ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 3
Izifundo Esingazifunda Ekukhaleni KukaJesu
“UJesu wakhala izinyembezi.”—JOH. 11:35.
INGOMA 17 “Ngiyathanda”
AMAZWIBELAa
1-3. Yiziphi izinselele ezingenza abantu bakaJehova bakhale?
WAGCINA nini ukukhala? Ngezikhathi ezithile siba nezinyembezi zenjabulo. Kodwa ezikhathini eziningi sikhala ngenxa yosizi olusenhliziyweni yethu. Ngokwesibonelo, siyakhala lapho sishonelwa umuntu esimthandayo. ULorilei, udade wase-United States, wabhala: “Ngezinye izikhathi ubuhlungu bokushonelwa indodakazi yami babuba nzima kangangokuba kwakungekho lutho olwalungangiduduza. Ngalezo zikhathi ngangizibuza ukuthi ngizoqhubeka kanjani nje ngiphila.”b
2 Kunezinye izinto ezingasenza sikhale. UHiromi, iphayona laseJapane, wathi: “Kuye kungidikibalise ukunganaki kwabantu engibathola ensimini. Ngezinye izikhathi, ngicwebe izinyembezi, ngicela uJehova ukuba angisize ngithole umuntu ofuna iqiniso.”
3 Ingabe nawe uke uzizwe ngale ndlela? Abaningi kithi baye bazizwe kanjalo. (1 Pet. 5:9) Sifuna ‘ukukhonza uJehova ngokuthokoza,’ kodwa kungenzeka ukuthi simkhonza ngezinyembezi ngenxa yosizi, ukudikibala noma isimo esicindezelayo esivivinya ubuqotho bethu kuNkulunkulu. (IHu. 6:6; 100:2) Yini esingayenza lapho sikhungethwe imizwa enjalo?
4. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?
4 Singafunda esibonelweni sikaJesu. Ngezinye izikhathi naye wayeba lusizi aze ‘akhale izinyembezi.’ (Joh. 11:35; Luka 19:41; 22:44; Heb. 5:7) Ake sixoxe ngalezo zenzakalo. Sizobona ukuthi yiziphi izifundo esingazifunda kuzo. Sizoxoxa nangezindlela ezingasisiza sibhekane nezinselele ezisenza sikhale.
WAKHALELA ABANGANE BAKHE
5. Sifundani ngoJesu kulokho okushiwo kuJohane 11:32-36?
5 Ebusika bango-32 C.E., umngane kaJesu omkhulu, uLazaru, wagula futhi wafa. (Joh. 11:3, 14) ULazaru wayenodadewabo ababili, uMariya noMarta, futhi uJesu wayezifela ngalo mndeni. UMariya noMarta kwabazwisa ubuhlungu obukhulu ukushonelwa umfowabo abamthandayo. Ngemva kokufa kukaLazaru, uJesu waya eBhethaniya, lapho babehlala khona. Lapho uMarta ezwa ukuthi uJesu uyeza, waphuthuma wayomhlangabeza. Cabanga umunyu ayenawo lapho ethi: “Nkosi, ukube ubulapha umfowethu ngabe akafanga.” (Joh. 11:21) Ngemva nje kwalokho, lapho uJesu ebona uMariya nabanye bekhala, naye “wakhala izinyembezi.”—Funda uJohane 11:32-36.
6. Kungani uJesu akhala?
6 Kungani uJesu akhala? I-Insight on the Scriptures iyaphendula: “Ukufa komngane wakhe uLazaru nosizi ababa nalo odadewabo bakaLazaru kwenza uJesu ‘waquma futhi wakhala izinyembezi.’”c Kungenzeka ukuthi uJesu wayecabanga ngobuhlungu umngane wakhe amthandayo uLazaru abuzwa ngesikhathi egula, ecabanga nangendlela ayezizwa ngayo lapho ebona ukuthi useyafa. Ukubona indlela ukufa kukaLazaru okwabathinta ngayo oMariya noMarta, nakanjani nako kwenza uJesu wakhala. Uma uke washonelwa umngane osondelene naye noma ilungu lomndeni, akungabazeki ukuthi nawe wezwa ubuhlungu obukhulu. Cabanga ngezifundo ezintathu ongazifunda kule ndaba.
7. Ukukhalela kukaJesu abangane bakhe kusifundisani ngoJehova?
7 UJehova uyayiqonda indlela ozizwa ngayo. UJesu ‘ufana ncamashi’ noYise. (Heb. 1:3) Lapho ekhala, wayebonisa indlela uYise azizwa ngayo. (Joh. 14:9) Uma ukhuthazelela ubuhlungu bokushonelwa umuntu omthandayo, ungaqiniseka ukuthi uJehova akagcini nje ngokulubona usizi okulo kodwa futhi uyakuzwela kakhulu. Uyafuna ukupholisa inhliziyo yakho ephukile.—IHu. 34:18; 147:3.
8. Kungani singaqiniseka ukuthi uJesu uzobavusa abantu esibathandayo?
8 UJesu uyafuna ukuvusa abantu obathandayo. Ngaphambi nje kokuba akhale, uJesu waqinisekisa uMarta: “Umfowenu uzovuka.” UMarta wamkholwa uJesu. (Joh. 11:23-27) Njengoba uMarta ayeyisikhonzi sikaJehova esithembekile, akungabazeki ukuthi wayazi ngabantu ababevuswe abaprofethi u-Eliya no-Elisha eminyakeni eminingi ngaphambili. (1 AmaKh. 17:17-24; 2 AmaKh. 4:32-37) Cishe wayezwile nangabantu ababevuswe uJesu. (Luka 7:11-15; 8:41, 42, 49-56) Nawe ungaqiniseka ukuthi uyophinde ubabone abantu obathandayo asebashona. Ukukhala kukaJesu izinyembezi njengoba ayeduduza abangane bakhe abadabukile, kunikeza ubufakazi bokuthi uyakulangazelela ukuvusa abantu asebashona.
9. NjengoJesu, singabasekela kanjani labo abasosizini? Nikeza isibonelo.
9 Ungabasekela labo abasosizini. UJesu akagcinanga ngokukhala noMarta noMariya kodwa futhi wabalalela, wabaduduza. Singenza okufanayo kulabo abasosizini. UDan, umdala wase-Australia, uthi: “Ngemva kokushonelwa umkami, ngangidinga ukusekelwa. Abazalwane abaningana nomkabo babehlale bekulungele ukungilalela ubusuku nemini. Ngangikwazi ukuveza imizwa yami, babengabi namahloni lapho ngikhala. Babengisiza nangezinye izinto, njengokuhlanza imoto, ukuyothenga nokupheka lapho ngingakwazi ukuzenzela lezi zinto. Babethandaza nami njalo. Bazibonisa bengabangane beqiniso nabafowethu ‘ngesikhathi sosizi.’”—IzAga 17:17
WAKHALELA OMAKHELWANE BAKHE
10. Chaza lokho okushiwo kuLuka 19:36-40.
10 UJesu wafika eJerusalema ngoNisani 9, 33 C.E. Njengoba ayesondela edolobheni, kwaqoqana isixuku, sendlala izingubo zaso endleleni sibonisa ukuthi siyamamukela njengeNkosi yaso. Kwakuyisikhathi esijabulisa ngempela leso. (Funda uLuka 19:36-40.) Ngakho, kungenzeka ukuthi abafundi bakhe babengakulindele okwenzeka ngemva kwalokho. “Lapho [uJesu] eseseduze, walibuka idolobha walikhalela.” Ehlengezela izinyembezi, uJesu wabikezela izinto ezibuhlungu ezazizokwehlela abantu baseJerusalema.—Luka 19:41-44.
11. Kungani uJesu akhalela abantu baseJerusalema?
11 UJesu wezwa ubuhlungu ngoba wayazi ukuthi naphezu kokwamukelwa ngezandla ezifudumele, iningi labantu bakubo lase libonisile ukuthi lalingeke liwamukele umyalezo woMbuso. Ngenxa yalokho, iJerusalema lalizobhujiswa, noma yimaphi amaJuda ayezosinda ayezothunjwa. (Luka 21:20-24) Kuyadabukisa ukuthi njengoba nje uJesu ayeshilo, iningi labantu alimamukelanga. Endaweni ohlala kuyo, abantu bavame ukusabela kanjani emyalezweni woMbuso? Uma bembalwa abavumayo ukuba ubafundise iqiniso, ukukhalela kukaJesu omakhelwane bakhe kungakufundisani? Cabanga ngezinye izifundo ezintathu.
12. Ukukhalela kukaJesu omakhelwane bakhe kusifundisani ngoJehova?
12 UJehova uyabakhathalela abantu. Izinyembezi zikaJesu zisikhumbuza ukuthi uJehova ubakhathalela kangakanani abantu. “Akafisi ukuba kubhubhe ngisho noyedwa, kodwa ufisa ukuba bonke baphenduke.” (2 Pet. 3:9) Namuhla, sibonisa uthando komakhelwane bethu ngokukhuthazela emizamweni yethu yokuzidela ukuze sibafinyelele izinhliziyo ngezindaba ezinhle.—Math. 22:39.d
13-14. UJesu wababonisa kanjani abantu isihawu, futhi singayihlakulela kanjani leyo mfanelo?
13 UJesu wayezikhandla enkonzweni. Wabonisa uthando analo ngabantu ngokusebenzisa wonke amathuba ukuze abafundise. (Luka 19:47, 48) Yini eyamenza wenza kanjalo? UJesu wayenesihawu ngabo. Ngezinye izikhathi baningi ababefuna ukuzwa amazwi akhe, kangangokuba yena nabafundi bakhe “babengasakwazi ngisho nokudla.” (Marku 3:20) Wayefundisa ngisho nasebusuku—isikhathi esasivumelana kahle nomuntu owayemlalele. (Joh. 3:1, 2) Iningi lalabo abamlalela ekuqaleni abazange babe abafundi bakhe. Kodwa bonke abamuzwa bathola ubufakazi obuphelele. Namuhla sifuna ukunika bonke abantu ithuba lokuzwa izindaba ezinhle. (IzE. 10:42) Ukuze sikufeze lokhu, kungase kudingeke sishintshe indlela esiyenza ngayo inkonzo.
14 Kulungele ukwenza ushintsho oludingekayo. Uma singazishintshashintshi izikhathi esishumayela ngazo, singase singabatholi abantu abazokwamukela izindaba ezinhle. UMatilda oyiphayona uthi: “Mina nomyeni wami sizama ukushumayela ngezikhathi ezihlukahlukene. Ekuseni sisebenza insimu yamabhizinisi. Emini lapho abantu behla benyuka, sisebenzisa izinqola zokufakaza. Ntambama sishumayeza abantu emakhaya.” Kunokuba sinamathele endleleni yokushumayela evumelana nathi nasesikhathini esivumelana nathi, kufanele sikulungele ukushintsha, sishumayele ngesikhathi esizothola ngaso abantu. Uma senza kanjalo, singaqiniseka ngokuthi uJehova uzothokoza.
WAKHALELA UKULWELWA KWEGAMA LIKAYISE
15. Yini eyenzeka ngobusuku bokugcina bukaJesu ephila emhlabeni, njengoba kubhalwe kuLuka 22:39-44?
15 Ebusuku ngoNisani 14, 33 C.E., uJesu waya ensimini yaseGetsemane. Wafike wathulula inhliziyo yakhe kuJehova. (Funda uLuka 22:39-44.) Phakathi naleso sikhathi esinzima, uJesu “wanxusa . . . ngokukhala okukhulu nangezinyembezi.” (Heb. 5:7) Yini uJesu ayithandazela ngalobo busuku bokugcina ngaphambi kokuba afe? Wathandazela amandla okuba aqhubeke eqotho kuJehova nokuba enze intando yaKhe. UJehova wawuzwa umunyu owawuhambisana nomthandazo weNdodana yakhe, wayesethumela ingelosi ukuba imqinise.
16. Kungani uJesu ayecindezelekile ngesikhathi ethandaza ensimini yaseGetsemane?
16 Akungabazeki ukuthi uJesu wakhala lapho ethandaza ensimini yaseGetsemane ngenxa yokuthi wayekhathazeke ngokuthi uzobhekwa njengomhlambalazi. Wayewazi nomthwalo omkhulu owawusemahlombe akhe—ukulwelwa kwegama likaYise. Uma ubhekene nesimo esicindezelayo esivivinya ubuqotho bakho kuJehova, yini ongayifunda ekukhaleni kukaJesu? Cabanga ngezinye izifundo ezintathu.
17. Yini esingayifunda ekuphenduleni kukaJehova imithandazo kaJesu esuka enhliziyweni?
17 UJehova uyakulalela ukunxusa kwakho. UJehova wazilalela izicelo zikaJesu ezisuka enhliziyweni. Kungani? Kungoba into eyayibaluleke kakhulu kuJesu ukuba qotho kuYise nokulwela igama laKhe. Uma into ebaluleke kakhulu nakithi kuwukuba sihlale siqotho kuJehova futhi silwele igama lakhe, uyosiphendula lapho sicela usizo kuye.—IHu. 145:18, 19.
18. UJesu ufana kanjani nomngane onozwela?
18 UJesu uyazwelana nawe. Lapho siphatheke kabi, siyajabula uma siduduzwa umngane onozwela, ikakhulukazi uma kungumuntu oke wabhekana novivinyo olufana nolwethu. UJesu uyilolo hlobo lomngane. Uyazi ukuthi kunjani ukuphelelwa amandla nokudinga usizo. Uyaqonda ukuthi sakheke kanjani futhi uyoqiniseka ukuthi siyaluthola usizo esiludingayo “ngesikhathi esifanele.” (Heb. 4:15, 16) Njengoba nje uJesu alwamukela usizo lwengelosi ensimini yaseGetsemane, nathi kufanele sizimisele ukwamukela usizo oluvela kuJehova, kungakhathaliseki ukuthi siluthola encwadini, kuyividiyo, enkulumweni, kumdala noma kumngane ovuthiwe osivakashele ezosikhuthaza.
19. Ungawathola kanjani amandla lapho ubuqotho bakho kuNkulunkulu buvivinywa? Nikeza isibonelo.
19 UJehova uzokunika “ukuthula kukaNkulunkulu.” UJehova uzosipha kanjani amandla? Lapho sithandaza sizothola “ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukuqonda.” (Fil. 4:6, 7) Ukuthula okuvela kuJehova kwenza izinhliziyo zethu zizole, kusenze sicabange ngendlela ecacile. Cabanga ngalokho okwenzeka kudade okuthiwa uLuz. Uthi: “Ngihlushwa isizungu. Ngezinye izikhathi leyo mizwa ingenza ngicabange ukuthi uJehova akangithandi. Uma ngizizwa kanjalo, ngivele ngitshele uJehova. Umthandazo ungenza ngizizwe kangcono.” Njengoba sibona kulokho uLuz abhekana nakho, umthandazo ungasinikeza ukuthula.
20. Yiziphi izifundo esizifunde ekukhaleni kukaJesu?
20 Singafunda izifundo eziwusizo neziduduza ngempela ekukhaleni kukaJesu. Sikhunjuzwa ukuba sisekele abangane bethu abasosizini futhi sithembe ukuthi uJehova noJesu bazosisekela lapho sishonelwa umuntu esimthandayo. Sikhuthazwa ukuba sibe nesihawu lapho sishumayela nalapho sifundisa ngoba uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu bayayibonisa le mfanelo enhle. Kuyasiduduza nokwazi ukuthi uJehova neNdodana yakhe ayithandayo bayayiqonda indlela esizizwa ngayo, bayasizwela futhi bafuna ukusisiza sikhuthazele. Kwangathi singaqhubeka sikusebenzisa esikufundile kuze kube yilapho uJehova egcwalisa isithembiso esithinta inhliziyo sokuthi “uyosula zonke izinyembezi emehlweni [ethu]”!—IsAm. 21:4.
INGOMA 120 Lingisa Ubumnene BukaKristu
a Ngezinye izikhathi uJesu wayeba lusizi aze akhale. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezenzakalo ezintathu uJesu akhala kuzo, sixoxe nangezifundo esingazithola.
b Amanye amagama ashintshiwe.
c Bheka i-Insight on the Scriptures, uMqulu 2, k. 69.
d Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “umakhelwane” kuMathewu 22:39 aligcini nje ngokubhekisela kubantu abahlala eduze kwakho. Lingabhekisela kunoma ubani ohlangana naye.
e INCAZELO YEZITHOMBE: UJesu wathinteka, wayeseduduza uMariya noMarta. Nathi singenza okufanayo kulabo abashonelwe abantu ababathandayo.
f INCAZELO YEZITHOMBE: UJesu wayekulungele ukufundisa uNikhodemu ebusuku. Nathi kufanele sifunde iBhayibheli nabantu ngesikhathi esivumelana nabo.
g INCAZELO YEZITHOMBE: UJesu wathandaza wacela amandla okuhlala eqotho kuJehova. Nathi kumelwe senze okufanayo lapho sivivinywa.