Njengoba Inhlekelele Yezwe Isondela—‘Qaphelani UJesu’
“Bazalwane abangcwele, qaphelani umPhostoli nomPristi omkhulu wesivumo sethu uJesu.”—HEBERU 3:1.
1, 2. Singazuza kanjani enhlekeleleni yakudala eyisikhumbuzo eRoma?
EROMA ungathola umfanekiso onikeza ubufakazi ngenhlekelele—inhlekelele efanele ibe nomphumela omkhulu ekuphileni kwakho. ENkundleni yaseRoma yakudala kuneKhothamo likaTitus, eliyisikhumbuzo sokuthumba nokubhubhisa kukaJenene Titus iJerusalema ngo-70 C.E. Umfanekiso oqoshwe kulelikhothamo ubonisa amaJuda aboshwe izandla ephoqelelwa ukuba athwale impango yedolobha lawo.
2 Thina njengamaKristu singazuza kuleyonhlekelele ngokuhlola iseluleko seBhayibheli esingesikhathi esifanele leso ngokusobala esabhalwa eminyakeni engaba yisishiyagalombili ngaphambi kwalokho kubhujiswa. Sisencwadini yamaHeberu, leyo umphostoli uPawulu ayibhalela amaKristu angamaHeberu eJerusalema naseJudiya.
3. Yini eyabangela ukuba isimo samaKristu angamaHeberu sibe bucayi eJerusalema?
3 Abazalwane bethu emuva ngalesosikhathi babesesimweni esibucayi kakhulu. Nakuba iJudiya lalibonakala lingaphansi kokuqondiswa yiRoma ngokuqondile, amaningi amaJuda ayeyizihlubuki. (IzEnzo 5:36, 37) Ake ucabange ukucindezela kobudlova amaJuda anjalo ayengakwenza kubalandeli bakaJesu, labo, ngokuba benge“sibo abezwe,” ababengenakuthatha uhlangothi namaJuda ngokumelene neRoma. (Johane 17:16) Enye imbangela yokushushisa amaKristu angamaHeberu kwakuwumuzwa wamaJuda wokuba makhulu ngoba ayekhethwe nguNkulunkulu, angeniswa esivumelwaneni soMthetho futhi anikwa indlela yokukhonza ehlanganisa abapristi abangamaLevi nemihlatshelo.
4. (a) Kungani kungashiwo ukuthi uJesu wabonakala ekupheleni kwezikhathi? (b) Yini uJesu ayibikezela ngokuqondene naleso siphelo?
4 Nokho, isikhathi samaJuda—namahlelo aso emihlatshelo yethempeli, abapristi, imibuthano namaSabatha—okokuqala saphela ngemva kokufa njengomhlatshelo kukaMesiya. (Galathiya 3:24, 25; Kolose 2:13-17) Khona uPawulu wayengabhala ukuthi iNdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa njengomuntu “kanye ekupheleni kwezikhathi.” (Heberu 9:26; 1:2) Leso siphetho ngokushesha sasizoba sobala ngokungenakuphikwa, ngokubhujiswa kwethempeli. Lapho uJesu ebikezela lokho kubhujiswa, abafundi bakhe babuza, “Lokhu kuyakuba-nini?” (Mathewu 23:37–24:3) UJesu waphendula ngokuthi kwakuzokuba-khona izimpi, indlala, ukuzamazama komhlaba, umshayabhuqe wezifo nomsebenzi wokushumayela ngoMbuso kakhulu ngaphambi kokuba ukuphela kufike. (Mathewu 24:4-14; Luka 21:10, 11) Lawomazwi agcwaliseka esizukulwaneni esiphakathi kokunikeza kukaJesu isiprofetho nokubhalela kukaPawulu amaHeberu. UKristu futhi wabikezela ngeJerusalema ‘usizi olukhulu olungazange lube-khona kwasekuqaleni kwezwe.’ (Mathewu 24:21) Usizi olubulalayo olwafika eJerusalema ngo-70 C.E. lwalungenakulinganiswa futhi lwalungenakuphindwa ngalelodolobha. Nokho kwakumane kungukugcwaliseka okuncane. Ngani? Ngoba “usizi olukhulu” lwaso sonke isizwe sesintu lwaluyoba khona esikhathini esizayo.
5. Kukanjani ukuthi kusazoba-khona “usizi olukhulu” ngezinga elikhulu?
5 Amaqiniso abonisa ukuthi amazwi kaJesu angokwesiprofetho anokugcwaliseka okukhulu, ngesikhathi “sokuza [kwakhe] nesokuphela kwezwe.” (Mathewu 24:3) IsAmbulo isahluko sesi-6, esabhalwa emashumini eminyaka ngemva kosizi lweJerusalema, sabikezela futhi ngempi, indlala nezifo. Lokhu kwakuyohilela okungaphezulu kakhulu kweJudiya, ngoba isAmbulo sathi impi yayizo“susa ukuthula emhlabeni.” (IsAmbulo 6:4) Izehlakalo zomhlaba kusukela ngeMpi Yezwe I ngo-1914 kuya ku-1918 zibonisa ukuthi siphila esiphelweni salesimiso esibi sezinto, esiyofinyelela umvuthwandaba ‘osizini olukhulu.’ Lolusizi luyosusa ububi emhlabeni, luvule indlela ngePharadesi ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu.
6. Yini ebonisa ukuthi incwadi yamaHeberu yabhalwa kucatshangwa ngesikhathi sethu?
6 Incwadi yamaHeberu ikhomba esikhathini sethu. Kuyo uPawulu wabhala ukuthi uKristu ngaleso sikhathi wayesezulwini “usalindele izitha zakhe zize zenziwe isenabelo sezinyawo zakhe.” (Heberu 10:13) Lencwadi futhi ikhuluma ngesikhathi “futhi mhla [uNkulunkulu] engenisa oyizibulo emhlabeni.” (Heberu 1:6) Lokho kumanje! Ubufakazi bubonisa ukuthi uKristu uye wathola ubukhosi futhi wamelana nezitha zikaNkulunkulu ezulwini. (IsAmbulo 12:7-12) UKristu uye wabhekisa ukunakekela kwakhe emhlabeni, ekhona ngokungabonakali. Ngakho, njengoba uJesu abikezela, ngokushesha sizobhekana nomvuthwandaba wokususwa kwezitha zikaNkulunkulu emhlabeni wethu. Khona-ke, yisiphi iseluleko amaHeberu asiphathele sona?
‘Qaphelani UJesu’
7, 8. Kungani amaHeberu ngokufanelekile ebhekisela kuJesu?
7 UPawulu ngokukhethekile wabhekisela ukunaka kuJesu. Wabhala: “Kepha okuyindikimba kwesikushoyo yilokhu: sinompristi omkhulu onjalo osewahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini.” (Heberu 8:1) Kungani leso kwakuyiseluleko esifaneleke ngokukhethekile kumaKristu aphila esiphelweni sesimiso sezinto?
8 Imibono ehlanekezelwe ngoJesu yayikhona kudala. AmaJuda ekhulu lokuqala ayeqhosha ngokuthi adabuka kuAbrahama, esebenzisa inkolo eyayinikezwe ngoMose futhi enabapristi benzalo ka-Aroni. Khona kungenzeka ukuthi acabanga: ‘LoJesu waseNazaretha umane uyindodana yombazi waseGalile.’ (Johane 7:52; 8:39-41, 48; 9:24, 28, 29) Khona-ke, uNkulunkulu ngokuhlakanipha wakhuthaza amaKristu angamaHeberu ukuba ‘aqaphele uJesu,’ ngoba umbono ofanelekile, olinganiselwe ngeNdodana kaNkulunkulu nobuhlobo nayo kwakuyosiza lawomaKristu abe athembekile.
9. Yini eyenza iseluleko soku‘qaphela uJesu’ sifaneleke namuhla, kodwa yiziphi izingozi okudingeka siziqaphele?
9 Iseluleko saphezulu kumaHeberu naso siwusizo kithi ngoba imibono engamanga noma ephendukezelwe ngoKristu iseminingi. Abantu abaningi namuhla, esikhundleni sokuba behlise uJesu njengoba kwenza abaphikisi abangamaJuda, bakhulisa indima yakhe. Amasonto abo aqinisa ngokuthi uJesu uyingxenye kankulunkulu oziqu-zintathu nokuthi uYise, iNdodana noMoya oNgcwele kuyalingana. Kodwa ubani abamqaphela kakhulu? UJesu. Ubekwa phambili, kuthi uYise afakwe ekusithekeni. Lokhu kuphakamisa inselele ngamaKristu eqiniso. KuJohane 14:28 uJesu wathi uYise mkhulu, kanti amaHubo 83:18 abonisa ukuthi “nguwe wedwa ogama lakho linguJehova, ungoPhezukonke emhlabeni wonke.” Kodwa asifanele simelane ngokweqile nemibono ephendukezelwe ngoJesu bese kuthi ngokungaqaphi sehlise isikhundla sakhe soqobo. NjengamaKristu angamaHeberu, ukucabangela uJesu ngokulinganiselwe nangokuqondile kungaba inzuzo enkulu njengoba sibhekena nesikhathi esizayo.
10. AmaHeberu abonisani ngesikhundla sikaJesu?
10 Incwadi yamaHeberu iqala ngokubhekisela ukunakekela esikhundleni esiphakeme sikaKristu. Manje ungumoya okhazimulisiwe, u“fuzé yena [uNkulunkulu] uqobo.” Lokhu akusho ukuthi uYise neNdodana bangumuntu oyedwa noma unkulunkulu oyedwa, ngoba amaHeberu 1:3 anezela ngokuthi uJesu wa“hlala ngakwesokunene soMkhulu [“sikaNkulunkulu,” Today’s English Version] kweliphezulu.” Imibhalo enjengamaHeberu 2:10 no-5:5, 8 ngokufanayo ibonisa ukuthi uJehova mkhulu kuneNdodana. Namanje, uKristu une“gama [isikhundla noma udumo] elikhulu kunelazo [izingelosi].”—Heberu 1:4.
11. (a) Izingelosi zikaNkulunkulu zimphatha kanjani uJesu Kristu? (b) Angaqondwa kanjani amaHeberu 1:6?
11 Njengoba kwenza izingelosi ezithembekile, nathi sidinga ukuqaphela isikhundla esiphakeme sikaKristu. Ecaphuna kumaHubo 97:7, amaHeberu 1:6 athi: “Nezingelosi zonke zikaNkulunkulu mazikhuleke kuye.” Njengoba ezinye izinguqulo zihumusha lokhu ngokuthi, izingelosi “ziwa phambi,” “zikhothama phambi” noma “zikhuleka” eNdodaneni.a Umongo wendaba usikisela ukuthi lokhu kusho ukuthi ngisho nezingelosi zikhonza uJesu njengenxusa eliyinhloko likaNkulunkulu nendodana ephakanyisiwe. Ziyaqaphela ukuthi u“bekiwe umqhele wenkazimulo nodumo” futhi wanikwa amandla ezweni elizayo.—Heberu 2:5, 9.
12. Kungani kubalulekile ngathi ukuba silalelisise amazwi kaJesu?
12 Kumelwe kusithinte kanjani lokhu? Ngemva kokubonisa ubukhulu bukaJesu kunezingelosi, uPawulu uthi: “Ngalokho kakhulu nga siqaphelisisa esikuzwileyo. funa mhlawumbe sikhukhulwe.” (Heberu 2:1) Njengoba amaKristu angamaHeberu ayazi, amaJuda kakade ayeliqaphela kudala iZwi likaNkulunkulu noma uMthetho, owanikezwa ngoMose. Kubaluleke kakhulu ngathi ukuba silalelisise ukuqondisa kwasezulwini okunikezwa ngoJesu.
13. AmaKristu angase azuze kanjani ngokulalela uJesu? Chaza.
13 Ukusekela lokhu, khumbula lokho uJesu Kristu akusho ngokubaleka lapho iJerusalema lihaqwa amasosha akanisile. (Luka 19:43, 44; 21:20-24) AmaRoma ahaqa iJerusalema elihlubukayo ngo-66 C.E. kodwa ngokungaqondakali ahlehla, kulokho amaKristu abaleka emzini. Ukulalelisisa kwawo uJesu kwasindisa ukuphila kwawo lapho amaRoma ebuya, eletha incithakalo ngo-70 C.E. Masifunde kulokhu: Njengoba inhlekelele yezwe isiseduze nje, zibuze: ‘Ingabe ngiyawalalelisisa amazwi kaJesu? Ngokwesibonelo, ingabe isikhathi engisichitha ekuzilibaziseni, isimo sami sengqondo ngomsebenzi wami noma ibhizinisi, noma umbono wami ngemfundo yezwe kubonisa ukuthi ngiye ngawalalelisisa amazwi kaJesu kuLuka 12:16-31?’
14. (a) Kungayiphi indlela uJesu ‘eyiNkosi yosindiso’? (b) UJesu wa“pheleliswa” ngayiphi indlela?
14 AmaHeberu 2:10 abiza uJesu ngokuthi ‘iNkosi yosindiso.’ Okokuqala lokho kunjalo ngamaKristu agcotshiwe anga“bafowabo.” (Heberu 2:11-17) Kodwa bonke abanethemba lokuphila emhlabeni oyiPharadesi nabo bathembela kuye ngosindiso. UPawulu wabhala: “Noma eyindodana, wafunda ukulalela ngalokho ahlupheka ngakho, esephelelisiwe waba-yisisusa sokusindiswa okuphakade kubo bonke abamlalelayo, ebizwa nguNkulunkulu ukuthi umpristi omkhulu.” (Heberu 5:8-10) Yiqiniso, uJesu wayengumoya ophelele, futhi emhlabeni wayephelele ngokomzimba. Futhi, ngokubheka indima yakhe njengompristi wethu, uJesu kwadingeka apheleliswe ngenye indlela. Emhlabeni wathola ukuqeqeshwa—imfundo, ukufundiswa nokuvivinywa kokulalela kwakhe kwaze kwaba sekufeni—ukuze apheleliswe njengompristi omkhulu onomusa nonozwela.
Ukuba Nethemba KumPristi Omkhulu
15. Kungani sithola okuningi kangaka okushiwoyo ngabapristi encwadini yamaHeberu?
15 Ngokufunda amaHeberu ungabona ukuthi anokuningi akushoyo ngabapristi. Lokhu kungokokwakha ukuqonda kwethu nokwazisa ngo“mpristi omkhulu wesivumo sethu uJesu.” (Heberu 3:1) UPawulu uyachaza ukuthi “yilowo nalowompristi omkhulu okhethwa kubantu umiselwa abantu kokukaNkulunkulu, ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngenxa yezono.” (Heberu 5:1; 8:3) Okuningi esivumelwaneni soMthetho kugxile eqinisweni lokuthi abantu bayizoni. Yingakho kwakwenziwa imihlatshelo ngenxa yabo ngabapristi, nabo ababenza iminikelo ukuba bavale nezabo izono: Kodwa, imihlatshelo yezilwane eyayiphindwaphindwa ngezikhathi ezihlukene yayingaziqedi izono noma yenze noma yimuphi umuntu aphelele. (Heberu 7:11, 19, 27; 10:1-4, 11) Lokhu kuyabonisa ukuthi kwakudingeka isivumelwano esisha, ngokufanayo nomhlatshelo omusha nompristi omkhulu omusha.—Jeremiya 31:31-34.
16. UJesu ubadlula kanjani abapristi abangamaIsrayeli njengompristi?
16 Sinaye onjalo kuKristu. Njengoba afanekiselwa uMelkisedeki, okunganikezwanga uhlu lozalo lwakhe eBhayibhelini, uJesu akazange abe ngumpristi ngenxa yozalo lwemvelo kuLevi noma kuAroni. UNkulunkulu wamkhetha ngokuqondile. (Heberu 7:1-3, 15-17; 5:5, 6) Uma uNkulunkulu ngalokho emvumela uJesu njengompristi omkhulu, ingabe akufanele sibe nethemba eliphelele kuye? Ngaphezu kwalokho, ngeke afe ngokushesha futhi adinge omunye esikhundleni sakhe, njengoba kwakunjalo ngabapristi ababephansi koMthetho. Wakwazi ukunikela umhlatshelo wokugcina, umzimba wakhe; wawuphelele, futhi lomhlatshelo wawungeke uphindwe. UKristu umpristi wethu omkhulu wayisa inani legazi lokuphila kwakhe ezulwini futhi walibeka phambi kukaNkulnkulu. Usalokhu elapho, ekhonza njengompristi ngenxa yethu.—Heberu 9:24-28; 10:12-18.
17. Kungaziphi izindlela esisizwa ngazo ngokuba noJesu njengompristi omkhulu?
17 Singaba nethemba kumpristi omkhulu njengoba sibhekene nenhlekelele yezwe ezayo. Ngokungafani nemihlatshelo ephansi koMthetho, umhlatshelo kaKristu ophelele ungazihlawulela izono zethu. Ngaphezu kwalokho, unga“hlanza unembeza wethu emisebenzini efileyo, [kokubili ukulandelela izinto ezimbi nanoma yimiphi imizamo yomuntu siqu yokuzithethelela phambi kukaNkulunkulu] ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo.” (Heberu 9:14; 10:1-4) Kumelwe sivume ukuthi, lapho sisesimweni esinzima futhi singaphansi kokucindezelwa, unembeza omuhle phambi kukaNkulunkulu uyinzuzo engenakulinganiswa. (Heberu 10:19-22) Ngezinye izindlela, futhi, singajabula ngokuba noJesu njengompristi omkhulu ohlala njalo osezulwini.
18. Kungani kwakulungile, futhi kulungile, ukwazi ukuthi umpristi wethu omkhulu unozwela?
18 Incwadi yamaHeberu iyasiqinisekisa ukuthi uKristu ungumpristi onozwela. Ungacabanga ngezinqumo nezinkinga amaKristu angamaHeberu ahlangabezana nazo endaweni eshisekela ubuzwe yaseJerusalema njengoba ayelungiselela ukubaleka, eshiya amakhaya awo, izihlobo nemisebenzi. Kodwa ayengewodwa ngokuphelele. UPawulu wabhala: “Asinaye umPristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kepha olingiwe kukho konke njengathi, engenasono.” Yeka ukuthi lokho kumelwe ukuba kwakududuza kanjani kubo, futhi kufanele kube ngokufanayo ngathi ekupheleni kwezinsuku zalesi simiso sezinto! Sinalompristi omkhulu onozwela singafumana “umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.” (Heberu 4:15, 16) Kungakhathaliseki izilingo eziphakamayo, “unamandla okusiza abalingwayo.”—Heberu 2:17, 18.
Umphelelisi Wokholo Lwethu
19, 20. Kukanjani uJesu engu“mphelelisi wokukholwa kwethu”?
19 Ukholo lwethu luhileleke ngokukhethekile njengoba si‘qaphela uJesu.’ Ngemva kokukhuluma nge“sono esithandela kangaka kithi”—ukuntula ukholo—uPawulu ukhuluma ngokubheka kwethu ‘kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu.’ (Heberu 12:1, 2) Kungani lokho kubalulekile phakathi nesiphelo salesimiso sezinto sanamuhla?
20 Esiprofethweni salo sokuqala kuGenesise 3:15 iBhayibheli libhekisela kuKristu. Uyisisusa sokuningi okwabikezelwa nokwafanekiselwa eBhayibhelini. Eziningi zezici zoMthetho kaMose okukhulunywe ngazo encwadini yamaHeberu zaziyi“sithunzi sezinto ezinhle ezizayo.” (Heberu 9:23; 10:1) Kodwa “umzimba ngokaKristu.” (Kolose 2:17) Yebo, ukuzalwa kukaJesu, inkonzo yasemhlabeni, ukufa nomhlatshelo, uvuko nenkonzo yobupristi ezulwini kuletha ukupheleliswa, noma ukuphelela, kwazo zonke iziprofetho, izinhlobo nezindlela ezimaqondana nalezinto.
21. Kungamuphi omunye umqondo uJesu engu“mphelelisi wokukholwa kwethu” namuhla?
21 Lapho uPawulu ayengaqaphela uKristu njengo“mphelelisi wokukholwa kwethu,” thina sinesizathu esengeziwe sokwenza kanjalo namuhla. Sibona ukugcwaliseka okukhulu kwamazwi kaJesu nge‘sibonakaliso sokuza kwakhe nesokuphela kwezwe.’ (Mathewu 24:3) Ngakho ukholo lwethu lunesisekelo esiqine kakhudlwana. Usindiso “ezweni elizayo” esikhuluma ngalo ngokufanayo luseduze kakhulu kunangosuku lukaPawulu. Khona-ke, masiqhubeke siqaphela uJesu, uMphelelisi wokukholwa kwethu, sinethemba lokuthi uNkulunkulu “ungumvuzi walabo abamfunayo” ngokholo. (Heberu 2:5; 11:6) Njengoba isihloko esilandelayo sizobonisa, incwadi yamaHeberu ingasisiza ukuba sibe nokholo oludingekayo nombono wobuKristu ukuze sibe sesimweni sokuthola umvuzo omangalisayo.
[Umbhalo waphansi]
a UPawulu wasebenzisa igama lesiGreki uproskynéo, lelo iThe Greek-English Lexicon of the New Testament (Bauer, Arndt, Gingrich) ethi “lalisetshenziswa ukubonisa umkhuba wokuziwisa phambi komuntu nokuqabula izinyawo, umphetho wengubo naphansi.” (1 Samuweli 24:8; 2 AmaKhosi 2:15) Lingasho futhi “ukukhulekela,” okuyindlela amanye amaBhayibheli afundeka ngayo kumaHeberu 1:6. Uma lokho kungumqondo oqondile lapha, ngokusobala lisho ukukhulekela okuhlobene nalokhu, ukukhulekela uJehova uNkulunkulu okuqondiswa ngeNdodana yakhe ekhazinyulisiwe.—Qhathanisa nesAmbulo 14:7; The Watchtower kaNovember 15, 1970, amakhasi 702-704.
Ingabe Ungachaza?
□ Isimo sethu sifana kanjani nesamaKristu abhalelwa incwadi yamaHeberu?
□ Kungani sidinga ukuba nombono olinganiselwe ngoJesu futhi silalelisise amazwi akhe?
□ Kungani amaHeberu enokuningi kokukusho ngemihlatshelo nabapristi?
□ Uzizwa kanjani ngoJesu njengomPristi oMkhulu noMphelelisi wokukholwa?
[Ibhokisi ekhasini 15]
UKUKHULEKELA NOMA UKUKHONZA
KumaHeberu 1:6 igama lesiGreki proskynéo lingasho:
1. Ukwenza ukukhulekela okunenhlonipho, njengoku‘khothama,’ kuJesu njengalowo uJehova aye wamdumisa futhi wamkhazimulisa
2. Ukukhonza uJehova uNkulunkulu ngenxusa lakhe eliyinhloko, iNdodana yakhe uJesu
[Izithombe ekhasini 16]
UJesu wanikela umhlatshelo onenzuzo ehlala njalo kunalowo owawunikelwa ngabapristi ethempeleni