Ingabe Uyozuza Ezivumelwaneni ZikaNkulunkulu?
“Izizwe zonke ziyakubusiswa kuwe. Njalo-ke abokukholwa bayabusiswa kanye noAbrahama okholwayo.”—GALATHIYA 3:8, 9.
1. Umlando ubonisani ngomphumela wemibuso eminingi?
“OMASHIQELA abanomusa [noma, abakhanyiselwe]” yindlela abanye bababusi baseYurophu bekhulu le-18 leminyaka ababizwa ngayo. ‘Babehlose ukubusa abantu babo ngomusa onjengokababa, kodwa amasu abo awazange aphumelele futhi izinguquko zabo zabhuntsha.’a (The Encyclopedia Americana) Lokhu kwakuyimbangela eyinhloko yokuvukelwa kwamandla emibuso okwasibekela iYurophu ngokushesha.
2, 3. UJehova uhluke kanjani emakhosini angabantu?
2 Yeka ukuthi uJehova uhluke kanjani kubabusi abangabantu abaguquguqukayo. Singasibona kalula isidingo sesintu sokulangazelela ushintsho ekugcineni oluyoletha amakhambi angokoqobo okungalungi nokuhlupheka. Kodwa akudingekile sikhathazeke ngokuthi izenzo zikaNkulunkulu zokuletha lokhu zixhomeke ekuthathekeni okuthile okudlulayo. Encwadini esakazwe kakhulu kunazo zonke emhlabeni, uye wafakazela isithembiso sakhe sokuletha izibusiso ezihlala njalo esintwini esikholwayo. Lokhu kuyokwenzeka kungakhathaliseki ukuthi abantu bebenakuphi ukuma ngokobuzwe, ubuhlanga, imfundo, noma isikhundla emphakathini. (Galathiya 3:28) Kodwa ungathembela kulokhu?
3 Umphostoli uPawulu wacaphuna ingxenye yesiqinisekiso uNkulunkulu ayesinikeze uAbrahama: “Impela ngiyakukubusisa nokukubusisa.” UPawulu wanezela ukuthi njengoba ‘uNkulunkulu engeqambe amanga,’ ‘singaba nenduduzo enamandla yokubamba ithemba esilimiselweyo.’ (Heberu 6:13-18) Ukuthembela kwethu kulezozibusiso kungaqiniswa ngokwengeziwe ngokuphawula indlela ehlelekile uNkulunkulu abeka ngayo isisekelo sokufeza lokhu.
4. UNkulunkulu wazisebenzisa kanjani izivumelwano ezihlukahlukene ukuze afeze injongo yakhe?
4 Sesibonile kakade ukuthi uNkulunkulu wenza isivumelwano noAbrahama esihilela inzalo eyayiyosetshenziswa ekubusiseni “izizwe zonke zomhlaba.” (Genesise 22:17, 18) AmaIsrayeli aba inzalo engokwenyama, kodwa ngomqondo ongokomoya obaluleke kakhulu, uJesu Kristu wazibonakalisa eyingxenye eyinhloko yenzalo ka-Abrahama. UJesu futhi wayeyiNdodana, noma iNzalo, ka-Abrahama oMkhulu, uJehova. AmaKristu ‘angabakaKristu’ akha ingxenye yesibili yenzalo ka-Abrahama. (Galathiya 3:16, 29) Ngemva kokwenza isivumelwano sika-Abraharna, uNkulunkulu wanezela okwesikhashana isivumelwano soMthetho nesizwe samaIsrayeli. Sabonakalisa ukuthi amaIsrayeli ayeyizoni ezazidinga umpristi ohlala njalo nomhlatshelo ophelele. Savikela uhlu lweNzalo futhi sasiza ekuyibonakaliseni. Isivumelwano soMthetho sabonisa futhi ukuthi ngandlela-thile, uNkulunkulu wayeyoletha isizwe samakhosi nabapristi. Lapho uMthetho usasebenza, uNkulunkulu wenza isivumelwano noDavide sokuba nohlanga lobukhosi kwaIsrayeli. Isivumelwano sikaDavide soMbuso sakhomba futhi kothile owayeyobusa phakade emhlabeni.
5. Yimiphi imibuzo noma izinkinga ezazisadinga ukuxazululwa?
5 Nokho, kwakunezici noma imigomo yalezivumelwano eyayibonakala ingaphelele noma idinga ukucaciswa. Ngokwesibonelo, uma iNzalo ezayo yayiyoba yinkosi ohlwini lukaDavide, yayiyoba kanjani umpristi ohlala njalo owayeyokwenza okwengeziwe kunabapristi bangaphambili? (Heberu 5:1; 7:13, 14) Ingabe leNkosi yayingabusa ngaphezu nje kwendawo yasemhlabeni elinganiselwe? Ingxenye yesibili yenzalo yayiyokufanelekela kanjani ukuba semkhayeni ka-Abrahama oMkhulu? Futhi ngisho noma yayingakufanelekela, iyiphi indawo eyayiyoyibusa, njengoba amalungu amaningi alengxenye engaveli ohlwini lukaDavide? Ake sibone indlela uNkulunkulu athatha ngayo izinyathelo ezingokomthetho ngezivumelwano ezengeziwe ezaziyoxazulula lemibuzo, zivule indlela yokubusiswa kwethu kwaphakade.
Isivumelwano Sompristi Wasezulwini
6, 7. (a) NgokweHubo 110:4, yisiphi esinye isivumelwano esamiswa uNkulunkulu? (b) Yisiphi isizinda esisisiza ukuba sisiqonde lesivumelwano esengeziwe?
6 Njengoba sibonile, phakathi nesikhathi sesivumelwano soMthetho, uNkulunkulu wenza isivumelwano noDavide senzalo eyayiyobusa phakade endaweni yasemhlabeni. Kodwa uJehova futhi wembula kuDavide ukuthi kwakuyofika umpristi ohlala njalo. UDavide wabhala: “UJehova ufungile engayikuguquka, wathi: Wena ungumpristi kuze kube-phakade ngendlela kaMelkisedeki.” (IHubo 110:4) Yini eyayihilelekile kulamazwi esifungo kaNkulunkulu ayefana nesivumelwano somuntu siqu phakathi kukaJehova nalomPristi ozayo?
7 UMelkisedeki wayeyinkosi yaseSalema lasendulo, ngokusobala elalisendaweni lapho kamuva kwakhiwa khona umuzi waseJerusalema (igama elihlanganisa elithi “Salema”). Umlando wokusebenzelana kuka-Abrahama naye uqokomisa ukuthi wayeyinkosi eyayikhulekela ‘uNkulunkulu oPhezukonke.’ (Genesise 14:17-20) Nokho, amazwi kaNkulunkulu kumaHubo 110:4 abonisa ukuthi uMelkisedeki wayengumpristi futhi, okumenza abe umuntu oyingqayizivele. Wayeyikho kokubili inkosi nompristi, futhi wakhonza lapho amakhosi ohlu lukaDavide nabapristi abangamaLevi kamuva bafeza khona imisebenzi yabo ehlelwe ngokwaphezulu.
8. Lesivumelwano sompristi onjengoMelkisedeki senziwa nobani, futhi kwaba namuphi umphumela?
8 UPawulu usinikeza imininingwane eyengeziwe ngalesivumelwano sompristi onjengoMelkisedeki. Ngokwesibonelo, uthi kwakunguJesu Kristu ‘owabizwa uNkulunkulu ngokuthi umpristi omkhulu ngokokuma kukaMelkisedeki.’ (Heberu 5:4-10; 6:20; 7:17, 21, 22) Nakuba uMelkisedeki ngokusobala ayenabazali abangabantu, awukho umlando wohlu lozalo lwakhe. Ngakho kunokuba uJesu azuze ngefa isikhundla sobupristi ngokohlu lozalo olulotshiwe olusukela kuMelkisedeki, ukumiswa kwakhe kwavela kuNkulunkulu ngokuqondile. Ubupristi bukaJesu abuyikudluliselwa komunye oyongena esikhundleni sakhe, ngoba “uhlala engumpristi njalonjalo.” Lokhu kunjalo, ngoba izinzuzo zenkonzo yakhe yobupristi ziyoba ezaphakade. Ngempela singabusiswa ngokuba nompristi ‘onamandla okusindisa ngokupheleleyo abeza kuNkulunkulu ngaye’ nokufundisa nokuqondisa abathembekile phakade.—Heberu 7:1-3, 15-17, 23-25.
9, 10. Ulwazi ngalesivumelwano sesihlanu lukwandisa kanjani ukuqonda kwethu indlela injongo kaNkulunkulu eyofezwa ngayo?
9 Elinye iphuzu elibalulekile liwukuthi indima kaJesu njengeNkosi engumPristi idlulela ngale kwendawo yasemhlabeni. Endabeni efanayo aphawula kuyo ngalesivumelwano sompristi onjengoMelkisedeki, uDavide wabhala: “UJehova wathi eNkosini yami: Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe-yisenabelo sezinyawo zakho.” Kanjalo singabona ukuthi uJesu—iNkosi kaDavide—wayezoba nendawo ezulwini noJehova, okwenzeka lapho enyukela ezulwini. Esezulwini, uKristu angasebenzisa igunya kanye noYise ukuba anqobe izitha futhi akhiphe izahlulelo.—IHubo 110:1, 2; IzEnzo 2:33-36; Heberu 1:3; 8:1; 12:2.
10 Ngenxa yalokho, ngokwazi ngalesivumelwano sesihlanu, sinombono onwetshiwe wendlela ehlelekile, ephelele uJehova azofeza ngayo injongo yakhe. Siveza ukuthi ingxenye eyinhloko yenzalo futhi iyoba umpristi ezulwini nokuthi igunya layo njengeNkosi engumPristi liyoba elendawo yonke.—1 Petru 3:22.
Isivumelwano Esisha Nengxenye Yesibili Yenzalo
11. Yiziphi izinkinga ezazikhona mayelana nengxenye yesibili yenzalo?
11 Ekuqaleni lapho sicabangela isivumelwano sika-Abrahama, siphawule ukuthi uJesu waba yingxenye eyinhloko yenzalo ngelungelo elingokwemvelo. Wavela ngokuqondile kuyinzalamizi uAbrahama, futhi njengomuntu ophelele, wayeyiNdodana eyamukelekayo ka-Abrahama oMkhulu. Nokho, kuthiwani ngabantu abanelungelo lokuba yingxenye yesibili yenzalo ka-Abrahama, ‘izindlalifa ngokwesithembiso’? (Galathiya 3:29) Njengoba bengaphelele, beyingxenye yomkhaya wesoni uAdamu, babeyoba abangakufanelekele ukuba semkhayeni kaJehova, uAbrahama oMkhulu. Lesithiyo sokungapheleli sasinganqotshwa kanjani? Lokho kwakungenakwenzeka kubantu, kodwa kungenzeka kuNkulunkulu.—Mathewu 19:25, 26.
12, 13. (a) UNkulunkulu wasibikezela kanjani esinye isivumelwano? (b) Yisiphi isici esikhethekile salesivumelwano esifanelwe ukunakekela kwethu?
12 Lapho uMthetho usasebenza, uNkulunkulu wabikezela ngomprofethi wakhe: “Ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu kaIsrayeli nendlu kaJuda, kungenjengesivumelwano engasenzayo nawoyise . . . isivumelwano sami abasaphula . . . ngiyakufaka umthetho wami ezibilinini zabo, ngiwulobe ezinhliziyweni zabo, ngibe-nguNkulunkulu wabo, bona babengabantu bami; abasayikufundisana . . . ngokuthi: Yazi uJehova, ngokuba bonke bayakungazi . . . ngokuba ngiyakuthethelela ububi babo, nesono sabo angisayikusikhumbula.”—Jeremiya 31:31-34.
13 Phawula ukuthi isici salesivumelwano esisha sasiwukuthethelelwa kwezono, ngokusobala ngendlela ‘engafani’ nelungiselelo lemihlatshelo yezilwane ngaphansi koMthetho. UJesu wakucacisa lokhu ngosuku afa ngalo. Ngemva kokuhlanganyela nabafundi bakhe ekugubheni iPhasika njengoba kwakudingwa uMthetho, uKristu wamisa iSidlo SeNkosi Sakusihlwa. Lomkhosi waminyaka yonke wawuyohilela isitsha sewayini esihlanganyelwayo, uJesu athi ngaso: “Lesisitsha siyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina.”—Luka 22:14-20.
14. Kungani isivumelwano esisha sibalulekile ekuvezweni kwengxenye yesibili yenzalo?
14 Ngakho, isivumelwano esisha sasiyokwenziwa sisebenze ngegazi likaJesu. Ngesisekelo somhlatshelo onjalo ophelele, uNkulunkulu ‘wayengathethelela ububi nesono’ unomphela. Cabanga ukuthi lokho bekuyosho ukuthini! Njengoba enamandla okuthethelela ngokuphelele izono zabantu abazinikele abasemkhayeni kaAdamu, uNkulunkulu wayengababheka njengabangenasono, abazale njengamadodana angokomoya ka-Abrahama oMkhulu, abese ebagcoba ngomoya ongcwele. (Roma 8:14-17) Ngakho, isivumelwano esisha esaqiniswa ngomhlatshelo kaJesu senza abafundi bakhe bakwazi ukuba yingxenye yesibili yenzalo ka-Abrahama. UPawulu wabhala: “Ngokufa [uJesu wayeyomchitha] obenawo amandla okufa onguSathane, [wayeyokhulula] bonke labo abathi ngokwesaba ukufa ekuhambeni kwabo konke babeboshelwe ebugqileni. Ngokuba akahlangulisi izingelosi, kodwa uhlangulisa inzalo ka-Abrahama.”—Heberu 2:14-16; 9:14.
15. Obani abangabahlanganyeli besivumelwano esisha?
15 Nakuba uJesu ayeyoba uMlamuleli nomhlatshelo oqinisa isivumelwano esisha, obani ababengabahlanganyeli kulesivumelwano? UJeremiya wabikezela ukuthi uNkulunkulu wayeyokwenza lesivumelwano “nendlu kaIsrayeli.” Yimuphi loIsrayeli? Akuyena uIsrayeli ongokwenyama osoke ngaphansi koMthetho, ngoba isivumelwano esisha saphelisa lesosivumelwano sakuqala. (Heberu 8:7, 13; bheka ikhasi 31.) Manje uNkulunkulu wayeyosebenzelana namaJuda nabeZizwe labo ngokholo ‘ababesokiwe’ ngokomfanekiso “enhliziyweni ngomoya.” Lokhu kuvumelana nokusho kwakhe ukuthi labo abasesivumelwaneni esisha babeyoba ‘nemithetho yakhe ilotshwe engqondweni yabo nasezinhliziyweni zabo.’ (Roma 2:28, 29; Heberu 8:10) UPawulu wabiza amaJuda anjalo angokomoya ngokuthi ‘uIsrayeli kaNkulunkulu.’—Galathiya 6:16; Jakobe 1:1.
16. Isivumelwano esisha sisiza kanjani ekufezeni lokho uEksodusi 19:6 abhekisela kukho?
16 Njengoba uNkulunkulu manje ayesebenzelana noIsrayeli ongokomoya, kwavuleka umnyango wethuba. Lapho uNkulunkulu emisa uMthetho, wayekhulume ngamadodana kaIsrayeli ayeyokuba ‘umbuso wabapristi kuye, nesizwe esingcwele.’ (Eksodusi 19:6) Eqinisweni, uIsrayeli ongokwenyama wayengeke akwazi futhi akazange abe isizwe lapho bonke babengamakhosi nabapristi. Kodwa amaJuda nabeZizwe abamukelwa njengengxenye yesibili yenzalo ka-Abrahama babengaba amakhosi nabapristi.b Umphostoli uPetru wakuqinisekisa lokhu, etshela abanjalo: “Nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni.” Wabhala futhi ukuthi ‘babegcinelwe ifa elingapheliyo ezulwini.’—1 Petru 1:4; 2:9, 10.
17. Kungani isivumelwano esisha ‘singcono’ kunesivumelwano soMthetho?
17 Ngakho-ke, isivumelwano esisha sisebenza kanye nesivumelwano sika-Abrahama esasikhona kakade ukuze siveze ingxenye yesibili yenzalo. Lesivumelwano esisha phakathi kukaJehova namaKristu azelwe ngomoya sivumela ukwakhiwa kwesizwe sasezulwini samakhosi angabapristi emkhayeni wobukhosi ka-Abrahama oMkhulu. Ngakho-ke, singabona ukuthi kungani uPawulu athi lesi ‘siyisivumelwano esifana naso esingcono kakhulu, esimiswe ngokomthetho phezu kwezithembiso ezinhle.’ (Heberu 8:6, qhathanisa neNW.) Lezozithembiso zihlanganisa nesibusiso sokuba nomthetho kaNkulunkulu olotshwe ezinhliziyweni zabantu abazinikele abazono zabo zingenakukhunjulwa, futhi bonke ‘bemazi uJehova, kusukela komncane kuze kufike komkhulu.’—Heberu 8:11.
Isivumelwano SikaJesu SoMbuso
18. Kungamuphi umqondo izivumelwano esizicabangelile kuze kube manje zingayifezi ngokuphelele injongo kaNkulunkulu?
18 Uma sizindla ngezivumelwano eziyisithupha esixoxe ngazo, kungase kubonakale sengathi uJehova uhlele ngokomthetho konke okudingekile ukuze afeze injongo yakhe. Nokho, iBhayibheli liveza esinye isivumelwano esihlobana nalokho esiye sakucabangela, isivumelwano esiningiliza izici ezengeziwe zalendaba ebalulekile. AmaKristu azelwe ngomoya akulindele ngokufanele ukuthi ‘iNkosi iyowakhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, iwasindisele umbuso wayo wasezulwini.’ (2 Thimothewu 4:18) Ezulwini, ayoba isizwe samakhosi angabapristi, kodwa iyiphi indawo ayoyibusa? Lapho evuselwa ezulwini, uKristu uselapho kakade njengompristi omkhulu ophelele. Futhi uyobe emile emandleni ombuso ukuze abuse indawo yonke. (IHubo 2:6-9; IsAmbulo 11:15) Bazokwenzani abanye abapristi namakhosi?
19. Isivumelwano sesikhombisa esibalulekile senziwa nini futhi kanjani?
19 NgoNisan 14, 33 C.E., ukuhlwa uJesu amisa ngakho iSidlo SeNkosi Sakusihlwa futhi waphawula ‘isivumelwano esisha egazini [lakhe],’ wakhuluma ngesinye isivumelwano, esesikhombisa, esizoxoxa ngaso. Watshela abaphostoli bakhe abathembekile: “Nina-ke ningababekhuthazela nami ekulingweni kwami; nanjengokuba uBaba [enze isivumelwano nami] sombuso, nami [ngenza isivumelwano nani] ukuba nidle, niphuze etafuleni lami embusweni wami; niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwaIsrayeli.” (Luka 22:20, 28-30, qhathanisa neNW.) Njengoba nje uYise ayenze isivumelwano noJesu sokuba umpristi onjengoMelkisedeki, kanjalo uKristu wenza isivumelwano somuntu siqu nabalandeli bakhe abathembekile.
20. Senziwa nobani isivumelwano soMbuso, futhi ngani? (Daniyeli 7:18; 2 Thimothewu 2:11-13)
20 Ngokuqinisekile abaphostoli abayi-11 babekhuthazele noJesu ekulingweni kwakhe, futhi isivumelwano sabonisa ukuthi babeyohlala ezihlalweni zobukhosi. Ngaphezu kwalokho, isAmbulo 3:21 sifakazela ukuthi wonke amaKristu azelwe ngomoya azibonakalisa ethembekile ayohlala ezihlalweni zobukhosi zasezulwini. Ngakho, lesivumelwano senziwa nabo bonke abayizi-144 000 abathengwe ngegazi likaJesu ukuba bayiswe ezulwini njengabapristi futhi “babuse emhlabeni.” (IsAmbulo 1:4-6; 5:9, 10; 20:6) Isivumelwano uJesu asenza nabo sibahlanganisa naye ukuba bahlanganyele embusweni wakhe. Eqinisweni, kunjengokungathi umakoti womkhaya wasebukhosini wahlanganiswa ngomshado nenkosi ebusayo. Kanjalo waba sesimweni sokuhlanganyela ekubuseni embusweni wayo.—Johane 3:29; 2 Korinte 11:2; IsAmbulo 19:7, 8.
21, 22. Yisiphi isibusiso esingalindelwa ngenxa yalokho okufezwa yilezivumelwano?
21 Yiziphi izinzuzo lokhu okuyozivulela isintu esilalelayo? UJesu noma abayizi-144 000 ngeke bafane nomashiqela abanomusa ‘abangazange bakwazi ukunikeza amakhambi angokoqobo.’ Kunalokho, siyaqinisekiswa ukuthi uJesu ungumpristi omkhulu “olingiwe kukho konke njengathi, engenasono.” Ngakho-ke singaqonda ukuthi kungani ‘engazwelana’ nobuthakathaka bobuntu nokuthi kungani ‘ezinye izimvu,’ njengamaKristu agcotshiwe, nazo, ngoKristu, zingasondela esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu “ngesibindi.” Kanjalo, nazo ‘zingafumana umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.’—Heberu 4:14-16; Johane 10:16.
22 Labo abasesivumelwaneni sokuhlanganyela noJesu njengamakhosi angabapristi bahlanganyela futhi ekubusiseni isintu. Njengoba abapristi bamaLevi basendulo bazuzisa sonke isizwe sakwaIsrayeli, kanjalo labo abakhonza ezihlalweni zobukhosi zasezulwini noJesu bayokwahlulela ngokulunga bonke abaphilayo emhlabeni. (Luka 22:30) Lawomakhosi angabapristi ake aba ngabantu, ngakho ayozwelana nezidingo zesintu. Lengxenye yesibili yenzalo iyobambisana noJesu ekuqikeleleni ukuthi “izizwe zonke zomhlaba ziyakubusiswa.”—Galathiya 3:8.
23. Abantu kufanele benze kanjani ngokubambisana nalezivumelwano?
23 Bonke abafuna ukuhlanganyela kulesosibusiso esintwini, kanjalo bazuze ezivumelwaneni zikaNkulunkulu, bayamenywa manje ukuba benze kanjalo. (IsAmbulo 22:17) Esinye isinyathelo esihle siwukuba khona ekugujweni kweSidlo SeNkosi Sakusihlwa, okuyokwenziwa ngemva kokushona kwelanga ngoLwesithathu, ngoMarch 22, 1989. Siza uhlele manje ukuba ube khona nelinye lamabandla oFakazi BakaJehova. Lapho uyofunda okwengeziwe ngezivumelwano zaphezulu futhi uyobona ngokuqhubekayo indlela ongazuza ngayo kuzo.
[Imibhalo yaphansi]
a “Ngisho nezinguquko ezinkulu kakhulu zashiya umphakathi wabalimi ompofu, umphakathi weziphakanyiswa onamalungelo adlulele, okhokhiswa intela ephansi, abantu besigaba esiphakathi abafakwa kohulumeni nasemphakathini ngokungafanele . . . Kumelwe kushiwo ukuthi lapho ubushiqela obukhanyiselwe buqala ukubhekana nemibuzo eyayingasenakuzitshwa, abuzange bukwazi ukunikeza amakhambi angokoqobo ezimweni ezingokoqobo zezombangazwe zangalesosikhathi.”—Western Civilization—Its Genesis and Destiny: The Modern Heritage.
b UJesu akayena umhlanganyeli wesivumelwano esisha. UnguMlamuleli waso futhi akanazo izono ezidinga ukuthethelelwa. Ngaphezu kwalokho, akudingekile ngaye ukuba abe inkosi nompristi ngaso, ngoba uyinkosi ngokwesivumelwano sikaDavide nompristi futhi njengoMelkisedeki.
Ingabe Uyakhumbula?
◻ Kungani kwenziwa isivumelwano esiphawulwe kumaHubo 110:4, futhi safezani?
◻ Obani abasesivumelwaneni esisha, futhi sasiza kanjani ekuvezeni isizwe samakhosi nabapristi?
◻ Kungani uJesu enza isivumelwano somuntu siqu nabalandeli bakhe?
◻ Yiziphi izivumelwano eziyisikhombisa esizicabangelile?
[Umdwebo ekhasini 17]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Isivumelwano sase-Edene Genesise 3:15
Isivumelwano sika-Abrahama
Isivumelwano soMthetho
Isivumelwano sikaDavide soMbuso
Isivumelwano sokuba umpristi onjengoMelkisedeki
Inzalo eyinhloko
Inzalo yesibili
Izibusiso zaphakade
[Umdwebo ekhasini 19]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Isivumelwano sase-Edene Genesise 3:15
Isivumelwano sika-Abrahama
Isivumelwano soMthetho
Isivumelwano esisha
Isivumelwano sikaDavide soMbuso
Isivumelwano sokuba umpristi onjengoMelkisedeki
Inzalo eyinhloko
Isivumelwano soMbuso wasezulwini
Inzalo yesibili
Izibusiso zaphakade