Ukufunda Imfihlakalo Engcwele Yokuzinikela Kokwesaba UNkulunkulu
“UKristu wahlushwa ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe.”—1 PETRU 2:21.
1. Ibiyini injongo kaJehova ngokuqondene ‘nemfihlakalo engcwele yokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu’?
“IMFIHLAKALO engcwele yalokhu kuzinikela kokwesaba uNkulunkulu” ayiseyona imfihlakalo! (1 Thimothewu 3:16, NW) Yeka ukuthi ihluke kanjani ezimfihlakalweni zenkolo yamanga, njengoZiqu-zintathu oyimfihlakalo, ezihlala ziyimfihlo! Akukho-muntu ongaziqonda. Kunalokho, inhloso kaJehova iye yaba ukuba imfihlakalo engcwele eyambulwe kumuntu uJesu Kristu isakazwe kabanzi ngangokunokwenzeka. UJesu ngokwakhe waba isibonelo esivelele sokuba ummemezeli oshisekayo woMbuso kaNkulunkulu. Singafunda okuningi esigijimini sakhe nasendleleni yakhe yokushumayela, njengoba sizobona manje.
2. Kungani inkonzo kaJesu ibekwa ngaphambi kwesihlengo? (Mathewu 20:28)
2 Khona-ke, asicabangele ngokwengeziwe ‘ukubonakaliswa’ kukaJesu “enyameni.” (1 Thimothewu 3:16) KuMathewu 20:28 sifunda ukuthi uJesu ‘wayengezelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwakhe, kube isihlengo sabaningi.’ Lokhu kubeka ukukhonza kwakhe ngisho nangaphambi komhlatshelo. Kungani kunjalo? Nokho, emuva e-Edene iNyoka enobuqili yayiphikise ukufaneleka kobukhosi bukaJehova phezu kwesintu, isikisela ukuthi indalo kaNkulunkulu yayinephutha nokuthi ngaphansi kovivinyo akekho umuntu ongagcina ubuqotho koPhezukonke. (Qhathanisa noJobe 1:6-12; 2:1-10.) Inkonzo kaJesu engenaphutha njengomuntu ophelele, “uAdamu wokugcina,” yabonakalisa lombeki-nselele uSathane engumqambimanga omubi. (1 Korinte 15:45) Ngaphezu kwalokho, uJesu wazifakazela ngokugcwele izimfanelo zakhe zokukhonza ‘njengeNkosi noMsindisi’ nokuba ‘ahlulele izwe ngokulunga,’ elwela ubukhosi bukaJehova.—IzEnzo 5:31; 17:31.
3. UJesu wayiphikisa kanjani ngokuphelele inselele kaSathane?
3 UJesu wayiphikisa ngokuphelele inselele kaSathane yokuklolodela! Kuwo wonke umlando, akekho umuntu kulomhlaba owakhonza ngokuzinikela okungako—naphezu kokuhlekwa usulu, ukushaywa, nokuhlushwa enyameni nasengqondweni. UKristu kwadingeka akhuthazelele ukuhlanjalazwa njengeNdodana kaNkulunkulu. Kukho konke—kuze kube sekufeni konya nokuyihlazo—wayeqinile, engashukumi ekuthembekeni kuYise. KwabaseFilipi 2:8, 9, uPawulu ubhala ukuthi ngenxa yokuthi uJesu walalela “kwaze kwaba-sekufeni, yebo, ekufeni [esigxotsheni sokuhlushwa]. Ngalokho-ke uNkulunkulu wamphakamisa kakhulu, wamnika igama eliphezu kwamagama onke.” UJesu wadalula uSathane njengomqambimanga obulalayo lowo anguye!
4. Kungani uJesu ayengatshela uPilatu ukuthi wayeze emhlabeni ukuzofakazela iqiniso?
4 Kanjalo, ekupheleni kweminyaka embalwa nje yokushumayela kwenkuthalo, uJesu wayengafakaza ngesibindi kuPontiyu Pilatu: “Usho khona. Ngiyinkosi; ngizalelwe lokho, ngafikela lokho ezweni ukuba ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami.” (Johane 18:37) UJesu wayebonise ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu kwezinga eliphakeme ekumemezeleni iqiniso loMbuso kaNkulunkulu kulo lonke elasePalestina. Waqeqesha abafundi bakhe ukuba nabo babe abashumayeli abashisekayo. Yeka indlela isibonelo sakhe esisikhuthaza ngayo ukuba silandele ezinyathelweni zakhe namuhla!
Ukufunda ESibonelweni Sethu
5. Yini esingayifunda ngokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu ngokubheka uJesu ngokucophelela?
5 Ngokuzinikela kwethu kokwesaba uNkulunkulu ekwenzeni intando kaJehova, nathi singambonakalisa engonamanga uDeveli. Noma iluphi uvivinyo esingabhekana nalo, alukho oluyoke lulingane nobuhlungu nokululazwa uJesu abhekana nakho. Khona-ke, masifunde eSibonelweni sethu. Njengoba amaHeberu 12:1, 2 esinxusa, sengathi singagijima kulomncintiswano wejubane ngokukhuthazela “sibhekile kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu.” Ngokungafani noAdamu, owahluleka lapho evivinywa ukuzinikela kwakhe kokwesaba uNkulunkulu, uJesu waba umuntu okuwukuphela kwakhe emhlabeni owabhekana nalo lonke uvivinyo ngokuphelele. Kwaze kwaba sekufeni, wazibonakalisa ‘engcwele, engenacala, engenabala, engohlukanisiwe nezoni.’ (Heberu 7:26) Ngobuqotho obungenaphutha, wayengathi ezitheni zakhe: “[Yi]muphi kini ongangilahla ngesono na?” UJesu wabuyisela inselele kaSathane, ethi: “Umbusi wezwe . . . akanalutho kimi.” Futhi lapho ephetha inkulumo yakhe yokugcina kubafundi bakhe ngaphambi kokukhashelwa nokuboshwa kwakhe, wathi kubo: “Yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.”—Johane 8:46; 14:30; 16:33.
6. (a) Kungani uJesu azi ukuthi hlobo luni lwempumuzo edingwa isintu? (b) UJesu wakubonisa ngezinga elingakanani ukwesaba uNkulunkulu?
6 Esenyameni lapha emhlabeni, uJesu wezwa ukuthi kusho ukuthini ukuba umuntu, ‘ukuba-mncinyane kunezingelosi.’ (Heberu 2:7) Wajwayelana nobuthaka bobuntu futhi kanjalo ukuhlomele kahle ukukhonza njengeNkosi noMahluleli wesintu iminyaka eyinkulungwane. LeNdodana kaNkulunkulu, eyathi, “Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza,” iyazi ukuthi hlobo luni lwempumuzo edingwa yisintu. (Mathewu 11:28) AmaHeberu 5:7-9 ayasitshela: “[UKristu] esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu. Noma eyiNdodana, wafunda ukulalela ngalokho ahlupheka ngakho; esephelelisiwe [ekulaleleni] waba-yisisusa sokusindiswa okuphakade kubo bonke abamlalelayo.” UJesu akazange antengantenge, ngisho noma kwadingeka ukuba abekezele kuze kube sekuzweni udosi lokufa kobuntu lapho ‘elinyazwa esithendeni’ iNyoka enenzondo. (Genesise 3:15) NjengoJesu, sengathi singakubonisa njalo ukwesaba uNkulunkulu, kuze kube sekufeni uma kudingekile, siqiniseka ukuthi uJehova uNkulunkulu uyokuzwa ukunxusa kwethu asisindise.
‘Ukuphila Ngokulunga’
7. Ngokweyoku-1 Petru 2:21-24, yisiphi isibonelo uKristu asishiyela sona, futhi inkambo yakhe kufanele isithinte kanjani?
7 Lapho esabonakala enyameni, uJesu wayembula ngokwethembeka imfihlakalo engcwele yokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu. Kweyoku-1 Petru 2:21-24, siyafunda: “UKristu wahlushwa ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe ongenzanga isono, akufunyanwanga nankohliso emlonyeni wakhe; owathi ethukwa, akaphindisanga athuke; ehlushwa akasongelanga kepha wakunikela kuye owahlulela ngokulunga; yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile [ngokulunga, NW].” Njengoba sizindla ngenkambo kaJesu, yeka indlela esikhuthaza ngayo ukuba siphishekele ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu, ukuba sigcine ubuqotho, nokuba siphile ngokulunga njengoba enza!
8. Singaphila kanjani ngokulunga njengoba kwenza uJesu?
8 UJesu waphila ngokulunga ngempela. IHubo 45:7 laprofetha lokhu ngaye: “Ukuthandile ukulunga, wakuzonda okubi.” Esebenzisa lawomazwi kuJesu, umphostoli uPawulu wathi kumaHeberu 1:9: “Uthandile ukulunga, wazonda ububi.” Ngokukhanyiselwa ukuqonda kwethu imfihlakalo engcwele yalokhu kuzinikela kokwesaba uNkulunkulu, sengathi njengoJesu singakuthanda njalo okulungileyo sizonde okubi. Ekuziphatheni kobuKristu, namuhla okuhlaselwa ngamandla kangaka izwe likaSathane, nakukho konke ukusebenzelana kwethu nalabo abangaphakathi nabangaphandle kwenhlangano kaNkulunkulu, masizimisele ukuphila ngokulunga, sisekela izimiso zikaJehova eziqondile. Futhi masizidelise ngokuqhubekayo ngeZwi likaNkulunkulu ukuze sibe nokuqonda kokwesaba uNkulunkulu okubaluleke kangaka ekumelaneni noDeveli namacebo akhe!
9. Yini eyanezela entshisekweni kaJesu enkonzweni, futhi lokhu kwahlanganisani ngokuqondene nabelusi benkolo bamanga?
9 Kukhona okunye okwengeziwe okwashukumisela uJesu ukuba ashiseke enkonzweni yakhe. Kwakuyini lokho? KuMathewu 9:36 siyafunda: “Ebona izixuku waba-nesihe ngazo, ngokuba zazikhathazekile, zihlakazekile njengezimvu ezingenamalusi.” Ngakho uJesu “waqala ukubafundisa okuningi.” (Marku 6:34) Ngoba kwakudingekile, lokhu kwahlanganisa ukudalula ububi nokungabi-namthetho kwabelusi benkolo bamanga. NgokukaMathewu 15:7-9, uJesu wathi kwabanye balaba: “Bazenzisi, waprofetha kahle ngani uIsaya, ethi: Lesisizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami; kodwa bangikhonza ngeze befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.”
Imfihlakalo Enyanyekayo
10. Namuhla, “imfihlakalo yokungabi-namthetho” ikhomba kobani, futhi banecala lani?
10 Njengoba uJesu akhuluma ngokumelene nabaholi benkolo yamanga, nathi namuhla siyayenyanya imfihlakalo ephikisana ngokuphelele nemfihlakalo engcwele yokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu. Kweyesi-2 Thesalonika 2:7, uPawulu wayibiza ngokuthi “imfihlakalo yokungabi-namthetho.” Yayiyimfihlakalo ekhulwini lokuqala leminyaka ngoba yayingeke yambulwe kuze kube sesikhathini eside ngemva kokufa kwabaphostoli. Namuhla, ikhomba kubefundisi beLobukholwa, abanesithakazelo esengeziwe kwezombangazwe kunasekumemezeleni izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu wokulunga. Ubuzenzisi buningi ezigabeni zabo. Abavangeli bakumathelevishini bamahlelo eLobukholwa obuProthestani bayisibonelo esisobala: abakhohlisi abaphanga imihlambi yabo, abakha iziqhimuqhimu zezigodlo ezibiza izigidigidi zamaRandi, benze ubungane nezifebe, bakhale ngaso linye okwabathakathi lapho sebedalulwa, baqhubeke befuna imali, imali eyengeziwe njalo nje. IVatican yobuRoma Katolika iwumfanekiso ofanayo ongathandeki, ngenxa yobuhlobo bayo obuyichilo nabezombangazwe, ukubonakala kwayo kobungcwele ngaphandle, nemikhuba eyonakele yokugcina izimali.
11. Yini ezokwenzeka kubefundisi beLobukholwa nakulo lonke iBabiloni Elikhulu?
11 Akumangalisi ukuthi isigaba sabefundisi beLobukholwa singabizwa ngokuthi “umuntu ongenamthetho”! (2 Thesalonika 2:3) Lengxenye evelele yeBabiloni Elikhulu elinjengesifebe iyodalulwa ngokuphelele futhi ibhujiswe, kanye nayo yonke inkolo yamanga. Njengoba sifunda kusAmbulo 18:9-17, abezombangazwe nabathengisi (nabagcini-zimali babo) boyolila ngalesosikhathi: “Maye, maye kuwe-muzi omkhulu.” IBabiloni Elikhulu nezimfihlakalo zalo kuyobe kwembuliwe, ngokuphambene ngokuphelele nakho konke lokho okukhanyisa imfihlakalo engcwele yokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu.
12. Uthando lukaJesu ngokulunga lwamholela ekubeni enzeni?
12 Uthando lukaJesu ngokulunga nenzondo yakhe ngokungabi-namthetho kwamholela ekubeni azikhandle ngokungazigodli ngenxa yokukhulekela kweqiniso. Ekuhambeleni kwakhe kokuqala eJerusalema njengeNdodana kaNkulunkulu egcotshiwe, uKristu waxosha abathengisi nababolekisi bemali ethempelini, ethi: “Susani lokhu lapha, ningayenzi indlu kaBaba indlu yokuthengelana.” (Johane 2:13-17) Ekulihambeleni kwakamuva ithempeli, uJesu watshela amaJuda aphikisayo: “Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo.” (Johane 8:44) Yeka isibindi uJesu asibonisa ngokubatshela emehlweni labobathandi benkolo ukuthi babengabaqambimanga namadodana kaDeveli!
13. (a) Kukuphi ngokukhethekile lapho inzondo kaJesu ngokungabi namthetho ibonakala khona? (b) Kungani abefundisi abangenamthetho befanelwe isahlulelo esifana nesashiwo uJesu kubabhali nakubaFarisi?
13 Akukho lapho inzondo kaJesu ngokungabi namthetho iboniswa kangcono khona kunasekubasoleni kwakhe okuntinyelayo ababhali nabaFarisi abanjengamabululu, njengoba kulotshwe kuMathewu isahluko 23, NW. Lapha usho ‘omaye’ abayisikhombisa, ubafanisa ‘namaliba acakiweyo—agcwele ukungcola konke nokuzenzisa nobubi!’ Yeka ukuthi uJesu wayekulangazelela kanjani ukukhulula abantu abacindezelekile kulokho kungabi namthetho! Wakhala: “Jerusalema, Jerusalema, . . . kukangaki ngithanda ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko aso, kepha anivumanga. Bhekani, indlu yenu isisala nani.” (Amavesi 37, 38) Abefundisi abangenamthetho bosuku lwethu bafanelwe isahlulelo esifanayo ngoba, ngokwamazwi eyesi-2 Thesalonika 2:12, ‘abalikholwa iqiniso kodwa benamela ukungalungi.’ Ukungabi namthetho kwabo kuphambene ngokuphelele nokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu uJesu akubonisa ngokwethembeka kangaka ngesikhathi eselapha emhlabeni.
Ukumemezela Izahluleko ZikaNkulunkulu
14. Ukwazisa ngemfihlakalo engcwele yokuzinikela kuNkulunkulu kufanele kusishukumisele ukuba senzeni?
14 Ukuyazisa kwethu imfihlakalo engcwele yokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu kufanele njalo kusiholele ekubeni sizilandele eduze izinyathelo zikaJesu. Njengaye, kufanele sishiseke ekumemezeleni lokho uIsaya 61:2 akuchaza ngokuthi “umnyaka womusa kaJehova nosuku lokuphindisela lukaNkulunkulu wethu.” Futhi sengathi singayifeza ngentshiseko ingxenye yethu ‘yokududuza bonke abalilayo.’ Njengalapho uJesu esemhlabeni, kudinga isibindi ngathi namuhla ukumemezela izahlulelo zikaJehova, kuhlanganise nezigijimi ezinamandla ezisezihlokweni zeNqabayokulinda ezingagunci nasencwadini ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! Kumelwe sishumayele ngesibindi nangobuhlakani, amazwi ethu ‘eyoliswe ngosawoti’ ukuze anambitheke kulabo abathambekele ekulungeni. (Kolose 4:6) Njengoba sesifundile esibonelweni sikaJesu sokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu, sengathi singakwazi ukubika ngesikhathi esifanele ukuthi siwufezile umsebenzi uJehova asinikeze wona ukuba siwenze.—Mathewu 24:14; Johane 17:4.
15. Ngokuqondene nemfihlakalo engcwele kaNkulunkulu, yini ebeyenzeka kusukela ngo-1914?
15 Lapho esabonakala enyameni, yeka iSibonelo esihle uJesu ayeyiso! Yeka indlela eyagcwaliseka ngokucace ngayo kuye imfihlakalo engcwele yokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu! Yeka indlela alikhulisa ngesibindi ngayo igama likaJehova! Futhi yeka indlela uBaba kaJesu amvuza ngokumangalisa ngayo ngenxa yenkambo yakhe yokugcina ubuqotho! Kodwa kusenokwengeziwe emfihlakalweni engcwele kaNkulunkulu. Kusukela ngo-1914 besiphila ‘osukwini lweNkosi.’ (IsAmbulo 1:10) Njengoba isAmbulo 10:7 sisho, yisikhathi sokuba ‘imfihlakalo engcwele kaNkulunkulu ngezindaba ezijabulisayo ifezwe.’ Amazwi asezulwini manje amemezele: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKristu wayo; iyakubusa kuze kube-phakade naphakade.” (IsAmbulo 11:15) UJehova ubeke iNkosi yobuMesiya, uJesu Kristu, esihlalweni sayo sobukhosi esikhazimulayo ukuba ibe nguMbusi kanye naYe!
16. INkosi esanda kubekwa, uJesu Kristu, yakubonisa kanjani ngokushesha ukukhathalela kwayo ukumesaba uNkulunkulu ezulwini?
16 Njengombusi kanye noNkulunkulu embusweni osanda kuzalwa, uJesu futhi ubizwa ngokuthi uMikayeli (okusho ukuthi, “Ubani OnjengoNkulunkulu?”). Akukho sihlubuki esingaphumelela ukuba njengoNkulunkulu, futhi iNkosi esanda kubekwa esihlalweni sobukhosi yakubonisa lokhu ngokuphonsa phansi emhlabeni iNyoka endala, uSathane, nezingelosi zayo. (IsAmbulo 12:7-9) Yebo, uJesu uyakukhathalela ukumesaba uNkulunkulu ezulwini, njengoba nje abonisa ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu lapho esemhlabeni. UJesu Kristu okhazinyulisiwe ngeke aphumule kuze kube ilapho eseyibhubhise yonke inkolo yamanga futhi wayisusa ngokuphelele inhlangano kaSathane, ebonakalayo nengabonakali.
17. Kusukela ngo-1914, yini ebeyenzeka ekugcwalisekeni kukaMathewu 25:31-33?
17 Kusukela ngo-1914 ukugcwaliseka kwesiprofetho sikaJesu uqobo esikuMathewu 25:31-33 kuye kwayikhanyisa ngokugqamile imfihlakalo engcwele kaNkulunkulu. Lapho uJesu uthi: “Nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo senkazimulo; kuzakubuthelwa phambi kwayo izizwe zonke, ibahlukanise abanye kwabanye, njengomalusi ahlukanisa izimvu nezimbuzi, imise izimvu ngakwesokunene sayo kepha izimbuzi ngakwesokhohlo.” Isendaweni yayo ephakeme emazulwini, leNkosi ekhazimulayo, uMahluleli, noMmeli wokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu iyoletha impindiselo, okokuqala kumuntu ongenamthetho nakwezinye izingxenye zeBabiloni Elikhulu, bese kuba kuzo zonke izingxenye ezisele nabasekeli abayizimbuzi benhlangano kaSathane yasemhlabeni embi. USathane uyobe esefakwa kwalasha. (IsAmbulo 20:1-3) Kodwa “abalungileyo” abanjengezimvu bayoya ekuphileni okuphakade. (Mathewu 25:46) Sengathi ukuphishekela kwakho ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu kungakufaka kuleloqembu eliqotho!
18. Iliphi ilungelo elijabulisayo esinalo ngokuphathelene nemfihlakalo engcwele yokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu?
18 IsAmbulo 19:10 sisikhuthaza ukuba ‘sikhuleke kuNkulunkulu.’ Ngani? Lombhalo uyaqhubeka: “Ngokuba ubufakazi bukaJesu bungumoya wokuprofetha.” Iziprofetho eziningi eziphefumlelwe zezikhathi zamandulo zafakazela uJesu! Futhi njengoba leziprofetho ziye zagcwaliseka, imfihlakalo engcwele kaNkulunkulu iye yacaca. Ngakho-ke, siyajabula ukwazi ukuthi imfihlakalo engcwele yalokhu kuzinikela kokwesaba uNkulunkulu yenziwa samuntu kuJesu. Sinelungelo elimangalisayo lokulandela ezinyathelweni zakhe njengezikhonzi ezithobekile zoMbuso kaNkulunkulu. Yebo, sinikwe ilungelo lokuhlanganyela ekuyiqondeni nasekuyimemezeleni yonke imfihlakalo engcwele kaNkulunkulu ngezindaba ezinhle!
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Yini esingayifunda isibonelweni sikaJesu sokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu?
◻ Singaphila kanjani ngokulunga njengoba kwenza uKristu?
◻ Iyiphi imfihlakalo enyanyekayo ephambene ngokuphelele nemfihlakalo engcwele yokwesaba uNkulunkulu?
◻ Ukwazisa kwethu imfihlakalo engcwele yokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu kufanele kusishukumisele ukuba senzeni?
[Isithombe ekhasini 16]
Njengommeleli wokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu nommemezeli oshisekayo woMbuso, uJesu wayengathi kuPilatu: “Ngafikela lokho ezweni ukuba ngifakazele iqiniso”
[Isithombe ekhasini 18]
Ukuzinikela kukaJesu kokwesaba uNkulunkulu kwabonakala lapho elahla ababhali nabaFarisi