Masibe Uhlobo Olunokholo
“Siwuhlobo olunokholo kube ukulondolozwa komphefumulo uphila.”—HEBERU 10:39.
1. Kungani kungase kuthiwe ukholo lwenceku kaJehova ngayinye ethembekile luyigugu?
NGESIKHATHI esilandelayo lapho useHholo LoMbuso eligcwele abakhulekeli bakaJehova, yima ubuke abantu ophakathi kwabo. Cabanga ngezindlela eziningi ababonisa ngazo ukholo. Ungase ubone asebekhulile asebekhonze uNkulunkulu amashumi eminyaka, intsha emelana nokucindezela kontanga, nabazali abazikhandlayo ukuze bakhulise izingane ezikhula zesaba uNkulunkulu. Kukhona abadala bebandla nezinceku ezikhonzayo, abasingatha imithwalo eminingi. Yebo, ungase ubone abazalwane nodade babo bonke ubudala abanqoba izinhlobonhlobo zezithiyo ukuze bakhonze uJehova. Yeka indlela oluyigugu ngayo ukholo lomunye nomunye wabo!—1 Petru 1:7.
2. Kungani iseluleko sikaPawulu esikumaHeberu izahluko 10 no-11 siyinzuzo kithi namuhla?
2 Bambalwa abantu abangaphelele, uma bekhona, abaye bakuqonda kangcono ukubaluleka kokholo kunomphostoli uPawulu. Eqinisweni, waphawula ukuthi ukholo lwangempela luholela ‘ekulondolozweni komphefumulo uphila.’ (Heberu 10:39) Nokho, uPawulu wayazi ukuthi ukholo lungahlaselwa futhi luguguleke kuleli zwe elingenalukholo. Wayekhathazeke kakhulu ngamaKristu angamaHeberu eJerusalema naseJudiya, ayeshikashikeka ukuze alondoloze ukholo lwawo. Njengoba sicabangela izingxenye zezahluko 10 no-11 zencwadi yamaHeberu, masiphawule izindlela uPawulu azisebenzisa ukuze akhe ukholo lwawo. Lapho senza kanjalo, sizobona indlela esingakha ngayo ukholo oluqine ngokwengeziwe kithi nakulabo esiphakathi kwabo.
Bonisanani Ukwethembana
3. Amazwi kaPawulu akumaHeberu 10:39 abonisa kanjani ukuthi wayebethemba abafowabo nodadewabo okholweni?
3 Into yokuqala esingase siyiphawule yisimo sengqondo esiqondile sikaPawulu mayelana nezilaleli zakhe. Wabhala: “Manje asilona uhlobo oluhlehlela emuva ekubhujisweni, kodwa siwuhlobo olunokholo kube ukulondolozwa komphefumulo uphila.” (Heberu 10:39) UPawulu wayecabanga okuhle kakhulu, hhayi okubi kakhulu, ngamaKristu athembekile ayekanye nawo. Phawula nokuthi wasebenzisa inkulumo ethi “si-.” UPawulu wayeyindoda elungile. Nokho, akazange akhulume ngendlela elulaza izilaleli zakhe, njengokungathi wayesezingeni lokulunga eliphakeme kunelazo. (Qhathanisa nomShumayeli 7:16.) Kunalokho, wazihlanganisa nazo. Wezwakalisa ukuqiniseka okusuka enhliziyweni ngokuthi yena nabafundi bakhe abathembekile abangamaKristu bonke babeyobhekana nezithiyo ezethusayo ezaziseza, ukuthi babeyokwenqaba ngesibindi ukuhlehlela emuva ekubhujisweni, nokuthi babeyoba uhlobo olunokholo.
4. Yiziphi izizathu ezazenza uPawulu abathembe ayekholwa nabo?
4 Kungani uPawulu ayengaqiniseka kangako? Wayengawaboni yini amaphutha alawo maKristu angamaHeberu? Ngokuphambene, wawanika iseluleko esiqondile ukuze awasize anqobe ukushiyeka kwawo okungokomoya. (Heberu 3:12; 5:12-14; 6:4-6; 10:26, 27; 12:5) Noma kunjalo, uPawulu wayenezizathu eziqinile okungenani ezimbili zokubethemba abafowabo. (1) Njengomlingisi kaJehova, uPawulu wayezama ukubheka abantu bakaNkulunkulu ngendlela uJehova ababheka ngayo. Wayengakwenzi ngokuphathelene namaphutha abo kuphela kodwa nangokuphathelene nezimfanelo zabo ezinhle nekhono labo lokukhetha ukwenza okuhle esikhathini esizayo. (IHubo 130:3; Efesu 5:1) (2) UPawulu wayenokholo olungenakunqikaza emandleni omoya ongcwele. Wayazi ukuthi akukho zithiyo nabuthakathaka bomuntu obungavimbela uJehova ekunikezeni “amandla angaphezu kwavamile” kunoma yimuphi umKristu ozama ukukhonza Yena ngokwethembeka. (2 Korinte 4:7; Filipi 4:13) Ukubethemba kukaPawulu abafowabo nodadewabo kwakungelona iphutha, futhi kungekhona ukushalazela amaqiniso. Kwakunesisekelo esiqinile nesingokomBhalo.
5. Singakulingisa kanjani ukwethemba abanye kukaPawulu, futhi cishe kungaba namuphi umphumela?
5 Ngokuqinisekile, ukwethemba abanye okwaboniswa uPawulu kwakuthathelwana. Kumelwe ukuba kwasho lukhulu emabandleni aseJerusalema naseJudiya ukuba uPawulu akhulume nawo ngendlela ekhuthaza kangaka. Njengoba ayebhekene nokuklolodelwa okonakalisayo nokunganaki okunokuqhosha kwabaphikisi bawo abangamaJuda, amaKristu angamaHeberu ayesizwa amazwi anjalo ukuba azimisele ezinhliziyweni ukuba uhlobo olunokholo. Ingabe singenzelana okufanayo namuhla? Kulula kakhulu ukubona inqwaba yamaphutha nezici ezixakayo ebuntwini babanye. (Mathewu 7:1-5) Nokho, singasizana kangcono kakhulu uma siphawula futhi sazisa ukholo oluhlukile omunye nomunye analo. Ngesikhuthazo esinjalo, ukholo lunamathuba engeziwe okukhula.—Roma 1:11, 12.
Ukusebenzisa IZwi LikaNkulunkulu Ngendlela Efanelekayo
6. Yimuphi umthombo uPawulu ayewucaphuna lapho ebhala amazwi akumaHeberu 10:38?
6 UPawulu futhi wakha ukholo kwayekholwa nabo ngokusebenzisa imiBhalo ngobuciko. Ngokwesibonelo, wabhala: “‘Kodwa olungileyo wami uyophila ngenxa yokholo,’ futhi, ‘uma ehlehlela emuva, umphefumulo wami awujabuli ngaye.’” (Heberu 10:38) UPawulu lapha wayecaphuna umprofethi uHabakuki.a La mazwi cishe ayejwayelekile kubafundi bakaPawulu, amaKristu angamaHeberu ayezazi kahle izincwadi zabaprofethi. Lapho sicabangela umgomo wakhe—ukuqinisa ukholo lwamaKristu ayeseJerusalema nasezindaweni eziseduze nalo cishe ngonyaka 61 C.E.—isibonelo sikaHabakuki sasikhethwe ngokufanelekayo. Ngani?
7. UHabakuki wasibhala nini isiprofetho sakhe, futhi zazinjani izimo kwaJuda ngaleso sikhathi?
7 Ngokusobala uHabakuki wabhala incwadi yakhe eminyakeni engaphezu kwamashumi amabili ngaphambi kokubhujiswa kweJerusalema ngo-607 B.C.E. Embonweni, lo mprofethi wabona amaKaledi (noma, abaseBabiloni), ayeyisizwe “esibabayo nesiphulukundlelayo,” ebhozomela uJuda futhi ebhubhisa iJerusalema, egwinya nabantu nezizwe. (Habakuki 1:5-11) Kodwa inhlekelele enjalo yayibikezelwe kusukela osukwini luka-Isaya, esikhathini esingaphezu kwekhulu leminyaka ngaphambili. Ngesikhathi sikaHabakuki, uJehoyakimi walandela inkosi enhle uJosiya, futhi ububi baphinda bachuma kwaJuda. UJehoyakimi washushisa futhi waze wabulala labo ababekhuluma ngegama likaJehova. (2 IziKronike 36:5; Jeremiya 22:17; 26:20-24) Akumangalisi ukuthi lo mprofethi owayesosizini uHabakuki wakhala wathi: ‘Koze kube nini, Jehova?’—Habakuki 1:2.
8. Kungani isibonelo sikaHabakuki sasingaba usizo kumaKristu ekhulwini lokuqala nanamuhla?
8 UHabakuki wayengazi ukuthi ukubhujiswa kweJerusalema kwase kusondele kangakanani. Ngokufanayo, amaKristu ekhulu lokuqala ayengazi ukuthi isimiso sezinto samaJuda sasizophela nini. Nathi namuhla asilwazi ‘usuku nehora’ isahlulelo sikaJehova esiyofikela ngalo lesi simiso esibi. (Mathewu 24:36) Khona-ke, masiphawule impendulo kaJehova kuHabakuki enezingxenye ezimbili. Okokuqala, waqinisekisa lo mprofethi ukuthi ukuphela kwakuyofika ngaso kanye isikhathi esifanele. UNkulunkulu wathi, ‘Akuyikwephuza,’ nakuba kwakungase kubonakale kwephuza ngokombono womuntu. (Habakuki 2:3) Okwesibili, uJehova wakhumbuza uHabakuki: “Olungileyo uzakuphila ngokukholwa kwakhe.” (Habakuki 2:4) Yeka amaqiniso amahle nacacile! Okubaluleke kakhulu akukhona ukuthi ukuphela kufika nini, kodwa ukuthi siyaqhubeka yini siphila ukuphila kokholo.
9. Izinceku zikaJehova ezilalelayo zaqhubeka kanjani ziphila ngokwethembeka (a) ngo-607 B.C.E.? (b) ngemva kuka-66 C.E.? (c) Kungani kubalulekile ukuba siqinise ukholo lwethu?
9 Lapho iJerusalema liphangwa ngo-607 B.C.E., uJeremiya, unobhala wakhe uBaruki, u-Ebedi Meleki, namaRekabi ayethembekile, babona ukufezeka kwesithembiso sikaJehova asenza kuHabakuki. ‘Baqhubeka bephila’ ngokusinda ekubhujisweni okwesabekayo kweJerusalema. Ngani? UJehova wakuvuza ukwethembeka kwabo. (Jeremiya 35:1-19; 39:15-18; 43:4-7; 45:1-5) Ngokufanayo, amaKristu angamaHeberu ekhulu lokuqala kumelwe ukuba asabela kahle eselulekweni sikaPawulu, ngoba lapho amabutho amaRoma ehlasela iJerusalema ngo-66 C.E. futhi kamuva ehoxa ngokungaqondakali, lawo maKristu asilalela ngokwethembeka isixwayiso sikaJesu sokuba abaleke. (Luka 21:20, 21) Aqhubeka ephila ngenxa yokwethembeka kwawo. Ngokufanayo, siyoqhubeka siphila uma sitholakala sithembekile lapho kufika ukuphela. Yeka isizathu esibalulekile sokuqinisa ukholo lwethu manje!
Ukuchaza Izibonelo Zokholo Ngokucacile
10. UPawulu waluchaza kanjani ukholo lukaMose, futhi singamlingisa kanjani uMose kulokhu?
10 UPawulu wakha ukholo nangokusebenzisa izibonelo ngokunamandla. Njengoba ufunda amaHeberu isahluko 11, phawula indlela azichaza ngokucace ngayo izibonelo zabantu baseBhayibhelini. Ngokwesibonelo, uthi uMose “waqhubeka egxilile sengathi uyambona Lowo ongabonakali.” (Heberu 11:27) Ngamanye amazwi, uJehova wayengokoqobo kuMose kangangokuthi kwakunjengokungathi wayembona uNkulunkulu ongabonakali. Kungashiwo yini okufanayo nangathi? Kulula ukukhuluma ngobuhlobo noJehova, kodwa ukubakha nokubuqinisa lobo buhlobo kudinga umsebenzi. Lowo umsebenzi okudingeka siwenze! Ingabe uJehova ungokoqobo kithi kangangokuthi siyamcabanga lapho senza izinqumo, kuhlanganise nalezo ezibonakala zizincane? Ukholo olunjalo luyosisiza sikhuthazelele ngisho nokuphikiswa okunzima kunakho konke.
11, 12. (a) Ukholo luka-Enoke kungenzeka ukuthi lwavivinywa ngaphansi kwaziphi izimo? (b) Yimuphi umvuzo okhuthazayo u-Enoke awuthola?
11 Cabanga nangokholo luka-Enoke. Kunzima kithi ukukucabanga ukuphikiswa abhekana nakho. U-Enoke kwadingeka alethe isigijimi esintinyelayo sesahlulelo kubantu ababi ababephila ngaleso sikhathi. (Jude 14, 15) Ngokusobala ukushushiswa okwakusongela le ndoda ethembekile kwakunonya nobudlova kangangokuthi uJehova ‘wamdlulisa,’ wamsusa esimweni sokuphila wamyisa ebuthongweni bokufa ngaphambi kokuba izitha zakhe zimbambe. Ngakho u-Enoke akakubonanga ukugcwaliseka kwesiprofetho ayesimemezela. Nokho, wathola isipho esasingcono ngezici ezithile.—Heberu 11:5; Genesise 5:22-24.
12 UPawulu uyachaza: “Ngaphambi kokudluliswa kwakhe [u-Enoke] wafakazelwa ukuthi wayemjabulise kahle uNkulunkulu.” (Heberu 11:5) Kwakusho ukuthini lokhu? Ngaphambi kokuba ayolala ekufeni, u-Enoke kungenzeka wayebe nombono othile, mhlawumbe wePharadesi lasemhlabeni azovukela kulo maduze nje. Noma ngabe yikuphi, uJehova wazisa u-Enoke ukuthi yayimjabulise kahle inkambo yakhe yokwethembeka. U-Enoke wayenze inhliziyo kaJehova yajabula. (Qhathanisa nezAga 27:11.) Ukucabanga ngokuphila kuka-Enoke kuthinta inhliziyo, akunjalo? Ungathanda yini ukuphila ukuphila okunjalo kokholo? Khona-ke zindla ngezibonelo ezinjalo; zibone zingabantu bangempela. Zimisele ukuphila ngokholo, usuku nosuku. Khumbula futhi ukuthi uhlobo olunokholo alumkhonzi uJehova ngokusekelwe osukwini noma isikhathi uNkulunkulu ayofeza ngaso zonke izithembiso zakhe. Kunalokho, sizimisele ukukhonza uJehova phakade! Ukwenza kanjalo kuyindlela engcono kakhulu yokuphila kulesi simiso sezinto nakwesizayo.
Indlela Yokuqina Okholweni
13, 14. (a) Amazwi kaPawulu akumaHeberu 10:24, 25 angasisiza kanjani ukuba senze imihlangano yethu ibe yizikhathi ezijabulisayo? (b) Iyiphi injongo eyinhloko yemihlangano yobuKristu?
13 UPawulu wabonisa amaKristu angamaHeberu izindlela eziningana eziwusizo ayengaqinisa ngazo ukholo lwawo. Ake sibheke ezimbili nje zazo. Cishe sisijwayele isiyalo sakhe esikumaHeberu 10:24, 25, esisinxusa ukuba sibuthane njalo emihlanganweni yethu yobuKristu. Nokho, khumbula ukuthi amazwi kaPawulu aphefumulelwe kulo mbhalo awasikiseli ukuba simane sibe yizibukeli ezingenzi lutho emihlanganweni enjalo. Kunalokho, uPawulu uthi imihlangano ingamathuba okwazana, okushukumisana ukuba sikhonze uNkulunkulu ngokugcwele kakhudlwana kanye nawokukhuthazana. Siya kuyo ngenjongo yokupha, hhayi ukwamukela nje kuphela. Lokho kusiza ekwenzeni imihlangano yethu ibe yizikhathi ezijabulisayo.—IzEnzo 20:35.
14 Nokho, ngokuyinhloko siya emihlanganweni yobuKristu ukuze sikhulekele uJehova uNkulunkulu. Senza kanjalo ngokuhlanganyela emthandazweni nasengomeni, ngokulalelisisa nangokunikela “isithelo sezindebe”—amazwi okudumisa uJehova ngezimpendulo nezingxenye zethu emhlanganweni. (Heberu 13:15) Uma siyikhumbula le migomo bese senza ngokuvumelana nayo kuyo yonke imihlangano, ukholo lwethu luyokwakheka nakanjani isikhathi ngasinye.
15. Kungani uPawulu anxusa amaKristu angamaHeberu ukuba abambelele ngokuqinile enkonzweni yawo, futhi kungani iseluleko esifanayo sifaneleka namuhla?
15 Enye indlela yokwakha ukholo ingomsebenzi wokushumayela. UPawulu wabhala: “Masikubambeni ngokuqinile ukulivuma kwasobala ithemba lethu ngaphandle kokuntengantenga, ngoba ukholekile lowo owathembisa.” (Heberu 10:23) Ungase unxuse abanye ukuba babambelele ngokuqinile kokuthile lapho bebonakala besengozini yokudedela. Ngokuqinisekile uSathane wayecindezela lawo maKristu angamaHeberu ukuba adedele inkonzo yawo, futhi nanamuhla uyabacindezela abantu bakaNkulunkulu. Njengoba sibhekene nalokho kucindezela, kufanele senzeni? Cabanga ngalokho uPawulu akwenza.
16, 17. (a) UPawulu wasithola kanjani isibindi senkonzo? (b) Yiziphi izinyathelo okufanele sizithathe uma sizithola sesaba isici esithile senkonzo yethu?
16 UPawulu wabhalela amaKristu aseThesalonika: ‘Ngemva kokuba sesihluphekile kuqala futhi seyiswa (njengoba nje nazi) eFilipi, saqunga isibindi ngoNkulunkulu wethu ukuba sikhulume kini izindaba ezinhle zikaNkulunkulu ngokushikashikeka okukhulu.’ (1 Thesalonika 2:2) UPawulu nabangane bakhe ‘babeyiswé’ kanjani eFilipi? Ngokwezinye izazi, igama lesiGreki elasetshenziswa uPawulu lisho impatho eyisethuko, eyihlazo noma enesihluku. Iziphathimandla zaseFilipi zazibashaye ngemishiza, zabaphonsa ejele, futhi zabavalela ezingongolweni. (IzEnzo 16:16-24) Zamthinta kanjani uPawulu lezo zenzakalo ezibuhlungu? Ingabe ababesemzini olandelayo ohambweni lukaPawulu lwezithunywa zevangeli, iThesalonika, bamthola esehlehlela emuva ngokwesaba? Cha, ‘waqunga isibindi.’ Wanqoba ukwesaba futhi waqhubeka eshumayela ngesibindi.
17 Sasivelaphi isibindi sikaPawulu? Ngaphakathi kuye? Cha, wathi waqunga isibindi “ngoNkulunkulu wethu.” Enye incwadi yabahumushi beBhayibheli ithi la mazwi asengahunyushwa ngokuthi “uNkulunkulu wakhipha ukwesaba ezinhliziyweni zethu.” Ngakho uma ungazizwa unesibindi ngokuphathelene nenkonzo yakho, noma uma wesaba isici esithile sayo, kungani ungaceli uJehova ukuba akwenzele okufanayo? Mcele ukuba akhiphe ukwesaba enhliziyweni yakho. Mcele ukuba akusize uqunge isibindi salo msebenzi. Ngaphezu kwalokho, thatha izinyathelo ezithile ezingokoqobo. Ngokwesibonelo, hlela ukusebenza nothile onekhono kulolo hlobo lokufakaza olukukhathazayo. Kungenzeka luhilela insimu yamabhizinisi, ukufakaza emgwaqweni, ukushumayela ngokwethukela, noma ukushumayela ngocingo. Mhlawumbe umuntu ohamba naye angathanda ukuba ahole ekuqaleni. Uma kunjalo, bhekisisa futhi ufunde. Kodwa yibe usuqunga isibindi sokukuzama.
18. Yiziphi izibusiso esingase sizithole uma siqunga isibindi enkonzweni yethu?
18 Uma usiqunga isibindi, cabanga ngalokho okungase kube umphumela. Lapho uphikelela futhi ungavumi ukudangala, cishe uyothola okuhlangenwe nakho okumnandi ekuhlanganyeleni iqiniso, okuhlangenwe nakho obungase uphuthelwe yiko. (Bheka ikhasi 25.) Uyoba nokwaneliseka kokwazi ukuthi uye wamjabulisa uJehova ngokwenza okuthile okunzima kuwe. Uyobona isibusiso nosizo lwakhe ekunqobeni ukwesaba kwakho. Ukholo lwakho luyoqina ngokwengeziwe. Ngempela, awunakusebenzela ukwakha ukholo kwabanye ngaphandle kokwakha nolwakho ukholo ngesikhathi esifanayo.—Jude 20, 21.
19. Yimuphi umvuzo oyigugu oyotholwa “uhlobo olunokholo”?
19 Kwangathi ungaqhubeka uqinisa ukholo lwakho nolwalabo ophakathi kwabo. Ungenza kanjalo ngokuzakha wena nabanye ngokusebenzisa iZwi likaNkulunkulu ngekhono, ngokuhlolisisa izibonelo zeBhayibheli zokholo nangokuzenza ziphile, ngokulungiselela futhi uhlanganyele emihlanganweni yobuKristu nangokubambelela ngokuqinile elungelweni eliyigugu lenkonzo yasobala. Njengoba wenza lezi zinto, qiniseka ukuthi uyilo ngempela “uhlobo olunokholo.” Khumbula nokuthi labo abayilolu hlobo banomvuzo oyigugu. ‘Bawuhlobo olunokholo kube ukulondolozwa komphefumulo uphila.’b Kwangathi ukholo lwakho lungakhula, futhi kwangathi uJehova uNkulunkulu angakulondoloza uphila kuze kube phakade!
[Imibhalo yaphansi]
a UPawulu wacaphuna incwadi kaHabakuki 2:4 ngokwe-Septuagint, enamazwi athi “uma othile ehlehlela emuva, umphefumulo wami awuthokozi ngaye.” La mazwi awekho kunoma yimuphi umbhalo wesandla wesiHeberu okhona. Abanye baye basikisela ukuthi i-Septuagint yayisekelwe emibhalweni yesandla yesiHeberu yangaphambili engasekho manje. Noma ngabe yikuphi, uPawulu wayicaphuna lapha ethonywé umoya ongcwele kaNkulunkulu. Ngakho-ke igunyazwe ngokwaphezulu.
b Itekisi lonyaka loFakazi BakaJehova ngonyaka ka-2000 lizothi: “Asilona uhlobo oluhlehlela emuva . . . kodwa siwuhlobo olunokholo.”—Heberu 10:39.
Ungaphendula Kanjani?
◻ UPawulu wabonisa kanjani ukuthi wayewethemba amaKristu angamaHeberu, futhi yini esingayifunda kulokhu?
◻ Kungani ukubhekisela kukaPawulu kumprofethi uHabakuki kwakufaneleka kangaka?
◻ Yiziphi izibonelo zokholo ezingokomBhalo uPawulu azichaza ngokucacile?
◻ Iyiphi indlela ewusizo yokwakha ukholo uPawulu ayitusa?
[Isithombe ekhasini 23]
Ngemva kwezenzakalo ezibuhlungu ezamehlela eFilipi, uPawulu waqunga isibindi sokuqhubeka eshumayela
[Izithombe ekhasini 24]
Ungasiqunga yini isibindi sokuzama izinhlobo ezihlukahlukene zokufakaza?