ngolwa“namuhla” engcaphunweni yamaHubo 95:7-11. (Heberu 3:7-11) Njengoba lowombhalo ubonisa, amaIsrayeli enza izinhliziyo zawo zaba lukhuni phakathi nezinsuku zikaMose. AmaIsrayeli, abonakalisa ukuntula ukholo, ngemva kokuzwa umbiko kaJoshuwa noKhalebi ngeZwe leSithembiso. (Numeri 13:17–14:38) Ngisho nakuba lapho ayengajabulela ukuthula nezibusiso phakathi nosuku lukaNkulunkulu lokuphumula oluqhubekayo, amaIsrayeli, ngezinhliziyo ezilukhuni nokungakholwa, enqaba ukuya kulelozwe ahlale khona. Ngakho uNkulunkulu wawenza azula ehlane iminyaka engama-40.—Heberu 3:17-19.
19. Kunini futhi kanjani lapho singangena ekuphumuleni kukaNkulunkulu?
19 USuku olukhulu lukaNkulunklu lweSabatha, noma usuku lokuphumula, luyaqhubeka. (Genesise 1:31–2:3) UPawulu wabhala ukuthi “kusekhona isithembiso sokungena ekuphumuleni kwakhe.” (Heberu 4:1, 9) Ngakho-ke, thina maKristu manje singangena noma sihlale kulokho “kuphumula.” Kanjani? Ngokuba nokholo, hhayi kuJoshuwa wezikhathi zasendulo, kodwa kuJoshuwa Omkhulu, umholi wethu uJesu. Sidinga futhi ukuyeka imisebenzi yokungakholwa, njengaleyo ebonakaliswa abantu abangakholwa ngempela ukuthi iSimiso Esisha sizofika. Ukuphila kwabo kugxile ekuzilibaziseni noma ezinjabulweni. Bangafuna ukuba “ngumuntu othile,” njengokuthola isikhundla noma igama. Noma bangalandelela umqondo othile wokuba umuntu ‘okahle.’
20, 21. (a) Yimiphi imisebenzi esidinga ukuyigwema? (b) Yimuphi umsebenzi omuhle esingahlanganyela kuwo, njengoba waboniswa odade ababeboshiwe?
20 Uma sinokholo kuJesu nakulokho abantu bakaNkulunkulu abakulindele, kufanele sikubonakalise lokho ngemisebenzi yethu. UPawulu wabhala: “Ongenile ekuphumuleni kwakhe yena uphumula emisebenzini yakhe njengoNkulunkulu kweyakhe.” (Heberu 4:10) Khona-ke, esikhundleni semisebenzi yokungakholwa noma leyo umuntu azama ukuzithethelela ngayo, kufanele sibe nemisebenzi ebonakalisa ukholo lwethu.
21 Umsebenzi osemqoka womKristu ukukhuluma ngoJehova neNdodana yakhe. Maqondana noJesu, uPawulu wakhuthaza: “Masibambelele kuso isivumo sethu.” (Heberu 4:14) Ngokujwayelekile, singakwenza futhi kumelwe sikwenze lokho emihlanganweni yobuKristu njengoba senza isivumo sethemba lethu lapho. (Heberu 10:23-25) Kodwa leso“sivumo” kufanele sihlanganise ukuvuma izinkolelo zethu namathemba kwabangaphandle. Ngempela, kufanele sizizwe sibophekile ukwenza “umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe [uNkulunkulu].” (Heberu 13:15; 1 Korinte 9:16) Umlobi womlando okukhulunywe ngaye ngaphambili usitshela ngengxoxo yakhe nomunye udade:
Ngathi iziphathimandla zinifaka nonke emajele, kungengenxa yezinkolelo zenu, kodwa ngoba nishumayela kwabanye. Uma ningahlala nodwa ekhaya futhi nithandaze ngokuthulile, akekho obengazi. Waphendula, ‘Lokho kuyiqiniso, kodwa isibopho sethu siwukuba sikhulume kwabanye futhi sizuze abazalwane nodade abasha. Asinakuba abanobugovu silungiselele ukuphila kwethu kuphela emhlabeni phakathi nokubusa kweminyaka eyinkulungwane kaKristu. Bonke abantu kumelwe bazi ukuthi ukuphila kuyoba njani ngalesosikhathi.”
22. Yikuphi ukuqiniseka okusekelwe kumaHeberu onakho?
22 Ungabona ukuthi iphuzu eliyisihluthulelo kumaHeberu liwukuba “sikhuthalele ukungena kulokho kuphumula [kukaNkulunkulu], ukuze kungawi-muntu ngalesosibonelo sokungalaleli.” (Heberu 4:11) Singaba nokwaneliseka okujulile kokuba sibe kulokho kuphumula njengamanje, ngokufanayo nethemba eliqinisekile lokuqhubeka sikukho lapho bonke abaphilayo emhlabeni bekhonza uNkulunkulu. Akukho kungabaza ngokuzimisela kukaNkulunkulu ukuba abusise futhi avikele labo, ngenxa yokholo nokulalela, abangena ekuphumuleni kwakhe manje. “Ungumvuzi walabo abamfunayo.” (Heberu 11:6) Uma kukhona noma ikuphi ukungabaza kumayelana nathi. Nokho nathi akudingeki singabazeke. Ngokholo lwethu nokukhuthazela, nangosizo lukaNkulunkulu, singabamba “ithemba esilimiselweyo.”—Heberu 6:18.
Ingabe Uye Wazuza?
□ Yisiphi iseluleko esikhethekile noma isifundo oye wasithola kumaHeberu?
□ Ungazuza kanjani esibonelweni sabanye odade ababeboshiwe?
□ Yini amaHeberu 2:1 akukhuthaza ukuba uyenze ukuze ugweme ukukhukhulwa?
□ Ungangena kanjani ekuphumuleni kukaNkulunkulu?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 20]
OFakazi abaningi okwakutholakala iziboniselo zeNqabayokulinda emakhaya abo baye bagwetshwa iminyaka eyi-10 etilongweni
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 21]
OFakazi babephathwa kabi kakhulu ekamu. Lapho abangaphezu kwabathathu babo behlangana, babetshelwa ukuba bahlakazeke
[Isithombe ekhasini 23]
AmaIsrayeli awuzwa umbiko kaJoshuwa noKhalebi kodwa abonisa ukuntula ukholo. Ngakho ayengenakungena ekuphumuleni kukaNkulunkulu eZweni leSithembiso