-
“Okunxanelekayo” Kugcwalisa Indlu KaJehovaINqabayokulinda—2000 | Januwari 15
-
-
9. Kungani uJesu ayengenakungena ezulwini njengomuntu, futhi sasingathwa kanjani lesi simo?
9 Nakuba ayeyiNdodana kaNkulunkulu egcotshwe ngomoya, umuntu onguJesu wayengenakukufinyelela ukuphila kwasezulwini. Ngani? Ngoba igazi nenyama akunakuwudla njengefa uMbuso kaNkulunkulu wasezulwini. (1 Korinte 15:44, 50) Njengoba inyama kaJesu lapho engumuntu yayiyisithiyo, yayifanekiselwa kahle yisihenqo esasihlukanisa iNgcwele neNgcwelengcwele ethempelini likaNkulunkulu lasendulo. (Heberu 10:20) Kodwa ezinsukwini ezintathu ngemva kokufa kwakhe, uJesu wavuswa nguNkulunkulu ewumoya. (1 Petru 3:18) Manje wayesengangena eNgcwelengcwele yethempeli likaNkulunkulu elingokomoya—izulu uqobo. Futhi yilokho kanye okwenzeka. UPawulu uyabhala: “UKristu akangenanga endaweni engcwele [ngokusobala ebhekisela eNgcwelengcwele] eyenziwe ngezandla, eyisiboniselo sokungokoqobo, kodwa wangena ezulwini ngokwalo, manje ukuba abonakale phambi kobuso bukaNkulunkulu ngenxa yethu.”—Heberu 9:24.
10. Wenzani uJesu lapho ephindela ezulwini?
10 Ezulwini, uJesu ‘wafafaza igazi’ lomhlatshelo wakhe ngokuletha inani elihlengayo eliyigazi lakhe kuJehova. Nokho, uJesu wenza okwengeziwe. Ngaphambi nje kokufa kwakhe, wayetshele abalandeli bakhe: “Ngiyahamba ngiyonilungisela indawo. Futhi, uma ngihamba nginilungisela indawo, ngiyobuye ngize futhi ngizonamukela ekhaya kimi, ukuze kuthi lapho ngikhona nani nibe khona.” (Johane 14:2, 3) Ngakho ngokungena eNgcwelengcwele, noma ezulwini, uJesu wavulela abanye indlela yokuba bamlandele. (Heberu 6:19, 20) Laba, abayoba ngu-144 000, bayoba ngabapristi abangaphansi kwakhe elungiselelweni eliyithempeli likaNkulunkulu elingokomoya. (IsAmbulo 7:4; 14:1; 20:6) Njengoba nje umpristi ophakeme wakwa-Israyeli ayeqale ayise igazi lenkunzi eNgcwelengcwele ukuze kuhlawulelwe izono zabapristi, inani legazi likaJesu elachithwa lasetshenziswa kuqala kulaba bapristi abangaphansi kwakhe abangu-144 000.b
-
-
“Okunxanelekayo” Kugcwalisa Indlu KaJehovaINqabayokulinda—2000 | Januwari 15
-
-
b Ngokungafani nompristi ophakeme wakwa-Israyeli, uJesu wayengenazono okwakudingeka zihlawulelwe. Nokho, abapristi abakanye naye babenazo izono ngoba bathengwa phakathi kwesintu esinesono.—IsAmbulo 5:9, 10.
-