“Benifanele Ukuba Nibe-Ngabafundisi”
‘lnceku kaKristu ifanele ibe nesu lokufundisa.’—2 THIMOTHEWU 2:24.
1, 2 Kungayiphi indlela evelele amaKristu afanele ukulingisa ngayo uJesu?
NGOLUNYE usuku lwasekwindla ngo-31 C.E., uJesu wanikeza inkulumo yangaphandle esixukwini esikhulu, esiyingxube esasibuthanele ukuba simuzwe efundisa. Wakhuluma ngaphandle kosizo lwemibhobho yokukhuluma yesimanje, esebenzisa isimo semvelo sokwandisa umsindo sohlangothi lwentaba ukuze azwakale. Futhi akusho kwakumangalisa. Ngemva kokuba eseqedile, izilaleli zakhe zavuma ukuthi zazingakaze zikuzwe okufana nalokho ngaphambili. Umbhalo uyasitshela: “Izixuku zamangala ngokufundisa kwakhe.” (Mathewu 7:28) Ngaleli nangamanye amathuba amaningi, uJesu wabonisa ukuthi ngempela wayengumfundisi oyingcweti.
2 Ngaphezu kwalokho, watshela abalandeli bakhe ukuthi nabo, babeyoba abafundisi. Wathi: “Ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, . . . nibafundise ukugcina konke enginiyalé ngakho.” (Mathewu 28:19, 20) Umphostoli uPawulu naye wagcizelela ukuthi amaKristu ayenomthwalo wemfanelo wokufundisa. “Benifanele ukuba nibe-ngabafundisi, uma kuya ngesikhathi,” etshela amaKristu angamaHeberu. (Heberu 5:12) Watshela noThimothewu: “Inceku kaKristu ayifanele ukulwa, kodwa mayibe-mnene kubo bonke, inesu lokufundisa.”—2 Thimothewu 2:24.
3. Kukuziphi izimo umKristu okungase kudingeke afundise kuzo?
3 Kungani kunalokhu kugcizelela ekufundiseni? Nokho, amaKristu kumelwe ayazi indlela yokufundisa lapho eshumayela endlini ngendlu nasemigwaqweni, noma uma ebuyela ukuba ahambele futhi aqhube izifundo zeBhayibheli nabathakazelayo. Azama ukusebenzisa konke ukuhlangana kwawo nabanye njengamathuba okufundisa. (Bheka uJohane 4:7-15) Ngaphezu kwalokho, isikhonzi esingumKristu sidinga ukufundisa lapho sikhuluma nebandla eHholo LoMbuso, noma lapho sinikeza iseluleko somuntu siqu. Futhi abesifazane abavuthiwe belulekwa ukuba bafundise abesifazane abasha “okuhle.” (Thithu 2:3-5) Abazali abangamaKristu, nabo, bazama ukukhulisa abantababo “ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi”—okuthile okudinga ikhono elikhulu lokufundisa. (Efesu 6:4; Duteronomi 6:6-8) Akumangalisi ukuthi umphostoli uPawulu wathi umKristu kumelwe abe “nesu lokufundisa”!
4, 5. Iluphi usizo esinalo lokuba abafundisi abahle?
4 Kodwa ukufundisa akulula. Kuwubuciko. (2 Thimothewu 4:2) AmaKristu, angemaningi kuwona “ahlakaniphileyo ngokwenyama,” angabuthuthukisa kanjani lobuciko? (1 Korinte 1:26) Kungenziwa ngosizo lukaJehova kuphela. (Mathewu 19:26) UJehova unikeza ukuhlakanipha kulabo abakucelayo. (Jakobe 1:5) Umoya wakhe ongcwele usekela labo abafuna ukwenza intando yakhe, futhi uye wasinikeza iBhayibheli, ‘elilungele ukufundisa,’ nelikwazi ukusisiza ukuba ‘sipheleliselwe yonke imisebenzi emihle,’ kuhlanganise nokufundisa.—2 Thimothewu 3:16, 17.
5 IBhayibheli liyasisiza ekubeni abafundisi abangcono. Lokhu likwenza ikakhulu ngokubika ngokwethembeka inkonzo kaJesu, omakhono akhe okufundisa abangela ukumangala okunjalo phakathi kwabantu ayephila nabo. (Marku 1:22) Uma sifunda ngokwamenza umfundisi omuhle kanjalo singazama ukumlingisa. Iqiniso liwukuthi, kunezici ezimbili zokucatshangelwa endabeni yokufundisa: izimfanelo zomfundisi nendlela afundisa ngayo. Ake sibone ukuthi lokhu kwakuyiqiniso kanjani endabeni kaJesu nalokho esingakufunda esibonelweni sakhe.
Umfundisi . . .
6. Isiphi esinye isici sokufundisa kukaJesu esibalulekile ngathi ukuba sisilingise? Ngani?
6 UJesu wake wathi: “Imfundiso yami akusiyo eyami kodwa ngeyongithumileyo.” (Johane 7:16) Ngesinye isikhathi wathi: “Angenzi-lutho ngokwami, kodwa ngikhuluma lokhu njengokuba uBaba engifundisile.” (Johane 8:28) Ngakho, uJesu waqondisa ukunakekela kuYise wasezulwini. Nakuba ayenguMesiya, isisusa sakhe sasiwukukhazimulisa igama likaJehova, hhayi elakhe. (Mathewu 6:9; Johane 17:26) Lesisimo sokuthobeka sasiza ekwenzeni uJesu ukuba abe umfundisi ovelele. Abafundisi abangamaKristu namuhla kumelwe babe nokuthobeka okufanayo. Isisusa sabo siwukuletha udumo, hhayi kubona njengabafundisi, kodwa kuJehova njengoMqambi walokho abakufundisayo. Kanjalo ababafundisayo baba izinceku zikaJehova, hhayi abafundi babantu abathile.—Qhathanisa izEnzo 20:30.
7, 8. (a) Isiphi isimo esihle uJesu ayenaso ngaseqinisweni? (IHubo 119:97) (b) Isimo esifanayo siyolithuthukisa kanjani ikhono lethu lokufundisa?
7 Khona-ke, cabangela ukuthi uJesu wezela ‘ukufakazela iqiniso,’ nokuthi wayeyazi kahle indaba yakhe. (Johane 17:17; 18:37) Ngisho nalapho eseneminyaka eyi-12, wayenesithakazelo esijulile ezindabeni ezingokomBhalo. (Luka 2:46, 47) Ngokukhanyayo, uJesu wayelithanda iqiniso. (IHubo 40:8) Lokhu kuqonda okujulile nothando ngeqiniso kwenza uJesu waqiniseka ukuthi abanye babedinga ukuzwa isigijimi sakhe, futhi wayezimisele ukufundisa ngokuphumelela ngangokunokwenzeka.—Johane 1:14; 12:49, 50.
8 Kuthiwani ngathi? Cishe sazi okuningi impela ngeqiniso, kodwa ingabe siyalithanda? Ingabe sichitha isikhathi sitadishela ukuba ngabanekhono ngokwengeziwe ekulisebenziseni? Ingabe siyakujabulela ukukhuluma ngalo kwabanye? Njengoba ulwazi lwethu ngeqiniso lujula, nothando lwethu ngalo luyokhula ngokufanayo nangentshiseko yethu yokulihlanganyela nabanye. Umhubi wathi uyajabula umuntu “okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova, ozindla ngomthetho wakhe imini nobusuku.” Ngomuntu onjalo, iBhayibheli lithi, “nakho konke akwenzayo uyakuba-nenhlanhla kukho,” futhi lokho kuhlanganisa ukufundisa.—IHubo 1:1-3.
9. Iyiphi enye imfanelo kaJesu eyasiza ekhonweni lakhe elihle lokufundisa?
9 Nokho, ukumane sibe nolwazi nje ngendaba kukodwa akunakusenza abafundisi abangompetha. Lapho usesesikoleni kungenzeka ukuthi wawunothisha owayesazi kahle isifundo sakhe kodwa engakwazi ukufundisa. Kungani kwakunjalo? Kungenzeka wayentula imfanelo uJesu ayenayo ngobuningi: uthando olujulile nokukhathalela ngabanye. Umbhalo usitshela ukuthi ngesinye isikhathi: “Ebona izixuku [uJesu] waba-nesihe ngazo, ngokuba zazikhathazekile, zihlakazekile njengezimvu ezingenamalusi.” (Mathewu 9:36) Wayebasiza abanye naphezu kokuba ekhathele noma ematasa. (Johane 4:6-26) Wayenomusa, emnene futhi ebekezelela ubuthakathaka babo. Wayefuna ukusiza. (Luka 5:12, 13) Umfundisi ongumKristu namuhla udinga lezimfanelo ezifanayo, uma naye, efuna ukuphumelela.
10. Kungani isibonelo esihle siyingxenye ebalulekile yokufundisa okuphumelelayo?
10 Phawula futhi, into yesine eyaphawula uJesu njengomfundisi. “Ongenzanga isono, akufunyanwanga nankohliso emlonyeni wakhe.” (1 Petru 2:22) Akenzanga lutho olwalungafiphaza ukufundisa kwakhe. Ingabe kunjalo nangathi? UPawulu wabhalela amaRoma: “Wena oshumayela ukuthi akungebiwa uyeba na?” (Roma 2:21) Ngokufanayo, ingabe umdala ofundisa ibandla ukubaluleka kwenkonzo yasensimini yena ukhuthele enkonzweni yasensimini? Ingabe onikeza inkulumo ekhuthaza ukufundwa kweBhayibheli yena unaso isifundo sokufundwa kweBhayibheli? Kwezinye izimo ukuziphatha kukodwa, ngaphandle kwamazwi, ‘kungamzuza’ ophikisayo. (1 Petru 3:1) Izenzo zingakhuluma kakhulu kunamazwi. Ngokuqinisekile, uma izenzo zethu ziphikisana namazwi ethu, umfundi uyowuphawula ngokushesha umehluko, futhi lokho kufundisa kwethu cishe kuyoba yize.
11. Isiphi esinye isici sokufundisa okukhulunywa ngaso lapha?
11 Isifiso somfundisi sokudumisa uJehova, ukuqonda kwakhe nothando ngeqiniso, ukukhathalela kwakhe komusa ngabanye nesibonelo sakhe esihle, konke kuyingxenye ebalulekile yokuba umfundisi omuhle. Abafundi abaqotho bayazijabulela izimfanelo ezinjalo ngisho noma umfundisi engaqeqeshekile ngokukhethekile endleleni nasekhonweni lokufundisa. Nokho, ukufundisa kuwubuciko, futhi ukucabangela izindlela namasu okufundisa kungakuthuthukisa ukufundisa kwethu. Cabangela ezinye izici zobuciko bokufundisa kukaJesu, ubone ukuthi azinakukusiza yini ukuba ube umfundisi ongcono.
. . . Nokufundisa Kwakhe
12. (a) Isiphi isici sokufundisa kukaJesu esivelele kuMathewu 5:3-12? (b) Ungasisebenzisa kanjani lesisici ekuthuthukiseni ikhono lakho lokufundisa?
12 Ukuze uthole ubumnandi bokufundisa kukaJesu, zifundele amavesi ambalwa okuqala eNtshumayelo yakhe yaseNtabeni. (Mathewu 5:3-12) Yini ekukhanga zisuka nje? Nokho, uJesu wayewakhetha ngokucophelela amazwi akhe. Uchungechunge lwemisho emifushane eyethulwa ngamazwi athi, “Babusisiwe aba- . . .” lwenza isingeniso esikhumbulekayo. Kepha qaphela futhi: Akasebenzisi amagama noma imisho enzima. Amaqiniso anikezwayo ajulile, kodwa ashiwo kalula. Nansi imfihlo yokufundisa okuphumelelayo: UBULULA. Funda yonke enye inkulumo kaJesu uqaphele ezinye izibonelo zamaqiniso ajulile, anikezwe kalula nangokucacile. (Mathewu 5:23, 24, 31, 32; 6:14; 7:12) Khona-ke cabanga ngendlela ongase uchaze ngayo kalula amanye amaqiniso ajulile mhlawumbe njengeZikhathi zabeZizwe, noma isizathu sokuthembisa kweBhayibheli kokubili ithemba lasezulwini nelasemhlabeni.
13, 14. Imifanekiso yawenza kanjani aphila amazwi kaJesu?
13 Manje funda uMathewu 5:14-16. UJesu ukhuthaza izilaleli zakhe ezithobekile ukuba zisakaze iqiniso yonke indawo ngamazwi nangezenzo zazo ezinhle. Mhlawumbe lomqondo wazimangaza. Ngalezozinsuku ababhali nabaFarisi babehlonishwa njengabafundisi besizwe samaJuda. Kepha uJesu wenza ukuba leliphuzu livelele ukuze lizwakale linengqondo ngokwengeziwe. Kanjani? Ngokusebenzisa umfanekiso wobungcweti. Nantu usizo lokufundisa oluyinzuzo uJesu ayevame ukulusebenzisa: IMIFANEKISO.
14 Kungani imifanekiso? Ngoba izingqondo zethu zicabanga kangcono kakhulu ngemifanekiso. Futhi, ngokusebenzisa izinto ezijwayelekile, imifanekiso ingenza izinto ezingokomoya ziqondakale kalula. Kanjalo, uJesu waqhathanisa uJehova, uMuzwi womkhuleko, noBaba onikeza abantabakhe izinto ezinhle. Indlela enzima eya ekuphileni yachazwa njengesango elincane elivulekela endleleni eyingcingo. Abaprofethi bamanga bafaniswa nezimpisi ezimbathise okwezimvu noma njengemithi ethela izithelo ezibolile. (Mathewu 7:7-11, 13-21) Lemifanekiso eyiqiniso ekuphileni yenza amazwi kaJesu aphila. Izifundo zakhe zakhumbuleka, zazingenakukhohlakala.
15. Nikeza izibonelo ezithile zendlela amaKristu namuhla angasebenzisa ngayo imifanekiso ekuthuthukiseni ukufundisa kwawo.
15 Abafundisi abangamaKristu namuhla ngokufanayo basebenzisa imifanekiso ukuze benze imiqondo emisha yamukeleke ngokwengeziwe kwabanye. Abanye baye bafanekisa ukungabi nangqondo kwemfundiso yesihogo somlilo ngokubuza isilaleli ukuthi besingacabangani ngomzali ojezisa umntanakhe ongalaleli ngokufaka isandla sakhe emlilweni. Iqiniso lokuthi ngokulinganisa bayingcosana esintwini abaya ezulwini, kuyilapho iningi linethemba lokuphila emhlabeni phakade, lingafanekiswa ngesizwe lapho beyingcosana abenza uhulumeni, kuyilapho iningi lijabulela izinzuzo zalowohulumeni. Kodwa umfanekiso ngokuvamile kumelwe uthathwe ezintweni ezijwayelekile esilalelini. Akumelwe udinge ukuchazwa ngokuningiliziwe, noma ube mude kakhulu kangangokuba iphuzu elifundiswayo lisithibezwe.
16. Yiluphi uhlobo lwemifanekiso olubonakala ngokukhethekile?
16 Ungakhohlwa ukuthi imifanekiso ingaba okubonakalayo. Lapho uJesu ebuzwa ukuthi kwakufanelekile yini ukukhokha intela kuKesari, wakhomba uhlamvu lukadenariyu futhi walusebenzisa ukuze afanekise impendulo yakhe. (Mathewu 22:17-22) Lapho egcizelela isidingo sokuthobeka, wafanekisa iphuzu ngokubiza umntwana omncane. (Mathewu 18:1-6) Futhi lapho ekhuluma ngokuzinikezela okuphelele, wakhomba kumfelokazi ongokoqobo owayenikele konke anakho—izinhlamvu ezimbili ezincane—esikhwameni sethempeli. (Marku 12:41-44) Ngokufanayo, ezinye izikhulumi emihlanganweni yamaKristu eHholo LoMbuso zithola amabhodi, izithombe, amashadi, namaslide kuwusizo kakhulu, kanti ezifundweni zeBhayibheli zasekhaya, imifanekiso enyathelisiwe noma olunye usizo lungasetshenziswa. Imifanekiso ebonakalayo iphumelela kakhulu kunamazwi nje.
17. Yisho enye indlela yokufundisa uJesu ayisebenzisa ngokuphindaphindiwe.
17 Okokugcina, funda ngendlela uJesu aphatha ngayo abaFarisi ngesenzakalo esibikwe kuMathewu 12:10-12. Phawula indlela yokuhlakanipha aphendula ngayo umbuzo onobuqili kakhulu. Yebo, wasebenzisa umfanekiso, kepha uyayiqaphela indlela emfushane awubeka ngayo? Njengombuzo. Ngaleyondlela waqondisa izilaleli zakhe ngokuhlakanipha ukuba zibheke iSabatha ngendlela elinganiselwe. Ngakho-ke IMIBUZO ingolunye usizo lokufundisa oluhle uJesu alusebenzisa. Phawula indlela uJesu asebenzisa ngayo imibuzo ukuze enze izilaleli zakhe ukuba zicabange, nokwenza abaphikisi ukuba babuye bacabange ngesimo sabo.—Mathewu 17:24-27; 21:23-27; 22:41-46.
18. Nikeza ezinye izibonelo zendlela amaKristu namuhla angasebenzisa ngayo imibuzo ezingxoxweni zezimfundiso.
18 AmaKristu namuhla angasebenzisa imibuzo ngokufanayo. Kanjalo, lapho okholelwa kuZiqu-zintathu esebenzisa uMathewu 28:18 ukuba abonise ukuthi uJesu ungusomandla futhi ngalokho ulingana noNkulunkulu, abafundisi abanokuhlangenwe nakho baye bakuthola kukuhle ukusebenzisa imibuzo ukuze bamsize acabange. Mhlawumbe singase sibuze: ‘Uma onke amandla anikezwa uJesu, njengoba lelivesi lisho, ubani owamnikeza wona? Futhi sasiyini isikhundla sikaJesu ngaphambi kokuba anikezwe wona?’ Kanjalo, okholelwa kuZiqu-zintathu uyosizwa ukuba abheke lowombhalo ngombono omusha. Ngokufanayo, okholelwa esihogweni somlilo angase asebenzise umfanekiso wesicebi noLazaru ukuze azame ukubonisa ukuthi isihogo somlilo sikhona. (Luka 16:19-31) Imibuzo enjengalena ingasiza: Indoda empofu yayaphi lapho ifa? Uma yaya ezulwini, ingabe lokho kusho ukuthi bonke abasezulwini basesifubeni sika-Abrahama? Ngaphandle kwalokho, uAbrahama wayenzani lapho, ngoba uJesu wathi kuze kube yisikhathi saKhe akekho owayenyukele ezulwini? (Johane 3:13) Imibuzo enjalo ingasiza ekuboniseni ukuthi isimo sendoda empofu ngemva kokufa njengoba sichazwe kulomfanekiso kumelwe sibe ngokomfanekiso. Ngakho-ke, isimo sesicebi ngemva kokuba ‘sesifile’ sasingokomfanekiso naso, futhi asinakuthathwa ngokoqobo—ikakhulukazi ngokwalokho eminye imibhalo ekushoyo ngesihogo.—UmShumayeli 9:10.
19. Kungani imibuzo ibaluleke kangaka kuzo zonke izimo zokufundisa?
19 Imibuzo yenza umfundi ahlanganyele enqubweni yokufundisa. Ngisho nemibuzo yobuciko (lapho isikhulumi singalindele ukuba izilaleli zaso ziphendule) ibangela ukuba olalele acabange. Qaphela ukusebenzisa kukaJesu imibuzo yobuciko kuMathewu 11:7-11. Imibuzo inomunye umsebenzi futhi. Ngokuvamile kumelwe sazi okusengqondweni yomuntu ngaphambi kokuba simsize. Njengoba singenakukwazi ukufunda izinhliziyo njengoJesu, kunendlela eyodwa kuphela yokuthola lokho kwaziswa: ngokubuza imibuzo ecatshangwe kahle.—IzAga 18:13; 20:5.
20. Imiphi imivuzo ekhona uma ‘siziqaphela kanye nesifundiso’? (1 Thimothewu 4:16)
20 Yebo, ukufundisa kuwubuciko. Ukuze abuhlakulele, umfundisi kumelwe athuthukise izimfanelo kuyena ngokwakhe futhi azimisele ekufundeni indlela yokufundisa. Akulula kodwa kungahlakulelwa. Futhi ukuba ngumKristu kuwukuba umfundisi. Ukugcwaliseka kwezibopho eziningi kakhulu zobuKristu kuhilela ukufundisa. Ngakho-ke, senza kahle ngokusebenzisa iseluleko sikaPawulu: “Ziqaphele wena kanye nesifundiso.” Kuyiqiniso, abanye banesiphiwo semvelo ngaphezu kwabanye kulokhu. Kodwa bonke bangafundisa ngokuphumelelayo uma bezimisela futhi babheke kuJehova ngosizo. Uma bekwenza, imivuzo ingengenakubalwa. Njengoba uPawulu aqhubeka wathi: “Ume kulezozinto; ngokuba ngokwenza lokho uyakuzisindisa wena nabakuzwayo.”—1 Thimothewu 4:16.
Ungakhumbula?
□ Iziphi izimfanelo ezasiza uJesu ukuba abe umfundisi omuhle?
□ Lezizimfanelo ziyosisiza kanjani?
□ Kungani ubulula bubalulekile ngofundisayo?
□ Kungani ukusebenzisa imifanekiso nemibuzo kuyokhulisa ukufundisa kwethu?
[Isithombe ekhasini 8]
UJesu wahluka kubaholi benkolo ngendlela yakhe yokufundisa
[Isithombe ekhasini 10]
NjengoJesu, amaKristu namuhla asebenzisa onke amathuba ukuba afundise